Isahluko 78
Hlalani Nilungile!
NGEMVA kokuxwayisa izixuku ngokuhaha, nokuxwayisa abafundi bakhe ngokunaka izinto ezibonakalayo ngokweqile, uJesu uyakhuthaza: “Ungesabi, mhlambi omncane; ngokuba kwathandeka kuYihlo ukuninika umbuso.” Ngaleyondlela wembula ukuthi inani elincane kuphela ngokuqhathaniswa (elaphawulwa kamuva njengelingu-144 000) eliyoba seMbusweni wasezulwini. Iningi lalabo abathola ukuphila okuphakade liyoba izikhonzi zasemhlabeni zoMbuso.
Yeka isipho esimangalisayo, “umbuso”! Echaza ukusabela okufanelekile okufanele abafundi babe nakho lapho besithola, uJesu uyabanxusa: “Thengisani ngeninakho, niphe abampofu.” Yebo, kufanele basebenzise imicebo yabo ekuzuziseni abanye ngokomoya futhi ngaleyondlela bazibekele “ingcebo engapheliyo ezulwini.”
Ngokulandelayo uJesu weluleka abafundi bakhe ukuba bahlale belungele ukubuya kwakhe. Uthi: “Izinkalo zenu mazibe ziboshiwe, nezibani zivutha. Nani yibani-njengabantu ababheké inkosi yabo ibuya emshadweni ukuba, nxa ifika ingqongqotha, bayivulele masinyane. Zibusisiwe lezozinceku okuyakuthi inkosi, nxa ifika, izifumane zilindile; ngiqinisile ngithi kini: Iyakuzibopha ukhalo, izihlalise ekudleni, ize izikhonze.”
Kulomfanekiso, ukuhlala kwezinceku zilungele ukubuya kwenkosi yazo kuboniswa ngokukhuphula kwazo izingubo zazo ezinde futhi zizibophele ezinkalweni zazo nangokuqhubeka zinakekela imisebenzi yazo ubusuku bonke zikhanyiselwe izibani ezigcwaliswe kahle ngamafutha. UJesu uyachaza: ‘Uma inkosi ifika ngomlindo wesibili [kusukela ngehora lesishiyagalolunye kusihlwa kuya phakathi kwamabili] noma ngowesithathu [kusukela phakathi kwamabili kuya cishe ehoreni lesithathu ekuseni], izifumane zilindile, ziyajabula!’
Inkosi ivuza izinceku zayo ngendlela engavamile. Izihlalisa etafuleni bese iqala ukuzikhonza. Ayiziphathi njengezigqila, kodwa njengabangane abathembekile. Yeka umvuzo omuhle wokuqhubeka kwazo zisebenzela inkosi yazo ubusuku bonke zisalindele ukubuya kwayo! UJesu uyaphetha: “Nani manibe nilungile, ngokuba iNdodana yomuntu iyeza ngesikhathi eningasicabangiyo.”
Manje uPetru uyabuza: “Nkosi, usilandisa thina lomfanekiso nokuba bonke na?”
Kunokuba aphendule ngokuqondile, uJesu unikeza omunye umfanekiso. “[Yi]muphi-ke umphathi othembekileyo,” ebuza, “inkosi yakhe eyakumbeka phezu kwabendlu [abayizisebenzi] bayo ukuba abanike isabelo sabo sokudla ngesikhathi sakho? Ibusisiwe leyonceku okuyakuthi inkosi yayo, nxa ifika, iyifumane yenze njalo. Impela ngithi kini: Iyakuyibeka phezu kwakho konke enakho.”
Ngokusobala “inkosi” inguJesu Kristu. “Umphathi” ufanekisela ‘umhlambi omncane’ wabafundi njengendikimba ehlangene, futhi “abendlu [abayizisebenzi]” babhekisela kuleliqembu elifanayo labangu-144 000 abathola uMbuso wasezulwini, kodwa lamazwi aqokomisa umsebenzi wabo njengabantu ngabanye. “Enakho” umphathi othembekileyo amiswe ukuba akunakekele kuyizithakazelo zasebukhosini zenkosi emhlabeni, ezihlanganisa nezikhonzi zoMbuso zasemhlabeni.
Eqhuba lomfanekiso, uJesu ukhomba ekubeni nokwenzeka kokuthi kungabi yiwo wonke amalungu alesosigaba somphathi, noma senceku, ayothembeka, echaza: “Uma leyonceku ithi enhliziyweni yayo: Inkosi yami ilibele ukufika, iqale ukushaya abafana namantombazana [izisebenzi], idle, iphuze, idakwe, inkosi yaleyonceku iyakufika ngosuku engayibhekile ngalo . . . , iyakushaywa imivimbo eminingi.”
UJesu uphawula ukuthi ukufika kwakhe kuye kwalethela amaJuda isikhathi esinjengomlilo, njengoba abanye bezamukela futhi abanye bezenqaba izimfundiso zakhe. Eminyakeni engaphezu kwemithathu ngaphambili, wabhapathizwa emanzini, kodwa manje ukubhapathizelwa kwakhe ekufeni kulokhu kusondela ekupheleni, futhi njengoba esho: “Ngikhathazekile kanjani, uze ufezeke.”
Ngemva kokuqondisa lamazwi kubafundi bakhe, uJesu uphinde akhulume nezixuku. Uyadabuka ngokwenqaba kwazo kwenkani ukwamukela ubufakazi obucacile bokuthi ungubani nokubaluleka kwakho. “Nxa nibona ifu likhuphuka entshonalanga,” ephawula, “masinyane nithi: Iyeza imvula, kube-njalo. Futhi nxa kuphephetha iningizimu, nithi: Lizakubalela, kube-njalo. Bazenzisi, niyakwazi ukuchachisa ukuma komhlaba nokwezulu; kepha yini ukuba ningachachisi lesisikhathi na?” Luka 12:32-59.
▪ Bangaki abakha ‘umhlambi omncane,’ futhi batholani?
▪ UJesu usigcizelela kanjani isidingo sokuba izinceku zakhe zilunge?
▪ Emfanekisweni kaJesu, ingubani “inkosi,” “umphathi,” “abendlu [abayizisebenzi],” nalokho “enakho”?