Ukuphila NeNkonzo KaJesu
Isizwe Esidukile, Kodwa Hhayi Sonke
NGOKUSHESHA ngemva kwengxoxo kaJesu nalabo ababebuthene ngaphandle kwendlu yomFarisi, abathile bamtshela “ngabaseGalile igazi labo [umbusi wamaRoma uPontiyu] uPilatu ayelixubanisile nemihlatshelo yabo.” Laba abaseGalile mhlawumbe yibo ababulawa lapho izinkulungwane zamaJuda zingavumelani nokusebenzisa kukaPilatu imali yesikhwama seminikelo sethempeli ukuba akhe umsele wokungenisa amanzi eJerusalema. Labo abalandisa uJesu ngalendaba kungenzeka basikisela ukuthi abaseGalile behlelwa usizi ngenxa yezenzo zabo siqu ezimbi.
Nokho, uJesu uyabaqondisa, ebuza: “Nithi labo-baseGalile babeyizoni kunabo bonke abaseGalile, ngokuba behlelwa yilokho, na?” “Qha,” kuphendula uJesu. Khona-ke usebenzisa lesosenzakalo ukuba axwayise amaJuda: “Uma ningaphenduki, niyakubhubha kanjalo nonke.”
Eqhubeka, uJesu ukhumbula enye inhlekelele yasendaweni eyake yenzeka, mhlawumbe nayo eyayihlangene nokwakhiwa komsele wamanzi. Uyabuza: “Nalabo abayishumi nesishiyagalombili owawela phezu kwabo umbhoshongo waseSilowama, wababulala, nithi bona babenamacala kunabantu bonke abakhileyo eJerusalema na?” Cha, kwakungengenxa yobubi balabantu okwenza ukuba bafe, kusho uJesu. Kunalokho, ‘isikhathi nethuba’ ngokuvamile yikho okubangela izinhlekelele ezinjalo. Nokho, uJesu usebenzisa futhi lesosenzakalo ukuba axwayise: “Kepha uma ningaphenduki, niyakubhubha ngokunjalo nonke.”
Khona-ke uJesu uyaqhubeka enikeza umfanekiso ofanelekayo, echaza: “Umuntu othile wayenomkhiwane utshalwé esivinini sakhe; weza efuna isithelo kuwo, akasifumananga. Wayesethi kuso isisebenzi sesivini: Bheka, sekuyiminyaka emithathu ngiza ngifuna isithelo kulomkhiwane, ngingasifumani; wunqume; yini ukuba uyone futhi inhlabathi? Sona saphendula, sathi kuye: Nkosi, wuyeke nangalomnyaka, ngize ngivukuze inhlabathi emaceleni awo, ngiwuthelele umquba; mhlawumbe ungaze uthele ngozayo; kepha uma kungenjalo, wowunquma.”
UJesu useye wachitha iminyaka engaphezu kwemithathu ezama ukuhlakulela ukholo phakathi kwesizwe samaJuda. Kodwa abafundi abangamakhulu ambalwa kuphela okungathiwa bayizithelo zomshikashika wakhe. Manje, phakathi nalonyaka wesine wenkonzo yakhe, wandisa imizamo yakhe, emba ngokomfanekiso futhi ethela umquba emaceleni ‘omkhiwane’ ongamaJuda ngokushumayela nangokufundisa ngentshiseko eJudiya nasePhereya. Nakuba kunjalo akafezi lutho! Lesisizwe siyenqaba ukuphenduka futhi kanjalo sifanelwe ukubhujiswa. Insali yesizwe kuphela esabelayo.
Ngokushesha ngemva kwalokho uJesu ufundisa esinagogeni ngeSabatha. Lapho ubona owesifazane osegogeke iminyaka eyi-18 ngenxa yokuhlushwa amademoni. Ngozwela, uJesu uthi kuye: “Mame, ukhululiwe ebuthakathakeni bakho.” Kulokho umbeka izandla, futhi ngokushesha uyaluleka futhi uqala ukudumisa uNkulunkulu.
Nokho, umphathi owengamele wesinagoge uthukuthele. “Kukhona izinsuku eziyisithupha okufanele ukusetshenzwa ngazo,” uyenqaba. “Ngakho-ke anoza ngazo, niphulukiswe, kungabi ngosuku lwesabatha.” Ngakho umphathi uyawavuma amandla kaJesu okuphilisa kodwa ulahla abantu ngokuzophiliswa ngeSabatha!
“Bazenzisi,” kuphendula uJesu, “yilowo nalowo kini kayithukululi yini ngesabatha inkabi yakhe noma imbongolo yakhe emkhombeni, ayise ukuyoyiphuzisa, na? Kepha lona, eyindodakazi kaAbrahama, uSathane abembophile, bhekani, iminyaka eyishumi nesishiyagalombili, bekungafanele yini ukuba akhululwe kulesosibopho ngosuku lwesabatha na?”
Nokho, lapho bekuzwa lokhu, labo abaphikisa uJesu baqala ukuzizwa benamahloni. Nokho, isixuku siyajabula ngazo zonke izinto zodumo esibona zenziwa uJesu. Esabela uJesu uphinda imifanekiso emibili engokwesiprofetho ephathelene noMbuso kaNkulunkulu, ayisho esesikebheni oLwandle lwaseGalile cishe unyaka ngaphambili. Luka 13:1-21; UmShumayeli 9:11; Mathewu 13:31-33.
◆ Iziphi izinhlekelele okukhulunywa ngazo lapha, futhi isiphi isifundo uJesu asiveza kuzo?
◆ Obani abangafaniswa nomuthi womkhiwane ongatheli zithelo, kanye nemizamo yokuwenza uthele?
◆ Umphathi owengamele uwavuma kanjani amandla kaJesu okuphilisa, kodwa uJesu ubudalula kanjani ubuzenzisi balendoda?