Isahluko 79
Isizwe Esidukile, Kodwa Hhayi Sonke
NGOKUSHESHA ngemva kwengxoxo kaJesu nalabo ababebuthene ngaphandle kwendlu yomFarisi, abathile bamtshela “ngabaseGalile igazi labo uPilatu [umbusi wamaRoma uPontiyu] ayelixubanisile nemihlatshelo yabo.” Laba baseGalile mhlawumbe yibo ababulawa lapho izinkulungwane zamaJuda zingavumelani nokusebenzisa kukaPilatu imali esemabhokisini eminikelo ethempeli ukuba akhe umsele wokungenisa amanzi eJerusalema. Labo abalandisa uJesu ngalendaba kungenzeka basikisela ukuthi abaseGalile behlelwa yileyonhlekelele ngenxa yezenzo zabo siqu ezimbi.
Nokho, uJesu uyabaqondisa, ebuza: “Nithi labo-baseGalile babeyizoni kunabo bonke abaseGalile, ngokuba behlelwa yilokho, na? Ngithi kini: Qha,” kuphendula uJesu. Khona-ke usebenzisa lesosenzakalo ukuba axwayise amaJuda: “Uma ningaphenduki, niyakubhubha kanjalo nonke.”
Eqhubeka, uJesu ukhumbula enye inhlekelele yasendaweni, mhlawumbe nayo ihlangene nokwakhiwa komsele. Uyabuza: “Nalabo abayishumi nesishiyagalombili owawela phezu kwabo umbhoshongo waseSilowama, wababulala, nithi bona babenamacala kunabantu bonke abakhileyo eJerusalema na?” Cha, kwakungengenxa yobubi balabantu okwenza ukuba bafe, kusho uJesu. Kunalokho, ‘isikhathi nethuba’ ngokuvamile yikho okubangela izinhlekelele ezinjalo. Nokho, uJesu usebenzisa futhi lesosenzakalo ukuba axwayise: “Kepha uma ningaphenduki, niyakubhubha ngokunjalo nonke.”
Khona-ke uJesu uyaqhubeka enikeza umfanekiso ofanelekayo, echaza: “Umuntu othile wayenomkhiwane utshalwé esivinini sakhe; weza efuna isithelo kuwo, akasifumananga. Wayesethi kuso isisebenzi sesivini: Bheka, sekuyiminyaka emithathu ngiza ngifuna isithelo kulomkhiwane, ngingasifumani; wunqume; yini ukuba uyone futhi inhlabathi? Sona saphendula, sathi kuye: Nkosi, wuyeke nangalomnyaka, ngize ngivukuze inhlabathi emaceleni awo, ngiwuthelele umquba; mhlawumbe ungaze uthele ngozayo; kepha uma kungenjalo, wowunquma.”
UJesu useye wazama iminyaka engaphezu kwemithathu ukuhlakulela ukholo phakathi kwesizwe samaJuda. Kodwa abafundi abangamakhulu ambalwa kuphela abangabalwa njengezithelo zomshikashika wakhe. Manje, phakathi nalonyaka wesine wenkonzo yakhe, ukhulisa imizamo yakhe, emba ngokomfanekiso futhi ethela umquba emaceleni omkhiwane ongamaJuda ngokushumayela nangokufundisa ngentshiseko eJudiya nasePhereya. Kodwa kuba nhlanga zimuka nomoya! Lesisizwe siyakwenqaba ukuphenduka futhi kanjalo sisohlwini lokubhujiswa. Insali yalesizwe kuphela esabelayo.
Ngokushesha ngemva kwalokho uJesu ufundisa esinagogeni ngeSabatha. Lapho ubona owesifazane osegogeke kabili iminyaka engu-18, ngenxa yedemoni elimhlaselayo. Ngozwela, uJesu uthi kuye: “Mame, ukhululiwe ebuthakathakeni bakho.” Kulokho umbeka izandla, futhi ngokushesha uyaluleka futhi uqala ukudumisa uNkulunkulu.
Nokho, umphathi owengamele wesinagoge uthukuthele. “Kukhona izinsuku eziyisithupha okufanele ukusetshenzwa ngazo,” enqaba. “Ngakho-ke anoza ngazo, niphulukiswe, kungabi-ngosuku lwesabatha.” Ngaleyondlela lomphathi uyawavuma amandla kaJesu okuphulukisa kodwa ulahla abantu ngokuzophulukiswa ngeSabatha!
“Bazenzisi,” kuphendula uJesu, “kanti yilowo nalowo kini kayithukululi yini ngesabatha inkabi yakhe noma imbongolo yakhe emkhombeni, ayise ukuyoyiphuzisa, na? Kepha lona, eyindodakazi ka-Abrahama, uSathane abembophile, bhekani, iminyaka eyishumi nesishiyagalombili, bekungafanele yini ukuba akhululwe kulesosibopho ngosuku lwesabatha na?”
Nokho, lapho bekuzwa lokhu, labo abaphikisa uJesu baqala ukuzizwa benamahloni. Nokho, isixuku siyajabula ngazo zonke izinto zodumo esibona uJesu ezenza. Esabela uJesu uphinda imifanekiso emibili engokwesiprofetho ephathelene noMbuso kaNkulunkulu, leyo ayilandisa esesikebheni oLwandle lwaseGalile cishe unyaka ngaphambili. Luka 13:1-21; UmShumayeli 9:11; Mathewu 13:31-33.
▪ Iziphi izinhlekelele okukhulunywa ngazo lapha, futhi isiphi isifundo uJesu asisusela kuzo?
▪ Obani abangase bafaniswe nomkhiwane ongatheli, kanye nemizamo yokuwenza uthele?
▪ Umphathi owengamele uwavuma kanjani amandla kaJesu okuphulukisa, kodwa uJesu ubudalula kanjani ubuzenzisi balendoda?