Yini Okumelwe Siyenze Ukuze Sisindiswe?
INDODA ethile yake yabuza uJesu: “Nkosi, ingabe labo abasindiswayo bambalwa?” UJesu waphendula kanjani? Ingabe wathi: ‘Mane nje ungamukele njengeNkosi noMsindisi wakho, uzosindiswa’? Cha! UJesu wathi: “Zikhandleni ngamandla ukuba ningene ngomnyango owumngcingo, ngoba abaningi, ngiyanitshela, bayofuna ukungena kodwa ngeke bakwazi.”—Luka 13:23, 24.
Ingabe uJesu wahluleka ukuphendula umbuzo walendoda? Cha, lendoda ayibuzanga ukuthi kwakuyoba nzima kangakanani ukusindiswa; yabuza ukuthi babeyoba mbalwa yini. Ngakho uJesu wamane wabonisa ukuthi ababeyozikhandla ngamandla ukuze bathole lesi sibusiso esimangalisayo babeyoba mbalwa kunalokho umuntu abengase akulindele.
Abanye abafundayo bangase baphikise: ‘Angitshelwanga lokho mina.’ Laba bangase bakhombe uJohane 3:16, othi: “Ngokuba uNkulunkulu walithanda izwe kangaka‚ waze wanikela ngeNdodana yakhe ezelwe yodwa ukuba yilowo nalowo okholwa yiyo angabhubhi‚ kodwa abe-nokuphila okuphakade.” (IBhayibheli lesiZulu elivamile) Nokho, siphendula sithi: ‘Yini-ke okumelwe siyikholelwe? Ukuthi uJesu waphila ngempela? Yebo. Ukuthi uyiNdodana kaNkulunkulu? Ngokuqinisekile! Futhi njengoba iBhayibheli libiza uJesu “ngoMfundisi” “neNkosi,” akumelwe yini sikholelwe nayilokho akufundisa, simlalele, futhi simlandele?’—Johane 13:13; Mathewu 16:16.
Ukulandela UJesu
Ah, nakho-ke lapho kuphakama khona inkinga! Abantu abaningi abaye batshelwa ukuthi ‘basindisiwe’ babonakala bengazimisele ukulandela noma ukulalela uJesu. Eqinisweni, omunye umfundisi ongumProthestani wabhala: “Yebo, ukholo lwethu kuKristu kufanele luqhubeke. Kodwa ukuthi kumelwe nakanjani luqhubeke, noma luyaqhubeka ngempela, akusekelwe nakancane eBhayibhelini.”
Ngokuphambene, iBhayibheli libala imikhuba yokuziphatha okubi evamile phakathi kwabanye abantu abacabanga ukuthi ‘basindisiwe.’ Ngokuphathelene nothile owayephikelela ezindleleni ezinjalo, layala amaKristu: “Susani umuntu omubi phakathi kwenu.” Ngokuqinisekile uNkulunkulu ngeke afune ukuba abantu ababi bangcolise ibandla lakhe lobuKristu!—1 Korinte 5:11-13.
Khona-ke, kusho ukuthini ukulandela uJesu, futhi singakwenza kanjani? Wenzani uJesu? Ingabe wayeziphethe kabi? eyisifebe? eyisidakwa? engumqambimanga? Ingabe wayengathembekile ebhizinisini? Ngokuqinisekile akunjalo! ‘Kodwa,’ ungase ubuze, ‘ingabe kudingeka ngikhuculule zonke lezo zinto ekuphileni kwami?’ Ukuze uthole impendulo, cabangela eyabase-Efesu 4:17 kuya ku-5:5. Ayisho ukuthi uNkulunkulu uyosamukela kungakhathaliseki ukuthi senzani. Kunalokho, isitshela ukuba sihluke ezizweni zomhlaba ‘ezingasenawo nhlobo umuzwa wokuziphatha okuhle. Kodwa nina anifundanga ukuthi uKristu unjalo. Lahlani ubuntu obudala obuvumelana nenkambo yenu yokuziphatha yangaphambili. Owebayo makangabe eseba. Ubufebe nokungahlanzeki kwazo zonke izinhlobo noma ukuhaha makungaphathwa nakuphathwa phakathi kwenu, njengoba nje kufanele abantu abangcwele. Ngoba niyakwazi lokhu, nikuqaphela ngokwenu, ukuthi akukho sifebe noma umuntu ongahlanzekile noma umuntu ohahayo—okusho ukuba okhonza isithombe—onanoma yiliphi ifa embusweni kaKristu nokaNkulunkulu.’
Ingabe siyamlandela uJesu uma singazami nakuzama ukuphila ngokuvumelana nesibonelo sakhe? Akudingekile yini ukuba sisebenzele ukwenza ukuphila kwethu kufane kakhudlwana nokukaKristu? Kuyaqabukela, uma kuke kwenzeke, ukuba lombuzo obalulekile ucatshangelwe abantu abathi, njengoba elinye ipheshana lenkolo lisho: “Woza kuKristu manje—unjengoba nje unjalo.”
Omunye wabafundi bakaJesu waxwayisa ngokuthi abantu abangamhloniphi uNkulunkulu ‘babephendula umusa ongafanelwe kaNkulunkulu wethu bawenze izaba zokuziphatha okuxekethile futhi bazibonakalise bengathembekile kuMnikazi neNkosi yethu okuwukuphela kwayo, uJesu Kristu.’ (Jude 4) Singawuphendula kanjani ngempela umusa kaNkulunkulu ‘siwenze izaba zokuziphatha okuxekethile’? Lokho singakwenza ngokucabanga ukuthi umhlatshelo kaKristu umboza izono zangamabomu esihlose ukuqhubeka sizenza kunezono zokungapheleli kobuntu esizama ukuhlukana nazo. Ngokuqinisekile ngeke sifune ukuvumelana nomunye wabavangeli abaziwa kakhulu baseMelika, owathi akudingekile ukuba “uzihlanze, ushiye, noma uguquke.”—Qhathanisa nezEnzo 17:30; Roma 3:25; Jakobe 5:19, 20.
Okukholelwayo Kushukumisela Esenzweni
Abantu abaningi baye batshelwa ukuthi “ukukholelwa kuJesu” kuyisenzo esisodwa nokuthi akudingekile ukuba ukholo lwethu lube namandla ngokwanele ukuba lusishukumisele ekulaleleni. Kodwa iBhayibheli alivumi. UJesu akazange athi abantu abaqala inkambo yobuKristu bayasindiswa. Kunalokho, wathi: “Lowo okhuthazele kwaze kwaba sekupheleni nguye oyosindiswa.” (Mathewu 10:22) IBhayibheli lifanisa inkambo yethu yobuKristu nomncintiswano onomklomelo wensindiso ekupheleni kwawo. Futhi liyanxusa: “Gijimani ngendlela yokuba niwufinyelele.”—1 Korinte 9:24.
Ngakho, “ukwamukela uKristu” kuhilela okuningi kakhulu kunokumane wamukele izibusiso umhlatshelo kaJesu ovelele ozinikezayo. Kudingeka ukulalela. Umphostoli uPetru uthi ukwahlulela kuqala “ngendlu kaNkulunkulu,” abese enezela: “Manje uma kuqala ngathi kuqala, kuyoba yini ukuphela kwalabo abangazilaleli izindaba ezinhle zikaNkulunkulu?” (1 Petru 4:17) Ngakho kumelwe senze okungaphezu kokumane sizwe futhi sikholelwe. IBhayibheli lithi kumelwe ‘sibe abenzi bezwi, singabi abalizwayo kuphela, sizikhohlisa ngokucabanga okungamanga.’—Jakobe 1:22.
Izigijimi ZikaJesu Ngokwakhe
Incwadi yeBhayibheli yesAmbulo iqukethe izigijimi zikaJesu, ezadluliselwa ngoJohane emabandleni obuKristu okuqala angu-7. (IsAmbulo 1:1, 4) Ingabe uJesu washo ukuthi njengoba abantu abakulamabandla base ‘bemamukele’ kakade, lokho kwakwanele? Cha. Wazincoma izenzo zabo, umshikashika nokukhuthazela kwabo futhi wakhuluma ngothando, ukholo, nenkonzo yabo. Kodwa wathi uDeveli wayeyobafaka ekuvivinyweni futhi babeyovuzwa “ngabanye ngokwezenzo [zabo].”—IsAmbulo 2:2, 10, 19, 23.
Ngakho uJesu wachaza isibopho esikhulu kakhulu kunaleso abantu abaningi abasiqonda lapho betshelwa ukuthi insindiso yabo ‘yayiwumsebenzi osuqediwe’ ngokushesha nje lapho ‘sebemamukele’ emhlanganweni ongokwenkolo. UJesu wathi: “Uma noma ubani efuna ukungilandela, makazidele athathe isigxobo sakhe sokuhlushwa angilandele njalo. Ngoba noma ubani ofuna ukusindisa umphefumulo wakhe uyolahlekelwa yiwo; kodwa noma ubani olahlekelwa umphefumulo wakhe ngenxa yami uyowuthola.”—Mathewu 16:24, 25.
Sizidele? Silandele uJesu njalo? Lokho kungadinga umzamo. Kungashintsha ukuphila kwethu. Nokho, uJesu washo ngempela yini ukuthi abanye bethu kungase kudingeke ngisho nokuba ‘balahlekelwe imiphefumulo yabo’—bamfele? Yebo, lolo hlobo lokholo lutholakala kuphela ngokuba nolwazi lwezinto ezimangalisayo ongazifunda ngokutadisha iZwi likaNkulunkulu. Lwabonakala ngosuku uStefanu akhandwa ngalo ngamatshe abashisekela inkolo ngokungenangqondo ‘abangakwazanga ukuma baqine ngokumelene nokuhlakanipha nomoya ayekhuluma ngawo.’ (IzEnzo 6:8-12; 7:57-60) Futhi esikhathini sethu ukholo olunjalo luye lwaboniswa amakhulu oFakazi BakaJehova abafela emakamu okuhlushwa amaNazi kunokuba bone onembeza babo abaqeqeshwe iBhayibheli.a
Intshiseko YobuKristu
Kumelwe sibambelele ngokuqinile okholweni lwethu lobuKristu ngoba, ngokungafani nalokho ongase ukuzwe kwamanye amasonto noma ezinhlelweni zenkolo zakuthelevishini, iBhayibheli lithi singawa. Likhuluma ngamaKristu ayishiya “indlela eqondileyo.” (2 Petru 2:1, 15) Ngakho kudingeka ‘siqhubeke sikhandlekela ukusindiswa kwethu siqu ngokwesaba nangokuthuthumela.’—Filipi 2:12; 2 Petru 2:20.
Ingabe yilendlela amaKristu ekhulu lokuqala, abantu abamuzwa ngokoqobo uJesu nabaphostoli bakhe befundisa, ayiqonda ngayo lendaba? Yebo. Ayazi ukuthi kwakufanele enze okuthile. UJesu wathi: “Ngakho-ke hambani niyokwenza abantu bazo zonke izizwe babe abafundi, . . . nibafundise ukugcina zonke izinto enginiyale ngazo.”—Mathewu 28:19, 20.
Emasontweni athile ngemva kokuba uJesu esho lokho, kwabhapathizwa abantu abangu-3 000 ngosuku olulodwa vó. Inani lamakholwa landa ngokushesha laya ku-5 000. Labo ababekholwa bafundisa abanye. Lapho ushushiso lubahlakaza, lwasiza ekwenzeni isigijimi sabo sisakazeke. IBhayibheli lithi kwakungebona abaholi abambalwa nje kuphela kodwa “labo ababehlakazekile badabula izwe bememezela izindaba ezinhle zezwi.” Ngakho-ke, eminyakeni engaba ngu-30 kamuva, umphostoli uPawulu wayengabhala ukuthi izindaba ezinhle zase ‘zishunyayelwe kuyo yonke indalo engaphansi kwezulu.’—IzEnzo 2:41; 4:4; 8:4; Kolose 1:23.
UPawulu akazange aguqule abantu, njengoba kwenza abanye abashumayeli bevangeli baku-TV, ngokuthi: ‘Yamukela uJesu manje, uyosindiswa phakade.’ Akazange futhi abe nokuzethemba komunye umfundisi waseMelika owabhala: “Lapho ngiwumfana oweve eshumini nambili, . . . ngase ngisindisiwe kakade.” Eminyakeni engaphezu kwengu-20 ngemva kokuba uJesu ngokwakhe ekhethe uPawulu ukuba ayise isigijimi sobuKristu kubantu bezizwe, lomphostoli owayezikhandla wabhala: “Ngiyawutuba umzimba wami futhi ngiwuhola njengesigqila, ukuze kuthi, ngemva kokuba sengishumayele kwabanye, mina ngokwami ngingabi ongamukeleki ngandlela-thile.”—1 Korinte 9:27; IzEnzo 9:5, 6, 15.
Insindiso iyisipho samahhala esivela kuNkulunkulu. Ayinakuzuzwa. Nokho idinga ukuba senze umzamo. Uma othile ekupha isipho esiyigugu kakhulu bese ungabonisi ukwazisa okwanele ukuba usithathe uhambe naso, ukuntula kwakho ukubonga kungase kwenze ophayo asinikeze omunye umuntu. Liyigugu kangakanani-ke igazi lokuphila kukaJesu Kristu? Liyisipho samahhala, kodwa kumelwe sibonise ukwazisa okujulile ngalo.
AmaKristu eqiniso asesimweni sokusindiswa ngomqondo wokuthi anokuma okwamukelekayo phambi kukaNkulunkulu. Njengeqembu, insindiso yawo iqinisekile. Ngamanye, kumelwe ahlangabezane nezimfuneko zikaNkulunkulu. Nokho, singahluleka, ngoba uJesu wathi: “Uma noma ubani engahlali esebunyeni nami, uphonswa ngaphandle njengegatsha futhi ome.”—Johane 15:6.
“Izwi LikaNkulunkulu Liyaphila”
Ingxoxo okukhulunywe ngayo ekuqaleni kwesihloko esandulele yenzeka eminyakeni ecishe ibe ngu-60 edlule. UJohnny usakholelwa ukuthi insindiso iza kuphela ngoJesu Kristu, kodwa uyaqaphela ukuthi kumelwe sizame ukuyifinyelela. Namanje usakholelwa ukuthi iBhayibheli libonisa okuwukuphela komthombo wangempela wethemba lesintu nokuthi kumelwe siyitadishe leyo ncwadi emangalisayo, isishukumise, futhi siyivumele ukuba isiqhubele ezenzweni zothando, ukholo, umusa, ukulalela, nokukhuthazela. Uye wakhulisa izingane zakhe ngendlela yokuba zikholelwe izinto ezifanayo, futhi manje uyajabula ukuzibona zikhulisa nezingane zazo ngendlela efanayo. Ufisa sengathi wonk’ umuntu ubengaba nalolo hlobo lokholo, futhi wenza noma yini angayenza ukuze alugxilise ezinhliziyweni nasezingqondweni zabanye.
Umphostoli uPawulu waphefumulelwa ukuba abhale ukuthi “izwi likaNkulunkulu liyaphila futhi linamandla.” (Heberu 4:12) Lingaguqula ukuphila. Lingakushukumisela ezenzweni ezisuka enhliziyweni zothando, ukholo, nokulalela. Kodwa kumelwe wenze okungaphezu kokumane nje ‘wamukele’ ngengqondo lokho iBhayibheli elikushoyo. Litadishe futhi ulivumele lishukumise inhliziyo yakho. Vumela ukuhlakanipha kwalo kukuqondise. OFakazi BakaJehova abazimisele ukusiza abangaba ngu-5 000 000 emazweni angaphezu kwangu-230 banikeza izifundo zeBhayibheli zasekhaya zamahhala. Ukuze ubone ukuthi ungafundani esifundweni esinjalo, bhalela abanyathelisi balomagazini. Ukholo namandla angokomoya oyokuzuza kuyokujabulisa!
[Umbhalo waphansi]
a Encwadini yakhe ethi The Nazi State and the New Religions: Five Case Studies in Non-Conformity, uDkt. Christine E. King wabika: “Oyedwa koFakazi [BakaJehova] baseJalimane ababili waboshwa, oyedwa kwabane walahlekelwa ukuphila kwakhe.”
[Ibhokisi ekhasini 7]
Kungani Kufanele ‘Silulwele Kanzima Ukholo’?
Incwadi yeBhayibheli kaJude iqondiswe “kwababiziweyo . . . , abalondolozelwe uJesu Kristu.” Iyasho yini ukuthi ngenxa yokuthi base ‘bamukele uJesu,’ insindiso yabo yayiqinisekile? Cha, uJude watshela lawo maKristu ukuba ‘alulwele kanzima ukholo.’ Wawanikeza izizathu ezintathu zokwenza kanjalo. Esokuqala, uNkulunkulu ‘wasindisa isizwe ezweni laseGibithe,’ kodwa kamuva abaningi kuso bawa. Esesibili, ngisho nezingelosi zavukela futhi zaba amademoni. Esesithathu, uNkulunkulu wabhubhisa iSodoma neGomora ngenxa yokuziphatha okubi ngokobulili okwakwenziwa kuleyo mizi. UJude unikeza lokhu kulandisa okuseBhayibhelini “njengesixwayiso esiyisibonelo.” Yebo, ngisho namakholwa “alondolozelwe uJesu Kristu” kudingeka aqaphele angawi okholweni lweqiniso.—Jude 1-7.
[Ibhokisi ekhasini 8]
Ikuphi Okuqondile?
IBhayibheli lithi: “Umuntu kuthiwa ulungile ngokholo ngaphandle kwemisebenzi yomthetho.” Libuye lithi: “Umuntu kuzothiwa ulungile ngemisebenzi, hhayi ngokholo lodwa.” Ikuphi okuqondile? Ingabe kuthiwa silungile ngokholo noma ngemisebenzi?—Roma 3:28; Jakobe 2:24.
Impendulo evumelanayo evela eBhayibhelini iwukuthi kokubili kuqondile.
Amakhulu eminyaka uMthetho uNkulunkulu awunikeza ngoMose wawufune ukuba abakhulekeli abangamaJuda benze imihlatshelo neminikelo ethile, bagcine izinsuku zemikhosi, futhi bavumelane nezimfuneko zokudla nokunye. ‘Imisebenzi yomthetho’ enjalo, noma nje ‘imisebenzi,’ yayingasadingekile ngemva kokuba uJesu ebe umhlatshelo ophelele.—Roma 10:4.
Kodwa iqiniso lokuthi lemisebenzi eyayenziwa ngaphansi koMthetho kaMose yathathelwa indawo umhlatshelo ophelele kaJesu lalingasho neze ukuthi singayishaya indiva imiyalo yeBhayibheli. Lithi: “Igazi likaKristu, . . . liyobahlanza kakhulu kangakanani onembeza bethu emisebenzini efile [yakudala] ukuze sinikele inkonzo engcwele kuNkulunkulu ophilayo?”—Heberu 9:14.
‘Siyinikela kanjani inkonzo engcwele kuNkulunkulu ophilayo’? Phakathi kokunye, iBhayibheli lisitshela ukuba silwe nemisebenzi yenyama, simelane nokuziphatha okubi kwezwe, futhi sigweme izingibe zalo. Lithi: ‘Masilwe ukulwa okuhle kokholo,’ silahle ‘isono esisithandela kalula,’ futhi ‘siwugijime ngokukhuthazela umncintiswano obekwe phambi kwethu, njengoba sigxilise amehlo ethu kuMmeli Oyinhloko noMphelelisi wokholo lwethu, uJesu.’ Futhi iBhayibheli lisinxusa ukuba ‘singakhathali futhi siphele amandla emiphefumulweni yethu.’—1 Thimothewu 6:12; Heberu 12:1-3; Galathiya 5:19-21.
Asiyizuzi insindiso ngokwenza lezi zinto, ngoba akukho muntu ongase enze okwanele ukuze afanelekele isibusiso esimangalisayo esinjalo. Nokho, lesi sipho esihle kakhulu asisifanelekeli uma sihluleka ukubonisa uthando nokulalela kwethu ngokwenza izinto iBhayibheli elithi uNkulunkulu noKristu bafuna sizenze. Ngaphandle kwemisebenzi yokubonisa ukholo lwethu, ukusho kwethu ukuthi silandela uJesu kungasilela kakhulu, ngoba iBhayibheli lisho ngokucacile ukuthi: “Nokholo uma lungenayo imisebenzi, lufile.”—Jakobe 2:17.
[Isithombe ekhasini 7]
Tadisha iBhayibheli,futhi ushukunyiswe yilo