Ukuphila NeNkonzo KaJesu
Ukubungazwa UmFarisi Ovelele
UJESU uyisimenywa ekhaya lomFarisi ovelele, lapho ayesanda kuphilisa khona umuntu owayephethwe isifo samanzi. Manje, njengoba uJesu ebona izimenywa ezikanye naye zikhetha izindawo eziphambili ekudleni, ufundisa isifundo ngokuthobeka.
UJesu uyeluleka: “Nxa umenyiwe ngumuntu ukuya emshadweni, ungahlali esihlalweni esiphambili, funa ngabe ukhona omkhulu kunawe omenyiwe nguye, eze yena onimeme wena naye, athi: Mdedele lo; khona uqale uhlale kwesisenzansi unamahloni.”
Ngakho uJesu uyeluleka: “Kepha nxa umenyiwe, hamba uhlale endaweni esenzansi ukuba, nxa efika okumemileyo, athi kuwe: Mhlobo, yenyukela enhla; khona uyakuba-nodumo phambi kwabo bonke abahlezi nawe ekudleni.” Egcizelela isifundo, uJesu uyaphetha: “Ngokuba oziphakamisayo uzakuthotshiswa; nozithobayo uzakuphakanyiswa.”
Ngokulandelayo, uJesu ukhuluma nomFarisi ommemile futhi uchaza indlela yokulungiselela isidlo esitusekayo kuNkulunkulu. “Uma wenza isidlo sasemini noma esakusihlwa, ungabizi abahlobo bakho, nabafowenu, nomndeni wakho, nabakhelwane bakho abacebileyo, funa nabo babuye bakumeme, kube-khona ukwenanana. Kepha uma wenza isidlo, mema abampofu, nezinyonga, nezimpumputhe; uyakubusiswa-ke, ngokuba bangekwenanisele.”
Ukulungiselela abampofu isidlo esinjalo kuyoletha injabulo kumlungiseleli waso ngoba, njengoba uJesu echaza kommemileyo: “Uyakwenaniselwa ekuvukeni kwabalungileyo.” Incazelo kaJesu yalesidlo esitusekayo ikhumbuza isivakashi esikanye naye olunye uhlobo lwesidlo. “Ubusisiwe lowo oyakudla isinkwa embusweni kaNkulunkulu,” kusho lesimenywa. Nokho, akubona bonke abalazisayo lelothemba elijabulisayo, njengoba uJesu eqhubeka ebonisa ngomfanekiso.
“Umuntu othile wenza idili elikhulu, wamema abaningi. . . . wathuma inceku yakhe ukuba isho kwabamenyiweyo ukuthi: Zanini, ngokuba sekulungisiwe konke. Kepha bonke baqala ukuzilandulela ngazwi linye; owokuqala wathi kuye: Ngithengile insimu, kuswelekile ukuba ngiye ngiyibone; ngiyakuncenga, mawungilandulele. Omunye wathi: Ngithengile izinkabi eziyishumi, sengiya ukuzilinga; ngiyakuncenga, mawungilandulele. Omunye wathi: Ngithathile umfazi, ngalokho ngingeze.”
Yeka ukuzilandulela okuyize! Insimu noma imfuyo ngokuvamile kuyahlolwa ngaphambi kokuba kuthengwe, ngakho akukho ukuphuthuma kwangempela kokuzibheka kamuva. Ngokufanayo, umshado womuntu akufanele umvimbele ukwamukela isimemo esibaluleke kangako. Ngakho lapho izwa ngalokhu kulandula, inkosi iyathukuthela futhi iyala inceku yayo:
“Khawuleza, uye emigwaqweni nasemingcingweni yomuzi, ungenise lapha abampofu, nezilima, nezimpumputhe, nezinyonga. Yathi inceku: Nkosi, sekwenziwe ngokuyala kwakho; kepha isekhona indawo. Yathi inkosi encekwini: Phuma uye ezindleleni nasezintangweni, ubacindezele bangene ukuba igcwale indlu yami. . . . Ayikho neyodwa yalawomadoda abemenyiwe eyakulizwa idili lami.”
Yisiphi isimo esichazwa umfanekiso? Phela, “inkosi” elungiselela ukudla imelela uJehova uNkulunkulu; “inceku” edlulisa isimemo, uJesu Kristu, futhi “idili elikhulu” amathuba okuba sohlwini IoMbuso wamazulu.
Ngaphezu kwabo bonke abanye, labo abangabokuqala ukwamukela isimemo sokuba sohlwini IoMbuso, kwakungabaholi benkolo abangamaJuda bosuku lukaJesu. Nokho, basenqaba isimemo. Khona-ke, kusukela ikakhulukazi ngePentekoste lika-33 C.E., isimemo sesibili sadluliselwa kwabadelelekile nabathobekileyo besizwe sakwaJuda. Kodwa akusabelanga abanele ukugcwalisa izindawo eziyizi-144 000 eMbusweni kaNkulunkulu wasezulwini. Ngakho ngo-36 C.E., iminyaka emithathu nengxenye kamuva, isimemo sesithathu nesokugcina sadluliselwa kwabangasokile abangemaJuda, futhi ukuqoqwa kwabanjalo kwaqhubekela ekhulwini lama-20 leminyaka. Luka 14:1-24.
◆ Yisiphi isifundo ngokuthobeka uJesu asifundisayo?
◆ Umninindlu angasilungiselela kanjani isidlo esitusekayo kuNkulunkulu, futhi kungani kuyomlethela injabulo?
◆ Kungani ukuzilandulela kwezimenywa kuyize?
◆ Yini emelelwe umfanekiso kaJesu ‘wedili elikhulu’?