Ukuphila NeNkonzo KaJesu
Umthwalo Wemfanelo Wokuba Umfundi
NGEMVA kokusuka endlini yomFarisi ovelele, ngokusobala oyilungu leSanhedrin, uJesu uqhubekela eJerusalema. Izixuku ezinkulu ziyamlandela. Kodwa ziyini izisusa zazo? Yini ngempela ehilelekile ekubeni ngumlandeli wakhe weqiniso?
Njengoba behamba, uJesu uphendukela ezixukwini futhi mhlawumbe uyazishaqisa lapho ethi: “Uma umuntu eza kimi engamzondi uyise, nonina, nomkakhe, nabantwana, nabafowabo, nawodadewabo, yebo, nokuphila kwakhe, angebe-ngumfundi wami.”
Usho ukuthini uJesu? Akasho ukuthi abafundi bakhe kufanele bazizonde ngokoqobo izihlobo zabo. Kunalokho, kumelwe bazizonde ngomqondo wokuzithanda kancane kunokuba bethanda yena. Ukhokho kaJesu uJakobe kuthiwa “wamzonda” uLeya wathanda uRaheli, okwakusho ukuthi uLeya wayethandwa kancane kunodadewabo uRaheli.
Cabanga futhi, ukuthi uJesu wathi umfundi kufanele azonde “ngisho [nomphefumulo, NW] wakhe,” noma ukuphila. Nalapha uJesu usho ukuthi umfundi weqiniso kumelwe amthande ngisho nangaphezu kokuba ethanda ukuphila kwakhe. Kanjalo uJesu ugcizelela ukuthi ukuba umfundi wakhe kuwumthwalo wemfanelo ongathi sina. Akuyona into okumelwe yenziwe ngaphandle kokucabangisisa.
Ubunzima nokushushiswa kuhilelekile ekubeni umfundi kaJesu, njengoba eqhubeka ebonisa: “Nalowo ongathwali isiphambano sakhe, angilandele, angebe-ngumfundi wami.” Kanjalo, umfundi weqiniso kumelwe azimisele ukuthwala umthwalo ofanayo wokuhlanjalazwa uJesu awubekezelela, kuhlanganise ngisho, nokufa ezandleni zezitha zikaNkulunkulu, uma kudingekile, lokho uJesu azokwenza masinyane.
Ngakho-ke, ukuba umfundi kaKristu, kuyindaba izixuku ezimlandelayo okumelwe ziyihlaziye ngokucophelela. UJesu ugcizelela leliqiniso ngomfanekiso. Uthi: “Ngokuba ngumuphi kini othi efuna ukwakha umbhoshongo, angaqali ahlale phansi, abate izindleko ukuthi unakho okokuwuqeda na? Funa kuthi esebeke isisekelo, engenamandla okuqeda, bonke abakubonayo baqale ukumhleka, bathi: Lomuntu waqala ukwakha, kabanga-namandla okuqeda.”
Ngakho uJesu ufanekisela izixuku ezimlandelayo ukuthi ngaphambi kokuba zibe ngabafundi bakhe kumelwe ziqiniseke ukuthi zingakufeza okuhilelekile, njengoba nomuntu ofuna ukwakha umbhoshongo eqiniseka nga phambi kokuba aqalise ukuthi unawo yini amandla okuwuqeda. Enikeza omunye umfanekiso, uJesu uyaqhubeka:
“Noma yiyiphi inkosi eya kwenye inkosi ukuhlaselana nayo engaqali ihlale phansi, ihlole ukuba inamandla yini ukuhlangabezana ngezinkulungwane eziyishumi naleyo eza kuyo, inezinkulungwane ezingamashumi amabili na? Kepha uma kungenzeke, ingathi isekude leyo, ithuma amanxusa, icele okokuthula.”
Khona-kem uJesu ugcizelela iphuzu lemifanekiso yakhe, ethi: “Kunjalo-ke yilowo nalowo, kini ongavalelisi nakho konke anakho angebe-ngumfundi wami.” Yilokho izixuku yebo, nabo bonke abantu abafunda ngoKristu, okumelwe bazimisele ukukwenza. Kumelwe bakulungele ukudela konke abanakho—yonke impahla yabo, kuhlanganise nokuphila ngokwakho—uma beyokuba ngabafundi bakhe. Ingabe uzimisele ukwenza lokhu?
“Usawoti uyinto enhle,” kuqhubeka uJesu. ENtshumayelweni yakhe yaseNtabeni wathi abafundi bakhe ‘bangusawoti womhlaba,’ esho ukuthi banethonya lokuvikela kubantu, njengoba nosawoti ongokoqobo uvimbela ukubola. “Kepha uma usawoti edumele, uyakuhlaziywa ngani na? Akasafanele namhlabathi namquba,” kuphetha uJesu. “Uyalahlwa nje phandle; onezindlebe zokuzwa makezwe.”
Ngakho uJesu ubonisa ukuthi ngisho nalabo asebebe abafundi bakhe isikhathi esithile akumelwe bayekethise ekuzimiseleni kwabo ukuqhubeka. Uma beyekethisa, bayoba abangenalusizo, inhlekisa kulelizwe futhi bangafaneleki phambi kukaNkulunkulu, eqinisweni, babe isihlamba kuNkulunkulu. Ngakho, njengosawoti ongenamandla nowonakele, bayolahlelwa ngaphandle, yebo, babhujiswe. Luka 14:25-35; Genesise 29:30-33; Mathewu 5:13.
◆ Kusho ukuthini ‘ukuzonda’ izihlobo zomuntu nomuntu ngokwakhe?
◆ UJesu unikeza miphi imifanekiso emibili, futhi isho ukuthini?
◆ Liyini iphuzu lamazwi kaJesu okuphetha ngosawoti?