Lalelani Abaholayo
“Lalelani abaniholayo, nibathobele, ngokuba balinda imiphefumulo yenu njengabazakulandiswa ngayo.”—HEBERU 13:17.
1. Sizuza kanjani emsebenzini wababonisi abangamaKristu?
UJEHOVA uye walungiselela ababonisi enhlanganweni yakhe ‘kulesikhathi sokugcina.’ (Daniyeli 12:4) Bayahola ekunakekeleni abanjengezimvu, futhi ukuqondisa kwabo kuyaqabula. (Isaya 32:1, 2) Ngaphezu kwalokho, ukuqondisa kothando kwabadala abaphatha umhlambi kaNkulunkulu ngothando kusebenza njengesivikelo kuSathane nakulesimiso sezinto esibi.—IzEnzo 20:28-30; 1 Petru 5:8; 1 Johane 5:19.
2. Abanye bambheka kanjani umphostoli uPawulu, kodwa isiphi isimo sengqondo esifanelekile ngabadala?
2 Kodwa ubabheka kanjani abadala? Ingabe enhliziyweni yakho, uthi: ‘Angisoze ngaya kunoma imuphi umdala kulelibandla uma nginenkinga, ngoba angethembi noyedwa kubo’? Uma kuyileyondlela ozizwa ngayo, ingabe awukugcizeleli ngokweqile ukungapheleli kwabo? EKorinte lasendulo, abanye babethi ngomphostoli uPawulu: “Izincwadi-ke . . . zinzima, zibukhali, kepha nxa ekhona ngomzimba, ubuthakathaka, ukukhuluma kwakhe kudelelekile.” Nokho, uNkulunkulu wamabela inkonzo uPawulu futhi wamsebenzisa ‘njengomphostoli wabezizwe.’ (2 Korinte 10:10; Roma 11:13; 1 Thimothewu 1:12) Khona, kuyethenjwa ukuthi uzizwa njengodade owathi: “Sinendikimba yabadala engcono kakhulu kunazo zonke emhlabeni. Babebakhona ngaso sonke isikhathi ukuze basize lapho kudingekile.”
Kungani Kufanele Balalelwe?
3. Ukuze iNkosi ibe nomoya esiwubonisayo, kufanele sibabheke kanjani abelusi abangaphansi abangamaKristu?
3 Njengoba abelusi abangaphansi abangamaKristu belungiselelwe uMalusi oMkhulu, uJehova uNkulunkulu, ucabanga ukuthi ufuna sibabheke kanjani? Ngokuqinisekile, uNkulunkulu ulindele ukuba silandele ukuqondisa okusekelwe eBhayibhelini okutholakala ngababonisi abanothando ngaphansi kokuqondisa kweNdikimba Ebusayo yoFakazi BakaJehova. Khona ‘iNkosi iyakuba nomoya esiwubonisayo,’ siyojabulela ukuthula, futhi siyokwakheka ngokomoya.—2 Thimothewu 4:22, NW; qhathanisa nezEnzo 9:31; 15:23-32.
4. Singawasebenzisa kanjani amaHeberu 13:7 kithina siqu?
4 UPawulu wanxusa: “Bakhumbuleni ababenihola bekhuluma izwi likaNkulunkulu kini, niqonda ukuphela kokuhamba kwabo, nilingise ukukholwa kwabo.” (Heberu 13:7) Phakathi kwamaKristu okuqala, abaphostoli ngokuyinhloko babehola. Namuhla, singabheka labo abakha iNdikimba Ebusayo yoFakazi BakaJehova, abanye ababonisi abagcotshiwe, namadoda ‘esixuku esikhulu’ aholayo phakathi kwethu. (IsAmbulo 7:9) Nakuba singanxuswa ukuba silingise amazwi abo, indlela yabo yokuma, noma ezinye izici zabo zobuntu, kufanele sikwazi ukwenza ukuziphatha kwethu kube okuhle ngokulingisa ukholo lwabo.
5. Emhlabeni namuhla, unikezwe obani umthwalo wemfanelo oyinhloko wokunakekela ibandla lobuKristu, futhi yini ebafanele?
5 Emhlabeni namuhla, umthwalo wemfanelo oyinhloko wokunakekela izidingo zethu ezingokomoya uthweswe ‘inceku ethembekileyo neqondayo.’ INdikimba yayo Ebusayo eyimelelayo iyahola futhi iqondise umsebenzi wokushumayela ngoMbuso emhlabeni wonke. (Mathewu 24:14, 45-47) Labadala abagcotshwe ngomoya bangase babhekwe njengababusi abangokomoya, ikakhulukazi ngoba amaHeberu 13:7 angahunyushwa ngokuthi: “Nibakhumbule abanibusayo.” (Kingdom Interlinear) Njengoba kunamabandla angaphezu kwezi-60 000 nabamemezeli boMbuso abangaphezu kwezi-3 500 000, abadala abayi-12 abakha iNdikimba Ebusayo ‘banokuningi okumelwe bakwenze emsebenzini weNkosi.’ (1 Korinte 15:58, NW) Ngenxa yesabelo sabo abasinikezwe uNkulunkulu, bafanelwe ukuba sibambisane nabo ngokugcwele, njengoba amaKristu okuqala ayebambisana nendikimba ebusayo yekhulu lokuqala leminyaka.—IzEnzo 15:1, 2.
6. Iziphi ezinye izinto ezenziwa abadala ukuze kuzuze abantu bakaJehova?
6 Ababonisi bamiswé ngomoya ukuba banakekele izidingo ezingokomoya zebandla. (IzEnzo 20:28) Baqikelela ukuthi isigijimi soMbuso siyashunyayelwa ensimini yamabandla. Lamadoda afanelekayo ngokomBhalo anikeza futhi nokuqondisa okungokomoya ngendlela yothando. Ayayala, aduduze, afakaze kubafowabo nakodadewabo abangokomoya, ukuze laba bakwazi ukuhamba ngokufanele uNkulunkulu. (1 Thesalonika 2:7, 8, 11, 12) Ngisho nalapho umuntu ethatha isinyathelo esiphambukile ngaphambi kokuba aqaphele, lamadoda afuna ukumbuyisa “ngomoya wobumnene.”—Galathiya 6:1.
7. Isiphi iseluleko uPawulu asinikeza kumaHeberu 13:17?
7 Izinhliziyo zethu zishukunyiselwa ukuba zibambisane nababonisi abanjalo abanothando. Lokhu kufanelekile, njengoba uPawulu abhala: “Lalelani abaniholayo, nibathobele, ngokuba balinda imiphefumulo yenu njengabazakulandiswa ngayo, ukuze bakwenze lokhu ngokujabula, bangabubuli, ngokuba lokhu akunakunisiza.” (Heberu 13:17) Kufanele sisiqonde kanjani leseluleko?
8, 9. (a) Ngokwalokho okushiwo amaHeberu 13:17, kungani kufanele sibalalele labo abaholayo? (b) Ukulalela nokuzithoba kwethu kungaba namiphi imiphumela emihle?
8 UPawulu usinxusa ukuba sibalalele labo abasibusayo ngokomoya. Kumelwe ‘sizithobe,’ kulabelusi abangaphansi. Ngani? Ngoba ‘balinda imiphefumulo yethu,’ noma ukuphila okunikezelwe kuNkulunkulu. ‘Bayilinda’ kanjani? Lapha isiqondiswano esiqhubekayo senkathi yamanje sesenzo sesiGreki esithi a·gru·pneʹo ngokwezwi nezwi sisho ukuthi abadala “bayeka ukulala.” Lokhu kusikhumbuza ngomalusi oyedwa odela ubuthongo ukuze avikele umhlambi wakhe ezingozini zasebusuku. Abadala ngezinye izikhathi abalali ebusuku bewukhathalela ngobuqotho umhlambi kaNkulunkulu noma benikeza usizo olungokomoya kwabakholwa nabo. Yeka ukuthi kumelwe siyazise kangakanani inkonzo yabo ethembekile! Ngokuqinisekile, asifuni ukufana nabantu “abangamesabi uNkulunkulu” bosuku lukaJuda ‘abeyisa imibuso, bahlambalaza ubukhosi,’ abadala abangamaKristu abagcotshiwe abanenkazimulo, noma ukuhlonipheka okuvela kuNkulunkulu, abanikwe khona.—Juda 3, 4, 8.
9 UJehova uyodumala uma sihluleka ukubalalela nokubathobela ababonisi abangamaKristu. Lokho futhi kuyoba umthwalo kubo futhi kungasilimaza ngokomoya. Uma singabambisani nabo, abadala bangase banakekele imisebenzi yabo ngokububula, mhlawumbe ngomoya wokudumazeka ongaphumela ekulahlekelweni injabulo emisebenzini yethu yobuKristu. Kodwa ukulalela nokuthobeka kwethu kuthuthukisa ukuziphatha kokwesaba uNkulunkulu futhi kuqinise ukholo lwethu. ‘INkosi iyoba semoyeni esiwubonisayo,’ futhi injabulo iyachuma esimweni esinjalo sokubambisana, sokuthula, nobunye.—2 Thimothewu 4:22, NW; IHubo 133:1.
10. Ngokweyoku-1 Thimothewu 5:17, kungani labo abaphatha kahle befanelwe ukutuswa?
10 Ukuba kwethu ngabalalelayo nabazithobayo kubadala bebandla akusho ukuthi sijabulisa abantu. Lokho akuyikuba ngokombhalo, ngoba izinceku ezingamaKristu zekhulu lokuqala leminyaka zazitshelwe ukuba zilalele amakhosi azo, ‘kungabi ngokuthenga amehlo njengezithokozisa abantu kodwa ngobuqotho benhliziyo, zesabe iNkosi.’ (Kolose 3:22; Efesu 6:5, 6) Ababonisi ‘abaphatha kahle futhi abakhuthalela izwi nokufundisa’ bafanelwe inhlonipho ikakhulukazi ngoba ukufundisa kwabo kusekelwe eZwini likaNkulunkulu. Njengoba uPawulu abhala: “Amalunga aphatha kahle akuthiwe afanele ukutuswa ngokuphindiweyo, ikakhulu lawo akhuthalela izwi nokufundisa. Ngokuba umbhalo uthi: Ungayifaki isifonyo inkabi ebhulayo, futhi: Isisebenzi siyifanele inkokhelo yaso.”—1 Thimothewu 5:17, 18.
11. “Ukutuswa ngokuphindiweyo” kungeza kanjani kumdala, kodwa yini okumelwe ayigweme?
11 Amazwi kaPawulu asanda kucashunwa abonisa ukuthi usizo lwezinto ezibonakalayo lunganikezwa ngokufanelekile kulabo abanakekela izithakazelo ezingokomoya zabanye. Nokho, lokhu akusho ukuthi abadala kufanele bathole iholo, futhi “ukutuswa okuphindiweyo” ngokuqinisekile akuyona into efunwa umdala. Kungase kuvele emalungwini ebandla ngokuzenzakalelayo, kodwa akumelwe nanini asebenzise isabelo sakhe ukuze azuze amandla noma izinto ezibonakalayo. Akufanele azifunele udumo lwakhe siqu noma azihlanganise ikakhulukazi nabantu abachumile ukuze abe sethubeni elihle lokuthola izinto ezibonakalayo bese edebeselela abanye. (IzAga 25:27; 29:23; Juda 16) Kunalokho, umbonisi kumelwe aluse umhlambi kaNkulunkulu “ngokwentando kaNkulunkulu, kungabi-ngenxa yenzuzo eyihlazo kodwa ngenhliziyo evumayo.”—1 Petru 5:2.
12. Siyosizwa ukuba silalele labo abaholayo phakathi kwethu ngokuhlala sikhumbulani?
12 Siyosizakala ukuba sibalalele futhi sibathobele labo abaholayo uma sikhumbula ukuthi uNkulunkulu ngokwakhe uyena olungiselele abadala. (Efesu 4:7-13) Njengoba lamadoda emiswe ngomoya futhi inhlangano kaNkulunkulu inendawo ebalulekile ekuphileni koFakazi BakaJehova, ngokuqinisekile sifuna ukubonisa ukubonga kwethu nenhlonipho ngamalungiselelo angokwasezulwini. Ngaphezu kwalokho, singakwazi ukusiza abasebasha ukuba babe nalesimo sengqondo uma sibeka isibonelo esihle sokulalela nokuthobela labo abasiholayo.
Kungani Kufanele Siyazise Inkonzo Yabo?
13. (a) Imiphi imibono yokuhola ephikisanayo ekhona ezweni nasenhlanganweni kaNkulunkulu? (b) Sinaziphi izizathu ezinengqondo zokuthembela emadodeni aholayo phakathi kwethu? (c) Kunokuba sikhulise ukungapheleli kwabadala abasebenza kanzima, yini okufanele siyenze?
13 Ezweni, kunokuthambekela kokwenqaba ukuholwa. Njengoba omunye umfundisi asho: “Izinga lemfundo elikhulayo liye lathuthukisa iqembu labantu abanamakhono kangangokuba abalandeli baye baba abagxeka kangangokuthi cishe akunakwenzeka ukubahola.” Kodwa umoya wokucabanga ngokuzibusa awukho enhlanganweni kaNkulunkulu, futhi sinezizathu ezinengqondo zokuthembela kulamadoda aholayo phakathi kwethu. Ngokwesibonelo, yilabo abahlangabezana nezimfuneko ezingokomBhalo kuphela abamiswa njengabadala. (1 Thimothewu 3:1-7) Bayaqeqeshwa ukuba babe nomusa, nothando, futhi babe usizo, kodwa baqine ekusekeleni izindinganiso zikaJehova zokulunga. Abadala babambelela eqinisweni elingokomBhalo, ‘babambelela ezwini elithembekileyo ukuze bakwazi ukuyala ngesifundiso esiphilileyo.’ (Thithu 1:5-9) Yiqiniso, akufanele sikhulise ukungapheleli kwabo kobuntu, ngoba sonke asiphelele. (1 AmaKhosi 8:46; Roma 5:12) Kunokuba sizizwe sikhungathekile ngenxa yokulinganiselwa kwabo nokuba silulaze iseluleko sabo, masazise futhi samukele isiqondiso esisekelwe eBhayibhelini sabadala njengokungathi sivela kuNkulunkulu.
14. Ngokweyoku-1 Thimothewu 1:12, umdala kufanele ayibheke kanjani inkonzo ayabelwe?
14 UPawulu, indoda enokwazisa, wathi: “Ngiyambonga owangenzela amandla, uKristu Jesu iNkosi yethu, ngokuba wathi ngikholekile, engimisa enkonzweni.” (1 Thimothewu 1:12) Leyonkonzo, noma umsebenzi, yahlanganisa umsebenzi wokushumayela nokukhonza akholwa nabo. Nakuba umbonisi abelwe ngumoya ongcwele ukuba akhonze njengomalusi, lokhu akufanele kumenze azizwe emkhulu kunabanye, ngoba naye ngokwakhe uyingxenye yomhlambi kaNkulunkulu wabanjengezimvu. (1 Petru 5:4) Kunalokho, kufanele abonge ngokuthi iNhloko yebandla, uJesu Kristu, yambona efanelekile ukuba akhonze amalungu omhlambi nangokuthi uNkulunkulu wamenza wafaneleka ngokumnikeza isilinganiso solwazi, ukuhlakanipha, nokuqonda. (2 Korinte 3:5) Njengoba umdala enesizathu sokubonga ngamalungelo akhe awanikezwe uNkulunkulu, amanye amalungu ebandla kufanele ayazise lenkonzo noma lomsebenzi.
15. Uyini umongo weseluleko sikaPawulu esikweyoku-1 Thesalonika 5:12, 13?
15 OFakazi BakaJehova bayabonga ngenhlangano uNkulunkulu ayakhile kulezinsuku zokugcina, futhi lokho kwazisa kusishukumisela ukuba sibahloniphe abadala. Kufanele sikujabulele ukubambisana ngokugcwele namalungiselelo abawenzayo ukuze sizuze. UPawulu wathi: “Kepha siyanincenga, bazalwane, ukuba nibazi abakhandlekayo phakathi kwenu, nabaniphetheyo eNkosini, nabanilulekayo, nibazisise kakhulu othandweni ngenxa yomsebenzi wabo.” (1 Thesalonika 5:12, 13) Ukusebenzisa leseluleko kuletha injabulo nesibusiso sikaJehova.
Shesha Ukusebenzisa Iseluleko
16, 17. Isiphi iseluleko abadala abangase basinikeze ngokuqondene nomshado, futhi uyoba yini umphumela wokusilandela?
16 UPawulu wanxusa uThithu ukuba ‘ayale, akhuze ngamandla onke.’ (Thithu 2:15) Ngokufanayo, abameleli bakaNkulunkulu namuhla basiqondisa ezimisweni nasemithethweni yeBhayibheli. Kunezizathu ezinengqondo zokwamukela isiyalo esiphindaphindwayo sokusebenzisa iseluleko nesiqondiso senhlangano kaJehova nabadala abamisiwe.
17 Ukuze sifanekise: Abadala bangase banxuse umKristu ukuba alandele iseluleko seBhayibheli sokushada ‘kuphela eNkosini.’ (1 Korinte 7:39; Duteronomi 7:3, 4) Bangase baveze ukuthi ukushada nomuntu ongabhapathiziwe kungaholela ezinkingeni ezingathi sína, njengoba iNkosi uSolomoni yona kakhulu ngokuthatha abafazi bangaphandle, abenza inhliziyo yakhe ukuba ithambekele konkulunkulu bamanga futhi isuke kuJehova. (1 AmaKhosi 11:1-6) Abadala futhi bangase bachaze ukuthi uEzra wenza amadoda angamaJuda ukuba alahle abafazi bawo abangamaqaba, futhi uNehemiya wathi labo abashada nabangakholwa ‘bakwenzile konke lokho okubi kakhulu ukuba baphambuke kuNkulunkulu.’ (Nehemiya 13:23-27; Ezra 10:10-14; bheka INqabayokulinda, kaSeptember 1, 1982, ikhasi 30; November 15, 1986, amakhasi 26-30.) Izibusiso nokwaneliseka ngokujabulisa uJehova kuba umphumela wokusebenzisa iseluleko esingokomBhalo esinjalo esinikezwa abadala abanothando.
18. Uma sicabangela lokho uPawulu akubhala kweyoku-1 Korinte 5:9-13, kufanele sisabele kanjani uma ilungu lomkhaya lisuswa ekuhlanganyeleni?
18 Kufanelekile futhi ukuhlonipha izinqumo zokwahlulela zabadala. UPawulu watshela amaKristu aseKorinte ukuba ‘angahlangani nomuntu obizwa ngokuthi ungumzalwane, uma esiyifebe, noma engohahayo, noma engokhonza izithombe, noma eyisithuki, noma eyisidakwa, noma engumphangi; angaze adla nokudla nonjalo.’ Kwakufanele ‘axoshe omubi phakathi kwawo.’ (1 Korinte 5:9-13) Kodwa ubuyosabela kanjani uma omunye wezihlobo zakho esuswa ekuhlanganyeleni? Nakuba kungase kube nesidingo sokuba kube nokuxhumana okulinganiselwe ukuze kunakekelwe izindaba zomkhaya, bonke ubuhlobo obungokomoya nesihlobo esisusiwe kuyofanele bunqanyulwe. (Bheka INqabayokulinda, ka-April 15, 1988, amakhasi 26-31.) Ngokuqinisekile, ukuthembeka kuJehova nasenhlanganweni yakhe kufanele kusishukumisele ekubeni sihloniphe izinqumo zokwahlulela zababonisi.
19. Yini okufanele siyenze uma abadala besibonisa ukuthi siyaduka ngokomoya?
19 Akulula ukuhlala endleleni eyingcingo eya ekuphileni. Ukuze senze kanjalo, kumelwe silandele isiqondiso esinikezwa eZwini likaNkulunkulu nayilabo abaphathiswe imithwalo yemfanelo yokwalusa enhlanganweni yakhe. (Mathewu 7:13, 14) Uma besihamba sisuka kwelinye idolobha siya kwelinye ngemoto bese singena endleleni engeyiyo, bekuyodingeka isinyathelo ukuze silungise indlela yethu. Ngaphandle kwalokho, besingasoze safika lapho siya khona. Ngokufanayo, uma abadala besibonisa ukuthi siyaduka ngokomoya, mhlawumbe ngokuthandana nomuntu ongakholwa, kufanele sisheshe sisebenzise iseluleko sabo esingokomBhalo. Lokho kungaba ngenye indlela yokubonisa ukuthi ngempela ‘sithemba kuJehova.’—IzAga 3:5, 6.
Inhlonipho Ngisho Nasezintweni Ezincane
20. Ukuzibuza miphi imibuzo okungasisiza ukuba sibonise inhlonipho ngesiqondiso sabadala ngisho nasezindabeni ezincane?
20 Sidinga ukubonisa inhlonipho ngesiqondiso sabadala ngisho nasezindabeni ezincane. Ngakho singase sizibuze: ‘Ingabe ngiyabambisana nabadala uma besicela ukuba sivakashele abagulayo noma siqeqeshe abasebasha enkonzweni yasensimini? Ingabe ngizamukela ngokushesha izabelo zemihlangano futhi ngizilungiselele kahle? Ingabe ngiyalalela yini lapho abadala benikeza isiqondiso ngokuqondene nokugcina izihlalo emihlanganweni, nendlela yethu yokugqoka, njalonjalo? Ingabe ngiyabambisana nabo lapho besicela ukuba sisize ekuhlanzeni iHholo LoMbuso, sibike inkonzo yethu yasensimini ngokushesha, noma ukuba sifike ngesikhathi emihlanganweni?’
21. Ukubonisa kwethu inhlonipho ngabadala kungasikhumbuza maphi amazwi kaJesu?
21 Ababonisi bamabandla bayakwazisa ukubambisana kwethu nabo, futhi kuphumela ebuhleni obukhulu. Eqinisweni, ukuhlonipha kwethu nokubambisana kwethu nabo ngisho nasezindabeni ezincane kungase kusikhumbuze amazwi kaJesu: “Othembekileyo kokuncinyane uthembekile nakokukhulu.” (Luka 16:10) Ngokuqinisekile, sifuna ukubhekwa njengabathembekile.
Qhubeka Usabela Ekwengameleni Kothando
22. Iziphi ezinye izinzuzo eziwumphumela wokuqondisa kothando kwenceku ethembekileyo nabadala bamabandla?
22 Izinzuzo eziwumphumela wokwengamela kothando kwenceku ethembekileyo nabadala bamabandla zifakazela ukuthi isibusiso sikaJehova esicebile siphezu kwenhlangano yakhe yasemhlabeni. Ngaphezu kwalokho, ukuqondisa okunekhono kwabadala kuhlanganisa amakhono abo futhi kuthuthukise ubunye phakathi kwethu. Kuphumela futhi nasemzamweni onobunye nophumelelayo wokuthuthukisa izithakazelo zoMbuso. Ngempela, omunye umphumela oqinisekile wokusabela kwethu kokwazisa ekwengameleni kwabaholayo uwukuthi uNkulunkulu ubusisa ukushumayela kwethu nomsebenzi wethu wokwenza abafundi. (Mathewu 28:19, 20) Ukubambisana kwethu nabadala kusilungiselela futhi ukuphila okuphakade esimisweni esisha sezinto.
23. Ngokukhanyiselwa eyoku-1 Johane 5:3, yini okufanele sishukunyiselwe ukuba siyenze?
23 Njengoba simthanda uJehova, ukumlalela akuwona umsebenzi ongajabulisi. Umphostoli uJohane wabhala: “Ngokuba ukuthanda uNkulunkulu yilokhu ukuba sigcine imiyalo yakhe; nemiyalo yakhe ayinzima.” (1 Johane 5:3) AmaKristu athembekile alalela imiyalo kaJehova ngokujabula, futhi ashukunyiselwa ukuba abambisane nalabo abaphathise ukuqondisa ibandla. Yeka ukuthi sibonga kangakanani ngokuba senhlanganweni kaNkulunkulu nangokuba ‘nezipho’ ezinjalo ‘ezingabantu!’ (Efesu 4:8, NW) Khona-ke, sinokwethemba okugcwele ukuthi uNkulunkulu uqondisa abantu bakhe, masibalalele ngaso sonke isikhathi labo abanelungelo lokuhola phakathi koFakazi BakaJehova.
Ubungaphendula Kanjani?
◻ Kungani kufanele sibalalele labo abaholayo phakathi kwethu?
◻ Isiphi isimo sengqondo okufanele sibe naso ngokuqondene nenkonzo eyenziwa abadala abasebenza kanzima?
◻ Kungani kufanele sisheshe ukusebenzisa iseluleko esinikezwa abadala?
◻ Iziphi izinzuzo eziwumphumela wokusabela kwethu kokwazisa ekwengameleni kothando?
[Amazwi acashunwe esihlokweni ekhasini 24]
Ingabe uyabambisana nabadala ngokwamukela izabelo zemihlangano, ngokusiza ekuhlanzeni iHholo LoMbuso, ngokubika inkonzo yakho yasensimini ngokushesha, nangezinye izindlela?
[Isithombe ekhasini 23]
UPawulu wakujabulela ukushumayela izindaba ezinhle nokukhonza akholwa nabo. Njengomdala, ingabe uyabonga ngamalungelo enkonzo owanikezwe uNkulunkulu?