Isahluko 87
Lungiselela Ikusasa Ngokuhlakanipha Okunengqondo
UJESU usanda kuqeda ukulandisa indaba yendodana esaphazayo esixukwini esihlanganisa nabafundi bakhe, abathelisi abangathembekile nezinye izoni eziqashelwayo, nababhali nabaFarisi. Manje, ekhuluma nabafundi bakhe, ulandisa umfanekiso ophathelene nesicebi esithole umbiko ongemuhle ngokuphathelene nomqondisi wendlu yaso, noma umphathi.
NgokukaJesu, isicebi sibiza umphathi waso futhi simtshela ukuthi sizomxosha. “Ngizakwenze-njani, lokhu inkosi yami ingaphuca ubuphathi?” umphathi uyazibuza. “Anginamandla okulima, nginamahloni ukunxiba. Ngiyakwazi engiyakukwenza ukuba bangamukele ezindlini zabo, nxa ngikhishwa ebuphathini.”
Liyini icebo lalomphathi? Ubiza labo abakweleta inkosi yakhe. “Unecala elingakanani?” ebuza.
Owokuqala uyaphendula, ‘Amalitha angu-2200 amafutha.’
‘Thatha incwadi yakho, uhlale phansi futhi usheshe ubhale amalitha angu-1100,’ emtshela.
Ubuza omunye: ‘Wena-ke unecala elingakanani na?’
Uthi, ‘Amalitha angu-22000 kakolweni.’
‘Thatha incwadi yakho ubhale angu-18000.’
Umphathi usenawo amalungelo okunciphisa izikweletu ezikweletwa inkosi yakhe, kwazise usaphethe izindaba zezimali zenkosi yakhe. Ngokunciphisa amanani, wakha ubungane nalabo abangambonisa umusa lapho elahlekelwa umsebenzi wakhe.
Lapho inkosi izwa lokho okwenzekile, ihlabeka umxhwele. Eqinisweni, “yambabaza umphathi ongalungile ngokuthi wenzé ngokuhlakanipha.” Ngempela, uJesu uyanezela: “Abantwana balesisikhathi bahlakaniphile esizukulwaneni sabo kunabantwana bokukhanya.”
Manje, ebonisa abafundi bakhe isifundo, uJesu uyakhuthaza: “Zenzeleni nina abahlobo ngokukaMamona [ingcebo] ongalungile, ukuze kuthi, nxa kuphelile, banamukele ezindlini eziphakade.”
UJesu akatusi umphathi ngokungalungi kwakhe kodwa ngenxa yokuhlakanipha kwakhe okukhaliphile nokunengqondo. Ngokuvamile “abantwana balesisikhathi” basebenzisa imali yabo noma isikhundla ngobuqili ukuze bakhe ubungane nalabo abangababuyisela okuthile. Ngakho izinceku zikaNkulunkulu, “abantwana bokukhanya,” nazo kudingeka zisebenzise izinto zazo ezibonakalayo, ‘ingcebo yazo engalungile,’ ngendlela yokuhlakanipha ukuze zizuze.
Kodwa njengoba uJesu esho, kufanele ngalengcebo bakhe ubungane nalabo abangase babamukele “ezindlini eziphakade.” Ngamalungu omhlambi omncane, lezindlu zisezulwini; ‘ngezinye izimvu,’ zisemhlabeni oyiPharadesi. Njengoba kunguJehova uNkulunkulu neNdodana yakhe kuphela abangamukela abantu kulezizindlu, kufanele sikhuthalele ukuhlakulela ubungane kanye nabo ngokusebenzisa ‘ingcebo engalungile’ esingaba nayo ekusekeleni izithakazelo zoMbuso. Khona-ke, lapho ingcebo ebonakalayo ihluleka noma ibhubha, njengoba ngokuqinisekile kuzokwenzeka, ikusasa lethu elihlala njalo liyoqinisekiswa.
UJesu uyaqhubeka uthi abantu abathembekile ekunakekeleni ngisho nalezizinto ezibonakalayo, noma ezincane, bayoba abathembekile nasekunakekeleni izindaba ezinokubaluleka okukhulu. “Ngakho” eqhubeka, “uma beningathembeki kokukaMamona ongalungile, ubani oyakuniphathisa okuyikhonakhona [okungukuthi, izithakazelo ezingokomoya, noma zoMbuso] na? Futhi uma beningathembeki kokomunye [izithakazelo zoMbuso uNkulunkulu aziphathise izikhonzi zakhe], ubani oyakuninika okungokwenu [umvuzo wokuphila ezindlini eziphakade] na?”
Asinakumane sibe yizikhonzi zeqiniso zikaNkulunkulu futhi ngesikhathi esifanayo sibe yizigqila zengcebo engalungile, ingcebo yezinto ezibonakalayo, njengoba uJesu ephetha: “Akukho-nceku engakhonza amakhosi amabili, ngokuba kokunye iyakuzonda enye, ithande enye, noma ibambelele kwenye, iyeyise enye. Ningeze nakhonza uNkulunkulu noMamona.” Luka 15:1, 2; 16:1-13; Johane 10:16.
▪ Umphathi emfanekisweni kaJesu ubakha kanjani ubungane nalabo abangamsiza kamuva?
▪ Iyini ‘ingcebo engalungile,’ futhi singabakha kanjani ubungane ngayo?
▪ Obani abangasamukela “ezindlini eziphakade,” futhi lezindlu ziyini?