Ukuphila NeNkonzo KaJesu
Umfanekiso Womina
UJESU mhlawumbe usesendlini kaZakewu, lapho ayengenise khona endleleni eya eJerusalema. Abafundi bakhe bakholelwa ukuthi lapho befika eJerusalema, uzomemezela ukuthi unguMesiya bese emisa uMbuso wakhe. Ukuze alungise lombono futhi abonise ukuthi uMbuso usekude kakhulu, uJesu unikeza umfanekiso.
Uyalandisa: “Umuntu othile wohlanga olukhulu waya ezweni elikude eyozithathela umbuso, abuye.” UJesu nguyena “umuntu wohlanga olukhulu,” futhi izulu ‘liyizwe elikude.’ Uma efika lapho, uYise uyomnikeza amandla obukhosi.
Nokho, ngaphambi kokuba ahambe, lomuntu wohlanga olukhulu ubiza izinceku eziyishumi bese enika ngayinye yazo umina wesiliva, ethi: “Hwebani ngabo, ngize ngibuye.” Ekugcwalisekeni kokuqala izinceku eziyishumi zimelela abafundi bakaJesu bokuqala. Ekugcwalisekeni okukhulu, zifanekisela bonke abazoba izindlalifa kanye naye eMbusweni wasezulwini.
Omina besiliva bayimali ebalulekile, ngamunye ulingana cishe nomholo wesisebenzi esingumlimi wezinyanga ezintathu. Kodwa omina bamelelani? Futhi luhlobo luni lohwebo izinceku okufanele zilwenze ngabo?
Omina bamelela izinto ezazingase zisetshenziswe abafundi abagcotshwe ngomoya ukuba bakhiqize ngazo izindlalifa ezengeziwe zoMbuso wasezulwini kuze kube sekubuyeni kukaJesu njengeNkosi eMbusweni othenjisiwe. Ngemva kokuvuswa kukaJesu nokubonakala kwakhe kubafundi bakhe, wabanika omina abangokomfanekiso ukuze benze abafundi abengeziwe futhi ngaleyondlela banezele esigabeni soMbuso wezulu.
UJesu uyaqhubeka: “Kepha abantu bomuzi wakhe babemzonda, bathuma amanxusa emva kwakhe, bethi: Asithandi ukuba lo abuse phezu kwethu.” Abantu bomuzi bangamaIsrayeli, noma amaJuda, ngaphandle kwabafundi bakhe. Ngemva kokuba uJesu ehambile eye ezulwini, lamaJuda ngokushushisa abafundi bakhe enza kwaziwa ukuthi ayengafuni ukuba abe inkosi yawo. Ngalendlela ayenza njengabantu bomuzi abathuma amanxusa.
Izinceku eziyishumi zibasebenzisa kanjani omina bazo? UJesu uyachaza: “Kwathi esebuyile ekuthatheni umbuso, wathi azibizelwe kuye lezozinceku abeziniké imali ukuba azi ukuthi yileyo naleyo izuzeni ngokuhweba. Yavela-ke eyokuqala, yathi: Nkosi, umina wakho uzuzé omina abayishumi. Wathi kuyo: Kuhle-ke, nceku enhle; lokhu ufunyanwé uthembekile kokuncinyane, uzakubusa phezu kwemizi eyishumi. Yafika neyesibili, yathi: Umina wakho, Nkosi, uzuzé omina abayisihlanu. Wathi nakuleyo: Nawe yiba-phezu kwemizi eyisihlanu.”
Inceku enomina abayishumi ifanekisela isigaba, noma iqembu, labafundi kusukela ngePentekoste lika-33 C.E. kuze kube manje kuhlanganise nabaphostoli. Labo abazuze omina abayisihlanu nabo bafanekisela iqembu langesikhathi esifanayo lelo, ngokuvumelana namathuba namakhono alo, elandisa impahla yenkosi yalo emhlabeni. Womabili lamaqembu azishumayela ngentshiseko izindaba ezinhle, futhi ngenxa yalokho, abantu abaningi abanezinhliziyo ezilungileyo baba amaKristu. Eziyisishiyagalolunye zezinceku zasebenza ngokuphumelelayo ekuhwebeni zazandisa izimpahla zazo.
UJesu uyaqhubeka: “Kwafika nenye, yathi: Nkosi, nangu umina wakho ebengimkhwezile esongwé endwangwini. Ngokuba bengikwesaba, lokhu ungumuntu olukhuni; uthabatha ongakubekanga, uvuna ongakuhlwanyelanga. Wathi kuyo: Ngizakukwahlulela ngomlomo wakho wena-nceku embi. Ubuwazi ukuba ngingumuntu olukhuni, ngithabatha engingakubekanga, ngivuna engingakuhlwanyelanga; awufakanga ngani imali yami ebhange, mina-ke ekufikeni kwami ngabe ngiyibizile kanye nenzalo, na? Wayesethi kwababemi khona: Mphuceni umina, nimnike onawomina abayishumi.”
Ukulahlekelwa umina ongokomfanekiso kusho ukulahlekelwa indawo eMbusweni wasezulwini ngenceku embi. Yebo, kunjengokungathi ilahlekelwa ilungelo lokubusa phezu kwemizi eyishumi noma imizi eyisihlanu. Futhi, phawula ukuthi inceku akuthiwa yimbi ngenxa yobubi ebenzayo kodwa, kunalokho, ngenxa yokwehluleka ukusebenzela ukwandisa ingcebo yombuso wenkosi yayo.
Lapho umina wenceku embi unikezwa inceku yokuqala, kuba khona ukukhononda: “Nkosi, unawomina abayishumi.” Nokho, uyaphendula: “Yilowo nalowo onakho uyakuphiwa, kepha ongenakho uyakwaphucwa nalokho anakho. Kodwa lezozitha zami ezazingathandi ukuba ngibuse phezu kwazo, ziletheni lapha, nizibulale phambi kwami.” Luka 19:11-27; Mathewu 28:19, 20.
◆ Yini ebangela uJesu ukuba enze umfanekiso womina?
◆ Ungubani lomuntu wohlanga olukhulu, futhi liyini izwe aya kulo?
◆ Bangobani abantu bomuzi, futhi bayibonisa kanjani inzondo yabo?
◆ Zingobani izinceku, futhi yini efanekiselwa omina?
◆ Kungani inceku eyodwa ibizwa ngokuthi yimbi, futhi kusho ukuthini ukulahlekelwa umina wayo?