Isahluko 100
Umfanekiso Womina
UJESU mhlawumbe usalokhu esendlini kaZakewu, lapho engenise khona esendleleni eya eJerusalema. Abafundi bakhe bakholelwa ukuthi lapho befika eJerusalema, uzomemezela ukuthi unguMesiya abese emisa uMbuso wakhe. Ukuze alungise lombono futhi abonise ukuthi uMbuso usekude kakhulu, uJesu unikeza umfanekiso.
“Umuntu othile wohlanga olukhulu,” elandisa, “waya ezweni elikude eyozithathela umbuso, abuye.” ‘Umuntu wohlanga olukhulu’ nguJesu, futhi izulu ‘liyizwe elikude.’ Lapho uJesu efika lapho, uYise uyomnikeza amandla obukhosi.
Nokho, ngaphambi kokuba ahambe, lomuntu wohlanga olukhulu ubiza izinceku eziyishumi abese enika ngayinye yazo umina wesiliva, ethi: “Hwebani ngabo, ngize ngibuye.” Izinceku eziyishumi ekugcwalisekeni kokuqala zimelela abafundi bakaJesu bokuqala. Ekugcwalisekeni okukhulu, zifanekisela bonke abazoba izindlalifa kanye naye eMbusweni wasezulwini.
Omina besiliva bayizinhlamvu zemali ezinenani elikhulu, ngamunye ulingana cishe nomholo wezinyanga ezintathu wesisebenzi esingumlimi. Kodwa omina bamelelani? Futhi luhlobo luni lokuhweba izinceku okufanele zikwenze ngabo?
Omina bamelela izinto ezazingase zisetshenziswe abafundi abagcotshwe ngomoya ekukhiqizeni izindlalifa ezengeziwe zoMbuso wasezulwini kuze kube sekubuyeni kukaJesu njengeNkosi eMbusweni othenjisiwe. Ngemva kokuvuswa nokubonakala kwakhe kubafundi bakhe, wabanika omina abangokomfanekiso ukuze benze abafundi abengeziwe futhi ngaleyondlela banezele esigabeni soMbuso wezulu.
“Kepha,” kuqhubeka uJesu, “abantu bomuzi wakhe babemzonda [umuntu wohlanga olukhulu], bathuma amanxusa emva kwakhe, bethi: Asithandi ukuba lo abuse phezu kwethu.” Abantu bomuzi bangamaIsrayeli, noma amaJuda, ngaphandle kwabafundi bakhe. Ngemva kokuba uJesu eseye ezulwini, lamaJuda ngokushushisa abafundi bakhe enza kwaziwa ukuthi ayengafuni ukuba abe inkosi yawo. Ngalendlela ayenza njengabantu bomuzi abathuma amanxusa.
Izinceku eziyishumi zibasebenzisa kanjani omina bazo? UJesu uyachaza: “Kwathi esebuyile ekuthatheni umbuso, wathi azibizelwe kuye lezozinceku abeziniké imali ukuba azi ukuthi yileyo naleyo izuzeni ngokuhweba. Yavela-ke eyokuqala, yathi: Nkosi, umina wakho uzuzé omina abayishumi. Wathi kuyo: Kuhle-ke, nceku enhle; lokhu ufunyanwé uthembekile kokuncinyane, uzakubusa phezu kwemizi eyishumi. Yafika neyesibili, yathi: Umina wakho, Nkosi, uzuzé omina abayisihlanu. Wathi nakuleyo: Nawe yiba-phezu kwemizi eyisihlanu.”
Inceku enomina abayishumi ifanekisela isigaba, noma iqembu labafundi kusukela ngePentekoste lika-33 C.E. kuze kube manje elihlanganisa abaphostoli. Inceku ezuze omina abayisihlanu nayo imelela iqembu langesikhathi esifanayo, lelo ngokuvumelana namathuba namakhono alo, elandisa impahla yenkosi yalo emhlabeni. Womabili lamaqembu ashumayela izindaba ezinhle ngentshiseko, futhi ngenxa yalokho, abantu abaningi abanhliziyo-zilungileyo baba amaKristu. Eziyisishiyagalolunye zezinceku zahweba ngokuphumelelayo futhi zandisa izimpahla zazo.
“Kwafika nenye,” kuqhubeka uJesu, “yathi: Nkosi, nangu umina wakho ebengimkhwezile esongwé endwangwini. Ngokuba bengikwesaba, lokhu ungumuntu olukhuni; uthabatha ongakubekanga, uvuna ongakuhlwanyelanga. Wathi kuyo: Ngizakukwahlulela ngomlomo wakho wena-nceku embi. Ubuwazi ukuba ngingumuntu olukhuni, ngithabatha engingakubekanga, ngivuna engingakuhlwanyelanga; awufakanga ngani imali yami ebhange, mina-ke ekufikeni kwami ngabe ngiyibizile kanye nenzalo, na? Wayesethi kwababemi khona: Maphuceni umina, nimnike onawomina abayishumi.”
Ukulahlekelwa umina ongokomfanekiso kusho ukulahlekelwa indawo eMbusweni wasezulwini ngenceku embi. Yebo, ngokomfanekiso ilahlekelwa ilungelo lokubusa phezu kwemizi eyishumi noma imizi eyisihlanu. Futhi, phawula ukuthi inceku akushiwo ukuthi yimbi ngenxa yobubi ebenzayo, kodwa kunalokho, ngenxa yokwehluleka ukusebenzela ukwandisa ingcebo yombuso wenkosi yayo.
Lapho umina wenceku embi unikezwa inceku yokuqala, kuthiwa: “Nkosi, unawomina abayishumi.” Nokho, uJesu uyaphendula: “Yilowo nalowo onakho uyakuphiwa, kepha ongenakho uyakwaphucwa nalokho anakho. Kodwa lezozitha zami ezazingathandi ukuba ngibuse phezu kwazo, ziletheni lapha, nizibulale phambi kwami.” Luka 19:11-27; Mathewu 28:19, 20.
▪ Yini ebangela uJesu ukuba enze umfanekiso womina?
▪ Ungubani umuntu wohlanga olukhulu, futhi liyini izwe aya kulo?
▪ Zingobani izinceku, futhi yini emelelwa omina?
▪ Bangobani abantu bomuzi, futhi bayibonisa kanjani inzondo yabo?
▪ Kungani enye inceku kuthiwa yimbi, futhi kusho ukuthini ukulahlekelwa umina wayo?