-
Badalulwa Imifanekiso YesiviniUmuntu Omkhulu Kunabo Bonke Owake Waphila
-
-
Ngokulandelayo uJesu ubonisa ukuthi ukwehluleka kwalabobaholi benkolo akukhona nje ukudebeselela ukukhonza uNkulunkulu. Cha, kodwa eqinisweni bangabantu ababi, abonakele ngempela. “Kwakukhona umuntu, umninindlu,” kulandisa uJesu, “owatshala isivini, wasibiyela ngothango, wemba khona isikhamo, wakha isiqongo sokulinda, wasiqashisa kubalimi, waya kwelinye izwe. Kwathi sekusondele isikhathi sezithelo, wathuma izinceku zakhe kubalimi ukuba zithathe izithelo zakhe.
-
-
Badalulwa Imifanekiso YesiviniUmuntu Omkhulu Kunabo Bonke Owake Waphila
-
-
“Izinceku” zingabaprofethi “umninindlu,” uJehova uNkulunkulu, abathumela ‘kubalimi besivini’ sakhe. Labalimi bangabameleli abaholayo besizwe sakwaIsrayeli, isizwe iBhayibheli elisibiza ngokuthi “isivini” sikaNkulunkulu.
-
-
Badalulwa Imifanekiso YesiviniUmuntu Omkhulu Kunabo Bonke Owake Waphila
-
-
Isithelo uJehova asilindele kubalimi abanjalo siwukukholelwa eNdodaneni yakhe, uMesiya weqiniso.
-