‘Izifo Eziwumshaya-bhuqe Izindawo Ngezindawo’
IZIFO eziwumshaya-bhuqe ezingenakulinganiswa ziyisici esabikezelwa ‘sesibonakaliso sokuza [kukaJesu Kristu] nesokuphela kwezwe.’ (Mathewu 24:3) Umlobi weVangeli uLuka wenezela lomniningwane ongashiwongo ekulandiseni kukaMathewu nokukaMarku. (UMathewu, izahluko 24 no-25; uMarku, isahluko 13) Ukubheduka kwemiqedazwe nezifo ezibhubhisayo kwakuzokwenzeka “izindawo ngezindawo” ezinsukwini zokugcina. (Luka 1:3; 21:11) Ingabe zivelaphi izifo ezinjalo?
“Izazi zesayensi zazi amagciwane amaningi acashe ezindaweni ezishisayo lezo—ngosizo oluncane lwemvelo—ezingabangela ukufa kwabantu abaningi kunabangabulawa umqedazwe wengculaza,” kusho iphephabhuku iScience News. “Ngisho noma uhlu lwamagciwane omhlaba lungahlala lungaguquki, abacwaningi bathi kakade izindawo ezishisayo zifukamele amagciwane anele ‘anamandla’ angakwazi ukuqothula izingxenye ezinkulu zomphakathi woMhlaba.”
Umphakathi womhlaba owanda ngokushesha nezidingo ezinkulu ezibangelwa ukuminyana komhlaba kwenza inkathi yethu ibe ehlaseleka ngokwengeziwe. “Umlando ubonisa ukuthi ukubheduka kwamagciwane asongela ukuphila ngokuvamile kuye kwenzeka lapho abantu bethuthela endaweni engahloliwe noma lapho izimo zokuphila kwasemadolobheni ziwohloka ngezindlela ezenza kube nezisulu ezintsha zamagciwane,” kusho iScience News. Njengoba abantu kancane kancane bengena ezindaweni ezinamagciwane ezazingafinyeleleki ngaphambili, kuvame ukulandela imiqedazwe yamagciwane amasha. Kwenzeka okufanayo lapho izinambuzane zandisa uhlu lwazo lapho isimo sezulu sembulunga yonke siguquka. “Ngaphezu kwalokho,” kusho lomagazini, “ubuchwepheshe banamuhla bezokwelapha obunjengokumpontshelwa igazi nokufakelwa izitho zabanye buye banikeza amagciwane izindlela ezintsha zokuhamba phakathi kwezisulu ezingabantu. Kungokufanayo nangezinhlobonhlobo zezinguquko ezingokwenhlalo nezingokokuziphatha, ezisukela ekuhambeni amazwe kubantu abacebile nabadumile ziye ekubolekaneni izinalithi kwabayimilutha yezidakamizwa.”
“Umlando wamuva nje unika izibonelo ezicacile zezidumo ezingatheni zamagciwane ezindaweni ezingazodwa lezo ezingase zibikezele ukubheduka endaweni enkulu esikhathini esizayo,” kwenezela lesihloko. Izibonelo yilezi: igciwane elalingaziwa ngaphambili iMarburg, igciwane elibulalayo lasezindaweni ezishisayo elahlasela izazi zesayensi eziningi eNtshonalanga Jalimane ekupheleni kwawo-1960; igciwane elibangela imfiva yaseRift Valley elahlasela izigidi futhi labulala izinkulungwane eGibithe ngo-1977; igciwane iEbola lasezindaweni ezishisayo elahlasela abantu abangaphezu kwenkulungwane eZaire naseSudan ngo-1976 futhi labulala abangaba ngu-500, abaningi babo okwakungodokotela nabahlengikazi ababelapha izisulu zalo.
Ukuhlasela okubhubhisayo kwamagciwane akuvamile ukuba kubikezelwe kusengaphambili. “Ngokwesibonelo, ngo-1918, uhlobo olubulala ngokukhethekile lwegciwane eliguqukayo elibangela umkhuhlane kubantu lasakazeka emhlabeni wonke, labulala abantu abalinganiselwa ezigidini ezingu-20,” kusho iScience News. “Muva nje, ukuvela kubantu kwegciwane lelo ngokunokwenzeka elake latholakala ezinkawini zaseAfrika kuphela kwaphinde kwazuma umhlaba. Igciwane lengculaza manje selihlasele abantu abayizigidi eziyisihlanu kuya kweziyishumi emazweni angu-149, ngokwezilinganiso zeNhlangano Yezwe Yezempilo. Kodwa naphezu kwakho konke ukunakekela okuye kwadonswa ilesifo esiwumshaya-bhuqe samuva, izazi eziningi zesayensi yamagciwane zesaba ukuthi sisalindelwe izinto eziningi ezisabisayo.”
Nakuba izifo eziwumshaya-bhuqe zibangela usizi, ziyingxenye yesibonakaliso esinezingxenye ezihlukene sokuba khona kukaJesu enkazimulweni yoMbuso, esinezici ezinjengezimpi, indlala, nokuzamazama komhlaba okukhulu. (Marku 13:8; Luka 21:10, 11) Lezizici futhi ziyisizathu sokujabula, ngoba uLuka wenezela amazwi kaJesu: “Kepha nxa kuqala ukuvela lokho, lulamani, niphakamise amakhanda enu, ngokuba kusondele ukukhululwa kwenu.”—Luka 21:28.