Intsha Iyabuza . . .
Kungani Abazali Bami Bengiphoxa?
Khona kanye maphakathi nesifundo sesayensi yezinto eziphilayo, uqala ukugula. Bekuqeda ithemba, othisha bashayela ucingo ekhaya, futhi kungekudala umama wakho usekhona—egqoke amahliphazi, umshuqulo omnyama, nalelophinifa elibi aligqoka uma esekhaya. Eqiniseka ngokuthi ubangwa nezibi, usegijimele eduze kwakho ngaphandle kokukhathazeka ngendlela agqoke ngayo. Kodwa awuyazisi imizamo yakhe yokukusindisa. Ocabanga ngakho nje yindlela ewubulima newubudlabha umama wakho abukeka ngayo ngezingubo azigqokile. Futhi lapho eqala ukukuthethisa phambi kofunda nabo, ufisa sengathi kungavuleka umgodi ukugwinye. Ave nje uphoxekile!
IZIGAMEKO ezinjengalesi zingase zibonakale zihlekisa kwababukele. Kodwa wena awuhleki nakancane. Uzwa ukuphoxeka, ukucindezeleka okukhulu kangangokuthi uzwa sengathi ungavele ufe. Ngempela, kwasungulwa isisho sesiNgisi esithi: ‘Ukubulawa ukuphoxeka.’ Futhi awuyena owokuqala ukuba uzizwe ngalendlela. Ngokwesibonelo, amaJuda asendulo ayiqaphela indlela ukuphoxeka okungalimaza ngayo. ITalmud yesiHeberu yafanisa ukuthelwa komuntu ngehlazo phambi kwabantu nokuchithwa kwegazi lakhe!
Miningi imithombo yokuphoxeka, kodwa intsha eningi iyavuma ukuthi awukho omkhulu ukwedlula abazali bayo siqu. Uchungechunge lwezinto abazali abangazenza ukuze bakwehlise lubonakala lungapheli: ukubonisana uthando phambi kwabantu, ukuqhosha ngokwazi ukukufeza, ukwenza njengabantwana phambi kwabangane bakho, ukukuphoqa ukuba “wenze okuthile” phambi kwezivakashi. Phela, ngisho nendlela abazali bakho ababukeka ngayo ingase ikubangele amahloni! Khona-ke, akumangalisi ukuthi enye intsha iyakhwantabala uma icabanga ngokubonwa inabazali bayo.
Nokho, kungani abazali bakho bengase bakuphoxe kangaka? ‘Abazi yini ukuthi akumelwe bakuphoxe?’ ungase uzibuze.
Isizathu Sokuba Bakuphoxe
Ake sihlaziye imizwa yakho siqu ngokuphathelene nalendaba. Njengoba usemusha, uzwela ngokukhethekile ekuphoxekeni, njengoba usuye waqaphela ngokwengeziwe ukuthi kunabantu abaningi kulelizwe kunomkhaya wakini. Ufuna ukwemukelwa abanye—ikakhulukazi ontanga yakho—futhi uzama kanzima ukwenza “ngendlela.” Ngokwemvelo, awufuni lokhu kwamukeleka kululazwe impatho ephoxayo ngasohlangothini lwabazali bakho. Njengoba osemusha ogama lakhe linguLinda asho: ‘Uma abazali bakho benza okuthile okukuphoxayo, uyakhathazeka: “Abangane bami bazocabangani ngami?”’ Khona-ke, kungani abazali bakho bengenakuyicabangela ngokwengeziwe imizwa yakho?
Isazi sokusebenza kwengqondo uBernice Berk ulandisa ukuthi omunye umama watshela indodana yakhe esentsha ezwela ngokukhethekile: “Ngumsebenzi wami, ukukuphoxa. Umama wangiphoxa, futhi nawe kuyofuneka ubaphoxe abantwana bakho.” Kunokungaphezu kwenhlansi yeqiniso kulenkulumo ethanda ukuhlaba. Cha, ukuba isiphoxi akuzuzwa ngofuzo, kodwa okunye okuzuzwayo: ukungapheleli.
Abazali abaphelele. (Roma 3:23) Akunakulindelwa ukuba babonakale njengabakhangisi bengqephu, futhi abakulawuli ngaso sonke isikhathi konke abakushoyo noma abakwenzayo, njengoba nje nawe ungakulawuli. Futhi banelungelo lokuphumula ngezikhathi ezithile futhi bajabule. Ukwenza ngezikhathi ezithile njengabantu abancane kuneminyaka yabo—noma ngisho nangokungenangqondo ngokuphelele—kungase kube indlela yabo yokubhekana nokuguga. Engayiqapheli imiphumela lokhu okunayo kuwe, umama angase akuphoxe ngokuzama umdanso wamuva nabangane bakho; ubaba angase azame ukubonisa ukuthi angancintisana nabantu abasebasha enkundleni yebhola lomnqakiswano. Ingabe lokhu kuyaphoxa? Mhlawumbe. Kodwa, ngokuqinisekile, bebengahlosile neze ukukulimaza.
Abazali bakho futhi banezithakazelo zakho ezingcono kakhulu enhliziyweni yabo, futhi ngenxa yokungapheleli, bangase basabele ngokweqile lapho inhlala-kahle yakho ibonakala isongelwa. Ngokwesibonelo, umbhali weBhayibheli uLuka ukhuluma ngesikhathi lapho uJesu oneminyaka eyi-12 ubudala ayesemkhosini wePhasika eJerusalema nomkhaya wakubo. Njengoba abazali bakhe babephindela ekhaya, baqaphela ukuthi wayengekho. Bamfuna phansi naphezulu, futhi “emva kwezinsuku ezintathu bamfumana ethempelini ehlezi phakathi kwabafundisi, ebezwa, ebabuza.” Akungabazeki ukuthi uJesu wayeyijabulela lengxoxo namadoda amadala kakhulu kunaye. Nakuba kunjalo, lapho unina eqhamuka, mhlawumbe ewaqaphela lamadoda ayinhloko esizwe, wathi: “Mntanami, usenzeleni okunje na? Bheka, uyihlo nami besikufuna silusizi.”—Luka 2:41-48.
Esinye isici sokucatshangelwa siwukuthi abazali bakho banezinkinga zabo, ezinye wena okungenzeka awuziqapheli ngisho nokuziqaphela. Mhlawumbe ukukhathazeka ngezimali, ukugula, noma okunye ukucindezela yikhona okubabangela ukuba benze ngendlela abenza ngayo.
Okokugcina, abazali abaningi bayaqhosha ngabantwana babo. Bayakujabulela ukubukisa ngabo. Nokho, lokhu kungase kuholele kuzo zonke izinhlobo zezimo eziphoxayo, ezinjengokuthi ucelwe ukuba udlale upiyano phambi kwabangane bakamama wakho noma kudingeke ukuba ubekezelele ukuzwa uyihlo etshela noma ubani ozimisele ukulalela ngendlela “ohlakaniphe” ngayo!
Ukufunda Ukubhekana Nakho
Lapho abazali bakhe bemphoxa, osemusha ogama lakhe linguTonia uthi, “Ngikhophoza kakhulu.” Nakuba lokhu kungase kube ukusabela okungokwemvelo, kunezindlela ezizuzisa ngokwengeziwe zokubhekana nakho. Ukumane ukhumbule amanye amaphuzu osekukhulunywe ngawo kuze kube manje kungakusiza ukuba uthibe ukungakhululeki kokuqala. (IzAga 19:11) Futhi cabangela ukusikisela okulandelayo:
Yeka Ukukhathazeka: Konke ukukhathazeka okukhona ezweni ngokunokwenzeka ngeke kuzishintshe kangako izinto. (Qhathanisa noMathewu 6:27.) Kakade, awunawo umthwalo wemfanelo ngabazali bakho; ungumuntu ohlukile. EyabaseGalathiya 6:5 ithi, ‘Yilowo nalowo makathwale owakhe umthwalo.’ Ngaphandle kwalokho, inkinga yakho ngokunokwenzeka ayiyimbi njengoba ucabanga. UDkt. Joyce L. Vedral uphawula ukuthi ‘wonke umuntu osemusha ophoxekile ucabanga ukuthi kunabantu abambukele.’ Nokho, abantu abaningi abanaso isithakazelo kangako. UVedral uyanezela: “Abantu abaningi bakhathalela kakhulu induna esekhaleni labo kunokuba bakhathalele wonke umlando womkhaya.” Futhi, khumbula ukuthi ontanga yakho nabo banokukhathazeka ngombono abazali babo abawunikezayo!
Musa Ukwenza Isimo Esibi Sibe Sibi Ngokwengeziwe: IzAga 27:12 zithi: “Umuntu ohlakaniphile ubona inkinga iza futhi ayibalekele.” (The New English Bible) Ukudonsela ukunakekela kuwe ngokwakho ngokumemeza, uthi, ‘Awu Ma!’ kumane kwenze isimo sibe sibi kakhulu. ‘Ukuyibalekela’ ngokungasho lutho kungase kube ukuhlakanipha.—UmShumayeli 3:7.
Yamukela Ukuyalwa Okudingekayo: Ukuqondiswa phambi kwabantu kungase kukuphoxe. Kodwa ngokuvamile ukuyalwa uyakudinga, futhi ukuphoxeka kumane nje kuyingxenye yakho. (Heberu 12:11) Kuthiwani uma iseluleko sibonakala singadingekile? Khumbula indlela uJesu asingatha ngayo ukungenela kukanina. Waqhubeka enomoya ophansi futhi wachaza isimo sakhe. Ngempela, iBhayibheli lithi ‘waqhubeka ebathobela’ abazali bakhe. (Luka 2:49, 51) Kungani ungazami ukwenza okufanayo?
Khuluma Nabazali Bakho: Ngomusa nangenhlonipho batshele ukuthi yini kahle-hle ekukhathazayo. Kuyasebenza! URosalee wathola endabeni yakhe ukuthi “uma ubatshela indlela ozizwa ngayo, futhi uma becabanga ukuthi kunengqondo, khona-ke ngokuvamile bayozama ukuzilungisa.” Enye indlela yokusiza abazali bakho babone ukuthi wena lendaba ikuphatha kanjani iwukubabuza ngokuhlangenwe nakho okuphoxayo ababa nakho lapho besebancane. Lokhu kungase kubenze bacabange ngesimo sakho.
Bonisa Uzwela: Ake ucabange ngazo zonke izikhathi oye wabaphoxa ngazo abazali bakho! Ingabe wakwenza ngenjongo embi? Akunjalo! Ngakho kungani unomuzwa wokuthi abazali bakho bakuhlela ngamabomu ukukuphoxa?
Ungalahlekelwa Isimo Sakho Sokuhleka: Njengoba omunye osemusha avuma: “Ezinye izinto kumelwe uzame ukuzihleka; kamuva ziyahlekisa.” Yebo, kungani uthatha ukuphambuka ngokungathi sína kangako? Khumbula, ‘kunesikhathi sokuhleka,’ futhi ngezinye izikhathi ukubonisa isimo sokuhleka kukhipha udosi esimweni esehlisayo.—UmShumayeli 3:4.
Nokho, kungakhathaliseki ukuthi uzama kanjani, awunakukugwema ngokuphelele ukuphoxeka. Kodwa ngokusebenzisa okungenhla, ungase ukwazi kahle kakhulu ukushintsha indlela obheka ngayo izimo okuthiwa ziyaphoxa.
Ngokwesibonelo, umbhali uJami Bernard uyalandisa: “Ngazo zonke izikhathi umama wayengenza ngimbambe ngesandla lapho siwela umgwaqo, ngisho nalapho sengimdadlana. Ngolunye usuku, ngadedela isandla sakhe, ngikhononda, ‘Mama angisakudingi lokhu.’ Wangibheka wayesethi, ‘Mina ngiyakudinga.’ Angazi noma wayesho ukuthi wayedinga othile ukuba ancike kuye noma ukuthi wayekhumbula isikhathi lapho ‘ngiseyingane’ yakhe noma ukuthi wayefuna ukuthintana nami kodwa engazi kahle ukuthi kanjani. Kodwa manje lapho ngimbambe ngesandla ukuze siwele umgwaqo, ngithola umuzwa wemfudumalo—hhayi wokuphoxeka kodwa wothando.”—Umagazini iSeventeen, kaDecember 1985.