Imibuzo Evela Kubafundi
◼ Kungani bembalwa kangaka oFakazi BakaJehova abahlanganyela ekudleni isinkwa nasekuphuzeni iwayini ekugujweni kwaminyaka yonke kweSidlo SeNkosi Sakusihlwa?
Lokhu kungenxa yokuthi, ngokuphambene namasonto eLobukholwa, oFakazi BakaJehova bamukela imfundiso yeBhayibheli yokuthi inani elincane labantu liyozuza ukuphila kwasezulwini futhi abanye abayizikhonzi zikaNkulunkulu ezithembekile bayovuzwa ngokuphila okuphakade emhlabeni.
Sekuyisikhathi eside amasonto efundisa ukuthi izulu liwumvuzo wabo bonke abathokozisa uNkulunkulu; abanye baya esihogweni somlilo. IBhayibheli lisho okuphambene nalokho. ImiBhalo ibonisa ngokusobala ukuthi abantu abathile kuphela, njengabaphostoli, abayobusa noKristu ezulwini. UJesu wathi laba ‘bawumhlambi omncane.’ IBhayibheli lithi bayizi-144 000. (Luka 12:32; IsAmbulo 14:3, 4) Abaningi ababekhonza uJehova ngokwethembeka futhi ababevunyelwa nguye bafa ngaphambi kokuba uJesu avule indlela eya ekuphileni kwasezulwini. (Mathewu 11:11; Heberu 10:19-21) Futhi ngemva kokukhethwa ‘komhlambi omncane,’ izigidi zabanye ziye zaba amaKristu eqiniso. Ngabo bonke laba abathembekile abangebona ‘abomhlambi omncane,’ iBhayibheli linikeza ithemba lokuphila okuphakade epharadesi lasemhlabeni elibuyiselwe. (IHubo 37:20, 29; IsAmbulo 21:4, 5) Kodwa kungani abanjalo bengahlanganyeli nabo ekudleni isinkwa nasekuphuzeni iwayini? UJesu wabonisa ukuthi ukuhlanganyela ekudleni izifanekiselo phakathi neSidlo SeNkosi Sakusihlwa kwakungokwalabo kuphela ababizelwa ekuphileni kwasezulwini, labo abasesivumelwaneni esisha.
Yebo, lubalulekile ukholo emhlatshelweni kaJesu ngabo bonke abayozuza ukuthethelelwa uNkulunkulu nokuphila okuphakade, kungakhathaliseki ukuthi ukuphila ezulwini noma ukuphila emhlabeni oyipharadesi. UKristu wakubonisa lokhu kuJohane 6:51-54 ethi: “Mina ngiyisinkwa esiphilayo esehla ezulwini. Uma umuntu edla lesisinkwa, uyakuphila phakade; . . . isinkwa engizakusinikela ngenxa yokuphila kwezwe [lesintu esihlengekayo] siyinyama yami . . . Odla inyama yami, aphuze igazi lami, unokuphila okuphakade.”
Nokho, kungokuphawulekayo ukuthi uJesu wayengakhulumi nabafundi bakhe kuphela. Osukwini olungemva kokuba ondlé izinkulungwane eziningi ngokuyisimangaliso, isixuku seza kuJesu endaweni yaseKapernawume. Lesixuku samhilela engxoxweni eyayihlanganisa amazwi akhe akuJohane 6:51-54. Ngakho uJesu wayengakhulumi ngokuyinhloko nabafundi lapho ethi ‘uyisinkwa esehla ezulwini’ esingokomfanekiso leso esinganikeza amathemba okuphila okuhlala njalo ngokwengeziwe kunemana eyayidliwa ehlane.—Johane 6:24-34.
Ekucabangeleni lokho okuhlangenwe nakho kwasendulo ehlane, khumbula ukuthi obani ababeye baphuma eGibithe baya ehlane. ‘Kwakungabantwana bakwaIsrayeli abayizinkulungwane ezingamakhulu ayisithupha behamba phansi, ngaphandle kwabantwana nengxubevange yabantu.’ (Eksodusi 12:37, 38; 16:13-18) ‘Lengxubevange’ yayihlanganisa abaseGibithe ababeshade nabakwaIsrayeli nabanye abaseGibithe abazimbandakanya nabakwaIsrayeli. Kokubili abakwaIsrayeli ‘nengxubevange’ babeyidinga imana ukuze bahlale bephila. Nokho, ingabe ‘ingxubevange’ yayinamathemba afana nawabakwaIsrayeli? Cha, yayingenawo. Ngisho nakuba yayingakhulekela nabakwaIsrayeli futhi ibe nethemba lokungena eZweni Lesithembiso, yayingeke ibe amakhosi noma abapristi ngaphansi kwesivumelwano soMthetho. Ngakho ukudla ngokoqobo imana ehlane akuzange kunikeze bonke abantu amathemba afanayo.
Lona umehluko okumelwe uwukhumbule njengoba ucabangela lokho uJesu akukhuluma kubafundi bakhe cishe unyaka owodwa ngemva kokuba ekhulume amazwi akuJohane 6:51-54. Kulesenzakalo samuva, uJesu wayechaza isenzo esisha esihilela isinkwa newayini elingokoqobo okwakumelwe kufanekisele inyama yakhe negazi. Lapho emisa iSidlo SeNkosi Sakusihlwa, uJesu wathi kubalandeli bakhe abaseduze: “Lesisitsha siyisivumelwano esisha egazini lami elithululelwa nina.” Kulo leloqembu elincane labaphostoli, wanezela: “Nina-ke ningababekhuthazela nami ekulingweni kwami; nanjengokuba uBaba engimisele umbuso, nami nginimisela wona ukuba nidle, niphuze etafuleni lami embusweni wami; niyakuhlala ezihlalweni zobukhosi, nahlulele izizwe eziyishumi nambili zakwaIsrayeli.”—Luka 22:20, 28-30.
Qaphela kulamazwi amuva ukuthi labo okwakumelwe badle isinkwa esingokoqobo futhi baphuze iwayini elingokoqobo njengezifanekiselo ezifanekisela umzimba negazi likaJesu kwakungabafundi ‘abasesivumelwaneni esisha.’ Abanjalo futhi babeyoba kwesinye isivumelwano, leso uJesu asenza nabo ukuze bahlanganyele ukubusa ‘embusweni wakhe.’ Ngokusobala, uJesu lapha wayebhekisela kulabo ‘ababeyokwenziwa umbuso nabapristi kuNkulunkulu wethu, babuse emhlabeni.’ (IsAmbulo 5:10) Ekhulwini lokuqala, uNkulunkulu waqala ukukhetha abayizi-144 000 ababeyohlanganyela eMbusweni wasezulwini. AmaKristu aseKorinte ayengawaleloqembu, ngoba achazwa ngokuthi “abangcwelisiwe kuKristu Jesu, ababiziweyo abangcwele.” (1 Korinte 1:2; qhathanisa nabaseRoma 1:7; 8:15-17.) Abanjalo “abangcwele” kwakumelwe bahlanganyele eSidlweni SeNkosi Sakusihlwa, badle ngokwazisa isinkwa esiyisifanekiselo kanye newayini elisho “isivumelwano esisha egazini [lakhe].”—1 Korinte 11:23-26.
Namuhla abasele bephila emhlabeni insali encane kuphela yalabo abakhethelwe nguNkulunkulu ukuphila kwasezulwini. Abanjalo kuphela ‘abasesivumelwaneni esisha’ abagunyazwe ukuba bahlanganyele ekudleni izifanekiselo, isinkwa newayini, phakathi nokugujwa kweSikhumbuzo kwaminyaka yonke.
Yebo, wonke amaKristu eqiniso namuhla abheke phambili ekuphileni phakade emhlabeni ngaphansi kokubusa koMbuso ayazi ukuthi lokhu kunokwenzeka ngokuba nokholo emhlatshelweni kaJesu. Kunjengoba uJesu atshela isixuku, ‘uyisinkwa esiphilayo esehla ezulwini.’ (Johane 6:51) Nokho, lokho akusho ukuthi labo abanethemba lasemhlabeni bafanele bahlanganyele ezifanekiselweni ezingokoqobo zeSikhumbuzo, ngoba abekho ‘esivumelwaneni esisha,’ futhi abekho esivumelwaneni noJesu sokuba ‘sembusweni wakhe, bahlale ezihlalweni zobukhosi.’
Ngalesosizathu, leliqembu elikhulu elinamathemba asemhlabeni alihlanganyeli ezifanekiselweni, isinkwa newayini. Kodwa lokhu akubonakalisi nganoma iyiphi indlela ukuntula ukholo noma ukwazisa ngomzimba negazi likaJesu. Eqinisweni, ngenxa yokwazisa kwabo okujulile ngomhlatshelo wakhe nethemba elijabulisayo lasemhlabeni eliphambi kwabo, ngokuqiniseke kakhulu baba khona unyaka ngamunye njengezibukeli ezihloniphayo ekugujweni kweSidlo SeNkosi Sakusihlwa. Ngalendlela, babonakalisa ukholo lwabo siqu futhi banikeza ubufakazi obujabulisayo bokuthi insali ‘yomhlambi omncane’ isebunyeni obufudumele “nezinye izimvu.”—Johane 10:16.