Ingabe UNkulunkulu Uyalalela Lapho Uthandaza?
UMPHATHI omkhulu uyanquma ukuthi uzothumela umuntu ozommelela ekusingatheni udaba oluthile noma uzozisingathela yena mathupha. Ngokufanayo, uMbusi oyiNkosi yendawo yonke anganquma ngokuzikhethela ukuthi ufuna ukuhileleka ngezinga elingakanani endabeni ethile. ImiBhalo ifundisa ukuthi uNkulunkulu uye wakhetha ukuzihilela yena mathupha emithandazweni yethu futhi ngenxa yalokho usiyala ukuba siyiqondise kuye lemithandazo.—IHubo 66:19; 69:13.
Ukukhetha kukaNkulunkulu kulendaba kwembula isithakazelo anaso emithandazweni yezinceku zakhe ezingabantu. Esikhundleni sokudumaza abantu bakhe ekubeni beze kuye kungakhathaliseki ukuthi bacabangani futhi bakhathazwe yini, uyabanxusa: “Khulekani ningaphezi,” “ekukhulekeni niqinisele njalo,” “phonsa phezu kukaJehova umthwalo wakho,” “niphonse izinkathazo zenu zonke phezu [kukaNkulunkulu].”—1 Thesalonika 5:17; Roma 12:12; IHubo 55:22; 1 Petru 5:7.
Ukuba uNkulunkulu ubengafuni ukuyinaka imithandazo yezinceku zakhe, ubengeke ahlelele ukuba kube nendlela enjalo yokuya kuye futhi akhuthaze ukuba isetshenziswe ngokukhululeka. Khona-ke, lokhu kukhetha kukaNkulunkulu ukuba azenze ongeneka kangaka kubantu bakhe, kungesinye sezizathu zokuqiniseka ngokuthi uyalalela ngempela. Yebo, ucabangela ngamunye wemithandazo yezinceku zakhe.
Iqiniso okungamelwe linganakwa elokuthi iBhayibheli lisho ngokucacile ukuthi uNkulunkulu uyayilalela imithandazo. Ngokwesibonelo, umphostoli uJohane uyabhala: “Yilesisibindi [‘ukuqiniseka,’ NW] esinaso kuye sokuthi, uma sicela utho ngokwentando yakhe, uyasizwa.” (1 Johane 5:14) INkosi uDavide yabiza uJehova uNkulunkulu ngokuthi ‘uMuzwi wemikhuleko’ futhi yasho ngokuqiniseka: “[Uyalizwa] izwi lami.”—IHubo 55:17; 65:2.
Ngakho nakuba ngokungangabazeki isenzo sokuthandaza sinenzuzo sona ngokwaso, imiBhalo ibonisa ukuthi kunokuningi okwengeziwe okuhilelekile lapho umuntu olungile ethandaza. Othile usuke elalele. Lowomuntu olalele nguNkulunkulu.—Jakobe 5:16-18.
Imithandazo Eyazwiwa
IBhayibheli linokulandisa okuningi kwabantu abamithandazo yabo, eqinisweni, yazwiwa futhi yaphendulwa nguNkulunkulu. Okuhlangenwe nakho kwabo kukufakazela ngokucacile ukuthi izinzuzo zomthandazo zidlulela ngalé komphumela owelaphayo wokucacisa nokukusho ngamagama lokho umuntu akucabangayo. Zidlulela ngalé kwemizamo yomuntu siqu evumelana nemithandazo yakhe.
Ngokwesibonelo, lapho ibhekene nozungu luka-Abisalomu lokuqhwaga umbuso wakwaIsrayeli, iNkosi uDavide yathandaza: “Jehova, mawuntumazelise amasu ka-Ahithofeli [umeluleki ka-Abisalomu].” Kwakungesona isicelo esincane, njengoba “isiluleko sika-Ahithofeli . . . sasinjengokungathi bekubuzwé kuNkulunkulu; zazinjalo iziluleko zika-Ahithofeli.” Ngemva kwalokho uAbisalomu walenqaba isu elalisikiselwe uAhithofeli lokuketula iNkosi uDavide. Kungani? “UJehova wayenqumile ukuba kushafiswe isiluleko esihle sika-Ahithofeli, ukuze uJehova amehlisele uAbisalomu okubi.” Ngokusobala, umthandazo kaDavide wazwiwa.—2 Samuweli 15:31; 16:23; 17:14.
Ngokufanayo, ngemva kokuba uHezekiya enxuse uNkulunkulu ukuba amsindise ekuguleleni ukufa, walulama. Ingabe lokhu kwakumane nje kungenxa yezinzuzo zokwanelisa ingqondo kuHezekiya ngoba eye wathandaza? Lutho neze! Isigijimi sikaJehova kuHezekiya, njengoba salethwa ngumprofethi uIsaya, sasithi: “Ngizwile umkhuleko wakho, ngibonile izinyembezi zakho; bheka, ngiyakukuphilisa.”—2 AmaKhosi 20:1-6.
UDaniyeli, omthandazo wakhe waphendulwa sekwephuzile kunalokho ngokunokwenzeka ayekulindele, waqinisekiswa ingelosi kaJehova: “Amazwi akho ezwiwa.” Imithandazo yabanye, njengekaHana, abafundi bakaJesu, neyenduna yempi uKorneliyu, yaphendulwa ngendlela okungeke kuthiwe kwasebenza ikhono lomuntu kuphela kuyo. Khona-ke, iBhayibheli lifundisa ngokusobala ukuthi imithandazo evumelana nentando yaphezulu iyamukelwa, izwiwe, futhi iphendulwe uNkulunkulu.—Daniyeli 10:2-14; 1 Samuweli 1:1-20; IzEnzo 4:24-31; 10:1-7.
Kodwa uNkulunkulu uyiphendula kanjani imithandazo yezinceku zakhe ezithembekile namuhla?
Izimpendulo Zemithandazo
Imithandazo ecashunwe ngenhla yaphendulwa ngezindlela eziphawulekayo neziyisimangaliso. Nokho, siza ukhumbule ukuthi ngisho nasezikhathini zeBhayibheli, izimpendulo ezazivame kakhulu zemithandazo zazingaqondakali kalula. Lokhu kungenxa yokuthi zazihlobene nokunikeza amandla angokokuziphatha nokukhanyiselwa, okwakwenza izinceku zikaNkulunkulu zibambelele enkambweni yokulunga. Ikakhulukazi kumaKristu, izimpendulo zemithandazo zazihilela izindaba ngokuyinhloko ezazingokomoya, hhayi izenzo ezingumbukwane noma zamandla.—Kolose 1:9.
Ngakho ungadumali uma imithandazo yakho ingaphendulwa njalo ngendlela oyilindele noma oyithandayo. Ngokwesibonelo, kunokususa ukulingwa, uNkulunkulu angase akhethe ukukunikeza “amandla angaphezu kwavamile” ukuze ukukhuthazelele. (2 Korinte 4:7, NW; 2 Thimothewu 4:17) Akufanele silokothe silulaze ukubaluleka kwamandla anjalo, noma siphethe ngokuthi uJehova akazange ngempela awuphendule umthandazo wethu kwanhlobo.
Cabangela indaba yeNdodana kaNkulunkulu uqobo, uJesu Kristu. Ekhathazekile ngokuthi angafi njengomuntu obonakala engohlazisayo, uJesu wathandaza: “Baba, uma uthanda, susa lesisitsha kimi.” Ingabe lomthandazo wazwiwa uNkulunkulu? Yebo, njengoba kuqinisekisiwe kumaHeberu 5:7. UJehova akazange enze kungabe kusadingeka ngeNdodana yakhe ukuba ife esigxotsheni sokuhlushwa. Kunalokho, “kwabonakala kuye ingelosi ivela ezulwini, imqinisa.”—Luka 22:42, 43.
Ingabe kwaba impendulo ephawulekayo, eyisimangaliso? Kithina sonke, kwakuyoba njalo! Kodwa kuJehova uNkulunkulu, umthombo wamandla anjalo, lokhu kwakungesona isimangaliso. Futhi uJesu, ekuphileni kwakhe kwangaphambili ezulwini, wayejwayelene nezenzakalo zangaphambili lapho izingelosi zazibonakala khona kubantu. Ngakho ukubonakala kwengelosi kwakungeke kube nethonya eliphawulekayo kuye njengoba kwakuyoba njalo kithi. Nokho, lengelosi, ngokusobala uJesu ayeyazi ngokomuntu siqu kusukela ekuphileni kwaKhe kwangaphambi kokuba abe ngumuntu, yasiza ekumqiniseleni ukulingwa ayesezobhekana nakho.
Lapho ephendula imithandazo yezinceku zakhe ezithembekile namuhla, uJehova ngokuvamile unikeza amandla adingekile ukuze zikhuthazele. Lokhu kusekelwa kungase kuze njengesikhuthazo esivela kubakhulekeli esikanye nabo esijwayelene nabo thina. Ingabe ukhona kithi ongafuna ukwenqaba leso sikhuthazo, mhlawumbe ecabanga ukuthi njengoba izinceku esikanye nazo zingazange zibhekane nokulingwa okufana nokwethu, azinakukwazi ukusiqinisa? UJesu wayengaba nombono onjalo ngengelosi eyabonakala kuye. Kunalokho, wasamukela isikhuthazo njengempendulo evela kuJehova yomthandazo wakhe futhi ngenxa yalokho wakwazi ukuyenza ngokwethembeka intando kaYise. Nathi siyofuna ukuwamukela ngomusa amandla uNkulunkulu awanikezayo lapho ephendula imithandazo yethu. Futhi, khumbula ukuthi izikhathi ezinjalo zokukhuthazela ngokubekezela ngokuvamile zilandelwa izibusiso ezingenakuchazwa.—UmShumayeli 11:6; Jakobe 5:11.
Qiniseka Ngokuthi UNkulunkulu Uyalalela
Ungalokothi uphelelwe ukuqiniseka ngokuthi umthandazo unamandla uma ungaphendulwa ngalesosikhathi. Izimpendulo zeminye imithandazo, njengezokucela komuntu ukuphunyuzwa ekucindezelekeni noma ukuba nomthwalo wemfanelo othe xáxá enkonzweni eya kuNkulunkulu, kungase kudingeke zilinde isikhathi esithile uNkulunkulu aziyo ukuthi silungile futhi singcono kakhulu. (Luka 18:7, 8; 1 Petru 5:6) Uma uthandaza ngendaba yomuntu siqu ekukhathaza kakhulu, bonisa uNkulunkulu ngokuphikelela kwakho ukuthi isifiso sakho sikhulu nokuthi isisusa sakho simsulwa futhi siqotho. UJakobe wabonisa lomoya, lapho, ngemva kokubambana nengelosi isikhathi eside, ethi: “Anginakukuyeka ukuba uhambe ungangibusisanga.” (Genesise 32:24-32) Kumelwe sibe nokuqiniseka okufanayo kokuthi uma siqhubeka sicela, siyothola isibusiso ngesikhathi esifanele.—Luka 11:9.
Iphuzu lokugcina. Ukulalelwa uMbusi wendawo yonke kuyilungelo eliyigugu. Uma sicabangela lokhu, ingabe siyalalelisisa lapho uJehova uNkulunkulu, ngeZwi lakhe, ekhuluma nathi ngezimfuneko zakhe? Njengoba imithandazo yethu isisondeza eduze kakhulu noMdali wethu, siyofuna ukukunakisisa kakhulu konke akushoyo kithi.
[Isithombe ekhasini 6]
UNkulunkulu uyayilalela imithandazo. Ingabe thina siyamlalela lapho ekhuluma ngeZwi lakhe?