Isahluko Seshumi Nesishiyagalombili
“Abayona Ingxenye Yezwe”
1. (a) Ngaphambi kokufa kwakhe, uJesu wabathandazela wathini abafundi bakhe? (b) Kungani kubaluleke kangaka ‘ukungabi ingxenye yezwe’?
NGOBUSUKU obungaphambi kokubulawa kwakhe, uJesu wathandazela abafundi bakhe. Azi ukuthi uSathane wayeyobacindezela kakhulu, uJesu wathi kuYise: “Angikuceli ukuba ubakhiphe ezweni, kodwa ukuba ubabheke ngenxa yomubi. Abayona ingxenye yezwe, njengoba nje nami ngingeyona ingxenye yezwe.” (Johane 17:15, 16) Kungani kubaluleke kangaka ukuzihlukanisa nezwe? Ngoba umbusi waleli zwe nguSathane. AmaKristu ngeke athande ukuba yingxenye yezwe elilawulwa nguye.—Luka 4:5-8; Johane 14:30; 1 Johane 5:19.
2. Kungaziphi izindlela uJesu ayengeyona ingxenye yezwe?
2 Ukuthi uJesu wayengeyona ingxenye yezwe kwakungasho ukuthi wayengabathandi abanye. Ngokuphambene nalokho, waphulukisa abagulayo, wavusa abafileyo, futhi wafundisa abantu ngoMbuso kaNkulunkulu. Waze wanikela ngokuphila kwakhe ngenxa yesintu. Kodwa wayengazithandi izimo zengqondo nezenzo zokungamhloniphi uNkulunkulu zalabo ababebonisa umoya wezwe likaSathane. Ngakho, waxwayisa ngezinto ezinjengezifiso ezingcolile, indlela yokuphila yokuthanda izinto ezibonakalayo, nokuphishekela ukuvelela. (Mathewu 5:27, 28; 6:19-21; Luka 20:46, 47) Yingakho-ke uJesu agwema nezindaba zezwe zezombangazwe. Nakuba ayengumJuda, akazange athathe uhlangothi ezimpikiswaneni zezombangazwe phakathi kweRoma namaJuda.
“Umbuso Wami Awuyona Ingxenye Yalelizwe”
3. (a) Abaholi benkolo bamaJuda bammangalela ngokuthini uJesu kuPilatu, futhi ngani? (b) Yini ebonisa ukuthi uJesu wayengenasithakazelo sokuba inkosi engumuntu?
3 Cabanga ngalokho okwenzeka lapho abaholi benkolo abangamaJuda bebopha uJesu futhi bemyisa kuPontiyu Pilatu, umbusi ongumRoma. Empeleni, labo baholi babecasukile ngoba uJesu wayedalule ubuzenzisi babo. Ukuze benze umbusi athathele uJesu isinyathelo, bammangalela bathi: “Lomuntu simthole egwengula isizwe sakithi futhi enqabela ukukhokhwa kwezintela kuKesari futhi ethi yena ngokwakhe unguKristu inkosi.” (Luka 23:2) Ngokusobala, lokhu kwakungamanga ngoba esikhathini esingangonyaka ngaphambili lapho abantu befuna ukwenza uJesu inkosi, wenqaba. (Johane 6:15) Wayazi ukuthi wayezoba iNkosi yasezulwini esikhathini esizayo. (Luka 19:11, 12) Futhi, wayezobekwa nguJehova esihlalweni sobukhosi, hhayi abantu.
4. UJesu wayenasiphi isimo sengqondo ngokukhokhwa kwezintela?
4 Ezinsukwini ezintathu nje ngaphambi kokuboshwa kukaJesu, abaFarisi bazama ukuhila uJesu ukuze asho okuthile okwakungamenza abe necala endabeni yokukhokha izintela. Kodwa wathi: “Ngiboniseni udenariyu [uhlamvu lwemali yamaRoma]. Okabani umfanekiso nombhalo oqoshiwe okuwo?” Lapho bethi: “OkaKesari,” waphendula: “Nakanjani-ke, buyiselani izinto zikaKesari kuKesari, kodwa izinto zikaNkulunkulu kuNkulunkulu.”—Luka 20:20-25.
5. (a) Yisiphi isifundo uJesu asifundisa abafundi bakhe ngesikhathi eboshwa? (b) UJesu wathini lapho echaza isizathu salokho ayekwenzile? (c) Waba yini umphumela walelo cala?
5 Cha, uJesu akazange afundise ukuba kuvukelwe iziphathimandla zezwe. Lapho amasosha namanye amadoda befika bezobopha uJesu, uPetru wahosha inkemba wagalela enye yamadoda, wayinquma indlebe. Kodwa uJesu wathi: “Buyisela inkemba yakho endaweni yayo, ngoba bonke labo abaphatha inkemba bayobhubha ngenkemba.” (Mathewu 26:51, 52) Ngakusasa uJesu wachazela uPilatu ngezenzo zakhe, ethi: “Umbuso wami awuyona ingxenye yalelizwe. Ukuba umbuso wami ubuyingxenye yalelizwe, izikhonzi zami beziyokulwa ukuze nginganikelwa kumaJuda.” (Johane 18:36) UPilatu wavuma ukuthi ‘sasingekho isizathu samacala’ uJesu ayemangalelwa ngawo. Kodwa ngenxa yokucindezelwa yizixuku, uPilatu wavuma ukuba uJesu abethelwe.—Luka 23:13-15; Johane 19:12-16.
Abafundi Balandela Ukuhola KukaJesu
6. AmaKristu okuqala abonisa kanjani ukuthi ayewugwema umoya wezwe nakuba ayebathanda abantu?
6 Ngakho, abafundi bakaJesu baqonda ukuthi kwakuhilelani ukungabi yingxenye yezwe. Kwakusho ukugwema umoya nezenzo zezwe zokungamhloniphi uNkulunkulu, ezazihlanganisa ukuzijabulisa okunobudlova nokuziphatha okubi kwamasekisi nezinkundla zemidlalo zamaRoma. Ngenxa yalokho, kwathiwa abafundi bazonda isintu. Kodwa babengabazondi neze omakhelwane, kunalokho babezikhandla ekusizeni abanye ukuba bazuze emalungiselelweni kaNkulunkulu ensindiso.
7. (a) Yini abafundi bokuqala ababhekana nayo ngenxa yokuthi babengeyona ingxenye yezwe? (b) Ayebabheka kanjani ababusi bezombangazwe nokukhokha izintela, futhi ngani?
7 Abalandeli bakaJesu bashushiswa njengaye, beshushiswa yiziphathimandla zikahulumeni ezazitshelwe amanga. Noma kunjalo, cishe ngo-56 C.E., umphostoli uPawulu wabhalela amaKristu aseRoma, ewakhuthaza ukuba ‘azithobe emagunyeni aphakeme [ababusi bezombangazwe], ngoba akukho gunya elikhona kungengoNkulunkulu.’ Akukhona ukuthi uJehova umisa ohulumeni bezwe, kodwa uyabavumela ukuba babe khona kuze kube yilapho kuwuMbuso wakhe kuphela obusa wonke umhlaba. Kwakufaneleka ukuba uPawulu ayale amaKristu ukuba ahloniphe iziphathimandla zezwe futhi akhokhe izintela.—Roma 13:1-7; Thithu 3:1, 2.
8. (a) AmaKristu kufanele azithobe ngezinga elingakanani emagunyeni aphakeme? (b) AmaKristu okuqala asilandela kanjani isibonelo sikaJesu?
8 Nokho, ukuzithoba kubabusi bezombangazwe kufanele kube okulinganiselwe. Lapho imithetho yabantu ingqubuzana nemithetho kaJehova, labo abakhonza uJehova kumelwe balalele imithetho yaKhe. Phawula lokho okushiwo yincwadi ethi On the Road to Civilization—A World History ngamaKristu okuqala: “AmaKristu enqaba ukuhlanganyela emisebenzini ethile yezakhamuzi zaseRoma. AmaKristu . . . ayekubheka njengokuphambene nokholo lwawo ukungenela inkonzo yezempi. Ayengenakusamukela isikhundla sezombangazwe. Ayengenakumkhulekela umbusi.” Lapho inkantolo ephakeme yamaJuda ‘ibayala ngokucacile’ abafundi ukuba bayeke ukushumayela, baphendula: “Kumelwe silalele uNkulunkulu njengombusi kunabantu.”—IzEnzo 5:27-29.
9. (a) Kungani amaKristu eJerusalema athatha isinyathelo asithatha ngo-66 C.E.? (b) Lokho kuyisibonelo esihle ngayiphi indlela?
9 Ngokuphathelene nezimpikiswano zezombangazwe nezempi, abafundi bahlala bengathathi hlangothi ngokuphelele. Ngo-66 C.E., amaJuda aseJudiya avukela uKesari. Ngokuphazima kweso, ibutho lamaRoma lahaqa iJerusalema. AmaKristu ayekulo muzi enzani? Akhumbula iseluleko sikaJesu sokuba aphume kulo muzi. Lapho amaRoma ehoxa okwesikhashana, amaKristu abalekela ngaphesheya koMfula iJordani esifundeni sezintaba sasePhela. (Luka 21:20-24) Ukungathathi kwawo uhlangothi kuyisibonelo kumaKristu athembekile ayezolandela kamuva.
AmaKristu Awathathi Hlangothi Kulezi Zinsuku Zokugcina
10. (a) Yimuphi umsebenzi oFakazi BakaJehova abamatasa kuwo, futhi ngani? (b) Yini abangathathi hlangothi kuyo?
10 Ingabe umlando ubonisa ukuthi likhona iqembu kulezi zinsuku zokugcina eliye lahlala lingathathi hlangothi ngokuphelele lilingisa amaKristu okuqala? Yebo, oFakazi BakaJehova baye bakwenza lokho. Phakathi naso sonke lesi sikhathi, baye baqhubeka beshumayela ukuthi uMbuso kaNkulunkulu uwukuphela kwendlela yokuletha ukuthula okuhlala njalo, ukuchuma nenjabulo kubathandi bokulunga. (Mathewu 24:14) Kodwa ngokuphathelene nezimpikiswano zezizwe, baye balondoloza ukungathathi hlangothi ngokuphelele.
11. (a) Ukungathathi hlangothi koFakazi kuhluke kanjani emikhubeni yabefundisi? (b) OFakazi BakaJehova banamuphi umbono ngalokho abanye abakwenzayo kwezombangazwe?
11 Ngokuphambene nalokho, abefundisi bezinkolo zaleli zwe baye bangena shí ezindabeni zezombangazwe. Emazweni athile, baye bakhankasela ngentshiseko ukumiswa noma ukuchithwa kwabantu abangenela ukhetho. Abanye abefundisi baze baphathe nezikhundla zezombangazwe. Abanye baye bacindezela abaholi bezombangazwe ukuba baxhase izinhlelo ezigunyazwa abefundisi. Nokho, oFakazi BakaJehova abazigaxi kwezombangazwe. Futhi abaphazamisani nalokho abanye abakwenzayo ngokuzibandakanya neqembu lezombangazwe, ukukhankasela isikhundla sezombangazwe, noma ukuvota okhethweni. UJesu wathi abafundi bakhe babengeke babe yingxenye yezwe, ngakho oFakazi BakaJehova abahlanganyeli kwezombangazwe.
12. Yini eye yaba umphumela wokuthatha uhlangothi kwezinkolo zaleli zwe?
12 Njengoba uJesu abikezela, izizwe ziye zalwa izimpi ngokuphindaphindiwe. Ngisho namaqembu aphakathi kwezizwe ezithile aye alwa wodwa. (Mathewu 24:3, 6, 7) Abaholi benkolo cishe njalo baye basekela isizwe noma iqembu elithile elimelene nelinye, bakhuthaza abalandeli babo ukuba benze okufanayo. Kwaba namuphi umphumela? Amalungu enkolo efanayo abulalana ezimpini ngenxa nje yokuthi awafani ngobuzwe noma ngohlanga. Lokhu kumelene nentando kaNkulunkulu.—1 Johane 3:10-12; 4:8, 20.
13. Amaqiniso abonisani ngokungathathi hlangothi koFakazi BakaJehova?
13 Nokho, oFakazi BakaJehova abazange bathathe hlangothi ngokuphelele kuzo zonke izinxushunxushu. INqabayokulinda (yesiNgisi) ka-November 1, 1939, yathi: “Bonke abasohlangothini lweNkosi ngeke bathathe uhlangothi phakathi kwezizwe ezilwayo.” OFakazi BakaJehova kuzo zonke izizwe nangaphansi kwazo zonke izimo baqhubeka bebambelele kulo mbono. Abavumeli ezombangazwe nezimpi zaleli zwe ezihlukanisayo ukuba kubhidlize ubuzalwane babo bezizwe zonke. ‘Bakhanda izinkemba zabo zibe ngamakhuba nemikhonto yabo ibe ngocelemba.’ Ngenxa yokungathathi hlangothi, abasayifundi impi.—Isaya 2:3, 4; 2 Korinte 10:3, 4.
14. Yini oFakazi BakaJehova abaye babhekana nayo ngenxa yokuzihlukanisa nezwe?
14 Uye waba yini umphumela wokungathathi hlangothi kwabo? UJesu wathi: “Ngenxa yokuthi aniyona ingxenye yezwe, . . . izwe liyanizonda.” (Johane 15:19) OFakazi BakaJehova abaningi baye baboshwa ngenxa yokuthi bayizinceku zikaNkulunkulu. Abanye baye bahlukunyezwa, baze babulawa nokubulawa, njengoba kwenzeka nakumaKristu ekhulu lokuqala leminyaka. Lokhu kungenxa yokuthi uSathane, “unkulunkulu walesisimiso sezinto,” uphikisa izinceku zikaJehova, ezingeyona ingxenye yalesi simiso.—2 Korinte 4:4; IsAmbulo 12:12.
15. (a) Izizwe zonke ziphokophelephi, futhi yini oFakazi BakaJehova abayigwema ngokucophelela? (b) Kungani kuyindaba engathi sína kangaka ukuzihlukanisa nezwe?
15 Izinceku zikaJehova ziyajabula ngokuthi aziyona ingxenye yezwe, ngoba zonke izizwe zalo ziphokophele ekubhujisweni kwazo e-Armagedoni. (Daniyeli 2:44; IsAmbulo 16:14, 16; 19:11-21) Siyosinda kuleyo nhlekelele ngoba sizihlukanisile nezwe. Njengabantu abanobunye emhlabeni wonke, siyathembeka eMbusweni kaNkulunkulu wasezulwini. Yiqiniso, ngokungabi yingxenye yezwe, siba yizisulu zokuklolodelwa nokushushiswa. Nokho, maduze lokho kuzophela, njengoba leli zwe lamanje elibi elingaphansi kukaSathane lizobhujiswa phakade. Ngakolunye uhlangothi, labo abakhonza uJehova bayophila phakade ezweni lakhe elisha elingaphansi koMbuso kaNkulunkulu.—2 Petru 3:10-13; 1 Johane 2:15-17.
Ingxoxo Yokubukeza
• UJesu wabonisa kanjani ukuthi yini ehilelekile ‘ekungabini ingxenye yezwe’?
• AmaKristu okuqala ayenasiphi isimo sengqondo (a) ngomoya wezwe, (b) ngababusi bezwe, (c) nangokukhokha izintela?
• OFakazi BakaJehova ezikhathini zanamuhla baye babunikeza ngaziphi izindlela ubufakazi bokungathathi hlangothi kwabo kobuKristu?
[Isithombe ekhasini 165]
UJesu wachaza ukuthi yena nabalandeli bakhe ‘babengeyona ingxenye yezwe’