Isahluko 20
Isimangaliso Sesibili Lapho EseseKhana
LAPHO uJesu ebuyela esifundeni sakubo ngemva komkhankaso wokushumayela othathe isikhathi eside eJudiya, akaphumuli. Kunalokho, uqala inkonzo enkulu ngisho nangokwengeziwe eGalile, izwe akhulela kulo. Kodwa abafundi bakhe, kunokuba bahlale naye, babuyela ekhaya emikhayeni yabo nasemisebenzini yabo yangaphambili.
Isiphi isigijimi uJesu aqala ukusishumayela? Yilesi: “Umbuso kaNkulunkulu ususondele; phendukani, nikholwe yivangeli.” Futhi basabela kanjani? AbaseGalile bayamemukela uJesu. Bonke bayamdumisa. Nokho, lokhu akubangelwa ngokukhethekile isigijimi sakhe, kodwa kunalokho, kungenxa yokuthi abaningi babo babesePhasikeni eJerusalema ezinyangeni ezidlule futhi babona izibonakaliso ezinkulu azenza.
Ngokusobala uJesu uqala inkonzo yakhe enkulu yaseGalile eKhana. Ngaphambili, uzokhumbula ukuthi, lapho ebuya evela eJudiya, waphendula amanzi aba yiwayini edilini lomshado elalilapho. Kulesenzakalo sesibili, umntwana wenduna yeNkosi uHerode Antipase ugula kakhulu. Lapho sizwa ukuthi uJesu ufikile eKhana evela eJudiya, lesikhulu sihamba yonke lendlela sisuka kwaso eKapernawume sizofuna uJesu. Igcwele usizi, lendoda iyancenga: ‘Siza uze masinyane, engakafi umntanami.’
UJesu uyaphendula: ‘Buyela ekhaya. Indodana yakho iphilile! ’ Lesikhulu sikaHerode siyakholwa futhi siqala uhambo olude lokuya ekhaya. Endleleni sihlangatshezwa izinceku zayo, ebezishesha zizositshela ukuthi konke kuhamba kahle—indodana yaso isiphilile! ‘Isinde nini?’ sibuza.
‘Izolo ngo-1:00 ntambama,’ ziphendula.
Lesikhulu siphawula ukuthi leli yilo kanye ihora uJesu athé ngalo, ‘Indodana yakho iphilile!’ Ngemva kwalokho, lendoda nayo yonke indlu yayo baba ngabafundi bakaKristu.
Kanjalo iKhana walithanda njengendawo lapho uJesu enza khona izimangaliso kabili, ebonisa ukubuya kwakhe eJudiya. Yebo, lezi akuzona ukuphela kwezimangaliso azenza kuze kube yilesikhathi, kodwa zingezivelele ngoba ziphawula ukubuyela kwakhe eGalile.
UJesu manje ulibangisa ekhaya eNazaretha. Yini emlindele lapho? Johane 4:43-54; Marku 1:14, 15; Luka 4:14, 15.
▪ Lapho uJesu ebuyela eGalile, yini eyenzeka kubafundi bakhe, futhi abantu bamemukela kanjani?
▪ Isiphi isimangaliso uJesu asenzayo, futhi sibathinta kanjani labo abahilelekile?
▪ Ngaleyondlela kukanjani iKhana lithandeka kuJesu?