Isahluko 30
Uphendula Abamangaleli Bakhe
LAPHO abaholi benkolo bamaJuda bebeka uJesu icala lokwephula iSabatha, uyaphendula: “UBaba usebenza kuze kube-manje, nami ngiyasebenza.”
Naphezu kokuzisholo kwabaFarisi, umsebenzi kaJesu awuwona owohlobo olwenqatshelwa umthetho weSabatha. Umsebenzi wakhe wokushumayela nokuphulukisa uyisabelo esivela kuNkulunkulu, futhi elingisa isibonelo sikaNkulunkulu, uqhubeka ewenza nsuku zonke. Nokho, impendulo yakhe ithukuthelisa amaJuda ngisho nangokwengeziwe kunangaphambili, futhi afuna ukumbulala. Ngani?
Kungenxa yokuthi manje awakholelwa nje kuphela ukuthi uJesu uphula iSabatha kodwa babheka ukusho kwakhe ukuthi uyiNdodana kaNkulunkulu njengokuhlambalaza. Nokho, uJesu akesabi futhi uyaqhubeka ewaphendula ngokuqondene nobuhlobo bakhe obuhle noNkulunkulu. “UYise uyayithanda iNdodana,” esho, “uyikhombisa konke akwenzayo yena.”
“Njengalokhu uYise evusa abafileyo,” kuqhubeka uJesu, “abaphulukise, kanjalo neNdodana iyabaphilisa labo ethanda ukubaphilisa.” Ngempela, iNdodana isiyabavusa kakade abafileyo ngendlela engokomoya! “Ozwa izwi lami, akholwe ngongithumileyo,” kusho uJesu, “usephumile ekufeni, wangena ekuphileni.” Yebo, uyaqhubeka: “Isikhathi siyeza, sesikhona namanje, lapho abafileyo beyakulizwa izwi leNdodana kaNkulunkulu; abezwayo bayakuphila.”
Nakuba kuze kube yilesikhathi ungekho umlando obonisa ukuthi uJesu ukhona aseye wamvusa ngokoqobo kwabafileyo, utshela abamangaleli bakhe ukuthi ukuvuswa okunjalo okungokoqobo kwabafileyo kuyokwenzeka. “Ningamangali ngalokho,” esho, “ngokuba isikhathi siyeza, lapho bonke abasemathuneni beyakulizwa izwi layo [baphume].”
Kuze kube manje, uJesu ngokusobala akakaze ayichaze phambi kwabantu indima yakhe ebalulekile enjongweni kaNkulunkulu ngendlela ekhanya neqondakala kangaka. Kodwa abamangaleli bakaJesu sebenobufakazi obungaphezu kobakhe ngalezizinto. “Nina nithumele kuJohane,” uJesu uyabakhumbuza, “walifakazela iqiniso.”
Eminyakeni nje emibili ngaphambili, uJohane uMbhapathizi watshela labaholi benkolo bamaJuda ngaLowo oza emva kwakhe. Ebakhumbuza ngokwazisa kwabo okukhulu abake baba nakho ngoJohane oseboshiwe manje, uJesu uthi: “Nina-ke benithanda ukuthokoza isikhashana ekukhanyeni kwakhe.” UJesu ubakhumbuza lokhu ngethemba lokubasiza, yebo, ukubasindisa. Nokho akancikile ebufakazini bukaJohane.
“Yona lemisebenzi engiyenzayo [kuhlanganise nesimangaliso asanda kusenza], iyangifakazela ukuthi uBaba ungithumile.” Kodwa ngaphandle kwalokho, uJesu uyaqhubeka: “NoBaba ongithumileyo ufakazile ngami.” Ngokwesibonelo, uNkulunkulu wafakaza ngoJesu lapho ebhapathizwa, ethi: “Lo uyiNdodana yami ethandekayo engithokozile ngayo.”
Ngempela, abamangaleli bakaJesu abanazo izaba zokumenqaba. Yona kanye imiBhalo abathi bayayihlola ifakaza ngaye! “Uma benikholwa nguMose,” kuphetha uJesu, “beniyakukholwa yimina, ngokuba yena waloba ngami. Kodwa uma ningakholwa yimibhalo yakhe, niyakukholwa kanjani ngamazwi ami na?” Johane 5:17-47; 1:19-27; Mathewu 3:17.
▪ Kungani umsebenzi kaJesu ungewona ophula iSabatha?
▪ UJesu uyichaza kanjani indima yakhe ebalulekile enjongweni kaNkulunkulu?
▪ Ukuze abonise ukuthi uyiNdodana kaNkulunkulu, ubufakazi bukabani uJesu akhomba kubo?