-
Abafundi Abaningi Bayeka Ukulandela UJesuUmuntu Omkhulu Kunabo Bonke Owake Waphila
-
-
UJesu ufuna izilaleli zakhe ziqonde ukuthi ukudliwa kwenyama yakhe kwakuyokwenziwa ngendlela engokomfanekiso. Ngakho, ukuze agcizelele lokhu, usho okuthile nakho okungathandeki ngokwengeziwe uma kuthathwa ngendlela engokoqobo.
“Uma ningadli inyama yeNdodana yomuntu, niphuze igazi layo,” kusho uJesu, “aninakuphila phakathi kwenu. Odla inyama yami, aphuze igazi lami, unokuphila okuphakade; mina ngiyakumvusa ngomhla wokuphela.
-
-
Abafundi Abaningi Bayeka Ukulandela UJesuUmuntu Omkhulu Kunabo Bonke Owake Waphila
-
-
Yiqiniso, imfundiso kaJesu beyingazwakala icasula kakhulu ukuba ubesikisela ubuzimu. Kodwa, eqinisweni, uJesu akakhulumeli ukudla inyama noma ukuphuza igazi ngokoqobo. Umane nje ugcizelela ukuthi bonke abemukela ukuphila okuphakade kumelwe babe nokholo emhlatshelweni azowenza lapho enikela ngomzimba wakhe wobuntu ophelele futhi ethulula igazi lokuphila kwakhe.
-