Isahluko 66
EMkhosini WamaDokodo
UJESU usedumile phakathi neminyaka ecishe ibe mithathu kusukela abhapathizwa. Izinkulungwane eziningi ziye zabona izimangaliso zakhe, futhi imibiko ngemisebenzi yakhe isiye yasakazeka kulo lonke izwe. Manje, njengoba abantu bebuthanela uMkhosi WamaDokodo eJerusalema, bayamfuna khona. “Uphi yena na?” befuna ukwazi.
UJesu sekuphikiswana ngaye. “Muhle,” kusho abanye. “Qha, ngokuba udukisa abantu,” kugomela abanye. Kunezinkulumo eziningi zaloluhlobo ezikhulunyelwa phansi phakathi nezinsuku zokuqala zalomkhosi. Kodwa akekho onesibindi sokukhuluma obala amelele uJesu. Lokhu kungenxa yokuthi abantu besaba ukuziphindiselela kwabaholi bamaJuda.
Lapho umkhosi usuphakathi, uJesu uyafika. Ukhuphukela ethempelini, lapho abantu bemangazwa khona yikhono lakhe lokufundisa elimangalisayo. Njengoba uJesu engazange afunde ezikoleni zobufundisi, amaJuda ayabuza: “Lona uyazi kanjani imibhalo engafundanga na?”
“Imfundiso yami akusiyo eyami,” kuchaza uJesu, “kodwa ngeyongithumileyo. Uma umuntu ethanda ukwenza intando yakhe, uzakwazi ngemfundiso noma ivela kuNkulunkulu noma ngizikhulumela okwami.” Imfundiso kaJesu inamathela emthethweni kaNkulunkulu. Ngakho-ke, kumelwe kube sobala ukuthi ufuna udumo lukaNkulunkulu, hhayi olwakhe. “UMose kaninikanga yini umthetho na?” kubuza uJesu. Ngendlela yokubasola, uthi: “Akakho kini ogcina umthetho.”
“Nifunelani ukungibulala na?” kubuza uJesu.
Abantu abasesixukwini, ngokunokwenzeka izivakashi ezize kulomkhosi, abazi ngemizamo enjalo. Bakubheka njengokungenangqondo ukuthi ukhona ongafuna ukubulala umfundisi omangalisa kangaka. Ngakho bacabanga ukuthi kumelwe ukuba kunokuthile okuyiphutha ngoJesu ukuba acabange lokhu. “Unedemoni wena,” besho. “Ngubani ofuna ukukubulala?”
Abaholi abangamaJuda bafuna uJesu ebulewe, ngisho noma isixuku singase singakuqapheli lokho. Lapho uJesu ephulukisa indoda ethile ngeSabatha onyakeni nengxenye ngaphambili, labaholi bazama ukumbulala. Ngakho uJesu manje uveza ukungabi nangqondo kwabo ngokubabuza: “Uma umuntu amukela ukusoka ngesabatha ukuze kungeqiwa umthetho kaMose, pho, ningithukuthelela ngokuba ngaphulukisa umuntu ngokuphelele ngesabatha na? Ningahluleli ngokwamehlo, kepha yahlulelani ukwahlulela okulungileyo.”
Izakhamuzi zaseJerusalema, ezisaziyo lesisimo, manje zithi: “Lo akusiye yini abafuna ukumbulala na? Bheka, ukhuluma obala, kabasho-lutho kuye. Kungaba-ngukuthi ababusi sebazi isibili ukuthi lo unguKristu na?” Lezakhamuzi zaseJerusalema ziyachaza ukuthi kungani zingakholelwa ukuthi uJesu unguKristu: “Lo siyamazi lapho evela khona; kepha uKristu, nxa efika, akakho owazi lapho evela khona.”
UJesu uyaphendula: “Niyangazi, niyazi futhi ukuthi ngivelaphi; mina-ke angizizelanga, kodwa ongithumileyo uqinisile, eningamaziyo nina. Ngiyamazi mina, ngokuba ngivela kuye, futhi nguye ongithumileyo.” Kulokhu bazama ukumbamba, mhlawumbe ukuze bamvalele ejele noma bambulale. Kodwa abaphumeleli ngoba akukabi yisikhathi sokuba uJesu afe.
Nakuba kunjalo, abaningi baba nokholo kuJesu, njengoba eqinisweni kumelwe benze. Phela, uye wahamba phezu kwamanzi, wathulisa izivunguvungu, wathulisa izilwandle ezinesiphepho, wasuthisa ngokuyisimangaliso izinkulungwane ngezinkwa ezimbalwa nezinhlanzi, waphulukisa abagulayo, wenza izigoga zahamba, wavula amehlo ezimpumputhe, waphulukisa abanochoko, wavusa ngisho nabafile. Ngakho bayabuza: “UKristu, nxa esefikile, uyakwenza izibonakaliso eziningi kunalezo azenzileyo lona na?”
Lapho abaFarisi bezwa isixuku sivungama ngalezizinto, bona kanye nabapristi abakhulu bathumela izikhonzi ukuba zibophe uJesu. Johane 7:11-32.
▪ UJesu ufika nini emkhosini, futhi abantu bathini ngaye?
▪ Kungani abanye bengase bathi uJesu unedemoni?
▪ Izakhamuzi zaseJerusalema zinamuphi umbono ngoJesu?
▪ Kungani abaningi beba nokholo kuJesu?