“Iqiniso Liyonikhulula”
“Niyolazi iqiniso, futhi iqiniso liyonikhulula.” Washo kanjalo uJesu lapho efundisa isixuku esasisethempelini eJerusalema. (Johane 8:32) Abaphostoli bakaJesu bakwazi ukubona ngokushesha ukuthi izimfundiso zikaJesu zaziyiqiniso. Babebone intilibathwa yobufakazi bokuthi umfundisi wabo wayevela kuNkulunkulu.
NOKHO, namuhla abanye bangase bakuthole kunzima ukubona iqiniso uJesu akhuluma ngalo. Njengasezinsukwini zomprofethi u-Isaya, namuhla kunalabo “abasho okubi ukuthi kungokuhle, nokuhle ukuthi kungububi, ababeka ubumnyama bube-ngukukhanya, nokukhanya kube-ngubumnyama, babeke nokubabayo kube-ngubumtoti, nobumtoti bube-ngokubabayo.” (Isaya 5:20) Njengoba kunemibono eminingi, amafilosofi nezindlela zokuphila eziningi ezithuthukiswayo namuhla, abantu abaningi banomuzwa wokuthi yonke into inokulinganiselwa futhi ayikho into eyiqiniso.
Lapho uJesu ethi ezilalelini zakhe iqiniso laliyozikhulula, zasabela ngokuthi: “Thina siyinzalo ka-Abrahama futhi asikaze sibe izigqila zamuntu. Usho kanjani ukuthi, ‘Niyokhululeka’?” (Johane 8:33) Zazingaboni sidingo sokuba othile noma okuthile kuzikhulule. Kodwa uJesu wabe esechaza: “Ngiqinisile impela ngithi kini, Wonke umuntu ongumenzi wesono uyisigqila sesono.” (Johane 8:34) Iqiniso uJesu ayekhuluma ngalo lingavula indlela yokukhululeka esonweni. UJesu wathi: “Uma iNdodana inikhulula, niyokhululeka ngempela.” (Johane 8:36) Ngakho iqiniso elikhulula abantu yiqiniso eliphathelene noJesu Kristu, iNdodana kaNkulunkulu. Noma ubani angakhululeka esonweni nokufa uma nje eba nokholo emhlatshelweni wokuphila okuphelele kobuntu bukaJesu.
Kwesinye isenzakalo uJesu wathi: “Bangcwelise ngeqiniso; izwi lakho liyiqiniso.” (Johane 17:17) Izwi likaNkulunkulu eliseBhayibhelini liyiqiniso elingaletha ukukhululeka ezinkolelweni eziyize nasekukhulekeleni kwamanga. IBhayibheli lineqiniso ngoJesu Kristu, eliholela abantu ekubeni nokholo kuye, libavulele indlela yokuba babe nethemba eliqhakazile ngekusasa. Kuyinto enhle kakhulu ukwazi iqiniso leZwi likaNkulunkulu!
Kubaluleke kangakanani ukwazi iqiniso? Izinkolo eziningi namuhla, nakuba zithi zilandela iBhayibheli, zithonywe kakhulu amafilosofi namasiko abantu. Ngokuvamile, abaholi benkolo babonakala bekhathazeka kakhulu ngokwamukeleka kwabo kubantu kunokunemba komyalezo wabo. Abanye banomuzwa wokuthi uNkulunkulu waneliswa yinoma iluphi uhlobo lokukhulekela, uma nje luqotho. Kodwa uJesu Kristu wachaza: “Ihora liyeza futhi kuyilo manje lapho abakhulekeli beqiniso beyokhulekela khona uBaba ngomoya nangeqiniso, ngoba ngempela uBaba ufuna abanjalo ukuba bamkhulekele.”—Johane 4:23.
Uma sifuna ukukhulekela uNkulunkulu ngendlela eyamukelekayo, kumelwe silazi iqiniso. Lena indaba ebalulekile. Injabulo yethu yaphakade ixhomeke kuyo. Ngakho-ke, wonke umuntu kufanele azibuze: ‘Ingabe indlela yami yokukhulekela iyamukeleka kuNkulunkulu? Ingabe nginesithakazelo esiqotho ekufundeni iqiniso leZwi likaNkulunkulu? Noma ingabe ngesaba lokho okungase kuvezwe ukulihlola ngokucophelela?’