Imibuzo Evela Kubafundi
◼ UJesu wathi, “Ukuba beniyizimpumputhe, ngabe aninasono.” (Johane 9:41) Ingabe wayesho ukuthi abanye abantu abanasono?
Cha, bonke abantu namuhla bayizoni, njengoba babenjalo bonke ekhulwini lokuqala leminyaka, ngaphandle kukaJesu ngokwakhe. Kulamazwi avela kuJohane 9:41, uJesu wayebhekisela ohlotsheni oluthile lwesono.
Ukhokho wethu sonke uAdamu wathwesa yonke inzalo yakhe isono, UAdamu wayedalwe ephelele, engenasono. (Duteronomi 32:4; 2 Samuweli 22:31) Lapho engalaleli iziyalezo zikaJehova eziyisisekelo, uAdamu waba ongaphelele. Ukona ngokuyisisekelo kusho “ukugeja uphawu.” UAdamu wakwenza ngempela lokho. Ngakho-ke ngokweqa umyalo kaNkulunkulu, uAdamu waba isoni.
Sonke siye sathinteka ngoba sonke savela kuAdamu. Ungakufanisa ngalendlela: indoda eyazalwa inokukhubazeka okugqamile kwezici zofuzo yayingadlulisela enzalweni yayo yonke; inzalo yayingazuza lokhu kukhubazeka okufanayo njengefa. Ososayensi bosuku lwethu bangasho noma ukukhubazeka okuthile kwamachromosome kukhona embungwini noma kumntwana osanda kuzalwa, kodwa uJehova udlulela ngalé kwalokho. Wembula ukuthi ukukhubazeka okubi kakhulu kwaba khona kuAdamu nokuthi kuye kwadluliselwa kithi sonke. Lokukhubazeka kuyisono. “Isono sangena ezweni ngamuntu munye [uAdamu], nangesono kwangena ukufa, ngokunjalo ukufa kwafikela abantu bonke, lokhu bonke bonile.” (Roma 5:12) Lesimo sokona siye sasusa abantu ekuvumelaneni noMdali, ngaphezu kwalokho kwabalethela ukugula nokufa. Akukho muntu ngaphandle kukaJesu oye waba ophelele futhi okhululekile ekulahlelweni ekufeni.—Roma 5:18-21; 6:23; 2 IziKronike 6:36.
Nokho, eBhayibhelini abantu ngabanye ngezinye izikhathi babizwa ngokuthi “izoni” ngoba bebhekwa njengabenzi abavelele besono noma bohlobo olubi kakhulu lwesono. (Luka 19:2-7; Marku 2:16, 17; 14:41) Yebo,lokho akusho ukuthi bonke abanye abantu babephelele, bengenasono. Ukuba babenjalo, bebengeke baguge futhi ekugcineni bafe.
Ukulandisa okukuJohane isahluko sesi-9 kwakuhilela indoda eyayizalwe iyimpumputhe kodwa eyaphulukiswa uJesu. Lendoda yayingakwazi ukuzifundela imiBhalo, nokho yayinolwazi olulinganiselwe. Yayazi ukuthi uNkulunkulu akazilaleli izicelo zezoni zangamabomu. Iqiniso lokuthi uJehova wanikeza uJesu amandla okwenza izimangaliso ezinikeza abantu ukubona labonisa ukuthi uJesu wayengumprofethi. Nokho, abaFarisi abazidlayo benqaba ukwamukela ubufakazi obunengqondo balendoda, futhi bayikhiphela ngaphandle.—Johane 9:13-17, 26-34.
Ngemva kwalokhu, uJesu wathi: “Mina ngizele ukwahlulela kulelizwe ukuba abangaboniyo babone, nababonayo babeyizimpumputhe.” (Johane 9:39) Yebo, ngesisekelo sokushumayela kwakhe, eminye imisebenzi, nendima ezinjongweni zikaNkulunkulu, abantu ngabanye babengase bazuze ukubona okungokomoya futhi bahambe ekukhanyeni, noma babe sebumnyameni obungokomoya. (Isaya 9:1, 2; 42:6, 7; Mathewu 4:13-17; 6:23; 2 Petru 1:9; 2 Korinte 4:4) Ukuba abaholi benkolo babengamaJuda angaziswanga ngomthwalo ovamile wesono somuntu, ukungamukeli kwabo uMesiya kwakungathethelelwa. Kodwa bona, ababezisholo ukuthi ‘bayabona; noma bayaqonda, babenecala ngokukhethekile ngoba babenolwazi olwengeziwe ngoMthetho nangeZwi likaNkulunkulu eliyisiprofetho. Ngakho ukwenqaba kwabo uJesu kwakuyisono esingathi sina esasibalahla ngaphezu kokuba ukungapheleli kobuntu babo okuvamile nesono kwenza. Kanjalo, uJesu watshela abaFarisi ukuthi: “Ukuba beniyizimpumputhe, ngabe aninasono. Kepha manje nithi: Siyabona; isono senu sihlezi.”—Johane 9:41.