Umbono WeBhayibheli
Ingabe Akulungile Ukulila?
“NGAPHEZU KWALOKHO, BAFOWETHU, ASIFUNI UKUBA NIBE ABANGENALWAZI NGOKUPHATHELENE NABALELE EKUFENI; UKUZE NINGADABUKI NJENGOBA NJE KWENZA BONKE ABANYE ABANGENALO ITHEMBA.”—1 THESALONIKA 4:13.
IBHAYIBHELI lisinikeza ithemba ngabafile. Ukuvusa kukaJesu abantu kwabafileyo, kanye nezimfundiso zakhe, kukhomba esikhathini lapho abafile beyovuswa khona. (Mathewu 22:23-33; Marku 5:35, 36, 41, 42; Luka 7:12-16) Leli themba kufanele lisithinte kanjani? Amazwi omphostoli uPawulu acashunwe ngenhla abonisa ukuthi leli themba lingaduduza lapho kufa othandekayo.
Uma uke washonelwa othandekayo, akungabazeki ukuthi uye wezwa ubuhlungu obungokomzwelo obuhambisana naleyo nhlekelele. UTheresa, owashonelwa umyeni wakhe sebeneminyaka engu-42 beshadile ngokushesha ngemva kokuhlinzwa inhliziyo, uthi: “Kwakushaqisa kakhulu! Ngavele ngesaba. Ngabe sengizwa ubuhlungu obukhulu obabuqhubeka njengoba isikhathi sasihamba. Ngakhala kakhulu.” Ingabe ukusabela okunjalo kubonisa ukuntula ukholo esithembisweni sikaJehova sokuvusa abafile? Ingabe amazwi kaPawulu asho ukuthi akulungile ukulila?
Izibonelo Zokulila EBhayibhelini
Sithola impendulo yaleyo mibuzo ngokuhlola izibonelo zokulila eBhayibhelini. Ukulandisa okuningi kuthi ukufa kwelungu lomkhaya eliseduze kwakulandelwa isikhathi sokulila. (Genesise 27:41; 50:7-10; IHubo 35:14) Lokhu kulila kwakuvame ukuhambisana nomunyu.
Cabangela indlela amanye amadoda okholo alilela ngayo othandekayo ofileyo. Ngokwesibonelo, u-Abrahama wayenokholo oluqinile lokuthi uNkulunkulu angabavusa abafile. (Heberu 11:19) Ngisho noma ayeqiniseka kanje, lapho umkakhe eshona, “wafika ukumlilela uSara nokumkhalela.” (Genesise 23:1, 2) Lapho amadodana kaJakobe eqamba amanga emtshela ukuthi indodana yakhe ethandekayo uJosefa ifile, uJakobe ‘waklebhula izingubo zakhe, wamlilela.’ (Genesise 37:34, 35) Phela, eminyakeni eminingi kamuva ukucabanga ngokufa kwendodana yakhe ethandekayo kwakusamdabukisa uJakobe! (Genesise 42:36-38) INkosi uDavide nayo yadabuka obala ngokujulile ngokufa kwamadodana ayo amabili u-Amnoni no-Absalomu. Nakuba womabili ayebangele uDavide nomkhaya wakhe ukucindezeleka, ayesengamadodana akhe, futhi ukufa kwawo kwamlethela usizi olukhulu.—2 Samuweli 13:28-39; 18:33.
Ngezinye izikhathi, sonke isizwe sakwa-Israyeli sasilila, njengoba senza lapho kushone uMose. UDuteronomi 34:8 usitshela ukuthi ama-Israyeli amlilela izinsuku ezingu-30.
Ekugcineni, sinesibonelo sikaJesu Kristu. Umngane wakhe oseduze uLazaru washona. Futhi lapho uJesu ebona indlela odadewabo bakaLazaru, uMartha noMariya, nabangane babo ababekhala ngayo, “wabubula emoyeni futhi wakhathazeka.” Nakuba ayazi ukuthi wayezomvusa ngokushesha umngane wakhe, “wakhala izinyembezi.” UJesu wayebathanda abangane bakhe uMartha noMariya. Ngakho wathinteka kakhulu lapho ebona ukucindezeleka kwabo ngokushona komfowabo.—Johane 11:33-36.
U-Abrahama, uJakobe, uDavide noJesu bonke babenokholo oluqinile kuJehova nasezithembisweni zakhe, kodwa balila. Ingabe ukulila kwabo kwakuwuphawu lokuba buthakathaka ngokomoya? Ingabe usizi lwabo lwalubonisa ukuntula ukholo ovukweni? Phinde! Ukulila kuwukusabela okungokwemvelo lapho kufa othandekayo.
Isizathu Esenza Silile
Kwakungeyona injongo kaNkulunkulu ukuba isintu sife. Injongo kaJehova yasekuqaleni, njengoba yashiwo ku-Adamu no-Eva, kwakuwukuba umhlaba wenziwe ipharadesi elihle eligcwele umkhaya onothando nojabulayo. Ukufa kwakuzoba khona kuphela uma lowo mbhangqwana wokuqala ukhetha ukungamlaleli uJehova. (Genesise 1:28; 2:17) Ngokudabukisayo, u-Adamu no-Eva abalalelanga, futhi ngenxa yokungalaleli, “ukufa kwasakazekela kubantu bonke.” (Roma 5:12; 6:23) Ngakho ukufa kuyisitha esinonya okwakungahlosiwe ukuba sibe khona.—1 Korinte 15:26.
Ngakho-ke, kunengqondo ukuthi isenzakalo okungesona esingokwemvelo sokufa kothile enisondelene naye sibangela ubuhlungu obukhulu obungokomzwelo kulabo abathintekayo. Sivula isikhala esikhulu ekuphileni kwabo. UTheresa, umfelokazi okukhulunywe ngaye ngenhla, wathi ngomyeni wakhe: “Ngiyaqiniseka ukuthi ngiyobuye ngimbone ovukweni, kodwa ngiyamkhumbula kakhulu manje. Yilokho okungidabukisa kakhulu.” Ukufa komzali kungase kusikhumbuze ukuthi nathi singabafayo. Ukufa komuntu osemusha kubuhlungu ikakhulukazi ngenxa yenhlekelele yokuphila angakuphilanga ngokugcwele.—Isaya 38:10.
Yebo, ukufa akukhona okungokwemvelo. Ubuhlungu okubulethayo kufanele bulindelwe, futhi uJehova akabheki ukulila njengokuntula ukholo ovukweni. Njengoba sibona ezibonelweni zika-Abrahama, uJakobe, uDavide, isizwe sakwa-Israyeli noJesu, ukuveza ubuhlungu benhliziyo yethu akubonisi ukuthi siyantula ngokomoya.a
Noma kunjalo, nakuba ngokuqinisekile thina njengamaKristu sidabuka ngenxa yokufa, asidabuki “njengoba nje kwenza bonke abanye abangenalo ithemba.” (1 Thesalonika 4:13) Asidabuki ngokweqile ngokungenangqondo ngoba asididekile mayelana nesimo sabafile. Siyazi ukuthi abekho ezinhlungwini noma osizini kodwa basesimweni esinjengokulala zwí ubuthongo ngokuthula. (UmShumayeli 9:5; Marku 5:39; Johane 11:11-14) Futhi siqiniseka ngokugcwele ukuthi uJesu, ‘ongukuvuka nokuphila,’ uyogcwalisa isithembiso sakhe sokuvusa “bonke abasemathuneni ayisikhumbuzo.”—Johane 5:28, 29; 11:24, 25.
Ngakho, uma udabukile manje, duduzeka ngokwazi ukuthi uJehova uyabuqonda ubuhlungu obhekene nabo. Kwangathi lolu lwazi nethemba lakho ovukweni lungadambisa usizi lwakho futhi lukusize ukwazi ukubhekana nokushonelwa.
[Umbhalo waphansi]
a Ukuze uthole usizo lokubhekana nosizi, bheka amakhasi 14-19 encwajana ethi Lapho Ufelwa Othandekayo, enyatheliswa oFakazi BakaJehova.