Isahluko 14
Abafundi BakaJesu Bokuqala
NGEMVA kwezinsuku ezingu-40 esehlane, uJesu uphindela kuJohane, ombhapathizile. Njengoba esondela, ngokusobala uJohane uyamkhomba futhi uyaphawula kulabo abakhona: “Bheka, iWundlu likaNkulunkulu elisusa izono zezwe. Nguye ebengisho ngaye, ngithi: Emva kwami kuza umuntu owavela ngaphambi kwami, ngokuba wayekhona kuqala kunami.” Nakuba uJohane emdala kunomzala wakhe uJesu, uJohane uyazi ukuthi uJesu wayekhona ngaphambi kwakhe njengomuntu womoya ezulwini.
Nokho, emasontweni ambalwa ngaphambili, lapho uJesu ezobhapathizwa, ngokusobala uJohane wayengazi ngokuqinisekile ukuthi uJesu wayezoba uMesiya. “Nami bengingamazi,” kuvuma uJohane, “kodwa ukuze abonakaliswe kuIsrayeli, ngalokho ngizile ngibhapathiza ngamanzi.”
UJohane uyaqhubeka echazela abafundi bakhe okwenzeka lapho ebhapathiza uJesu: “Ngibonile uMoya ehla ezulwini njengejuba, wahlala phezu kwakhe. Nami bengingamazi, kodwa owangithuma ukubhapathiza ngamanzi wathi kimi: Lowo oyakubona uMoya ehla ahlale phezu kwakhe, nguyena obhapathiza ngoMoya oNgcwele. Mina ngibonile, ngafakaza ukuthi: Lo uyiNdodana kaNkulunkulu.”
Ngosuku olulandelayo uJohane umi nababili babafundi bakhe. Futhi, njengoba uJesu esondela, uthi: “Bheka, nanto iWundlu likaNkulunkulu.” Bezwa lokhu, labafundi ababili bakaJohane uMbhapathizi balandela uJesu. Omunye wabo nguAndreya, futhi omunye ngokusobala nguye kanye umuntu owaloba lezizinto, obizwa nangokuthi uJohane. LoJohane, ngokwalokho okuboniswayo, ungumzala futhi kaJesu, ngokusobala uyindodana kadadewabo kaMariya, uSalome.
Ephenduka futhi ebona uAndreya noJohane bemlandela, uJesu uyabuza: “Nifunani na?”
“Mfundisi,” bebuza, “uhlalaphi na?”
“Wozani nibone,” kuphendula uJesu.
Cishe sekuyihora lesine ntambama, futhi uAndreya noJohane bahlala noJesu lonke lolosuku. Kamuva uAndreya ujabula kakhulu kangangokuba uphuthuma uyolanda umfowabo, obizwa ngokuthi uPetru. “Simfumene uMesiya,” emtshela. Futhi uthatha uPetru umyisa kuJesu. Mhlawumbe uJohane ngesikhathi esifanayo uthola umfowabo uJakobe futhi umletha kuJesu; kodwa uJohane ngokungafani nabanye akakufaki lokhu kwaziswa komuntu siqu eVangelini lakhe.
Ngosuku olulandelayo, uJesu uthola uFiliphu, ongowaseBetsayida, umuzi ofanayo wenkaba ka-Andreya noPetru. Uyammema: “Ngilandele.”
UFiliphu ube esethola uNathanayeli, obizwa futhi ngokuthi uBartolomewu, futhi uthi: “ Simfumene lowo aloba ngaye emthethweni uMose kanye nabaprofethi, uJesu waseNazaretha, indodana kaJosefa.” UNathanayeli uyangabaza. “Kungase kuvele okuhle eNazaretha na?” ebuza.
“ Woza ubone,” kunxusa uFiliphu. Uma besondela kuJesu, uJesu uthi ngoNathanayeli: “Bheka, umIsrayeli uqobo okungekho-nkohliso kuye.”
“ Ungazelaphi na? ” kubuza uNathanayeli.
“Ungakabizwa nguFiliphu uphansi komkhiwane, ngakubona,” kuphendula uJesu.
UNathanayeli uyamangala. “Rabi [okusho ukuthi Mfundisi], uyiNdodana kaNkulunkulu, uyiNkosi kaIsrayeli,” esho.
“Ukholwa ngokuba ngithé kuwe ngakubona uphansi komkhiwane na? ” kubuza uJesu. “Uzakubona okukhulu kunalokho.” Khona-ke uyathembisa: “Ngiqinisile, ngiqinisile ngithi kini: Nizakubona izulu livuliwe, nezingelosi zikaNkulunkulu zenyuka, zehla phezu kweNdodana yomuntu.”
Ngokushesha okukhulu ngemva kwalokhu, uJesu, kanye nabafundi bakhe asanda kubathola bayasuka esiGodini saseJordani futhi baya eGalile. Johane 1:29-51.
▪ Bangobani abafundi bakaJesu bokuqala?
▪ UPetru, mhlawumbe noJakobe, bethulwa kanjani kuJesu?
▪ Yini eqinisekisa uNathanayeli ukuthi uJesu uyiNdodana kaNkulunkulu?