“Niqhubeke Nithela Izithelo Eziningi”
“Niqhubeke nithela izithelo eziningi futhi nizibonakalise ningabafundi bami.”—JOHANE 15:8.
1. (a) Iyiphi imfuneko yokuba umfundi uJesu akhuluma ngayo kubaphostoli bakhe? (b) Imuphi umbuzo okufanele sizibuze wona?
KWAKUWUBUSUKU obandulela ukufa kwakhe. UJesu wayezinike isikhathi esanele sokukhuthaza abaphostoli bakhe ngengxoxo ekhululekile. Kumelwe ukuba manje kwase kudlulile phakathi kwamabili, kodwa uJesu waqhubeka ekhuluma, eshukunyiswa uthando ngabangane bakhe abaseduze. Phakathi nengxoxo, wabe esebakhumbuza ngenye futhi imfuneko okwakudingeka bahlangabezane nayo ukuze bahlale bengabalandeli bakhe. Wathi: “UBaba uyakhazinyuliswa ngalokhu, ukuba niqhubeke nithela izithelo eziningi futhi nizibonakalise ningabafundi bami.” (Johane 15:8) Ingabe thina namuhla siyahlangabezana nale mfuneko yokuba umfundi? Kusho ukuthini ‘ukuthela izithelo eziningi’? Ukuze sazi, ake siphindele engxoxweni yangalobo busuku.
2. UJesu uxoxa ngamuphi umfanekiso wezithelo ngobusuku obandulela ukufa kwakhe?
2 Iseluleko sokuthela izithelo siyingxenye yomfanekiso uJesu awuxoxela abaphostoli bakhe. Wathi: “Mina ngingumvini weqiniso, uBaba ungumlimi. Wonke amagatsha akimi angatheli uyawasusa, futhi wonke athela izithelo uyawathena, ukuze athele izithelo eziningi. Nina senihlungiwe kakade ngenxa yezwi engilikhulume kini. Hlalani nimunye nami, nami ngimunye nani. Njengoba nje igatsha lingenakukwazi ukuthela izithelo ngokwalo ngaphandle kokuba lihlale emvinini, ngendlela efanayo nani aninakukwazi, ngaphandle kokuba nihlale nimunye nami. Mina ngingumvini, nina ningamagatsha. . . . UBaba uyakhazinyuliswa ngalokhu, ukuba niqhubeke nithela izithelo eziningi futhi nizibonakalise ningabafundi bami. Njengoba nje uBaba engithandile nami nginithandile, hlalani othandweni lwami. Uma nigcina imiyalo yami, niyohlala othandweni lwami.”—Johane 15:1-10.
3. Yini okumelwe abalandeli bakaJesu bayenze ukuze bathele?
3 Kulo mfanekiso uJehova unguMlimi, uJesu uwumvini, kuthi abaphostoli uJesu ayekhuluma nabo babe amagatsha. Uma nje abaphostoli babeyolwela ‘ukuhlala bemunye’ noJesu, babeyothela izithelo. UJesu wabe esechaza indlela abaphostoli ababengaphumelela ngayo ukulondoloza lobu bunye obubalulekile: “Uma nigcina imiyalo yami, niyohlala othandweni lwami.” Kamuva, umphostoli uJohane wabhalela amaKristu akholwa nawo amazwi athi awafane: “Lowo ogcina imiyalo [kaKristu] uhlala emunye naye.”a (1 Johane 2:24; 3:24) Ngakho, ngokugcina imiyalo kaKristu, abalandeli bakhe bahlala bemunye naye, futhi lobo bunye benza bakwazi ukuthela izithelo. Zinjani izithelo okudingeka sizithele?
Ithuba Lokuthuthuka
4. Yini esingayifunda ekutheni uJehova “uyawasusa” wonke amagatsha angatheli?
4 Emfanekisweni womvini, uJehova ‘uyalisusa,’ noma alinqume, igatsha lapho lingatheli. Kusitshelani lokhu? Akusitsheli nje kuphela ukuthi abafundi kudingeka bathele kodwa nokuthi bonke bangakwazi, kungakhathaliseki ukuthi zinjani izimo noma ukulinganiselwa kwabo. Bekungangqubuzana nezindlela zothando zikaJehova ‘ukususa’ umfundi kaKristu, noma ukumbheka njengongafaneleki, ngoba ehluleka ukufeza into engaphezu kwamandla akhe.—IHubo 103:14; Kolose 3:23; 1 Johane 5:3.
5. (a) Umfanekiso kaJesu ubonisa kanjani ukuthi singathuthuka ekutheleni? (b) Sizoxoxa ngaziphi izinhlobo ezimbili zezithelo?
5 Umfanekiso kaJesu womvini ubonisa nokuthi kulokho kulinganiselwa esinakho ezimweni zethu, kumelwe sifune amathuba okuthuthuka kwesikwenzayo njengabafundi. Phawula indlela uJesu akubeka ngayo: “Wonke amagatsha akimi angatheli uyawasusa, futhi wonke athela izithelo uyawathena, ukuze athele izithelo eziningi.” (Johane 15:2) Ngasekupheleni komfanekiso, uJesu wakhuthaza abalandeli bakhe ukuba bathele “izithelo eziningi.” (Ivesi 8) Kusho ukuthini lokhu? Njengabafundi, akufanele nanini sizithele ngabandayo. (IsAmbulo 3:14, 15, 19) Kunalokho, kufanele sifune izindlela zokuthuthuka ekutheleni izithelo. Hlobo luni lwezithelo okufanele silwele ukuzithela ngobuningi nakakhulu? (1) “Izithelo zomoya” (2) nezithelo zoMbuso.—Galathiya 5:22, 23; Mathewu 24:14.
Izithelo Eziyizimfanelo ZobuKristu
6. UJesu Kristu wakugcizelela kanjani ukubaluleka kwesithelo sokuqala somoya?
6 Esokuqala ‘sezithelo zomoya’ uthando. Umoya kaNkulunkulu ongcwele wakha uthando phakathi kwamaKristu, ngoba alalela umyalo uJesu awunikeza ngaphambi nje kokuba alandise lo mfanekiso womvini othela izithelo. Wathi kubaphostoli bakhe: “Ngininika umyalo omusha, wokuba nithandane.” (Johane 13:34) Empeleni, kuyo yonke ingxoxo yakhe ngalobo busuku bakhe bokugcina ephila emhlabeni, uJesu wabakhumbuza ngokuphindaphindiwe abaphostoli ngesidingo sokubonisa imfanelo yothando.—Johane 14:15, 21, 23, 24; 15:12, 13, 17.
7. Umphostoli uPetru wabonisa kanjani ukuthi ukuthela izithelo kuhlobene nokubonisa izimfanelo ezinjengezikaKristu?
7 UPetru, owayekhona ngalobo busuku, waqonda ukuthi uthando olunjengolukaKristu nezimfanelo ezihlobene nalo kumelwe kubonakale phakathi kwabafundi bangempela bakaKristu. Ngemva kweminyaka, uPetru wakhuthaza amaKristu ukuba ahlakulele izimfanelo ezinjengokuzithiba, uthando lobuzalwane nothando. Wanezela ukuthi ukwenza kanjalo kusivimbela ukuba ‘singabi abangasebenzi noma abangatheli.’ (2 Petru 1:5-8) Kungakhathaliseki izimo zethu, ukubonisa izithelo zomoya kuyinto esingayenza. Kwangathi-ke, singalwela ukulubonisa ngokugcwele nakakhulu uthando, umusa, ubumnene nezinye izimfanelo ezinjengezikaKristu ngoba “akukho mthetho omelene nezinto ezinjalo,” noma isilinganiso esibekiwe. (Galathiya 5:23) Yebo, masithele “izithelo eziningi.”
Ukuthela Izithelo ZoMbuso
8. (a) Izithelo zomoya zihlobene kanjani nezithelo zoMbuso? (b) Imuphi umbuzo okudingeka siwuphendule?
8 Izithelo ezimibalabala nezinambithekayo ziyasihlobisa isihlahla. Nokho, inzuzo yezithelo ezinjalo ingaphezulu kakhulu kokuhlobisa. Izithelo zibalulekile nasekwandiseni isitshalo ngembewu yazo. Ngokufanayo, izithelo zomoya zenza okungaphezulu kakhulu kokuhlobisa ubuntu bethu bobuKristu. Izimfanelo ezinjengothando nokholo zisishukumisela nokuba sisakaze isigijimi soMbuso esinjengembewu esitholakala eZwini likaNkulunkulu. Phawula ukuthi umphostoli uPawulu ukugcizelela kanjani lokhu kuhlobana okubalulekile. Uthi: “Nathi sibonisa ukholo [olungesinye sezithelo zomoya], ngakho-ke siyakhuluma.” (2 Korinte 4:13) UPawulu uqhubeka achaze ukuthi ngale ndlela ‘sinikela kuNkulunkulu umhlatshelo wokudumisa, okuwukuthi, isithelo sezindebe’—okuyisithelo sesibili okudingeka sisibonise. (Hebheru 13:15) Akhona yini amathuba ekuphileni kwethu okuthela nakakhulu, yebo sithele “izithelo eziningi,” njengabamemezeli boMbuso kaNkulunkulu?
9. Ingabe ukuthela izithelo kusho ukwenza abafundi? Chaza.
9 Ukuze siphendule ngokunembile, kudingeka siqale siqonde ukuthi ziyini izithelo zoMbuso. Kunembile yini ukuphetha ngokuthi ukuthela izithelo kusho ukwenza abafundi? (Mathewu 28:19) Ingabe izithelo esiyozithela ngokuyinhloko zibhekisela kubantu esibasiza ukuba babe abakhulekeli bakaJehova ababhapathiziwe? Cha. Ukube kunjalo, bekuyodumaza kakhulu kubo bonke oFakazi abathandekayo asebeneminyaka bememezela isigijimi soMbuso ngokwethembeka ezindaweni ezinabantu abangasabeli. Phela, ukube izithelo zoMbuso esizithelayo zimelelwa kuphela abafundi abasha, oFakazi abanjalo abazikhandlayo bebengafana namagatsha angatheli omfanekiso kaJesu! Cha, akunjalo. Pho, ziyini izithelo eziyinhloko zoMbuso zenkonzo yethu?
Ukuthela Ngokusakaza Imbewu YoMbuso
10. Umfanekiso kaJesu womhlwanyeli nenhlabathi ehlukahlukene ubonisa kanjani ukuthi yini eyizithelo zoMbuso nengezona?
10 Umfanekiso kaJesu womhlwanyeli nenhlabathi ehlukahlukene uveza impendulo—impendulo ekhuthazayo kulabo abashumayela ezindaweni ezingatheli. UJesu wathi imbewu iyisigijimi soMbuso esiseZwini likaNkulunkulu, futhi inhlabathi imelela inhliziyo yomuntu engokomfanekiso. Enye imbewu “yawela enhlabathini enhle, futhi, ngemva kokuhluma, yathela isithelo.” (Luka 8:8) Sithelo sini? Ngemva kokuba isiqu sikakolo sihlumile futhi sakhula, asitheli izithelo eziyiziqu zikakolo ezincane, kodwa imbewu entsha. Ngokufanayo, umKristu akatheli ngempela izithelo ezingabafundi abasha, kodwa uthela eziyimbewu entsha yoMbuso.
11. Singazichaza kanjani izithelo zoMbuso?
11 Ngakho-ke, kulokhu izithelo azibona abafundi abasha noma izimfanelo ezinhle zobuKristu. Njengoba imbewu ehlwanyelwe iyizwi loMbuso, kumelwe ukuba izithelo ziwukuphindaphindeka kaningi kwaleyo mbewu. Ukuthela izithelo kulokhu kusho ukukhuluma ngoMbuso. (Mathewu 24:14) Ingabe ukuthela lezo zithelo zoMbuso—ukumemezela izindaba ezinhle zoMbuso—kusemandleni ethu, kungakhathaliseki izimo zethu? Yebo, kunjalo! Kuwo lowo mfanekiso, uJesu uyachaza ukuthi kungani.
Ukunikela Ngokungcono Kakhulu Kwethu Ukuze Sikhazimulise UNkulunkulu
12. Ingabe ukuthela izithelo zoMbuso kusemandleni awo wonke amaKristu? Chaza.
12 UJesu wathi: ‘Lowo ohlwanyelwe enhlabathini ekahle, ukhiqiza, lona ngokuphindwe ngekhulu, lowo ngamashumi ayisithupha, lowaya ngamashumi amathathu.’ (Mathewu 13:23) Izinhlamvu ezihlwanyelwe ensimini zingase zithele ngokushiyana kuye ngezimo. Ngokufanayo, esingakwenza ekumemezeleni izindaba ezinhle kungase kushiyane, kuye ngezimo zethu, futhi uJesu wabonisa ukuthi uyakuqaphela lokhu. Abathile bangase babe namathuba amaningana; abanye bangase babe nempilo engconywana namandla amaningana. Ngakho, esikwazi ukukwenza kungase kube kuningi noma kube kuncane kunalokho abanye abakwenzayo, kodwa uma nje kungokungcono kakhulu kwethu, uJehova uyajabula. (Galathiya 6:4) Ngisho noma ukukhula ngeminyaka noma ukugula okuqeda amandla kusibekela imingcele emsebenzini wokushumayela, akungabazeki ukuthi uBaba wethu onesihawu, uJehova, usibheka njengomunye walabo ‘abaqhubeka bethela izithelo eziningi.’ Ngani? Ngoba simnika ‘konke esinakho’—inkonzo yethu yomphefumulo wonke.b—Marku 12:43, 44; Luka 10:27.
13. (a) Isiphi isizathu esiyinhloko sokuba ‘siqhubeke’ sithela izithelo zoMbuso? (b) Yini eyosisiza ukuba siqhubeke sithela izithelo emasimini angasabeli kangako? (Bheka ibhokisi ekhasini 21.)
13 Kungakhathaliseki izinga esikwazi ukuthela ngalo izithelo zoMbuso, siyoshukumiseleka ukuba ‘siqhubeke sithela izithelo’ lapho sihlala sikhumbula ukuthi kungani senza kanjalo. (Johane 15:16) UJesu washo isizathu esiyinhloko: “UBaba uyakhazinyuliswa ngalokhu, ukuba niqhubeke nithela izithelo eziningi.” (Johane 15:8) Yebo, umsebenzi wethu wokushumayela ungcwelisa igama likaJehova phambi kwaso sonke isintu. (IHubo 109:30) UHonor, uFakazi othembekile oseminyakeni yawo-70, uthi: “Ngisho nasemasimini angasabeli kangako, kuyilungelo ukumelela oPhezukonke.” Lapho uClaudio, obelokhu enguFakazi oshisekayo kusukela ngo-1974, ebuzwa ukuthi kungani eqhubeka eshumayela ngisho noma bembalwa abasabelayo ensimini yabo, wacaphuna uJohane 4:34, lapho sifunda khona amazwi kaJesu athi: “Ukudla kwami kuwukuba ngenze intando yalowo ongithumileyo nokuba ngiqede umsebenzi wakhe.” UClaudio wanezela wathi: “NjengoJesu, angifuni nje ukuwuqala kodwa futhi ngifuna nokuwuqeda umsebenzi wami njengommemezeli woMbuso.” (Johane 17:4) OFakazi BakaJehova emhlabeni wonke bayavuma.—Bheka ibhokisi elithi “Indlela ‘Yokuthela Izithelo Ngokukhuthazela,’” ekhasini 21.
Ukushumayela Nokufundisa
14. (a) Umsebenzi kaJohane uMbhapathizi nokaJesu wawunayiphi injongo ekabili? (b) Ungawuchaza kanjani umsebenzi wamaKristu namuhla?
14 Ummemezeli wokuqala woMbuso okukhulunywa ngaye emaVangelini uJohane uMbhapathizi. (Mathewu 3:1, 2; Luka 3:18) Umgomo wakhe oyinhloko kwakuwukuba “afakaze,” futhi wenza kanjalo ngokholo olusuka enhliziyweni enethemba lokuthi ‘abantu bazo zonke izinhlobo babengase bakholwe.’ (Johane 1:6, 7) Yebo, abanye uJohane ashumayela kubo baba ngabafundi bakaKristu. (Johane 1:35-37) Ngakho, uJohane wayengumshumayeli nomenzi wabafundi. UJesu naye wayengumshumayeli nomfundisi. (Mathewu 4:23; 11:1) Akumangazi-ke ukuthi uJesu wayala abalandeli bakhe ukuba bangagcini ngokushumayela isigijimi soMbuso kodwa futhi basize abantu abasamukelayo ukuba babe abafundi bakhe. (Mathewu 28:19, 20) Ngakho umsebenzi wethu namuhla uhlanganisa kokubili ukushumayela nokufundisa.
15. Kunakuphi ukufana ekusabeleni emsebenzini wokushumayela owawenziwa ekhulwini lokuqala nowenziwa namuhla?
15 Kulabo ekhulwini lokuqala C.E. abezwa uPawulu eshumayela futhi efundisa, “abanye baqala ukuzikholwa izinto ezazishiwo; abanye babengakholwa.” (IzEnzo 28:24) Namuhla, kusenokusabela okufanayo. Ngokudabukisayo, eningi yembewu yoMbuso iwela enhlabathini engatheli. Noma kunjalo, enye imbewu isawela enhlabathini enhle, imile izimpande, futhi ihlume, njengoba kwabikezela uJesu. Empeleni, emhlabeni wonke, abantu abayisilinganiso esingu-5 000 baba abafundi bangempela bakaKristu isonto ngalinye onyakeni! Laba bafundi abasha ‘bayazikholwa izinto ezishiwoyo,’ nakuba iningi labanye abantu lingazikholwa. Yini ebasiza ukuba izinhliziyo zabo zamukele isigijimi soMbuso? Ngokuvamile isithakazelo somuntu siqu esiboniswa oFakazi—ukuniselwa kwembewu esanda kuhlwanyelwa—senza umehluko. (1 Korinte 3:6) Cabangela lezi zibonelo ezimbili kuphela kweziningi.
Ukuboniswa Isithakazelo Kwenza Umehluko
16, 17. Kungani kubalulekile ukubonisa isithakazelo kulabo esihlangana nabo enkonzweni yethu?
16 UKarolien, uFakazi osemusha waseBelgium, wavakashela owesifazane osekhulile owayengabonisi sithakazelo esigijimini soMbuso. Njengoba isandla salona wesifazane sasiboshwe ngebhandishi, uKarolien nayehamba naye bacela ukusiza, kodwa owesifazane wenqaba. Ngemva kwezinsuku ezimbili labo Fakazi babuyela ekhaya lalona wesifazane bafike bambuza ukuthi usenjani. “Lokhu kwenza umehluko,” kusho uKarolien. “Kwammangaza ukubona ukuthi sinesithakazelo ngempela kuye. Wasingenisa emzini wakhe, saqala isifundo seBhayibheli.”
17 USandi, uFakazi wase-United States, naye ubonisa isithakazelo kumuntu ngamunye kulabo ashumayela kubo. Ubheka izimemezelo zezingane ezisanda kuzalwa ephephandabeni lendawo abese evakashela abazali ephethe incwadi ethi Incwadi Yami Yezindaba ZeBhayibheli.c Njengoba ngokuvamile unina wengane esuke esekhaya futhi eneqholo lokubonisa izivakashi ingane yakhe esanda kuzalwa, ngokuvamile kuqala ingxoxo. “Ngixoxa nabazali ngokubaluleka kokusondelana nosana ngokulufundela,” kuchaza uSandi. “Kamuva ngixoxa ngezinselele zokukhulisa ingane emphakathini wanamuhla.” Muva nje, ngenxa yengxoxo enjalo, umama nezingane zakhe eziyisithupha baqale ukukhonza uJehova. Ukuthatha isinyathelo nokubonisa isithakazelo kumuntu kungaholela emiphumeleni ejabulisa ngokufanayo enkonzweni yethu.
18. (a) Kungani sonke singayifinyelela imfuneko ‘yokuthela izithelo eziningi’? (b) Iyiphi imfuneko yokuba umfundi eshiwo eVangelini likaJohane ozimisele ukuyifinyelela?
18 Yeka indlela okuqinisekisa ngayo ukwazi ukuthi kusemandleni ethu ukufinyelela imfuneko ‘yokuqhubeka sithela izithelo eziningi’! Kungakhathaliseki ukuthi sibadala noma sibancane, sinempilo enhle noma engeyinhle, sishumayela emasimini asabelayo noma angasabeli kangako, sonke siyakwazi ukuthela izithelo eziningi. Kanjani? Ngokubonisa izithelo zomoya ngokugcwele nakakhulu nangokusakaza isigijimi soMbuso kaNkulunkulu ngangokusemandleni ethu. Ngesikhathi esifanayo, silwela ‘ukuhlala ezwini likaJesu’ nokuba ‘sibe nothando phakathi kwethu.’ Yebo, ngokuhlangabezana nalezi zimfuneko zokuba abafundi ezishiwo eVangelini likaJohane, siyazibonakalisa ukuthi ‘singabafundi bakaKristu ngempela.’—Johane 8:31; 13:35.
[Imibhalo yaphansi]
a Nakuba amagatsha omvini osemfanekisweni kaJesu emelela abaphostoli bakhe namanye amaKristu ayoba sezulwini eMbusweni kaNkulunkulu, umfanekiso unamaqiniso bonke abalandeli bakaKristu namuhla abangazuza kuwo.—Johane 3:16; 10:16.
b Labo abavaleleke emakhaya abo ngenxa yokuguga noma ukugula bangase bakwazi ukushumayela ngokubhala izincwadi noma, lapho kuvunyelwe, ngocingo, noma mhlawumbe bangahlanganyela izindaba ezinhle nalabo ababavakashelayo.
c Enyatheliswa oFakazi BakaJehova.
Imibuzo Yokubukeza
• Hlobo luni lwezithelo okudingeka sizithele ngobuningi nakakhulu?
• Kungani kusemandleni ethu ukufinyelela umgomo ‘wokuthela izithelo’?
• Sixoxe ngaziphi izimfuneko ezibalulekile ezintathu zokuba umfundi ezishiwo eVangelini likaJohane?
[Ibhokisi/Isithombe ekhasini 21]
INDLELA ‘YOKUTHELA IZITHELO NGOKUKHUTHAZELA’
YINI ekusiza ukuba uqhubeke ngokwethembeka ushumayela isigijimi soMbuso ensimini engasabeli kangako? Nazi ezinye zezimpendulo eziwusizo zalo mbuzo.
“Ukwazi ukuthi uJesu ungisekela ngokugcwele kungenza ngibe nombono omuhle futhi ngikhuthazele, kungakhathaliseki ukuthi kunjani ukusabela ensimini.”—UHarry, oneminyaka engu-72 ubudala; wabhapathizwa ngo-1946.
“Umbhalo weyesi-2 Korinte 2:17 uhlala ungikhuthaza. Uthi inkonzo siyenza ‘sibonwa uNkulunkulu, sikanye noKristu.’ Lapho ngisensimini, ngijabulela ukuba nabangane bami abakhulu.”—UClaudio, oneminyaka engu-43 ubudala; wabhapathizwa ngo-1974.
“Uma ngikhuluma iqiniso, umsebenzi wokushumayela unzima kimi. Nokho, ngiye ngikubone ukuba iqiniso kwamazwi akumaHubo 18:29: ‘NgoNkulunkulu wami ngingakhwela udonga.’”—UGerard, oneminyaka engu-79 ubudala; wabhapathizwa ngo-1955.
“Uma ngikwazi ukufunda umbhalo owodwa nje ensimini, kuyanganelisa ukuthi kunomuntu iBhayibheli elimhlole inhliziyo.”—U-Eleanor, oneminyaka engu-26 ubudala; wabhapathizwa ngo-1989.
“Ngihlale ngizama izingeniso ezihlukahlukene. Ziningi kakhulu kangangokuthi ngeke ngikwazi ukuzisebenzisa zonke eminyakeni esele engisazoyiphila.”—UPaul, oneminyaka engu-79 ubudala; wabhapathizwa ngo-1940.
“Angikuvumeli kungiphathe kabi ukungasabeli kahle kwabantu. Ngiye ngizame ukuba nobungane, ngixoxe nabantu futhi ngilalele umbono wabo.”—UDaniel, oneminyaka engu-75 ubudala; wabhapathizwa ngo-1946.
“Ngiye ngahlangana nabasanda kubhapathizwa abangitshela ukuthi umsebenzi wami wokushumayela waba nengxenye ekubeni kwabo ngoFakazi. Ngingazi, omunye kamuva wabafundela iBhayibheli wabasiza ukuba bathuthuke. Kuyangijabulisa ukwazi ukuthi inkonzo yethu siyifeza njengeqembu.”—UJoan, oneminyaka engu-66 ubudala; wabhapathizwa ngo-1954.
Wena-ke yini ekusiza ukuba ‘uthele izithelo ngokukhuthazela’?—Luka 8:15.
[Izithombe ekhasini 20]
Ngokubonakalisa izithelo zomoya nangokumemezela isigijimi soMbuso, sithela izithelo eziningi
[Isithombe ekhasini 23]
Wayesho ukuthini uJesu lapho etshela abaphostoli bakhe: “Qhubekani nithela izithelo eziningi”?