Isahluko 5
Ukukhulekela Kobani UNkulunkulu Akwamukelayo?
1. Yini owesifazane ongumSamariya ayefuna ukuyazi ngokukhulekela?
INGABE wake wazibuza, ‘Ukukhulekela kobani uNkulunkulu akwamukelayo?’ Kungenzeka ukuthi owesifazane othile wafikelwa umbuzo onjalo engqondweni lapho ekhuluma noJesu Kristu ngaseNtabeni iGerizimu eSamariya. Edonsela ukunakekela emehlukweni ophakathi kokukhulekela kwamaSamariya nokwamaJuda, wathi: “Okhokho bethu bakhulekela kulentaba; kodwa nina nithi iseJerusalema indawo lapho abantu kufanele bakhulekele khona.” (Johane 4:20) Ingabe uJesu watshela lona wesifazane ongumSamariya ukuthi uNkulunkulu wamukela konke ukukhulekela? Noma ingabe wathi kunezinto ezithile ezidingekayo ukuze sijabulise uNkulunkulu?
2. UJesu wathini lapho ephendula owesifazane ongumSamariya?
2 Impendulo kaJesu emangalisayo yathi: “Ihora liyeza lapho ningayikukhulekela uBaba kulentaba noma eJerusalema.” (Johane 4:21) Kwase kuyisikhathi eside amaSamariya esaba uJehova futhi ekhulekela abanye onkulunkulu eNtabeni iGerizimu. (2 AmaKhosi 17:33) Manje uJesu Kristu usethi leyondawo noma iJerusalema ngeke isabaluleka ekukhulekeleni kweqiniso.
KHULEKELA NGOMOYA NANGEQINISO
3. (a) Kungani amaSamariya ayengamazi ngempela uNkulunkulu? (b) Iyiphi indlela amaJuda athembekile kanye nabanye ababengamazi ngayo uNkulunkulu?
3 UJesu watshela lona wesifazane ongumSamariya: “Nina nikhulekela eningakwaziyo; thina sikhulekela esikwaziyo, ngoba insindiso isuka kumaJuda.” (Johane 4:22) AmaSamariya ayenemiqondo engokwenkolo engamanga futhi amukela izincwadi ezinhlanu zokuqala kuphela zeBhayibheli njengeziphefumulelwe—futhi kuphela lezo ezazisohlelweni lwawo olwalwaziwa ngokuthi iZincwadi Ezinhlanu Zokuqala ZamaSamariya. Ngakho-ke, ayengamazi ngempela uNkulunkulu. Nokho, amaJuda ayephathiswe ulwazi lwemiBhalo. (Roma 3:1, 2) ImiBhalo yayinikeza amaJuda athembekile nanoma yibaphi abanye ababeyolalela, lokho ababekudinga ukuze bamazi uNkulunkulu.
4. NgokukaJesu, yini okwakuyodingeka amaJuda namaSamariya ayenze ukuze ukukhulekela kwawo kwamukeleke kuNkulunkulu?
4 Eqinisweni, uJesu wabonisa ukuthi amaJuda namaSamariya kwakuyodingeka ashintshe indlela yawo yokukhulekela ukuze ajabulise uNkulunkulu. Wathi: “Ihora liyeza futhi kuyilo manje lapho abakhulekeli beqiniso beyokhulekela khona uBaba ngomoya nangeqiniso, ngoba ngempela uBaba ufuna abanjalo ukuba bamkhulekele. UNkulunkulu uwuMoya, futhi labo abamkhulekelayo kumelwe bakhulekele ngomoya nangeqiniso.” (Johane 4:23, 24) Kudingeka sikhulekele uNkulunkulu “ngomoya,” sishukunyiswa izinhliziyo ezigcwele ukholo nothando. Kuyinto engenzeka ukukhulekela uNkulunkulu “ngeqiniso” ngokutadisha iZwi lakhe, iBhayibheli, nangokumkhulekela ngokuvumelana neqiniso lakhe elembuliwe. Ingabe uyakushisekela ukwenza lokho?
5. (a) Kusho ukuthini “ukukhulekela”? (b) Yini okumelwe siyenze uma sifuna uNkulunkulu amukele ukukhulekela kwethu?
5 UJesu wagcizelela ukuthi uNkulunkulu ufuna ukukhulekela kweqiniso. Lokhu kubonisa ukuthi kunezindlela zokukhulekela ezingamukeleki kuJehova. Ukukhulekela uNkulunkulu kusho ukumnika udumo lwenhlonipho nokumnika inkonzo engcwele. Uma ufuna ukubonisa inhlonipho kumbusi onamandla, cishe ubuyokushisekela ukumkhonza futhi wenze obekuyomjabulisa. Khona-ke, ngokuqinisekile sifuna ukujabulisa uNkulunkulu. Ngakho-ke, esikhundleni sokumane sithi, ‘Inkolo yami iyanganelisa,’ kudingeka siqiniseke ukuthi ukukhulekela kwethu kuhlangabezana nezimfuneko zikaNkulunkulu.
UKWENZA INTANDO KABABA
6, 7. Kungani uJesu ebaphika abanye abathi bangabafundi bakhe?
6 Ake sifunde uMathewu 7:21-23 sibone ukuthi singasithola yini isici esibalulekile esinquma ukuthi konke ukukhulekela kuyamukeleka yini kuNkulunkulu noma cha. UJesu wathi: “Akuwona wonke umuntu othi kimi, ‘Nkosi, Nkosi,’ oyongena embusweni wamazulu, kodwa lowo owenza intando kaBaba osemazulwini nguye oyongena. Abaningi bayothi kimi ngalolosuku, ‘Nkosi, Nkosi, asiprofethanga yini egameni lakho, futhi saxosha amademoni [izidalwa zomoya ezonakele] egameni lakho, senza nemisebenzi eminingi yamandla egameni lakho?’ Kodwa nokho ngiyovuma kubo ngalesosikhathi: Angizange nginazi! Sukani kimi, nina zisebenzi zokungabi namthetho.”
7 Ukwamukela uJesu Kristu njengeNkosi kubalulekile ekukhulekeleni kweqiniso. Kodwa kunokuthile okuyobe kuntuleka ekukhulekeleni kwabaningi balabo abathi bangabafundi bakaJesu. Wathi abanye babeyokwenza ‘imisebenzi yamandla,’ njengaleyo okucatshangwa ukuthi ukuphulukisa ngokuyisimangaliso. Nokho, babeyohluleka ukwenza lokho uJesu ayethe kubalulekile. Babeyobe ‘bengenzi intando kaYise.’ Uma sifuna ukujabulisa uNkulunkulu, kumelwe sazi ukuthi iyini intando kaBaba bese siyenza.
ULWAZI OLUNEMBILE—ISIVIKELO
8. Ukuze senze intando kaNkulunkulu, yini efunekayo, futhi yimiphi imibono eyiphutha okumelwe siyigweme?
8 Ukuze senze intando kaNkulunkulu kudingeka sibe nolwazi olunembile ngoJehova uNkulunkulu noJesu Kristu. Ulwazi olunjalo luholela ekuphileni okumi phakade. Khona-ke, ngokuqinisekile sonke siyofuna ukuyithatha ngokungathi sína indaba yokuzuza ulwazi olunembile eZwini likaNkulunkulu, iBhayibheli. Abanye bathi asikho isidingo sokukhathazeka uma nje siqotho futhi sishiseka ekukhulekeleni kwethu. Abanye bathi, ‘Uma kukuncane okwaziyo, kuba kuncane okulindeleke kuwe.’ Nokho, iBhayibheli lisikhuthaza ukuba sandise ulwazi ngoNkulunkulu nangezinjongo zakhe.—Efesu 4:13; Filipi 1:9; Kolose 1:9.
9. Ulwazi olunembile lusivikela kanjani, futhi kungani sisidinga isivikelo esinjalo?
9 Ulwazi olunjalo luyisivikelo ekungcolisweni kokukhulekela kwethu. Umphostoli uPawulu wakhuluma ngesidalwa esithile somoya esizenza “ingelosi yokukhanya.” (2 Korinte 11:14) Njengoba sicashe ngalokho, lesi sidalwa somoya—uSathane—sizama ukusidukisa ukuze senze izinto eziphambene nentando kaNkulunkulu. Ezinye izidalwa zomoya ezihlangene noSathane nazo bezilokhu zingcolisa ukukhulekela kwabantu, ngoba uPawulu wathi: “Izinto izizwe ezizenza umhlatshelo zizenza umhlatshelo emademonini, hhayi kuNkulunkulu.” (1 Korinte 10:20) Cishe abaningi baye bacabanga ukuthi bebelokhu bekhulekela ngendlela enembile, nakuba bengenzi lokho uNkulunkulu akufunayo. Bebedukiswa ukuba baqhube ukukhulekela kwamanga okungahlanzekile. Sizofunda okwengeziwe ngoSathane namademoni akhe kamuva, kodwa lezi zitha zikaNkulunkulu bezilokhu zikungcolisa ngempela ukukhulekela kwesintu.
10. Yini obungayenza uma othile efake ushevu ngamabomu emthonjeni wakho wamanzi, futhi ulwazi olunembile lweZwi likaNkulunkulu lusenza sikwazi ukwenzani?
10 Uma wazi ukuthi othile ufake ushevu ngamabomu emthonjeni wakho wamanzi, ubungaqhubeka yini uphuza kuwo? Ngokuqinisekile, ubungathatha isinyathelo esiphuthumayo sokuthola umthombo wamanzi aphephile, nahlanzekile. Phela, ulwazi olunembile lweZwi likaNkulunkulu lusenza sikwazi ukubona inkolo yeqiniso futhi senqabe izinto ezingcolile ezenza ukukhulekela kungamukeleki kuNkulunkulu.
IMIYALO YABANTU NJENGEZIMFUNDISO
11. Yini eyayingalungile ngokukhulekela kwamaJuda amaningi?
11 Lapho uJesu esemhlabeni, amaJuda amaningi ayengenzi ngokuvumelana nolwazi olunembile ngoNkulunkulu. Ngenxa yalokho alahlekelwa ithuba lokuba nokuma okuhlanzekile phambi kukaJehova. Ngokuphathelene nawo, uPawulu wabhala: “Ngiyabafakazela ukuthi banentshiseko ngoNkulunkulu; kodwa hhayi ngokolwazi olunembile.” (Roma 10:2) Azinqumela wona indlela yokukhulekela uNkulunkulu esikhundleni sokulalela lokho ayekushilo.
12. Yini eyangcolisa ukukhulekela kuka-Israyeli, futhi kwaba namuphi umphumela?
12 Ekuqaleni ama-Israyeli ayeqhuba inkolo emsulwa ayeyinikwe uNkulunkulu, kodwa yangcoliswa izimfundiso namafilosofi abantu. (Jeremiya 8:8, 9; Malaki 2:8, 9; Luka 11:52) Nakuba abaholi benkolo bamaJuda ababaziwa ngokuthi abaFarisi babecabanga ukuthi ukukhulekela kwabo kwakwamukeleka kuNkulunkulu, uJesu wabatshela: “U-Isaya waprofetha ngokufanele ngani bazenzisi, njengoba kulotshiwe, ‘Lesisizwe singidumisa ngezindebe zaso, kodwa izinhliziyo zaso ziqhelele kude nami. Siqhubeka singikhulekela ngeze, ngoba sifundisa imiyalo yabantu njengezimfundiso.’”—Marku 7:6, 7.
13. Singenza kanjani ngendlela abaFarisi abenza ngayo?
13 Kungenzeka yini nathi senze ngendlela abaFarisi abenza ngayo? Lokhu bekungenzeka ukuba besilandela amasiko enkolo adluliselwa kithi kunokuba sihlole lokho uNkulunkulu akushilo ngokukhulekela. Exwayisa ngayo kanye lengozi, uPawulu wabhala: “Izwi eliphefumulelwe lisho ngokuqinisekile ukuthi ezinkathini zakamuva zesikhathi abanye bayokuwa okholweni, benaka amazwi aphefumulelwe adukisayo nezimfundiso zamademoni.” (1 Thimothewu 4:1) Ngakho akwanele ukuthatha ngokuthi ukukhulekela kwethu kuyamjabulisa uNkulunkulu. Njengowesifazane ongumSamariya owahlangana noJesu, kungenzeka sazuza njengefa indlela yethu yokukhulekela kubazali bethu. Kodwa kudingeka siqiniseke ukuthi senza izinto ezamukelekayo kuNkulunkulu.
QAPHELA UKUBA UNGAMTHUKUTHELISI UNKULUNKULU
14, 15. Nakuba singase siyazi intando kaNkulunkulu, kungani kudingeka siqaphele?
14 Uma singaqaphile, singase senze okuthile okungamukeleki kuNkulunkulu. Ngokwesibonelo, umphostoli uJohane wawa ezinyaweni zengelosi ‘ukuze ayikhulekele.’ Kodwa ingelosi yaxwayisa: “Qaphela! Ungakwenzi lokho! Ngimane nje ngiyisigqila esikanye nawe nabafowenu abanomsebenzi wokufakaza ngoJesu. Khulekela uNkulunkulu.” (IsAmbulo 19:10) Ingabe uyasibona-ke isidingo sokuqiniseka ukuthi ukukhulekela kwakho akungcolisiwe yinoma iluphi uhlobo lokukhonza izithombe?—1 Korinte 10:14.
15 Lapho amanye amaKristu eqala ukwenza imikhuba engokwenkolo eyayingamjabulisi uNkulunkulu, uPawulu wabuza: “Kwenzeka kanjani ukuba niphinde nibuyele ezintweni zokucathula ezibuthakathaka neziwubala nifune ukubuye nibe izigqila zazo futhi? Nigcina ngokucophelela izinsuku nezinyanga nezinkathi neminyaka. Ngiyesaba ngani, ukuthi ngandlela-thile ngiye ngakhandlekela ize ngokuqondene nani.” (Galathiya 4:8-11) Labo bantu babezuze ulwazi ngoNkulunkulu kodwa kamuva bona ngokugcina imikhuba engokwenkolo nezinsuku ezingcwele ezingamukeleki kuJehova. Njengoba uPawulu asho, kudingeka ‘siqhubeke siqinisekisa ukuthi kuyini okwamukelekayo eNkosini.’—Efesu 5:10.
16. Umbhalo kaJohane 17:16 neyoku-1 Petru 4:3 isisiza kanjani ukuba sinqume ukuthi amaholide nemikhuba ethile iyamjabulisa yini uNkulunkulu?
16 Kumelwe siqiniseke ukuthi sigwema amaholide angokwenkolo neminye imikhuba ephikisana nezimiso zikaNkulunkulu. (1 Thesalonika 5:21) Ngokwesibonelo, uJesu wathi ngabalandeli bakhe: “Abayona ingxenye yezwe, njengoba nje nami ngingeyona ingxenye yezwe.” (Johane 17:16) Ingabe inkolo okuyo iyahileleka emicimbini nasemaholidini aphikisana nesimiso sokungathathi-hlangothi ezindabeni zalelizwe? Noma ingabe abantu benkolo okuyo ngezinye izikhathi bahlanganyela emikhubeni nasemikhosini engase ihilele ukuziphatha okufana nokwachazwa umphostoli uPetru? Wabhala: “Isikhathi esidlulile sanele ngani ukuthi nayenza intando yezizwe lapho niqhubeka ezenzweni zokuziphatha okuxekethile, izinkanuko, ukweqisa ewayinini, imibuthano exokozelayo, imincintiswano yokuphuza, nokukhonza izithombe okuphambene nomthetho.”—1 Petru 4:3.
17. Kungani kufanele sigweme noma yini ebonakalisa umoya wezwe?
17 Umphostoli uJohane wagcizelela isidingo sokugwema noma imiphi imikhuba ebonisa umoya wezwe elisizungezile elingamhloniphi uNkulunkulu. UJohane wabhala: “Ningathandi izwe noma izinto ezisezweni. Uma noma ubani ethanda izwe, uthando lukaBaba alukho kuye; ngoba konke okusezweni—isifiso senyama nesifiso samehlo nokugabisa ngokokuziphilisa komuntu—akusuki kuBaba, kodwa kusuka ezweni. Ngaphezu kwalokho, izwe liyadlula kanjalo nesifiso salo, kodwa lowo owenza intando kaNkulunkulu uhlala kuze kube phakade.” (1 Johane 2:15-17) Uphawulile yini ukuthi labo ‘abenza intando kaNkulunkulu’ bayohlala kuze kube phakade? Yebo, uma senza intando kaNkulunkulu futhi sigwema imisebenzi ebonakalisa umoya walelizwe, singaba nethemba lokuphila okumi phakade!
GCINA IZINDINGANISO ZIKANKULUNKULU EZIPHAKEME
18. Abanye eKorinte babenamuphi umbono oyiphutha ngokuziphatha, futhi yini okufanele siyifunde kulokhu?
18 UNkulunkulu ufuna abakhulekeli bakhe kube abantu abenza ngokuvumelana nezindinganiso zakhe eziphakeme zokuziphatha. Abanye eKorinte lasendulo ngokuyiphutha bacabanga ukuthi uNkulunkulu wayeyobekezelela ukuziphatha okubi. Singabona indlela ababenephutha ngayo lapho sifunda eyoku-1 Korinte 6:9, 10. Ukuze sikhulekele uNkulunkulu ngendlela ayamukelayo, kumelwe simjabulise ngamazwi nangezenzo. Ingabe indlela yakho yokukhulekela ikwenza ukwazi ukwenza lokho?—Mathewu 15:8; 23:1-3.
19. Ukukhulekela kweqiniso kuyithinta kanjani indlela esiphatha ngayo abanye?
19 Indlela esisebenzelana ngayo nabanye abantu nayo kufanele ibonakalise izindinganiso zikaNkulunkulu. UJesu Kristu wasikhuthaza ukuba siphathe abanye ngendlela esingathanda basiphathe ngayo, ngoba lokhu kuyingxenye yokukhulekela kweqiniso. (Mathewu 7:12) Phawula ukuthi wabuye wathini ngokubonisa uthando lobuzalwane: “Bonke bayokwazi ngalokhu ukuthi ningabafundi bami, uma ninothando phakathi kwenu.” (Johane 13:35) Abafundi bakaJesu kumelwe bathandane futhi benze okuhle kwabakholwa nabo nakwabanye.—Galathiya 6:10.
UKUKHULEKELA NGOMPHEFUMULO WONKE
20, 21. (a) UNkulunkulu ufuna uhlobo olunjani lokukhulekela? (b) Kungani uJehova akulahla ukukhulekela kuka-Israyeli osukwini lukaMalaki?
20 Enhliziyweni yakho, ungase ufune ukukhulekela uNkulunkulu ngendlela ayamukelayo. Uma kunjalo, kumelwe ube nombono kaJehova ngokukhulekela. Umfundi uJakobe wagcizelela ukuthi umbono kaNkulunkulu obalulekile, hhayi owethu. UJakobe wathi: “Indlela yokukhulekela ehlanzekile nengangcolile ngokombono kaNkulunkulu noBaba wethu yile: ukunakekela izintandane nabafelokazi osizini lwabo, nokuba umuntu azigcine engenalo ibala elivela ezweni.” (Jakobe 1:27) Sinesifiso sokujabulisa uNkulunkulu, sonke ngabanye kudingeka sihlole ukukhulekela kwethu ukuze siqiniseke ukuthi akungcolisiwe imikhuba yokungamhloniphi uNkulunkulu noma ukuthi asishiyi okuthile akubheka njengokubalulekile.—Jakobe 1:26.
21 Ukukhulekela okuhlanzekile, komphefumulo wonke kuphela okujabulisa uJehova. (Mathewu 22:37; Kolose 3:23) Lapho isizwe sakwa-Israyeli sinikeza uNkulunkulu okungaphansi kwalokho, wathi: “Indodana idumisa uyise, nenceku inkosi yayo; uma nginguyise, kuphi ukudunyiswa kwami? Uma ngiyinkosi, kuphi ukwesatshwa kwami?” Babethukuthelisa uNkulunkulu ngokunikela kuye ngezilwane eziyizimpumputhe, eziqhugayo, nezigulayo ukuba zibe umhlatshelo, futhi wayezenqaba izenzo ezinjalo zokukhulekela. (Malaki 1:6-8) UJehova ufanelwe indlela yokukhulekela emsulwa kunazo zonke futhi wamukela ukuzinikela okukhethekile kuphela.—Eksodusi 20:5; IzAga 3:9; IsAmbulo 4:11.
22. Uma sifuna ukuba uNkulunkulu amukele ukukhulekela kwethu, yini esiyoyigwema, futhi yini esiyoyenza?
22 Owesifazane ongumSamariya owayekhuluma noJesu wayebonakala enesithakazelo ekukhulekeleni uNkulunkulu ngendlela evunyelwe ngokwaphezulu. Uma sinaleso sifiso, siyogwema zonke izimfundiso nemikhuba engcolisayo. (2 Korinte 6:14-18) Kunalokho, siyozikhandla ukuze sithole ulwazi olunembile ngoNkulunkulu futhi senze intando yakhe. Siyonamathela ngokuseduze ezimfunekweni zakhe zokukhulekela okwamukelekayo. (1 Thimothewu 2:3, 4) Yilokho kanye oFakazi BakaJehova abalwela ukukwenza, futhi bakunxusa ngokufudumele ukuba uhlanganyele nabo ekukhulekeleni uNkulunkulu “ngomoya nangeqiniso.” (Johane 4:24) UJesu wathi: “UBaba ufuna abanjalo ukuba bamkhulekele.” (Johane 4:23) Kwethenjwa ukuthi nawe ungumuntu onjalo. Njengalowaya wesifazane ongumSamariya, ngokungangabazeki ungathanda ukuthola ukuphila okumi phakade. (Johane 4:13-15) Kodwa ubona abantu beguga futhi befa. Isahluko esilandelayo siyachaza ukuthi kungani.
HLOLA ULWAZI LWAKHO
Njengoba kuboniswe kuJohane 4:23, 24, yikuphi ukukhulekela uNkulunkulu akwamukelayo?
Singanquma kanjani ukuthi imikhuba nemikhosi ethile iyamjabulisa yini uNkulunkulu noma cha?
Yiziphi ezinye izimfuneko zokukhulekela okwamukelekayo?
[Isithombe esigcwele ikhasi ekhasini 44]