Isahluko 16
Ukushisekela Ukukhulekela KukaJehova
ABAFOWABO bakaJesu ngomzali oyedwa—24amanye amadodana kaMariya—bangoJakobe, uJosefa, uSimoni, noJuda. Ngaphambi kokuba bonke laba bahambe noJesu nabafundi bakhe baye eKapernawume, okuwumuzi oseduze noLwandle LwaseGalile, mhlawumbe bama ekhaya lakubo eNazaretha ukuze lomkhaya ukwazi ukupakisha izinto oyozidinga.
Kodwa kungani uJesu eya eKapernawume kunokuba aqhubeke nenkonzo yakhe eKhana, eNazaretha, noma kwenye indawo emagqumeni aseGalile? Phakathi kokunye, iKapernawume isendaweni evelele kakhulu futhi ngokusobala ingumuzi omkhulu. Futhi, abafundi bakaJesu abaningi asanda kubathola bahlala eKapernawume noma eduze kwakhona, ngakho ngeke kudingeke ukuba bashiye amakhaya abo ukuze abaqeqeshe.
Ngesikhathi eseKapernawume, uJesu wenza imisebenzi eyisimangaliso, njengoba yena ngokwakhe ekufakazela lokho ezinyangeni ezithile kamuva. Kodwa ngokushesha uJesu nabangane bakhe basendleleni futhi. Kusentwasahlobo, futhi baya eJerusalema ukuze babe sePhasikeni lika-30 C.E. Ngesikhathi belapho, abafundi bakhe babona okuthile ngoJesu mhlawumbe abangakaze bakubone ngaphambili.
NgokoMthetho kaNkulunkulu, amaIsrayeli kudingeka enze imihlatshelo yezilwane. Ngakho, ukuze bawenzele lula, abathengisi eJerusalema bathengisa izilwane noma izinyoni ngenxa yalenjongo. Kodwa bathengisela khona kanye ethempelini, futhi bakhohlisa abantu ngokubakhokhisa kakhulu ngokwedlulele.
Egcwele intukuthelo, uJesu wenza inkalivasi ngezintambo futhi uyabaxosha labathengisi. Uchitha izimali zabashintsha imali futhi ugumbuqela amatafula abo. “Susani lokhu lapha,” ememeza kulabo abathengisa amajuba. “Ningayenzi indlu kaBaba indlu yokuthengelana.”
Uma abafundi bakaJesu bebona lokhu, bakhumbula isiprofetho ngeNdodana kaNkulunkulu esithi: “Ukushisekela indlu yakho kuyangidla.” Kodwa amaJuda ayabuza: “Usitshengisa isibonakaliso sini ukuba wenze lokhu na?” UJesu uyaphendula: “Bhidlizani lelithempeli, ngizakulivusa ngezinsuku ezintathu.”
AmaJuda acabanga ukuthi uJesu ukhuluma ngethempeli elingokoqobo, ngakho ayabuza: “Lelithempeli kwaba-yiminyaka engamashumi amane nesithupha lakhiwa, wena-ke uzakulivusa ngezinsuku ezintathu na?” Nokho, uJesu ukhuluma ngethempeli eliwumzimba wakhe. Futhi eminyakeni emithathu kamuva, ngesikhathi evuswa kwabafileyo abafundi bakhe bayawakhumbula lamazwi akhe. Johane 2:12-22; Mathewu 13:55; Luka 4:23.
▪ Ngemva komshado eKhana, yiziphi izindawo uJesu aya kuzo?
▪ Kungani uJesu ethukuthela, futhi yini ayenzayo?
▪ Yini abafundi bakaJesu abayikhumbulayo lapho bebona akwenzayo?
▪ UJesu uthini ‘ngalelithempeli,’ futhi usho ukuthini?