Indlela UJesu Akukhulisa Ngayo Ukulunga KukaNkulunkulu
“UNkulunkulu wammisa [uKristu] njengomnikelo wokuhlawulela ngokholo egazini lakhe. Lokhu kwakungenjongo yokuba abonise ukulunga kwakhe siqu.”—ROMA 3:25.
1, 2. (a) IBhayibheli lisifundisani ngesimo sesintu? (b) Imiphi imibuzo ezodingidwa kulesi sihloko?
UKULANDISA kweBhayibheli kokuvukela okwenzeka ensimini yase-Edene kwaziwa kabanzi. Sonke sibhekana nemiphumela yesono sika-Adamu njengoba ichazwe ngala mazwi: “Ngomuntu oyedwa isono sangena ezweni nokufa kwangena ngesono, futhi kanjalo ukufa kwasakazekela kubantu bonke ngenxa yokuthi bonke bonile.” (Roma 5:12) Kungakhathaliseki ukuthi sizama kangakanani ukwenza okuhle, senza amaphutha, okwenza sidinge intethelelo kaNkulunkulu. Ngisho nomphostoli uPawulu wabalisa: “Okuhle engikufisayo angikwenzi, kodwa okubi engingakufisi yikho engikwenza umkhuba. Yeka mina muntu wosizi!”—Roma 7:19, 24.
2 Ukuba kwethu nesono kuphakamisa le mibuzo ebalulekile: Kwenzeka kanjani ukuba uJesu waseNazaretha azalwe engenaso isono esizuzwa ngefa, futhi kungani abhapathizwa? Inkambo kaJesu yokuphila yakukhulisa kanjani ukulunga kukaJehova? Okubaluleke nakakhulu, ukufa kukaKristu kwafezani?
Ukulunga KukaNkulunkulu Kwabekelwa Inselele
3. USathane wamkhohlisa kanjani u-Eva?
3 Abazali bethu bokuqala, u-Adamu no-Eva, baba yiziwula benqaba ubukhosi bukaNkulunkulu bakhetha ukubuswa “inyoka yokuqala, lowo obizwa ngokuthi uDeveli noSathane.” (IsAm. 12:9) Ake sibone ukuthi kwenzeka kanjani lokhu. USathane wangabaza ukulunga kwendlela kaJehova uNkulunkulu yokubusa. Lokhu wakwenza ngokubuza u-Eva: “Ingabe uNkulunkulu ushilo ngempela ukuthi akumelwe nidle kuyo yonke imithi yensimu?” U-Eva wawuphinda umyalo kaNkulunkulu owawucacile wokuthi umuthi owodwa vo okwakungafanele bawuthinte ukuze bangafi. USathane wabe esethi uNkulunkulu uqamba amanga. Wathi: “Ngokuqinisekile ngeke nife.” Waqhubeka wakhohlisa u-Eva ngokumenza akholelwe ukuthi uNkulunkulu wayebagodlela okuthile okuhle nokuthi ngokudla isithelo, wayezofana noNkulunkulu, akwazi ukuzihlukanisela okuhle nokubi.—Gen. 3:1-5.
4. Kwenzeka kanjani ukuba abantu babuswe imbangi kaNkulunkulu uSathane?
4 Empeleni, uSathane wayesikisela ukuthi abantu babeyojabula kakhudlwana uma bezibusa. Kunokuba asekele ubukhosi bukaNkulunkulu bokulunga, u-Adamu walalela umkakhe naye wadla isithelo esasinqatshelwe. Ngakho, u-Adamu walahla ukuba kwakhe ophelele phambi kukaJehova futhi wasifaka ejokeni elibuhlungu lesono nokufa. Ngesikhathi esifanayo, abantu baba ngaphansi kokubusa kwembangi kaNkulunkulu, uSathane, “unkulunkulu walelizwe.”—2 Kor. 4:4, iBhayibheli lesiZulu elivamile; Roma 7:14.
5. (a) UJehova waligcwalisa kanjani izwi lakhe? (b) Iliphi ithemba uNkulunkulu alinikeza inzalo ka-Adamu no-Eva?
5 Njengoba izwi likaNkulunkulu lingashayi phansi, uJehova wabagwebela ukufa u-Adamu no-Eva. (Gen. 3:16-19) Ingabe lokhu kwakusho ukuthi injongo kaNkulunkulu isibhuntshile? Lutho neze! Lapho egweba u-Adamu no-Eva, uJehova wanika inzalo yabo eyayisazoba khona inhlansi yethemba. Wakwenza lokhu ngokusho injongo yakhe yokuveza “inzalo” uSathane ayeyoyilimaza esithendeni. Nokho, leyo Nzalo ethenjisiwe yayiyolulama kulelo nxeba elisesithendeni futhi ‘yayiyolimaza uSathane ekhanda.’ (Gen. 3:15) IBhayibheli licacisa le ndaba ngokusho lokhu ngoJesu Kristu: “INdodana kaNkulunkulu yabonakaliswa ngenxa yale njongo, okungukuthi, ukuzobhidliza imisebenzi kaDeveli.” (1 Joh. 3:8) Kodwa ukuziphatha nokufa kukaJesu kwakukhulisa kanjani ukulunga kukaNkulunkulu?
Okushiwo Ubhapathizo LukaJesu
6. Sazi kanjani ukuthi uJesu akazange azuze isono sika-Adamu?
6 Lapho esekhulile, uJesu kwakufanele alingane ncamashi no-Adamu owake waba ophelele. (Roma 5:14; 1 Kor. 15:45) Lokhu kwakusho ukuthi uJesu kwakufanele azalwe ephelele. Kwakungenzeka kanjani lokho? Ingelosi uGabriyeli yanikeza unina kaJesu, uMariya, le ncazelo ecacile: “Umoya ongcwele uzokwehlela phezu kwakho, amandla oPhezukonke akusibekele. Ngenxa yaleso sizathu, lokho okuzelwe kuyobizwa ngokuthi kungcwele, iNdodana kaNkulunkulu.” (Luka 1:35) Kumelwe ukuba uMariya wachazela uJesu esemncane amaqiniso athile aphathelene nokuzalwa kwakhe. Yingakho ngesinye isikhathi lapho uMariya nosingayise kaJesu, uJosefa, bethola uJesu owayesemncane ethempelini likaNkulunkulu, wababuza: “Beningazi yini ukuthi kumelwe ngibe sendlini kaBaba?” (Luka 2:49) Kusobala ukuthi wazi esemncane ukuthi wayeyiNdodana kaNkulunkulu. Ngakho ukukhulisa ukulunga kukaNkulunkulu kwakubaluleke kakhulu kuye.
7. Iziphi izinto eziyigugu uJesu ayenazo?
7 UJesu wabonisa isithakazelo esijulile ezintweni ezingokomoya ngokuba khona njalo emihlanganweni yokukhulekela. Njengoba ayenengqondo ephelele, kumelwe ukuba wayekuqonda konke ayekuzwa nayekufunda emiBhalweni YesiHebheru. (Luka 4:16) Wayenenye futhi into eyigugu—umzimba ophelele owawungaba umhlatshelo wesintu. Lapho ebhapathizwa futhi ethandaza, kungenzeka ukuthi wayecabanga ngamazwi angokwesiprofetho akumaHubo 40:6-8.—Luka 3:21, funda amaHebheru 10:5-10.a
8. Kungani uJohane umBhapathizi azama ukuvimba uJesu ukuba angabhapathizwa?
8 Ekuqaleni, uJohane umBhapathizi wayefuna ukuvimba uJesu ukuba angabhapathizwa. Kungani? UJohane wayebhapathiza amaJuda ayebonakalisa ukuthi ayesephendukile ezonweni zawo eziphathelene noMthetho. Njengoba ayeyisihlobo esiseduze sikaJesu, kumelwe ukuba uJohane wayemazi ukuthi ulungile, ngakho engadinge kuphenduka. UJesu waqinisekisa uJohane ukuthi kwakufaneleka ukuba ambhapathize. Wachaza: “Ngaleyo ndlela kufanelekile ngathi ukuba sifeze konke okulungileyo.”—Math. 3:15.
9. Ukubhapathizwa kukaJesu kwakuyisibonakaliso sani?
9 Njengomuntu ophelele, uJesu wayengaphetha ngokuthi njengo-Adamu, wayenamandla okuzala abantu abaphelele. Nokho, akazange nanini abe nesifiso sekusasa elinjalo ngoba kwakungeyona intando kaJehova ngaye. UNkulunkulu wayethume uJesu emhlabeni ukuba azofeza indima yokuba iNzalo ethenjisiwe, noma uMesiya. Lokhu kwakuhlanganisa nokuba anikele ngokuphila kwakhe okuphelele njengomuntu. (Funda u-Isaya 53:5, 6, 12.) Yiqiniso, ukubhapathizwa kukaJesu kwakunencazelo ehlukile kokwethu. Kwakungahileli ukuzinikezela kuJehova, ngoba kakade wayeyingxenye yesizwe sakwa-Israyeli esasizinikezele kuNkulunkulu. Kunalokho, ukubhapathizwa kwakhe kwakuyisibonakaliso sokuziletha kwakhe ukuba enze intando kaNkulunkulu ngoMesiya njengoba ichazwe emiBhalweni.
10. Kwakuhilelani ngoJesu ukwenza intando kaNkulunkulu yokuba uMesiya, futhi wayezizwa kanjani ngalokhu?
10 Intando kaJehova ngoJesu yayihilela ukushumayela izindaba ezinhle zoMbuso kaNkulunkulu, ukwenza abafundi nokubalungiselela umsebenzi wokwenza abafundi wesikhathi esizayo. Ukuziletha kukaJesu kwakuhlanganisa nokuzimisela kwakhe ukukhuthazelela ushushiso nokufa okubuhlungu esekela ubukhosi bukaNkulunkulu bokulunga. Ngenxa yokuthi uJesu wayemthanda ngempela uYise osezulwini, wayekujabulela ukwenza intando kaNkulunkulu futhi kwamanelisa kakhulu ukunikela ngomzimba wakhe njengomhlatshelo. (Joh. 14:31) Kwamjabulisa nokwazi ukuthi wayenganikela ngenani lokuphila kwakhe okuphelele kuNkulunkulu njengesihlengo sokusithenga ebugqilini besono nokufa. Ingabe uNkulunkulu wakwamukela ukuziletha kukaJesu kuye ukuze afeze le mithwalo yemfanelo emikhulu? Yebo!
11. UJehova wabonisa kanjani ukuthi uyamamukela uJesu njengoMesiya othenjisiwe, noma uKristu?
11 Bobane abalobi bamaVangeli banikeza ubufakazi bokuthi uJehova uNkulunkulu wakusho ngokucacile ukuthi wayemamukela uJesu lapho eqeda ukubhapathizwa eMfuleni iJordani. UJohane umBhapathizi wafakaza: “Ngiboné umoya wehla njengejuba uphuma ezulwini, wahlala phezu [kukaJesu] . . . Ngikubonile lokho, futhi nginobufakazi bokuthi lo uyiNdodana kaNkulunkulu.” (Joh. 1:32-34) Ngaphezu kwalokho, kuleso senzakalo uJehova wathi: “Lo yiNdodana yami ethandekayo, engiyamukele.”—Math. 3:17; Marku 1:11; Luka 3:22.
Wathembeka Kwaze Kwaba Sekufeni
12. Yini uJesu ayenza phakathi neminyaka emithathu nengxenye ngemva kokubhapathizwa kwakhe?
12 Eminyakeni emithathu nengxenye eyalandela, uJesu wazinikela ekufundiseni abantu ngoYise nangokulunga kobukhosi bukaNkulunkulu. Ukudabula lonke iZwe Lesithembiso ngezinyawo kwakumenza akhathale, kodwa akazange avumele lutho ukuba lumyekise ukuba afakazele iqiniso ngokuphelele. (Joh. 4:6, 34; 18:37) UJesu wafundisa abanye ngoMbuso kaNkulunkulu. Ngokuphulukisa abantu ngokuyisimangaliso, ukusuthisa izixuku ezazilambile ngisho nangokuvusa abafileyo, wabonisa lokho uMbuso owawuyokwenzela isintu.—Math. 11:4, 5.
13. Yini uJesu ayifundisa ngokuphathelene nomthandazo?
13 Kunokuba azidumise ngalokho ayekufundisa nangemisebenzi yokuphulukisa ayeyenza, uJesu wasibekela isibonelo esivelele ngokuthi azithobe, ayise lonke udumo kuJehova. (Joh. 5:19; 11:41-44) UJesu wabuye wasitshela izinto ezibaluleke kakhulu okufanele sizithandazele. Imithandazo yethu kufanele ihlanganise ukucela ukuba igama likaNkulunkulu elithi Jehova “lingcweliswe,” futhi ubukhosi bukaNkulunkulu bokulunga buthathe indawo yokubusa kukaSathane okubi ukuze ‘intando yakhe yenzeke nasemhlabeni, njengasezulwini.’ (Math. 6:9, 10) UJesu wasinxusa nokuba senze ngokuvumelana naleyo mithandazo ‘ngokufuna kuqala umbuso nokulunga kukaNkulunkulu.’—Math. 6:33.
14. Nakuba uJesu ayephelele, kungani kwakungeyona neze into elula ukufeza indima yakhe enjongweni kaNkulunkulu?
14 Njengoba isikhathi sokufa kwakhe komhlatshelo sasisondela, uJesu wawuqaphela ngokwengeziwe umthwalo wemfanelo omkhulu owawusemahlombe akhe. Injongo kaYise nedumela laKhe kwakuncike ekukhuthazeleleni kwakhe ukuquliswa icala ngendlela engenabulungisa nokubulawa ngesihluku. Ezinsukwini ezinhlanu ngaphambi kokuba afe, wathandaza: “Manje umphefumulo wami ukhathazekile, ngizothini? Baba, ngisindise kuleli hora. Nokho, kungakho ngifike kuleli hora.” Ngemva kokuzwakalisa le mizwa yosizi evamile kubantu, uJesu washintsha ukucabanga kwakhe wagxila endabeni eyayibaluleke nakakhulu, wathandaza: “Baba, khazimulisa igama lakho.” UJehova wasabela ngokushesha: “Ngilikhazimulisile futhi ngizophinde ngilikhazimulise.” (Joh. 12:27, 28) Yebo, uJesu wayezimisele ukubhekana novivinyo lobuqotho olukhulu kakhulu okungekho muntu okwake kwadingeka abhekane nalo. Ngokuqinisekile, ukuzwa lawo mazwi kaYise osezulwini kwamenza waqiniseka ngempela ukuthi wayeyophumelela ekukhuliseni nasekulweleni ubukhosi bukaJehova. Nembala waphumelela!
Okwafezwa Ukufa KukaJesu
15. Ngaphambi nje kokuba afe, kungani uJesu athi: “Kufeziwe”?
15 Njengoba uJesu ayelenga esigxotsheni sokuhlushwa futhi esezophefumula okokugcina, wathi: “Kufeziwe!” (Joh. 19:30) Yeka ukuthi uJesu wafeza izinto ezinkulu kangakanani ngosizo lukaNkulunkulu phakathi neminyaka emithathu nengxenye esukela ekubhapathizweni kwakhe kuze kube sekufeni kwakhe! Lapho efa, kwaba nokuzamazama komhlaba okukhulu futhi isikhulu sebutho lamaRoma esasibheke ukubulawa kwakhe sashukumiseleka ukuba sithi: “Ngokuqinisekile lo ubeyiNdodana kaNkulunkulu.” (Math 27:54) Lesi sikhulu kumelwe ukuba sasibonile lapho uJesu egconwa ngoba ethe uyiNdodana kaNkulunkulu. Naphezu kwabo bonke ubuhlungu abhekana nabo, wagcina ubuqotho futhi wabonisa uSathane engumqambimanga omubi. USathane wabekela bonke abasekela ubukhosi bukaNkulunkulu le nselele: “Umuntu uyodela yonke into anayo ukuze asindise ukuphila kwakhe.” (Jobe 2:4, Complete Jewish Bible) Ngokwethembeka kwakhe, uJesu wabonisa ukuthi u-Adamu no-Eva babengathembeka ovivinyweni lwabo olwalulula kakhulu kunolwakhe. Okubaluleke nakakhulu, ukuphila nokufa kukaJesu kwasekela futhi kwakhulisa ukulunga kobukhosi bukaJehova. (Funda izAga 27:11.) Kukhona yini okunye okwafezwa ukufa kwakhe? Yebo!
16, 17. (a) Kungani uJehova ayengabheka ofakazi bakhe bangaphambi kobuKristu njengabalungile? (b) UJehova wakuvuza kanjani ukwethembeka kweNdodana yakhe, futhi yini iNkosi uJesu Kristu eqhubeka iyenza?
16 Izinceku zikaJehova eziningi zaphila ngaphambi kokuba uJesu eze emhlabeni. UNkulunkulu wazibheka njengezilungile futhi wazinika ithemba lovuko. (Isaya 25:8; Dan. 12:13) Kodwa isiphi isisekelo esingokomthetho uNkulunkulu ongcwele, uJehova, ayengabusisa ngaso abantu abayizoni ngendlela enhle kangaka? IBhayibheli liyachaza: “UNkulunkulu wammisa [uJesu Kristu] njengomnikelo wokuhlawulela ngokholo egazini lakhe. Lokhu kwakungenjongo yokuba abonise ukulunga kwakhe siqu, ngoba wayethethelela izono ezenzeka esikhathini esidlule ngesikhathi uNkulunkulu ebonisa unembe; ngenjongo yokuba abonise ukulunga kwakhe siqu kule nkathi yamanje, ukuze abe ngolungileyo ngisho nalapho ethi ulungile umuntu onokholo kuJesu.”—Roma 3:25, 26.b
17 UJehova wavuza uJesu ngokumvusela esikhundleni esiphakeme kunaleso ayenaso ngaphambi kokuba eze emhlabeni. Manje uyisidalwa somoya esikhazimulayo esingasenakufa. (Heb. 1:3) Njengoba engumPristi Ophakeme neNkosi, uJesu Kristu uyaqhubeka esiza abalandeli bakhe ukuba bakhulise ukulunga kukaNkulunkulu. Futhi yeka indlela esibonga ngayo ngokuthi uBaba wethu osezulwini, uJehova, unguMvuzi wabo bonke abakhulisa ukulunga kwakhe nabamkhonza ngokwethembeka belingisa iNdodana yakhe!—Funda iHubo 34:3; amaHebheru 11:6.
18. Sizoxoxa ngani esihlokweni esilandelayo?
18 Kusukela ku-Abela, bonke abantu abathembekile baba nobuhlobo obuseduze noJehova ngoba babonisa ukholo futhi bathembela eNzalweni ethenjisiwe. UJehova wayazi ukuthi iNdodana yakhe yayiyobugcina ubuqotho bayo nokuthi ukufa kwayo kwakuyoba isihlengo esiphelele ‘sesono sezwe.’ (Joh. 1:29) Ukufa kukaJesu kuzuzisa nabantu abaphila namuhla. (Roma 3:26) Ngakho, iziphi izibusiso isihlengo sikaKristu esingakulethela zona? Sizoxoxa ngazo esihlokweni esilandelayo.
[Imibhalo yaphansi]
a Kulo mBhalo, umphostoli uPawulu ucaphuna iHubo 40:6-8 ngokwenguqulo ye-Septuagint yesiGreki efaka namazwi athi “ungilungiselele umzimba.” La mazwi awatholakali emibhalweni yesandla ekhona yemiBhalo YesiHebheru.
b Bheka “Imibuzo Evela Kubafundi” emakhasini 6 no 7.
Ungaphendula Kanjani?
• Ukulunga kukaNkulunkulu kwabekelwa kanjani inselele?
• Ukubhapathizwa kukaJesu kwakuyisibonakaliso sani?
• Ukufa kukaJesu kwafezani?
[Isithombe ekhasini 9]
Uyazi yini ukuthi ukubhapathizwa kukaJesu kwakuyisibonakaliso sani?