Ukuphila NeNkonzo KaJesu
OLwandle LwaseGalile
ABAPHOSTOLI manje babuyela eGalile, njengoba ngaphambidlana uJesu ebayale ukuba benze kanjalo. Kodwa abaqiniseki ngokuthi kumelwe benzeni lapho. Ngemva kwesikhashana, uPetru utshela uTomase, uNathanayeli, uJakobe nomfowabo uJohane, nabanye abaphostoli ababili: “Ngiya kodoba.”
“Nathi sihamba nawe,” kuphendula laba abayisithupha.
Phakathi nobusuku bonke, ababambi lutho. Nokho, njengoba sekuqala ukukhanya, uJesu ubonakala ogwini, kodwa abaphostoli abaqondi ukuthi nguJesu. Uyamemeza: “Bantwana, aninakho ukudla na?”
“Qha,” bayaphendula bememeza besemanzini.
“Phonsani inetha ngakwesokunene somkhumbi, nizakuthola,” esho. Futhi lapho benza kanjalo, abakwazi ukudonsa inetha labo ngenxa yokugcwala izinhlanzi. “YiNkosi,” kumemeza uJohane. UPetru ugqoka ingubo yakhe yangenhla, uziphonsa olwandle, futhi ubhukuda cishe amamitha angamashumi ayisishiyagalolunye ukuya ogwini. Abanye abaphostoli balandela ngesikebhe esincane, bedonsa inetha eligcwele izinhlanzi.
Lapho befika ogwini, kunomlilo wamalahle, kosiwe izinhlanzi kuwo, kukhona nesinkwa. “Lethani izinhlanzi kwenizibambé manje,” kusho uJesu. UPetru uya esikebheni futhi udonsela inetha ogwini. Liqukethe izinhlanzi ezinkulu ezingu-153!
“Wozani nidle,” uJesu uyabamema.
Akekho kubo onesibindi sokubuza ukuthi, “Ungubani wena na?” ngoba bayazi ukuthi nguJesu. Lokhu kuwukubonakala kwakhe kwesikhombisa ngemva kokuvuka, futhi okwesithathu kubaphostoli njengeqembu. Manje ubaphakela ukudla kwasekuseni, enikeza ngamunye wabo isinkwa nenhlanzi.
Lapho beqeda ukudla, uJesu mhlawumbe unqekuzisa ikhanda ekhomba izinhlanzi eziningi ezidotshiwe futhi ubuza uPetru: “Simoni kaJona, uyangithanda [kunalezi, NW] na?” Mhlawumbe usho ukuthi, Ingabe uthanda ibhizinisi lokudoba ukwedlula umsebenzi engikulungiselele ukuba uwenze?
“Uyazi wena ukuthi ngiyakuthanda,” kuphendula uPetru.
“Yipha amawundlu ami,” kuphendula uJesu.
Futhi, ngokwesibili, uyabuza: “Simoni kaJona, uyangithanda na?”
“Yebo, Nkosi, uyazi wena ukuthi ngiyakuthanda,” kuphendula uPetru.
“Yalusa izimvu zami,” kuphinda kuyala uJesu.
Khona-ke, nangokwesithathu, uyabuza: “Simoni kaJona, uyangithanda na?”
Manje uPetru uselusizi. Kungenzeka uyazibuza ukuthi ingabe uJesu ungabaza ukwethembeka kwakhe. Phela, lapho kuqulwa icala lokuphila kukaJesu, uPetru kathathu waphika ukuthi uyamazi. Ngakho uPetru uthi: “Nkosi, wazi konke wena, uyazi ukuthi ngiyakuthanda.”
“Yipha izimvu zami,” kuyala uJesu ngokwesithathu.
Ngaleyondlela uJesu usebenzisa uPetru njengesibonelo sokugcizelela nakwabanye umsebenzi afuna ukuba bawenze. Ngokushesha uzohamba emhlabeni, futhi ufuna ukuba bahole ekukhonzeni labo abayongeniswa esibayeni sikaNkulunkulu.
Ngakho, njengoba uJesu aboshwa futhi wabulawa ngenxa yokwenza lokho uNkulunkulu amthuma ukuba akwenze manje wembula ukuthi uPetru uyobhekana nokuhlangenwe nakho okufanayo. “Usemusha,” uJesu uyamtshela, “wawugqoka, uhambe lapho uthanda khona; kepha nxa usumdala, uyakwelula izandla zakho, omunye akugqokise, akuyise lapho ungathandi khona.” Naphezu kokufa kokufela ukholo okulindele uPetru, uJesu uyamkhuthaza: “Ngilandele.”
Lapho ephenduka, uPetru ubona uJohane futhi uyabuza: “Nkosi, kepha lona, pho?”
“Uma ngithanda ukuba ahlale ngize ngifike,” kuphendula uJesu, “kuyini kuwe na? Wena landela mina.”
Lamazwi kaJesu aqondwa abaningi babafundi njengasho ukuthi umphostoli uJohane wayengasoze afa. Nokho, njangoba umphostoli uJohane achaza kamuva, uJesu wayengasho ukuthi wayengeke afe, kodwa uJesu wamane nje wathi: “Uma ngithanda ukuba ahlale ngize ngifike, kuyini kuwe na?” Johane 21:1-25; Mathewu 26:32; 28:7, 10.
◆ Yini ebonisa ukuthi abaphostoli abaqiniseki ngokuthi kumelwe benzeni eGalile?
◆ Abaphostoli bambona kanjani uJesu oLwandle LwaseGalile?
◆ Kukangaki manje uJesu eseye wabonakala kusukela ekuvukeni kwakhe?
◆ UJesu ukugcizelela kanjani lokho afuna abaphostoli bakwenze?
◆ UJesu uyibonisa kanjani indlela uPetru azofa ngayo?
◆ Imaphi amazwi kaJesu aqondwa kabi abaningi babafundi?