Isahluko 130
OLwandle LwaseGalile
ABAPHOSTOLI manje babuyela eGalile, njengoba ngaphambidlana uJesu ebayale ukuba benze kanjalo. Kodwa abaqiniseki ngokuthi kumelwe benzeni lapho. Ngemva kwesikhashana, uPetru utshela uTomase, uNathanayeli, uJakobe nomfowabo uJohane, nabanye abaphostoli ababili: “Ngiya kodoba.”
“Nathi sihamba nawe,” kuphendula laba abayisithupha.
Phakathi nobusuku bonke, bayehluleka ukubamba. Nokho, njengoba sekuqala ukukhanya, uJesu ubonakala ogwini, kodwa abaphostoli abaqondi ukuthi nguJesu. Uyamemeza: “Bantwana, aninakho ukudla na?”
“Qha,” bememeza ngaphesheya kwamanzi.
“Phonsani inetha ngakwesokunene somkhumbi, nizakuthola,” esho. Futhi lapho benza kanjalo, abakwazi ukudonsa inetha labo ngenxa yokugcwala izinhlanzi.
“YiNkosi,” kumemeza uJohane.
Lapho ezwa lokhu, uPetru ugqoka ingubo yakhe yangenhla, ngoba usehlubule izingubo zakhe, futhi uziphonsa olwandle. Khona-ke ubhukuda cishe amamitha angamashumi ayisishiyagalolunye ukuya ogwini. Abanye abaphostoli balandela ngesikebhe esincane, bedonsa inetha eligcwele izinhlanzi.
Lapho befika ogwini, kunomlilo wamalahle, kosiwe izinhlanzi kuwo, futhi kunesinkwa. “Lethani izinhlanzi kwenizibambé manje,” kusho uJesu. UPetru uya esikebheni futhi udonsela inetha ogwini. Liqukethe izinhlanzi ezinkulu ezingu-153!
“Wozani nidle,” uJesu uyabamema.
Akekho kubo onesibindi sokubuza ukuthi, “Ungubani wena na?” ngoba bonke bayazi ukuthi nguJesu. Lokhu kuwukubonakala kwakhe kwesikhombisa ngemva kokuvuka, futhi okwesithathu kubaphostoli njengeqembu. Manje uyabaphakela ukudla kwasekuseni, enikeza ngamunye wabo isinkwa nezinhlanzi.
Lapho beqeda ukudla, uJesu cishe ebheke izinhlanzi eziningi ezidotshiwe, ubuza uPetru: “Simoni kaJona, uyangithanda [kunalezi, NW] na?” Akungabazeki ukuthi usho ukuthi, Ingabe uthanda ibhizinisi lokudoba ukwedlula umsebenzi engikulungiselele ukuba uwenze?
“Uyazi wena ukuthi ngiyakuthanda,” kusabela uPetru.
“Yipha amawundlu ami,” kuphendula uJesu.
Futhi, ngokwesibili, uyabuza: “Simoni kaJona, uyangithanda na?”
“Yebo, Nkosi, uyazi wena ukuthi ngiyakuthanda,” kuphendula uPetru ngobuqotho.
“Yalusa izimvu zami,” uJesu uyayala futhi.
Khona-ke, nangokwesithathu, uyabuza: “Simoni kaJona, uyangithanda na?”
Manje uPetru usedumele. Kungenzeka uyazibuza ukuthi ingabe uJesu uyakungabaza yini ukwethembeka kwakhe. Kakade, lapho uJesu kuthethwa icala lokuphila kwakhe, uPetru waphika kathathu ukuthi uyamazi. Ngakho uPetru uthi: “Nkosi, wazi konke wena, uyazi ukuthi ngiyakuthanda.”
“Yipha izimvu zami,” uJesu uyala ngokwesithathu.
Ngaleyondlela uJesu usebenzisa uPetru njengesibonelo sokugcizelela nakwabanye umsebenzi afuna ukuba bawenze. Ngokushesha uzohamba emhlabeni, futhi ufuna ukuba bahole ekukhonzeni labo abayongeniswa esibayeni sikaNkulunkulu.
Njengoba uJesu aboshwa futhi wabulawa ngenxa yokwenza umsebenzi uNkulunkulu amthuma ukuba awenze, ngakho, manje wembula ukuthi uPetru uyobhekana nokuhlangenwe nakho okufanayo. “Usemusha,” uJesu uyamtshela, “wawugqoka, uhambe lapho uthanda khona; kepha nxa usumdala, uyakwelula izandla zakho, omunye akugqokise, akuyise lapho ungathandi khona.” Naphezu kokufa kokufela ukholo okulindele uPetru, uJesu uyamkhuthaza: “Ngilandele.”
Lapho ephenduka, uPetru ubona uJohane futhi uyabuza: “Nkosi, kepha lona, pho?”
“Uma ngithanda ukuba ahlale ngize ngifike,” kuphendula uJesu, “kuyini kuwe na? Wena landela mina.” Lamazwi kaJesu aqondwa abaningi babafundi njengasho ukuthi umphostoli uJohane wayengasoze afa. Nokho, njengoba umphostoli uJohane achaza kamuva, uJesu wayengasho ukuthi wayengeke afe, kodwa uJesu wayemane nje ethi: “Uma ngithanda ukuba ahlale ngize ngifike, kuyini kuwe na?”
UJohane kamuva naye wenza lokhu kuphawula okubalulekile: “Kukhona nezinye izinto eziningi azenza uJesu; uma zilotshiwe zona ngazinye, ngithi nezwe lonke lingezanele izincwadi ezingalotshwa.” Johane 21:1-25; Mathewu 26:32; 28:7, 10.
▪ Yini ebonisa ukuthi abaphostoli abaqiniseki ngokuthi kumelwe benzeni eGalile?
▪ Abaphostoli bambona kanjani uJesu oLwandle LwaseGalile?
▪ UJesu usebonakale kangaki manje kusukela ekuvukeni kwakhe?
▪ UJesu ukugcizelela kanjani lokho afuna ukuba abaphostoli bakwenze?
▪ UJesu uyibonisa kanjani indlela uPetru azofa ngayo?
▪ Imaphi amazwi kaJesu ngoJohane aqondwa kabi abaningi babafundi?