-
Funda Isifundo KuNikodemuINqabayokulinda—2002 | Febhuwari 1
-
-
Cishe ngemva kwezinyanga eziyisithupha kuphela uJesu eqale inkonzo yakhe yasemhlabeni, uNikodemu uyaqaphela ukuthi uJesu ‘njengomfundisi uvele kuNkulunkulu.’ Ehlatshwe umxhwele izimangaliso uJesu abesanda kuzenza eJerusalema ngePhasika lika-30 C.E., uNikodemu ufika sekuhlwile, ezovuma ukuthi uyakholelwa kuJesu futhi ezofunda okwengeziwe ngalo mfundisi.
-
-
Funda Isifundo KuNikodemuINqabayokulinda—2002 | Febhuwari 1
-
-
Ubuye abe nokuqonda okumangalisayo, njengoba kubonakala ekuchazeni kwakhe uJesu njengomfundisi othunywe uNkulunkulu. UNikodemu unesithakazelo ezintweni ezingokomoya, kanti uthobeke ngendlela engavamile. Yeka ukuthi kunzima kanjani ngelungu lenkantolo ephakeme yamaJuda ukuvuma ukuthi indodana yombazi ophansi ingumuntu othunywe evela kuNkulunkulu!
-
-
Funda Isifundo KuNikodemuINqabayokulinda—2002 | Febhuwari 1
-
-
Okokuqala, uJohane wathi lo mbusi ongumJuda “weza [kuJesu] ebusuku.” (Johane 3:2) Esinye isazi seBhayibheli sisikisela ukuthi: “UNikodemu weza ebusuku, hhayi ngoba esaba, kodwa ukuze agweme izixuku ezazingaphazamisa ingxoxo yakhe noJesu.” Nokho, uJohane wabhekisela kuNikodemu “njengomuntu owafika [kuJesu] ebusuku” ngomqondo ofanayo akhuluma ngawo ngoJosefa wase-Arimatheya “owayengumfundi kaJesu kodwa ozifihlile ngenxa yokwesaba kwakhe amaJuda.” (Johane 19:38, 39) Kungenzeka-ke ukuthi uNikodemu wavakashela uJesu ebusuku “ngenxa yokwesaba amaJuda,” njengoba nabanye osukwini lwakhe babengafuni lutho olubahlangisa noJesu.—Johane 7:13.
-