Benza Intando KaJehova
UFiliphu Ubhapathiza Isikhulu SaseTopiya
EGIBELE inqola yakhe, umTopiya wayesebenzisa isikhathi sakhe ngokuhlakanipha. Wayefunda ngokuzwakalayo—umkhuba owawuvamile kubantu abasohambweni ekhulwini lokuqala. Lendoda yayiyisikhulu ‘esisesikhundleni sokuphatha ngaphansi kukaKhandakhe indlovukazi yabaseTopiya.’a “Yayiphezu kwawo wonke umcebo wayo”—empeleni, yayingungqongqoshe wezezimali. Lesi sikhulu sasifunda iZwi likaNkulunkulu ukuze sithole ulwazi.—IzEnzo 8:27, 28.
Eduze kwakunomvangeli uFiliphu. Ingelosi yayimqondise kulendawo, futhi manje watshelwa: “Sondela uzihlanganise nalenqola.” (IzEnzo 8:26, 29) Singacabanga ngoFiliphu ezibuza, ‘Ubani lomuntu? Ufundani? Kungani ngiqondiswe kuye?’
Njengoba uFiliphu egijima eceleni kwenqola, wezwa umTopiya efunda lamazwi: “Njengemvu walethwa ekuhlatshweni, nanjengewundlu elingenazwi phambi komgundi walo, kanjalo akavuli umlomo wakhe. Phakathi nokuthotshiswa kwakhe ukwahlulela kwasuswa kuye. Ubani oyolandisa imininingwane yesizukulwane sakhe? Ngoba ukuphila kwakhe kuyasuswa emhlabeni.”—IzEnzo 8:32, 33.
Ngokushesha nje uFiliphu wayikhumbula lendima. Yayisembhalweni ka-Isaya. (Isaya 53:7, 8) UmTopiya kwakumxaka akufundayo. UFiliphu waqala ingxoxo ngokubuza: “Empeleni, ingabe uyakwazi lokho okufundayo?” UmTopiya waphendula: “Ngingakwazi kanjani nje ngempela, ngaphandle kokuba othile angiqondise?” Wabe esecela uFiliphu ukuba azohlala naye enqoleni yakhe.—IzEnzo 8:30, 31.
“Yini Engivimbela Ukuba Ngibhapathizwe?”
“Ngiyakuncenga,” kusho umTopiya kuFiliphu, “lomprofethi ukusho mayelana nobani lokhu? Ngaye ngokwakhe noma ngomunye umuntu othile?” (IzEnzo 8:34) Akumangalisi ukuthi umTopiya wayedidekile, ngoba kwase kuyisikhathi eside kuyimfihlakalo ukuthi ‘iwundlu,’ noma “inceku,” yesiprofetho sika-Isaya ingubani. (Isaya 53:11) Yeka ukuthi kumelwe ukuba kwacaca kanjani lokhu lapho uFiliphu ememezela “izindaba ezinhle ngoJesu” kulomTopiya! Ngemva kwesikhashana umTopiya wathi: “Bheka! Amanzi amaningi; yini engivimbela ukuba ngibhapathizwe?” UFiliphu wabe esembhapathiza ngaso leso sikhathi.—IzEnzo 8:35-38.
Ingabe lesi kwakuyisenzo sokuxhamazela? Phinde! LomTopiya wayengumproselithe enkolweni yobuJuda.b Ngakho kakade wayesengumkhulekeli kaJehova onolwazi lwemiBhalo, kuhlanganise neziprofetho zikaMesiya. Nokho, ulwazi lwakhe lwalungaphelele. Njengoba manje ayesethole lolu lwazi olubalulekile ngokuqondene nendima kaJesu Kristu, lomTopiya wayeqonda ukuthi uNkulunkulu ufunani kuye futhi wayezimisele ukukwenza. Ukubhapathizwa kwakufaneleka.—Mathewu 28:18-20; 1 Petru 3:21.
Ngemva kwalokho, “umoya kaJehova wammukisa masinyane uFiliphu.” Waqhubekela kwesinye isabelo. UmTopiya “waqhubeka ehamba endleleni yakhe ejabula.”—IzEnzo 8:39, 40.
Isifundo Kithi
Njengezinceku zikaJehova zosuku lwanamuhla, sinesibopho sokusiza abanezinhliziyo eziqotho ukuba bafunde iqiniso leZwi likaNkulunkulu. Abaningi baye baphumelela ekudluliseleni izindaba ezinhle kwabanye ngenkathi besohambweni noma kwezinye izimo ezingahleliwe. Ngenxa yomsebenzi wokushumayela ngoMbuso, unyaka ngamunye amakhulu ezinkulungwane abonisa ukuzinikezela kwawo kuJehova uNkulunkulu ngokubhapathizwa.
Yebo, abasanda kuhlanganyela akufanele bajahwe ukuba babhapathizwe. Kumelwe baqale bathole ulwazi olunembile ngoJehova uNkulunkulu nangeNdodana yakhe, uJesu Kristu. (Johane 17:3) Ngemva kwalokho kumelwe baphenduke, bashiye ukuziphatha okungalungile futhi baguquke ukuze bazivumelanise nezindinganiso zikaNkulunkulu. (IzEnzo 3:19) Lokhu kuthatha isikhathi, ikakhulukazi uma ukucabanga nokuziphatha okungalungile kuye kwagxila. Nakuba abasanda kuhlanganyela kufanele bacabange ngokuzidela okufunekayo ukuze babe abafundi abangamaKristu, kunezibusiso ezinkulu ekungeneleni ubuhlobo bokuzinikezela noJehova uNkulunkulu. (Qhathanisa noLuka 9:23; 14:25-33.) Labo abangoFakazi bakaJehova ngentshiseko baqondisa laba abasanda kuhlanganyela abanjalo enhlanganweni uNkulunkulu ayisebenzisayo ukuze afeze intando yakhe. (Mathewu 24:45-47) NjengomTopiya, laba bayojabula lapho befunda futhi bezivumelanisa nalokho uNkulunkulu akufunayo kubo.
[Imibhalo yaphansi]
a Elithi “Khandakhe” akulona igama lomuntu kodwa isiqu (esifana nesithi “Faro” nesithi “Khesari”) esasisetshenziswa ezindlovukazini zaseTopiya ngokulandelana kwazo.
b Amaproselithe kwakungabantu abangewona ama-Israyeli ababekhetha ukunamathela eMthethweni kaMose.—Levitikusi 24:22.
[Ibhokisi ekhasini 8]
Kungani Ebizwa Ngomthenwa?
Kukho konke ukulandisa okukweyezEnzo isahluko 8, umTopiya ubizwa ngokuthi “umthenwa.” Nokho, njengoba uMthetho kaMose wawungamvumeli owesilisa otheniwe ukuba angene ebandleni, ngokusobala lendoda yayingeyena umthenwa ngomqondo ongokoqobo. (Duteronomi 23:1) Igama lesiGreki elisho “umthenwa” lingabhekisela kumuntu osesikhundleni esiphakeme. Ngakho, umTopiya wayeyisikhulu esingaphansi kwendlovukazi yaseTopiya.