Amalutha Ayisihlanu Avamile—Ungakhohliswa Yiwo!
“MANINGAKHOHLISWA-MUNTU ngamazwi ayize.”a Leseluleko cishe sanikezwa eminyakeni engu-2 000 edlule futhi siseyiqiniso ngokungaguquki. Namuhla, sijikijelwa ngamazwi okunxenxa: abadlali bamabhayisikobho bethengisa ngezimonyo, abezombangazwe bekhipha imithetho, abadayisi bethengisa imikhiqizo, abefundisi bechaza imfundiso. Ezikhathini eziningi kakhulu amazwi okunxenxa abonakala ekhohlisa—efana nje namazwi ayize. Nokho, abakhohlisa kalula abantu abavamile.
Ngokuvamile lokhu kungenxa yokuthi abantu bayahluleka ukwehlukanisa iqiniso elutheni. Abafundi bokusetshenziswa komqondo basebenzisa igama elithi “ilutha” ekuchazeni noma yikuphi ukuphuma endleleni yokucabanga okuhluzekile. Kalula nje, ilutha yiphuzu elilahlekisayo noma elingahluzekile, lelo elisiphetho salo asihambisani namazwi andulelayo, noma ubufakazi obubekiwe. Nokho, amalutha anganxenxa ngokunamandla ngoba ngokuvamile adonsa kakhulu ukusabela kwemizwelo—hhayi ukucabanga.
Isihluthulelo sokugwema ukukhohliswa siwukwazi ukusebenza kwelutha. Ngakho-ke ake sibheke ayisihlanu avamile, sinombono wokulola “umqondo” wethu esiwuphiwe uNkulunkulu.—Roma 12:1.
ILUTHA LOKUQALA
Ukuhlasela Umuntu Loluhlobo lwelutha luzama ukuphikisa noma ukuveza kabi iphuzu noma amazwi anengqondo ngokuphelele ngokuhlasela ngokungadingekile umuntu owashoyo.
Cabangela isibonelo esiseBhayibhelini. UJesu Kristu wake wazama ukukhanyisela abanye ngokuqondene nokufa nokuvuka kwakhe okwakuza. Lena kwakuyimiqondo emisha nenzima ezilalelini zakhe. Kodwa kunokuba zicabangele ukubaluleka kwezimfundiso zikaJesu, abanye bahlasela uJesu ngokwakhe, bethi: “Unedemoni, uyahlanya; nimlalelelani na?”—Johane 10:20; qhathanisa nezEnzo 26:24, 25.
Yeka ukuthi kulula kanjani ukuthi othile “uyisiwula,” “uyasangana,” noma “akazi” uma esho into esingafuni ukuyizwa. Isu elifanayo liwukuhlasela umuntu ngendlela yokugudla iguma ngobuqili. Nazi izibonelo ezingokoqobo zalokhu: “Uma ubuyiqonde ngempela lendaba, ubungeke ube nalowombono” noma, “Lokho ukukholelwa ngoba nje utshelwe ukuthi ukukholelwe.”
Kodwa nakuba ukuhlasela umuntu ngokwakhe, kobuqili noma okungekhona okobuqili, kungase kwesabise futhi kunxenxe, akukuphikisi osekushiwo. Ngakho liqaphele lelilutha!
ILUTHA LESIBILI
Ukusebenzisa Igunya Loluhlobo lokwesabisa ngamazwi lufinyelelwa ngokusebenzisa ubufakazi balabo ababizwa ngokuthi ochwepheshe noma abantu abadumile. Yebo, kumane kungokwemvelo ukuba silindele iseluleko kubantu abazi okwengeziwe ngokuthile kunathi. Kodwa akukhona konke ukusebenzisa igunya okusekelwe ekucabangeni okuhluzekile.
Ake sithi udokotela wakho uyakutshela: “Unomalaleveva.” Uyaphendula: “Wazi kanjani, dokotela?” Yeka ukuthi bekuyoba okungenangqondo kangakanani ngaye ukuba athi: “Uyabona, ngingudokotela. Ngazi okuningi kakhulu ngalezinto kunawe. Yizwa mina, unomalaleveva.” Nakuba ngokunokwenzeka ukuhlahla kwakhe lesosifo kuqondile, ukucabanga ukuthi unomalaleveva ngoba nje yena esho kanjalo kuyilutha. Kungaba okunenzuzo ngokwengeziwe ngaye ukuxoxa ngamaqiniso: izimpawu zakho, imiphumela yokuhlolwa kwegazi, njalonjalo.
Esinye isibonelo sokusebenzisa igunya okwesabisayo sichazwe kuJohane 7:32-49. Lapho sifunda ukuthi izikhonzi zathunywa ukuba ziyobopha uJesu Kristu. Nokho, zahlabeka umxhwele kakhulu ngokufundisa kwakhe kangangokuthi esikhundleni sokuba zimbophe, zatshela abaphathi bazo: “Akuzange kukhulume-muntu njengokuba kukhuluma lowomuntu.” Ekuphenduleni, izitha zikaJesu zathi: “Kanti nani nidukisiwe na? Ukhona yini ezikhulwini nakubaFarisi oke wakholwa nguye na?” Phawula ukuthi awukho umzamo owenziwa wokuphikisa ukufundisa kukaJesu. Kunalokho, abaholi bamaJuda basebenzisa igunya labo siqu ‘njengochwepheshe’ eMthethweni kaMose njengesizathu sokushaya indiva noma yini uJesu ayeyishilo.
Ngokuthakazelisayo, abefundisi namuhla baziwa ngokusebenzisa amasu afanayo lapho behluleka ukufakazela ngeBhayibheli izimfundiso ezinjengoZiqu-zintathu, ukungafi komphefumulo, nesihogo somlilo.
Ukusebenzisa igunya okungasho lutho kwandile futhi kwezokukhangisa, lapho abantu abadunyiswayo ngokuvamile benikeza ubufakazi ezindimeni ezikude kakhulu nendima abangochwepheshe kuyo. Umpetha wegalofu ukukhuthaza ukuba uthenge umshini okopishela ephepheni. Umpetha webhola likanobhutshuzwayo ukhuthaza ukuthengwa kwamafuliji. Umdlali wemidlalo yeOlympic utusa uhlobo oluthile lokudla kwasekuseni okusanhlamvu. Abaningi abami futhi bacabange ukuthi mhlawumbe “amagunya” anjalo azi okuncane noma awazi lutho ngemikhiqizo ayidayisayo.
Qaphela, futhi, ukuthi ngisho nochwepheshe abasemthethweni—njenganoma ubani omunye—bangabuswa ukuthambekela kwabo. Umcwaningi ongusomaqhuzu angase athi ukubhema ugwayi akunangozi. Kodwa uma eqashwe yimboni kagwayi, ingabe ubufakazi obunjalo “bobuchwepheshe” abusoleki?
ILUTHA LESITHATHU
‘Ngena Emshungwini’ Lapha umuntu uhehwa ngemizwelo yeningi, ubandlululo, nezinkolelo. Ngokuvamile abantu bathanda ukuzifanelanisa. Sithambekela ekubeni singahambisani nomqondo wokukhuluma ngokumelene nemibono yabaningi. Lokhu kuthambekela kokubheka umbono weningi njengokuyiwo usetshenziswa ngokuphumelela kakhulu elutheni ‘lokungena emshungwini.’
Ngokwesibonelo, isikhangiso kumagazini othandwayo waseU.S. sabonisa abantu abaningi abamamathekayo, ngamunye ejabulela ingilazi yotshwala irum. Kwakunamazwi ayehambisana nesithombe athi: “Yilokho Okwenzekayo. Kulo lonke elaseMelika, abantu baphendukela . . . kuyirum.” Lokhu kuwukuhehwa okusobala kokuba ‘ungene emshungwini.’
Kodwa nakuba abanye bengase bacabange noma benze okuthile, ingabe lokho kusho ukuthi nawe kumelwe ukwenze? Ngaphandle kwalokho, umbono weningi awusona nakancane isilinganiso esithembekile seqiniso. Emakhulwini eminyaka adlule izinhlobo eziningi zemiqondo ziye zamukelwa kakhulu, kodwa kamuva zabonakala zingalungile. Nokho, ilutha lokuthi ‘ngena emshungwini’ liyaphikelela. Inhlokomo yeningi yokuthi, ‘Wonke umuntu uyakwenza!’ ishukumisela abantu ukuba basebenzise imilaliso, baphinge, bantshontshele abaqashi, futhi bakhohlise ngezintela.
Iqiniso liwukuthi, lezozinto azenziwa yiwo wonke umuntu. Futhi ngisho noma bekunjalo, lokho bekungenakuba isizathu sokuba wena ukwenze. Ngakho iseluleko esinikezwe kuEksodusi 23:2 sisebenza njengomthetho omuhle wokuziphatha: “Awuyikulandela umbimbi ukuyokwenza okubi.”
ILUTHA LESINE
Umbono Wokuthi Yilokhu Noma Lelilutha lenza lokho obekungase kube ukukhetha okuningi kube kubili kuphela. Ngokwesibonelo, umuntu angase atshelwe: ‘Kungaba ukuthi wamukela ukumpontshelwa igazi noma uzofa.’ Ngokuvamile oFakazi BakaJehova baba yizisulu zokucabanga okunjalo ngenxa yesinqumo sabo esisekelwe eBhayibhelini ‘sokuyeka igazi’ likunoma yiluphi uhlobo. (IzEnzo 15:29) Buyini ubuthaka bokucabanga ngalendlela? Kuzikhiphela ngaphandle ezinye izinto ebezingacatshangelwa. Amaqiniso abonisa ukuthi kunezindlela zokwelapha ezihlukile, futhi ukuhlinza okuningi kungenziwa ngokuphumelelayo ngaphandle kwegazi. Ngokuvamile odokotela abanekhono bayahlinza kulahleke igazi elincane kakhulu. Okunye okungenziwa kuwukusetshenziswa koketshezi olungelona igazi, izandisi zegazi.b Ngaphezu kwalokho, abaningi baye bamukela ukumpontshelwa kwegazi futhi bafa. Kunjalo nje, abaningi baye benqaba igazi futhi baphila. Ngakho iphutha embonweni wokuthi yilokhu/noma lingelikhexisa umlomo.
Ngakho uma ubhekene nombono wokuthi yilokhu/noma, zibuze, ‘Ingabe ngempela kunokukhetha okubili kuphela? Kungenzeka ukuthi kukhona okunye?’
ILUTHA LESIHLANU
Ukwenza-lula Ngokweqile Lapha amazwi noma iphuzu akukunaki okunye okumelwe kucatshangelwe, kwenza-lula ngokweqile lokho okungase kube yindaba enzima.
Kuyavunywa, akukho lutho olubi ekwenzeni-lula indaba elukhuni—othisha abahle bakwenza njalo lokhu. Kodwa ngezinye izikhathi indaba yenziwa-lula kuze kusontwe iqiniso. Ngokwesibonelo, ungase ufunde: ‘Ukukhula kwenani labantu ngokushesha kuyimbangela yobumpofu emazweni asathuthuka.’ Likhona iqiniso kulokho, kodwa akukunaki okunye okubalulekile, njengokusingatha kabi kwezombangazwe, ukuxhaphaza kwezohwebo, nezimo zezulu.
Ukwenza-lula ngokweqile kuye kwaphumela ekuqondeni kabi okuningi uma kuziwa eZwini likaNkulunkulu, iBhayibheli. Ngokwesibonelo, cabangela indaba ekuzEnzo 16:30, 31. Lapha umphathi wejele wabuza umbuzo ngensindiso. UPawulu waphendula: “Kholwa yiNkosi uJesu, yikhona uzakusindiswa.” Kulokhu abaningi baye baphetha ngokuthi khona-ke kudingeka kuphela ukwamukela uJesu ngengqondo ukuze usindiswe!
Lokhu kuwukwenza-lula ngokweqile. Yiqiniso, ukukholelwa kuJesu njengoMhlengi wethu kubalulekile. Kodwa futhi kudingekile ukukholelwa kulokho uJesu akufundisa nayala ngakho, ukuzuza ukuqonda okugcwele ngamaqiniso eBhayibheli. Lokhu kuboniswa iqiniso lokuthi uPawulu noSila kamuva “base bemshumayeza izwi likaNkulunkulu, yena [umphathi wejele] nabo bonke ababesendlini yakhe.” (IzEnzo 16:32) Insindiso futhi ihilela ukulalela. Kamuva uPawulu wakubonisa lokhu lapho ebhala ukuthi uJesu “waba-yisisusa sokusindiswa okuphakade kubo bonke abamlalelayo.”—Heberu 5:9.
Isaga sasendulo sithi: “Ongenalwazi uyakholwa ngamazwi onke, kepha oqondileyo uyaqaphela ukunyathela kwakhe.” (IzAga 14:15) Ngakho ungaweli emalutheni. Funda ukwahlukanisa phakathi kokuhlasela okufanelekile kulokho okushiwoyo nokuhlasela kokugxeka ebuntwini. Ungakhohliswa ukusebenzisa “igunya” okungenasisekelo, ukunxenxa kokuba ‘ungene emshungwini,’ umbono wokuthi yilokhu/noma, noma ukwenza-lula ngokweqe kakhulu—ikakhulukazi uma kuhileleke okuthile okubaluleke njengeqiniso elingokwenkolo. Hlola wonke amaqiniso, noma njengoba iBhayibheli likubeka, “vivinyani konke.”—1 Thesalonika 5:21.
[Imibhalo yaphansi]
a Athathwe eBhayibhelini kwabase-Efesu 5:6.
b Bheka incwajana ethi Jehovah’s Witnesses and the Question of Blood, eyakhishwa yiWatchtower Bible and Tract Society of New York, Inc.