Umbono Webhayibheli
Kungajabulisa Yini Ukukhonza UNkulunkulu?
“NGIYAKHOLELWA kuNkulunkulu futhi ngiyamthanda,” kubhala othile othi ungumKristu. “Kodwa . . . isonto lingibangela isithukuthezi.” Ingabe uzizwa ngaleyo ndlela? Iqiniso liwukuthi isithukuthezi, ukungeneliseki nokukhungatheka kuye kwenza abanye baziqambela izindlela zabo zokukhulekela uNkulunkulu.
Iphephandaba elithile lichaza lo mkhuba wokuzisungulela indlela yokukhulekela ngokuthi “inkolo yokuzenzela.” Kodwa labo abafisa ukujabulela ukukhulekela uNkulunkulu, leyo ndlela ingase ingabanelisi. Ngani? Ngenxa yokuthi ukudumazeka okwabenza bashiya amasonto abo kungase kubahlasele futhi.
Lokhu kuphakamisa umbuzo, Ingabe ukuphila ngezimfundiso zeBhayibheli kuyisicefe, akujabulisi? Lutho neze! Ngokwesibonelo, phawula amazwi omunye umhubi weBhayibheli: “Wozani sikhamuluke ngenjabulo kuJehova! . . . Ngenani, masikhulekele sikhothame; masiguqeni phambi kukaJehova uMenzi wethu.”—IHubo 95:1, 6.
Omunye umhubi weBhayibheli wahubela uJehova ngokwazisa: “Wena wedwa ungoPhezukonke emhlabeni wonke.” EmiBhalweni, uJehova ubizwa ngokuthi ‘uNkulunkulu ojabulayo,’ futhi abakhulekeli bakhe baye bayibonakalisa kaningi injabulo, ezikhathini ezidlule nanamuhla.—IHubo 83:18; 1 Thimothewu 1:11.
Isisekelo Senjabulo
Injabulo yeqiniso ekukhulekeleni kwethu isekelwe ekuqapheleni lokho uJehova akwenze ngokoqobo ukuze abonise ukuthi uyasithanda. Yini lokho? “UNkulunkulu walithanda izwe kangangokuba waze wanikela ngeNdodana yakhe ezelwe yodwa [uJesu Kristu], ukuze wonke umuntu obonisa ukholo kuyo angabhubhi kodwa abe nokuphila okuphakade.”—Johane 3:16.
Ngakho, njengoba iBhayibheli lisho, intando kaNkulunkulu iwukuba “zonke izinhlobo zabantu zisindiswe futhi zifinyelele olwazini olunembile lweqiniso.” (1 Thimothewu 2:3, 4) Lokho akusho ukwazi nje ukuthi amavesi athile eBhayibheli athini. Kunalokho, kudingeka ‘sithole umqondo’ walokho esikufundayo, okuhilela ukutadisha ngobuqotho nangokucophelela. (Mathewu 15:10) Umvuzo yilo: “Uyoluthola ulwazi ngoNkulunkulu.” Lokho kungajabulisa ngempela!—IzAga 2:1-5.
Ekhulwini lokuqala, abantu bomuzi waseBhereya eMakedoniya lasendulo bayithola leyo njabulo. Lapho umphostoli uPawulu ebafundisa izwi likaNkulunkulu, “bamukela izwi ngengqondo enokulangazela okukhulu, behlola ngokucophelela imiBhalo nsuku zonke ukuthi zinjalo yini lezi zinto.” Babengeke babe nokulangazela okunjalo ukube ukufunda kwabo imiBhalo kwakuyisicefe noma kungajabulisi.—IzEnzo 17:11.
UJesu wathi: “Bayajabula abalambele futhi bomele ukulunga, ngoba bayosuthiswa.” (Mathewu 5:6) Njengabantu abebelamba kodwa asebeqale ukudla njalo, abaningi namuhla baye bajabula lapho kuqedwa indlala yabo engokomoya. Ngakho-ke, njengabaseBhereya, “abaningi kubo [baye] baba ngamakholwa.”—IzEnzo 17:12.
Indlela Yokuphila
Abakhulekeli beqiniso bekhulu lokuqala bathatha “iNdlela,” igama elisetshenziswe kuzEnzo 9:2 ukuchaza inkambo entsha yokuphila lawo maKristu ayilandela. Namuhla, labo abafuna ukuthola injabulo ekukhulekeleni uNkulunkulu kumelwe benze okufanayo. Kudingeka bavumele amaqiniso eBhayibheli ukuba athonye indlela yabo yokucabanga nokuziphatha kwansuku zonke.
Yingakho umphostoli uPawulu anxusa abase-Efesu: “Nilahle ubuntu obudala obuvumelana nenkambo yenu yokuziphatha yangaphambili.” Kodwa kudingeka okungaphezu kwalokho, ngoba uPawulu waqhubeka: “Nigqoke ubuntu obusha obadalwa ngokwentando kaNkulunkulu ngokulunga kweqiniso nokuthembeka.”—Efesu 4:22-24.a
Lapho samukela leso seluleko, futhi senza ushintsho ekuphileni kwethu ngokuvumelana nentando kaNkulunkulu, sithola umthombo wokwaneliseka nenjabulo enkulu. Uyini lowo mthombo? UPawulu wabhalela amaKristu eKolose ethi kudingeka enze ushintsho ekuphileni kwawo “ukuze [ahambe] ngokufanele uJehova ngenjongo yokumjabulisa ngokugcwele.” (Kolose 1:10) Ngokuqinisekile, ukwazi ukuthi uNkulunkulu weqiniso uyajabula ngokuphila kwethu kuyisizathu sokujabula! Ngaphezu kwalokho, uNkulunkulu wenza sikwazi ukumjabulisa “ngokugcwele.” Kanjani? Ngokusithethelela.
Ngamunye wethu uyona; ngamunye wethu kudingeka athole intethelelo kaNkulunkulu. Njengoba kulotshwe kweyoku-1 Thimothewu 1:15, uPawulu wathi, “UKristu Jesu weza ezweni ezosindisa izoni.” Lapho uJesu enikela ngokuphila kwakhe ngenxa yethu, wasivulela ithuba lokuthola intethelelo yezono zethu. Ngakho, umkhulekeli weqiniso uthola inkululeko, ngoba wethulwa umthwalo osindayo wecala enhliziyweni yakhe. Angaba nonembeza ohlanzekile futhi angajabula ngokwazi ukuthi uma nje enza intando kaNkulunkulu ngobuqotho, izono zakhe ziyothethelelwa.
Enye Imbangela Yenjabulo
Lapho umuntu eqala ukukhulekela uNkulunkulu weqiniso, akayedwa. Umhubi weBhayibheli uDavide wabhala: “Ngajabula lapho bethi kimi: ‘Masiye endlini kaJehova.’” (IHubo 122:1) Ngempela, ukuhlangana njalo nabanye abakhulekeli beqiniso kuyandisa kakhulu injabulo yethu.
Ngemva kokuya emhlanganweni woFakazi BakaJehova, indoda ethile yabhala: “Samukelwa ngomusa futhi sasizwa ngendlela eyabonisa ukuthi bonke ababekhona ‘banobunye.’ Ukuzotha kwentsha eningi kangaka kumelwe ukuba kwakuyisizathu sokuba iziqhenye yona nabazali bayo. Ngifisa ukusho indlela engangijabule ngayo ngokumenyelwa esenzakalweni esishukumisayo nesivusa amadlingozi ngale ndlela.”
Nawe ungase uwathole ejabulisa amathuba okukhulekela uJehova, ujabule ngawo njengoba kwenza uDavide endulo. Wakhuthaza: “Khonzani uJehova ngokuthokoza. Ngenani phambi kwakhe ngokukhamuluka kwenjabulo.” (IHubo 100:2) Bonke abakhonza uNkulunkulu weqiniso ngesisusa esifanele bangalindela ukuthola injabulo ekukhulekeleni kwabo.
[Umbhalo waphansi]
a Ngokufunda eyabase-Efesu isahluko 4 neyabaseKolose isahluko 3, uyothola umbono ocacile walokho okuhilelekile ekushintsheni ubuntu.
WAKE WAZIBUZA?
◼ Siyini isisekelo sokukhulekela kweqiniso?—1 Thimothewu 2:3-6.
◼ Umhlatshelo kaKristu wesihlengo ufeza yiphi indima ekusiletheleni injabulo?—1 Thimothewu 1:15.
◼ Imihlangano yobuKristu ingaba kanjani nomthelela enjabulweni yokukhulekela?—IHubo 100:1-5.
[Isithombe ekhasini 10]
Ukuhlanganyela nabanye ekufundeni iBhayibheli kungajabulisa ngempela