“Hambahamba Ezweni”
“Hambahamba ezweni udabule ubude balo nobubanzi balo.”—GENESISE 13:17.
1. Imuphi umyalo othakazelisayo uNkulunkulu awunika u-Abrahama?
UYAKUJABULELA yini ukuhamba endaweni esemaphandleni, mhlawumbe uthathe uhambo lwempelasonto ngemoto? Abanye bathanda ukuhamba ngebhayisekile ukuze banyakazise igazi futhi babuke indawo benesikhathi sonke. Kanti abanye bathanda ukuyihamba ngezinyawo indawo ukuze bayazi futhi bayijabulele. Uhambo olunjalo ngokuvamile luba olwesikhashana. Kodwa cabanga indlela okumelwe ukuba u-Abrahama wazizwa ngayo ngemva kokuba uNkulunkulu ethe kuye: “Sukuma, hambahamba ezweni udabule ubude balo nobubanzi balo, ngoba ngiyolinika wena”!—Genesise 13:17.
2. Ngemva kokusuka eGibhithe, u-Abrahama wayaphi?
2 Cabanga ngomongo walawo mazwi. U-Abrahama wayehlale eGibhithe isikhashana nomkakhe nabanye. UGenesise isahluko 13 usitshela ukuthi basuka eGibhithe bathatha nemihlambi yabo baya “eNegebhi.” U-Abrahama wabe ‘esephuma eNegebhi wahamba ekanisa waya eBhethele.’ Lapho kuvela inkinga phakathi kwabelusi bakhe nabakaLoti, indodana yomfowabo, futhi kucaca ukuthi la madoda amabili kuzodingeka athole amadlelo ahlukene, ngomusa u-Abrahama wakhethisa uLoti kuqala. ULoti wakhetha “isiFunda saseJordani,” isigodi esinothile ‘esasinjengensimu kaJehova,’ wagcina esehlala eSodoma. UNkulunkulu wathi ku-Abrahama: “Ngicela uphakamise amehlo akho ukuleyo ndawo okuyo, ubheke ngasenyakatho nangaseningizimu nangasempumalanga nangasentshonalanga.” Cishe esendaweni ephakeme ngaseBethele, u-Abrahama wayekwazi ukubona ezinye izingxenye zalelo zwe. Nokho, kwakuseza lukhulu. UNkulunkulu wathi ‘makahambahambe ezweni’ azijwayeze ukuma kwalo nezindawo zalo.
3. Kungani kungase kube nzima ukuzibona ngengqondo izindawo u-Abrahama azihamba?
3 Kungakhathaliseki ukuthi u-Abrahama wakwenza kangakanani lokho ngaphambi kokufika eHebroni, nakanjani wayelazi kangcono iZwe Lesithembiso kuneningi lethu. Cabanga ngezindawo ezishiwo kule ndaba—iNegebhi, iBhethele, isiFunda saseJordani, iSodoma, neHebroni. Ingabe ukuthola kunzima ukubona ngengqondo ukuthi zazikuphi? Kwabaningi kuyinselele lokhu ngoba bambalwa kubantu bakaJehova abake bazivakashela izindawo abafunda ngazo eBhayibhelini, badabula ubude nobubanzi bezwe. Noma kunjalo, sinesizathu sokuba nesithakazelo esijulile sokwazi izindawo zaseBhayibhelini. Ngani?
4, 5. (a) IzAga 18:15 zihlobana kanjani nokwazi nokuqonda amazwe aseBhayibhelini? (b) UZefaniya isahluko 2 uyisibonelo sani?
4 IZwi likaNkulunkulu lithi: “Inhliziyo yoqondayo izuza ulwazi, nendlebe yabahlakaniphile ifuna ukuthola ulwazi.” (IzAga 18:15) Ziningi izindaba umuntu angazuza ulwazi ngazo, kodwa ulwazi olunembile oluhlobene noJehova uNkulunkulu nezenzo zakhe lusemqoka. Ngokuqinisekile, lokho esikufunda eBhayibhelini kuwumgogodla walolo lwazi. (2 Thimothewu 3:16) Nokho, phawula ukuthi kuhileleke ukuqonda. Kona kuyikhono lokubona indaba uqonde ukuthi izingxenye zayo zihlobana kanjani nayo iyonke. Lokhu kunjalo nangezinto nezindawo ezishiwo eBhayibhelini. Ngokwesibonelo, iningi lethu liyazi ukuthi iGibhithe likuphi, kodwa siwaqonda kangakanani amazwi athi u-Abrahama waphuma eGibhithe “waya eNegebhi,” kamuva waya eBethele, wabe eseya eHebroni? Uyaqonda yini ukuthi ngayinye yalezi zindawo yayikuphi uma uqhathanisa nezinye?
5 Noma kungenzeka uye walandela isimiso sokufundwa kweBhayibheli esasihlanganisa noZefaniya isahluko 2. Kungenzeka ukuthi wafunda kuso amagama emizi, izizwe, namazwe. IGaza, i-Ashikeloni, i-Ashidodi, i-Ekroni, iSodoma, iNineve, kanye neKhanani, uMowabi, u-Amoni, ne-Asiriya konke kuyavela kuleso sahluko esisodwa. Wakwazi kangakanani ukuzibona ngengqondo lezo zindawo ezazihlala abantu bangempela, abantu abahilelekile ekugcwalisekeni kwesiprofetho esivela kuNkulunkulu?
6. Kungani amanye amaKristu esewazisa amabalazwe? (Bheka ibhokisi.)
6 Abafundi abaningi beZwi likaNkulunkulu baye bazuza kakhulu ngokuhlola amabalazwe amazwe aseBhayibhelini. Lokhu abakwenzi ngoba nje bekhonze amabalazwe, kodwa bakwenza ngoba beqaphela ukuthi ngokusebenzisa amabalazwe, banganezela olwazini lwabo lweZwi likaNkulunkulu. Amabalazwe angabasiza nokuba bajulise ukuqonda kwabo, babone indlela amaqiniso abawaziyo ahlobana ngayo nokunye ukwaziswa. Njengoba sihlola ezinye zezibonelo, cishe nawe uzokhulisa ukwazisa kwakho uJehova futhi uziqonde kangcono izindaba ezisezwini lakhe.—Bheka ibhokisi elisekhasini 14.
Ukwazi Ibanga Kwenza Umehluko
7, 8. (a) Iyiphi into emangalisayo ehilela iGaza uSamsoni ayenza? (b) Ikuphi ukwaziswa okungenza isenzo sikaSamsoni simangalise nakakhulu? (c) Ukwazi nokuqonda le ndaba kaSamsoni kungasisiza kanjani?
7 KubaHluleli 16:2, ungafunda ngoMahluleli uSamsoni eseGaza. Indawo yaseGaza kukhulunywa ngayo njalo ezindabeni namuhla, ngakho ungase ube nomqondo othile ngokuthi uSamsoni wayekuphi, endaweni yamaFilisti ngasoGwini LweMedithera. [11] Manje phawula abaHluleli 16:3: “USamsoni waqhubeka nokulala kwaze kwaba phakathi kwamabili, wayesevuka phakathi kwamabili wabamba iminyango yesango lomuzi nezigxobo zombili ezisemaceleni wakubhoncula kanye nomgoqo wakubeka emahlombe wakuthwala wenyukela nakho esiqongweni sentaba ephambi kweHebroni.”
8 Ngokungangabazeki, amasango nezigxobo ezisemaceleni zomuzi oqinile njengeGaza kwakukukhulu futhi kusinda. Awuzicabange nje uzama ukukuthwala! USamsoni wakuthwala, kodwa wakuyisaphi, futhi yayinjani indawo okwadingeka ukuba ahambe kuyo? IGaza isogwini, maphansi ngangolwandle. [15] IHebroni yona ingasempumalanga endaweni ephakeme ngamamitha angu-900—umqansa ngempela! Asikwazi ukuthola ngokunembile ukuthi ‘intaba ephambi kweHebroni’ ikuphi, kodwa lowo muzi uqhelelene neGaza ngamakhilomitha angaba ngu-60—ukhuphuka nokwenza! Ukwazi ibanga elihilelekile kwenza isenzo sikaSamsoni sibe isimanga nakakhulu, akunjalo? Futhi khumbula ukuthi kungani uSamsoni ayekwazi ukwenza izenzo ezinjalo—‘umoya kaJehova wawusebenza kuye.’ (AbaHluleli 14:6, 19; 15:14) NjengamaKristu namuhla, asilindele ukuba umoya kaNkulunkulu usinike amandla ezikhwepha angavamile. Nokho, wona lowo moya onamandla ungandisa ukuqonda kwethu izinto ezijulile ezingokomoya futhi usenze sibe namandla ngokomuntu esinguye ngaphakathi. (1 Korinte 2:10-16; 13:8; Efesu 3:16; Kolose 1:9, 10) Yebo, ukuqonda indaba kaSamsoni kugcizelela ukuthi umoya kaNkulunkulu ungasisiza.
9, 10. (a) Yini eyayihilelekile ekunqobeni kukaGideyoni abakwaMidiyani? (b) Ukwazi kwethu ukuma kwezindawo ezazihilelekile kuyenza kanjani le ndaba icace nakakhulu?
9 Enye indaba ebonisa ukubaluleka kokwazi ibanga eyokunqoba kukaGideyoni abakwaMidiyani. Iningi labantu abafunda iBhayibheli liyazi ukuthi uMahluleli uGideyoni neqembu lakhe lamadoda angu-300 banqoba umfelandawonye wabahlaseli abangu-135 000—abakwaMidiyani, ama-Amaleki, nabanye ababekanise ethafeni laseJizreyeli, ngasegqumeni laseMore. [18] Amadoda ayenoGideyoni ashaya amacilongo, aphihliza izimbiza kwavela izimbaqa zawo, amemeza: “Inkemba kaJehova nekaGideyoni!” Lokhu kwazethusa futhi kwaziphithanisa izitha, kangangokuthi zaqala ukugencana zodwa. (AbaHluleli 6:33; 7:1-22) Ingabe kwaphelela lapho, ngesenzo esisodwa esisheshayo ezinzulwini zobusuku? Qhubeka ufunde izahluko 7 no-8 zabaHluleli. Uzobona ukuthi uGideyoni wasixosha isitha. Ezinye zezindawo eziningi ezishiwo akwaziwa namuhla ukuthi zazikuphi, ngakho zingase zingaveli emabalazweni eBhayibheli. Noma kunjalo, ezaziwayo ziningi ngokwanele ukuba sikwazi ukulandela indlela uGideyoni ahamba ngayo.
10 UGideyoni waxosha insalela yalowo mfelandawonye wadlula eBheti-shitha wayesebheka eningizimu e-Abela-mehola, ngaseJordani. (AbaHluleli 7:22-25) Ukulandisa kuthi: “UGideyoni wafika eJordani, waliwela, yena namadoda angamakhulu amathathu ayekanye naye, bekhathele kodwa beqhubeka nokubajaha.” Athi angawela ama-Israyeli, axosha isitha abheka eningizimu eSukoti nasePhenuweli, ngaseJabhoki, ayesegibela emagqumeni aya eJogibeha (ngase-Amman yanamuhla, eJordan). Ukuxoshwa kwezitha kulwiwa nazo kwenzeka endaweni engamakhilomitha angaba ngu-80. UGideyoni wabamba amakhosi amabili akwaMidiyani wawabulala; wabe esebuyela emzini wakubo, i-Ofira, ngalapho impi yayiqale khona. (AbaHluleli 8:4-12, 21-27) Kusobala ukuthi uGideyoni nebutho lakhe abazange bamane bashaye amacilongo, baphakamise izimbaqa, bamemeze, konke ngemizuzu embalwa, kwaphelela lapho. Futhi cabanga indlela okunezela ngayo isisindo kula mazwi akhuluma ngamadoda okholo: “Isikhathi sizongishiya uma ngiqhubeka ngilandisa ngoGideyoni [nabanye okwathi] besesimweni esibuthakathaka benziwa baba namandla, baba ngamaqhawe empini.” (Hebheru 11:32-34) NamaKristu angase akhathale emzimbeni, kodwa akubalulekile kakhulu yini ukuba siqhubeke senza intando kaNkulunkulu?—2 Korinte 4:1, 16; Galathiya 6:9.
Abantu Bacabanga Futhi Basabele Kanjani?
11. Ama-Israyeli ahambaphi ngaphambi nangemva kokufika eKadeshi?
11 Abanye bangase babheke amabalazwe eBhayibheli ukuze bathole izindawo, kodwa ucabanga ukuthi amabalazwe angasenza yini siqonde indlela abanye abantu abacabanga ngayo? Ngokwesibonelo, cabanga ngama-Israyeli asuka eNtabeni YaseSinayi aya ngaseZweni Lesithembiso. Ahamba ema endleleni, agcina efike eKadeshi (noma, eKadeshi-barineya). [9] UDuteronomi 1:2 uthi lolu uhambo lwezinsuku ezingu-11, ibanga elingamakhilomitha angaba ngu-270. Lapho, uMose wathumela izinhloli ezingu-12 eZweni Lesithembiso. (Numeri 10:12, 33; 11:34, 35; 12:16; 13:1-3, 25, 26) Izinhloli zaya enyakatho zinqamula eNegebhi, cishe zadlula eBheri-sheba, naseHebroni, zaze zayofika emngceleni osenyakatho weZwe Lesithembiso. (Numeri 13:21-24) Ngenxa yokuthi amukela umbiko omubi wezinhloli eziyishumi, ama-Israyeli kwadingeka azulazule ehlane iminyaka engu-40. (Numeri 14:1-34) Kwembulani lokhu mayelana nokholo lwawo nokuzimisela kwawo ukwethembela kuJehova?—Duteronomi 1:19-33; IHubo 78:22, 32-43; Jude 5.
12. Yini esingaphetha ngayo mayelana nokholo lwama-Israyeli, futhi kungani kufanele sizindle ngalokho?
12 Cabanga ngalokhu unombono wokuma kwezwe. Ukube ama-Israyeli ayebonise ukholo alalela iseluleko sikaJoshuwa noKalebi, ingabe kwakuyodingeka ahambe ibanga elide ukuze afike eZweni Lesithembiso? IKadeshi yayisemakhilomitheni angaba ngu-16 kuphela ukusuka eBheri-lahayi-royi, lapho kwakukade kuhlala khona u-Isaka noRebheka. [7] Ukuya eBheri-sheba, okuthiwa yayisemngceleni oseningizimu weZwe Lesithembiso, kwakuyibanga elingaphansi kwamakhilomitha angu-95. (Genesise 24:62; 25:11; 2 Samuweli 3:10) Ngemva kokuba esuke eGibhithe, aya eNtabeni YaseSinayi, ayesehamba amakhilomitha angu-270 eya eKadeshi. Kwakunjengokungathi asesemnyango weZwe Lesithembiso. Thina sisonqenqemeni lwePharadesi lasemhlabeni elithenjisiwe. Yini esiyifundayo? Umphostoli uPawulu wahlobanisa isimo sama-Israyeli nalesi seluleko: “Ngakho-ke, masenze konke okusemandleni ethu ukuze singene kulokho kuphumula, funa kube khona owela esibonelweni esifanayo sokungalaleli.”—Hebheru 3:16–4:11.
13, 14. (a) Isiphi isimo abaseGibheyoni abathatha kuso isinyathelo esiwujuqu? (b) Yini eveza isimo sengqondo sabaseGibheyoni, futhi isiphi isifundo okufanele sisifunde kulokhu?
13 Esenzakalweni esiseBhayibhelini esihilela abaseGibheyoni kubonakala isimo sengqondo esihlukile—sokumethemba uNkulunkulu ukuthi uyoyifeza intando yakhe. Ngemva kokuba uJoshuwa ehole ama-Israyeli awela uMfula iJordani angena ezweni uNkulunkulu ayelithembise umkhaya ka-Abrahama, kwase kuyisikhathi sokuxosha abaseKhanani. (Duteronomi 7:1-3) Phakathi kwabo kwakunabaseGibheyoni. Ama-Israyeli achitha iJeriko ne-Ayi ayesekanisa eduze eGiligali. AbaseGibheyoni abafunanga ukufa bengamaKhanani aqalekisiwe, ngakho bathumela amanxusa kuJoshuwa eGiligali. Bashaya sengathi bavela ngaphandle kweKhanani ukuze bakwazi ukwakha isivumelwano sokuthula namaHebheru.
14 Lawo manxusa athi: “Izinceku zakho zivela ezweni elikude kakhulu ngenxa yegama likaJehova uNkulunkulu wakho.” (Joshuwa 9:3-9) Izingubo nokudla kwawo kwabonakala kufakazela ukuthi avela kude, kodwa empeleni iGibheyoni yayisemakhilomitheni angaba ngu-30 ukusuka eGiligali. [19] UJoshuwa nezikhulu zakhe bawakholwa, benza isivumelwano sokuthula neGibheyoni nemizi eseduze eyayinobungane neGibheyoni. Ingabe iqhinga labaseGibheyoni lalimane liyindlela yokugwema ukubulawa? Cha, labonisa isifiso sokwamukelwa uNkulunkulu ka-Israyeli. UJehova wavuma ukuba abaseGibheyoni babe “abathezi bezinkuni nabakhi bamanzi benhlangano nabe-altare likaJehova,” bathezele i-altare lomhlatshelo. (Joshuwa 9:11-27) AbaseGibheyoni baqhubeka bebonisa ukuzimisela ukwenza imisebenzi ephansi enkonzweni kaJehova. Cishe, abanye babo babephakathi kwamaNethini abuya eBhabhiloni akhonza ethempelini elalakhiwe kabusha. (Ezra 2:1, 2, 43-54; 8:20) Singalingisa isimo sabo sengqondo ngokulwela ukulondoloza ukuthula noNkulunkulu nangokuzimisela ukwenza ngisho nezabelo eziphansi enkonzweni yakhe.
Ukuzidela
15. Kungani kuthakazelisa ukuma kwamazwe emiBhalweni YamaKristu YesiGreki?
15 Ukuma kwamazwe aseBhayibhelini kuyavela ezindabeni ezithile ezisemiBhalweni YamaKristu YesiGreki, njengohambo nenkonzo kaJesu nomphostoli uPawulu. (Marku 1:38; 7:24, 31; 10:1; Luka 8:1; 13:22; 2 Korinte 11:25, 26) Ezindabeni ezilandelayo, zama ukubona ngengqondo izindawo abazihamba.
16. AmaKristu aseBhereya abonisa kanjani ukuthi ayamazisa uPawulu?
16 Ohambweni lwakhe lwesibili njengesithunywa sevangeli (umugqa onsomi ebalazweni), uPawulu wafika eFilipi, manje eseGreece. [33] Washumayela lapho, waboshwa, wadedelwa, wayesedlulela eThesalonika. (IzEnzo 16:6–17:1) Lapho amaJuda esusa isidumo, abazalwane baseThesalonika banxusa uPawulu ukuba aye eBhereya, eqhele ngamakhilomitha angaba ngu-65. Inkonzo kaPawulu yaphumelela eBhereya, kodwa kwafika amaJuda ayaluzisa abantu. Ngakho, “masinyane abazalwane bammukisa uPawulu ukuba ahambe aze afike olwandle” futhi “labo ababephelezela uPawulu bahamba naye baze bafika e-Athene.” (IzEnzo 17:5-15) Ngokusobala, abanye babantu ababesanda kuphenduka babezimisele ukuhamba amakhilomitha angu-40 beya e-Aegean Sea, bakhokhele ukugibela umkhumbi, bahambe ngawo amakhilomitha angu-500. Uhambo olunjalo lwalungaba nezingozi, kodwa abazalwane bavuma ukuzibeka kuleso simo futhi ngenxa yalokho baba nesikhathi esengeziwe bekanye naleli nxusa likaNkulunkulu elijikelezayo.
17. Yini esingayiqonda kangcono ngemva kokuthola ukuthi iMilethu ne-Efesu kuqhelelene kangakanani?
17 Ohambweni lwakhe lwesithathu (umugqa oluhlaza ebalazweni), uPawulu wafika ethekwini laseMilethu. Wathumela ukuba kuze amadoda amadala ebandla lase-Efesu, elaliqhele ngamakhilomitha angaba ngu-50. Cabanga labo badala beshiya imisebenzi yabo beya kuPawulu. Cishe babehamba bexoxa ngalo mhlangano abazoba nawo, bejabule. Ngemva kokubonana noPawulu nokumuzwa ethandaza, “bonke bakhala kakhulu impela, bawela entanyeni kaPawulu bamanga ngothando.” Babe ‘sebemphelezela waya esikebheni’ eselibangise eJerusalema. (IzEnzo 20:14-38) Endleleni ephindela e-Efesu babeyoba nokuningi kokucabanga nokuxoxa ngakho. Akukuhlabi yini umxhwele ukwazisa abakubonisa ngokuhamba lelo banga ukuze babe kanye nesikhonzi esijikelezayo esasingabacobelela futhi sibakhuthaze? Kule ndaba, kukhona yini okubonayo ongakusebenzisa ekuphileni nasekucabangeni kwakho?
Funda Ngalelo Zwe Nangalokho Okuseza
18. Yini esingazimisela ukuyenza ngokuqondene nezindawo zaseBhayibhelini?
18 Izibonelo ezandulele zibonisa ukubaluleka kokulazi izwe uNkulunkulu alinika ama-Israyeli futhi elibalulekile ezindabeni eziningi eziseBhayibhelini. (Futhi singandisa ulwazi wethu ngokufunda nangamazwe aseduze avelayo ezindabeni eziseBhayibhelini.) Njengoba sinezela olwazini nasekuqondeni kwethu iZwe Lesithembiso ngokukhethekile, singakhumbula imfuneko eyisisekelo ekungeneni kwama-Israyeli ezweni ‘lobisi noju’ nasekulijabuleleni. Leyo mfuneko kwakuwukwesaba uJehova nokugcina imiyalo yakhe.—Duteronomi 6:1, 2; 27:3.
19. Imaphi amapharadesi amabili okufanele siqhubeke sizihlupha ngawo?
19 Nanamuhla, kudingeka senze ingxenye yethu, simesabe uJehova futhi sinamathele ezindleleni zakhe. Ngokwenza kanjalo, siyoba nesandla ekulithuthukiseni nasekulenzeni libe lihle ipharadesi elingokomoya elisebandleni lobuKristu lomhlaba wonke manje. Siyokwandisa ulwazi lwethu lwezici nezibusiso zalo. Futhi siyazi ukuthi kuseza ezengeziwe. UJoshuwa wahola ama-Israyeli wawawelisa iJordani angena ezweni elithelayo nelanelisayo. Manje sinesizathu esihle sokubheka phambili ngokuqiniseka ePharadesi elingokoqobo, ezweni elihle eliseza.
Uyakhumbula?
• Kungani kufanele sifise ukwandisa ulwazi lwethu nokuqonda kwethu amazwe aseBhayibhelini?
• Isiphi isici sokuma kwendawo esicubungulwe kulesi sihloko esiye sanezela kakhulu olwazini lwakho?
• Isiphi isifundo esigcizelelekile kuwe njengoba ufunda okwengeziwe ngokuma kwendawo yesenzakalo esithile?
[Ibhokisi/Isithombe ekhasini 14]
“Bona Izwe Elihle”
Emihlanganweni yango-2003 no-2004, oFakazi BakaJehova bajabula ukuthola incwajana ethi “Bona Izwe Elihle.” Le ncwajana entsha, etholakala ngezilimi ezingaba ngu-80, igcwele amabalazwe anombala namashadi abonisa izindawo ezihlukahlukene zaseBhayibhelini, ikakhulu iZwe Lesithembiso ngezinkathi ezihlukahlukene.
Isihloko esifundwayo sibhekisela emabalazweni athile ngenombolo yekhasi ebhalwe ngokugqamile, njengethi [15]. Uma unayo le ncwajana entsha, zinike isikhathi sokuzijwayeza izici zayo ezingakusiza ukuba wandise ulwazi nokuqonda kwakho iZwi likaNkulunkulu.
(1) Amabalazwe amaningi anesihlokwana noma ibhokisi elichaza izimpawu ezikhethekile ezisebalazweni [18]. (2) Iningi lamabalazwe linesilinganiso samamayela namakhilomitha esiyokwenza ukwazi ukuqonda ubukhulu noma amabanga ahilelekile [26]. (3) Ngokuvamile umcibisholo ubheka enyakatho, okwenza ukwazi ukubona ukuthi indawo ibhekephi [19]. (4) Ngokuvamile amabalazwe anemibala yokubonisa ukuphakama kwendawo [12]. (5) Onqenqemeni lwebalazwe kungase kube nezinhlamvu nezinombolo ukuze ukwazi ukusebenzisa izikwele ekutholeni imizi noma amagama [23]. (6) Ezikhombweni zamagama ezindawo ezisemakhasini amabili [34-5], ungabona inombolo yekhasi ebhalwe ngokugqamile, evame ukulandelwa uphawu lwesikwele, njengo-E2. Ngemva kokuba usuzisebenzise kaningana lezi zici, kungase kukumangaze ukuthi ziwusizo kangakanani ekwandiseni ulwazi lwakho nasekujuliseni ukuqonda kwakho iBhayibheli.
[Ishadi/Ibalazwe ekhasini 16, 17]
ISHADI LEZINDAWO ZEMVELO
(Ukuze ubone ukuthi indaba ihlelwe kanjani, bheka encwadini)
A. Ugu LoLwandle Olukhulu
B. Amathafa Asentshonalanga YeJordani
1. IThafa Lakwa-Asheri
2. Umdweshu Wezwe LaseDori Osogwini
3. Amadlelo AseSharoni
4. IThafa LaseFilistiya
5. Isigodi Esimaphakathi Esisuka Empumalanga Siye Entshonalanga
a. IThafa LaseMegido
b. IThafa Eliphansi LaseJizreyeli
C. Izintaba Ezisentshonalanga YeJordani
1. Amagquma AseGalile
2. Amagquma AseKarmeli
3. Amagquma AseSamariya
4. IShefela (amagquma aphansi)
5. Izwe LakwaJuda Elisemagqumeni
6. Ihlane LakwaJuda
7. INegebhi
8. Ihlane LasePharanu
D. I-Araba (IRift Valley)
1. IHula Basin
2. Indawo YasoLwandle LwaseGalile
3. ISigodi SaseJordani
4. ULwandle Lukasawoti (ULwandle Olufile)
5. I-Araba (eningizimu yoLwandle Lukasawoti)
E. Izintaba/Izindawo Eziphakeme Ezisempumalanga YeJordani
1. IBhashani
2. IGileyadi
3. Kwa-Amoni nakwaMowabi
4. IThafa Lakwa-Edomi Elisentabeni
F. Izintaba ZaseLebhanoni
[Ibalazwe]
INt. iHermoni
IMore
I-Abela-mehola
ISukoti
IJogibeha
IBhethele
IGiligali
IGibheyoni
IJerusalema
IHebroni
IGaza
IBheri-sheba
ISodoma?
IKadeshi
[Ibalazwe/Isithombe ekhasini 15]
(Ukuze ubone ukuthi indaba ihlelwe kanjani, bheka encwadini)
IKHANANI
IMegido
IGILEYADI
IDothani
IShekemi
IBhethele (ILuze)
I-Ayi
IJerusalema (ISalema)
IBhetlehema (Efrathi)
IMamre
IHebroni (IMakaphela)
IGerari
IBheri-sheba
ISodoma?
INEGEBHI
IRehobhoti?
[Izintaba]
IMoriya
[Amachibi amanzi]
ULwandle Lukasawoti
[Imifula]
IJordani
[Isithombe]
U-Abrahama walihamba izwe
[Ibalazwe ekhasini 18]
(Ukuze ubone ukuthi indaba ihlelwe kanjani, bheka encwadini)
ITrowa
ISAMOTRAKE
INeyapholi
IFilipi
I-Amfipholi
IThesalonika
IBhereya
I-Athene
IKorinte
I-Efesu
IMilethu
IRODU