ISAHLUKO SESITHATHU
Usuku LukaJehova—Isihloko Esisemqoka
1, 2. (a) Yisiphi isihloko esisemqoka bonke abaprofethi abangu-12 abakhuluma ngaso? (b) Yini abanye babaprofethi abangu-12 abayisho ngokuqondile ngosuku lukaJehova?
“USUKU olukhulu lukaJehova luseduze. Luseduze, lushesha kakhulu.” (Zefaniya 1:14) Abaprofethi bakaNkulunkulu baxwayisa bexwayisile ngosuku lukaJehova olwaluza. Babevame ukuveza ukuthi ukuza kwalo kufanele kukuthinte kanjani ukuphila kwabantu kwemihla ngemihla, izindinganiso zabo, nokuziphatha kwabo. Izimemezelo zabo zaziphuthuma. Ukube wawuzizwele ngezakho izindlebe lezi zimemezelo, wawuyosabela kanjani?
2 Lapho ufunda izincwadi zabaprofethi abangu-12, uzothola ukuthi bonke bakhuluma ngokuqondile ngosuku lukaJehova noma babhekisela kulo.a Khona-ke, ngaphambi kokufunda ngokwaziswa okubalulekile okwamenyezelwa yilaba baprofethi ezahlukweni ezilandelayo, cabanga ngesihloko esivela njalo: usuku lukaJehova. Abayisithupha bayisebenzisa ngokuqondile le nkulumo noma amagama anomqondo ofanayo. UJoweli waluchaza ngokucace bhá ‘usuku lukaJehova olukhulu nolwesabekayo.’ (Joweli 1:15; 2:1, 2, 30-32) U-Amose watshela ama-Israyeli ukuba alungele ukuhlangabezana noNkulunkulu wawo ngoba usuku lukaJehova lwaluyoba usuku lobumnyama. (Amose 4:12; 5:18) Kamuva, uZefaniya washo amazwi acashunwe esigabeni 1. Kwathi futhi sekuzobhujiswa iJerusalema, u-Obadiya waxwayisa: “Luseduze usuku lukaJehova lokumelana nazo zonke izizwe.”—Obadiya 15.
3. Kungani singathi abaprofethi bakhuluma ngesihloko sosuku lukaJehova ngemva kokubuya ekuthunjweni?
3 Uzobona nokuthi abaprofethi ababili abathunywa kumaJuda ngemva kokubuya ekuthunjweni basebenzisa inkulumo efanayo. UZakariya wakhuluma ngosuku lokubhuqwa kwazo zonke izizwe ezaziyohlasela iJerusalema. Wakuchaza ngokucacile okwakuyokwenzeka ‘ngosuku olulodwa olwaziwa njengolukaJehova.’ (Zakariya 12:9; 14:7, 12-15) UMalaki naye waxwayisa abantu bakaNkulunkulu ngokuza “kosuku lukaJehova olukhulu nolwesabekayo.”—Malaki 4:1-5.
4. Abanye babaprofethi abangu-12 babhekisela kanjani osukwini lukaJehova?
4 Nakuba abanye balaba abangu-12 bengayisebenzisanga inkulumo ethi “usuku lukaJehova,” babhekisela kodwa kulo. UHoseya wathi uJehova wayeyokwenza u-Israyeli alandise futhi kamuva noJuda. (Hoseya 8:13, 14; 9:9; 12:2) Ngokuvamile lezi zigijimi zaziphathelene nalokho uJehova ayezokwenza ngalezo zinsuku. Ngokwesibonelo, uJona wamemezela ukuthi uNkulunkulu uzokwahlulela iNineve futhi uMika wachaza okwakuyokwenzeka lapho uNkulunkulu ethathela izihlubuki isinyathelo. (Jona 3:4; Mika 1:2-5) UNahume wathembisa ukuthi uJehova wayezoziphindiselela ezitheni zaKhe. (Nahume 1:2, 3) UHabakuki wakhalela ubulungisa futhi wachaza ‘usuku losizi.’ (Habakuki 1:1-4, 7; 3:16) Ezinye izigijimi ezikulezi zincwadi ngokungangabazeki zazikhomba ezenzakalweni ezaziyohilela amaKristu eqiniso. Ngokwesibonelo, uHagayi, omunye wabaprofethi bangemva kokuthunjwa, wabikezela ukuzanyazanyiswa kwezizwe. (Hagayi 2:6, 7) Umphostoli uPawulu wacaphuna amazwi kaHagayi 2:6, wakhuthaza amaKristu ukuba abe sesimweni esihle lapho uNkulunkulu esusa izulu elibi elingokomfanekiso.—Hebheru 12:25-29; IsAmbulo 21:1.
USUKU LUKAJEHOVA—LUYINI?
5, 6. Ngokusho kwabaprofethi, luyoba njani usuku lukaJehova?
5 Unesizathu esihle sokuzibuza ukuthi luyoba njani usuku lukaJehova. Ungase ubuze, ‘Ingabe usuku lukaJehova luyayithinta indlela engiphila ngayo manje nekusasa lami?’ Njengoba abaprofethi babonisa, usuku lukaJehova luyinkathi uJehova ayokwahlulela ngayo izitha zakhe, usuku lwempi. Ngalolo suku olwesabekayo cishe kuyokwenzeka imihlola emkhathini. “Ilanga nenyanga ngokuqinisekile kuyoba mnyama, futhi izinkanyezi empeleni ziyokuhoxisa ukukhanya kwazo.” (Joweli 2:2, 11, 30, 31; 3:15; Amose 5:18; 8:9) Kuyokwenzekani kulo mhlaba esihlala kuwo? UMika wathi: “Izintaba ziyoncibilika ngaphansi [kukaJehova], namathafa aphansi ayoqhekezeka ahlukane, njengengcina ngenxa yomlilo, njengamanzi athululwa endaweni eyehlelayo.” (Mika 1:4) Kungenzeka ukuthi le ncazelo ingokomfanekiso, kodwa ngayo, singaphetha ngokuthi lokho uNkulunkulu ayokwenza kuyoba nemiphumela eyinhlekelele emhlabeni nakubantu. Kodwa hhayi kubo bonke abantu. Bona laba baprofethi bakhuluma ngezibusiso eziningi eziyotholwa yilabo ‘abafuna okuhle,’ ngaleyo ndlela baqhubeke bephila.—Amose 5:14; Joweli 3:17, 18; Mika 4:3, 4.
6 Abanye balaba baprofethi abangu-12 basakhela izithombe ezicace ngokwengeziwe zosuku lukaJehova. UHabakuki wayiveza kahle indlela uJehova ayoziphahlaza ngayo “izintaba ezingunaphakade” futhi akhothamise “amagquma ami kuze kube nini nanini,” azifanekisela kahle izinhlangano zabantu ezingase zibonakale zingeke zithi nyaka. (Habakuki 3:6-12) Yebo, usuku lukaJehova “luwusuku lokufutheka, usuku lokucindezeleka nobuhlungu, usuku lwesivunguvungu nokuchitha, usuku lobumnyama nesigayegaye, usuku lwamafu nobumnyama obukhulu.”—Zefaniya 1:14-17.
7. Yisiphi isibhicongo esibikezelwayo, futhi singase sigcwaliseke kanjani?
7 Cabanga nje ngesibhicongo esiyokwehlela abantu abalwa noNkulunkulu! “Inyama yomuntu iyobola iphele, umuntu esemi ngezinyawo zakhe; namehlo omuntu ayobolela ezikhoxeni zawo, nolimi lomuntu luyobolela emlonyeni wakhe.” (Zakariya 14:12) Kungakhathaliseki ukuthi lo mbono uyogcwaliseka ngokoqobo noma cha, ungabona ukuthi uyibika losizi kwabaningi. Ngisho noma ungegcwaliseke ngokoqobo, ulimi lwezitha zikaNkulunkulu luyobola ngomqondo wokuthi izinkulumo zazo zokwedelela ziyothuliswa dú. Noma yimuphi umbono wokuhlanganyela abantu bakaNkulunkulu uyofiphala.
OKWENZA UNKULUNKULU WOTHANDO ATHATHE ISINYATHELO
8, 9. (a) Ukuze uqonde ukuthi kungani uJehova ethathela ababi isinyathelo, yini okufanele uyazi? (b) Ukuba qotho kwakho nsuku zonke kuhlobene kanjani nokuthatha kukaJehova isinyathelo?
8 Mhlawumbe uke uzwe abantu bebuza: ‘UNkulunkulu wothando angayenza kanjani into embi kangaka ezitheni zakhe? Usengaze enze umonakalo ongaka pho emhlabeni? Kanti uJesu akasikhuthazanga yini ukuba siqhubeke sithanda ngisho nezitha zethu, ngokwenza kanjalo sizibonakalise singamadodana kaBaba wethu osezulwini?’ (Mathewu 5:44, 45) Ungabaphendula ngokubachazela okwenzeka lapho kuqala izinkathazo zesintu. UNkulunkulu wadala abantu bokuqala ababili ngomfanekiso wakhe futhi bamfuza—babephelele. Kodwa balethela umkhaya wesintu isono nokufa. Basekela uSathane uDeveli empikiswaneni yokuthi ubani onelungelo eliphakeme lokubusa isintu. (Genesise 1:26; 3:1-19) Emakhulwini eminyaka alandela, uSathane ubelokhu ezama ukufakazela ukuthi uma abantu bengagabiselwa ngokungcono ngeke bamkhonze uJehova. Uyazi wena ukuthi uSathane uhlulekile. UJesu Kristu nezinye izinceku zikaJehova eziningi baye bagcina ubuqotho babo kuNkulunkulu futhi babonisa ukuthi bamkhonza ngoba bemthanda. (Hebheru 12:1-3) Ababaningi yini nawe obazi ngamagama abakhonza uNkulunkulu ngokwethembeka ngoba bemthanda?
9 Ngaphezu kwalokho, nawe uhilelekile kule mpikiswano eyophela lapho uJehova esusa ububi. Ngokwesibonelo, njengoba ufunda lezi zincwadi ezingu-12, uzophawula ukuthi abanye babaprofethi bakhuluma ngabantu ababekhomba ngophakathi bebe bekudebesela ukukhulekela uJehova. Bayala abantu bakaNkulunkulu ukuba ‘babeke inhliziyo yabo ezindleleni zabo’ futhi baguqule ukuphila kwabo. (Hagayi 1:2-5; 2:15, 18; Amose 3:14, 15; 5:4-6) Yebo, abaprofethi babebonisa abantu indlela yokuphila. Labo abasilalela leso siyalo babebonisa ukuthi uJehova unguMbusi wabo, kanjalo befakazela ukuthi uSathane ungumqambimanga. UJehova uyozibonakalisa eqotho kubo lapho echitha izitha zakhe.—2 Samuweli 22:26.
10. Yiziphi izinto ezabonwa uMika ezinika uJehova esinye isizathu sokuthatha isinyathelo?
10 Kunesinye futhi isizathu esenza uNkulunkulu athathe isinyathelo. Ake ubuyele emuva ekhulwini lesishiyagalombili B.C.E. lapho uMika eprofetha kwaJuda. Ekhuluma sengathi uyilesi sizwe, ufanisa isimo saso nesivini esesome khehlé noma nensimu yezithelo engasenalutho ngemva kokuvuna. Kwakunjalo emphakathini wakwaJuda, kwakungelula ukuthola abaqotho. Ama-Israyeli ayezingelana kuhle kwezilwane, eqamekela ukuchitha igazi. Abaholi nabahluleli bawo bengamagovu. (Mika 7:1-4) Ukube wawuphila kuleso simo, wawuyozizwa kanjani? Cishe wawuyozihawukela izisulu ezingenacala. Yeka indlela uJehova abazwela kakhulu ngayo abacindezelwe! Namuhla uJehova uhlolisisa isintu. Ucabanga ukuthi utholani? Abacindezeli baxhaphaza abanye futhi bagebenga omakhelwane babo. Abaqotho bona bambalwa uma kuqhathaniswa nabantu abasemhlabeni. Kodwa akudingeki silahle ithemba. Ngenxa yokuthi uJehova uyazithanda izisulu eziqotho, uyokwenza ubulungisa.—Hezekeli 9:4-7.
11. (a) Lusho ukuthini usuku lukaJehova kwabamesabayo? (b) Isigijimi sikaJona esixwayisayo sabathinta kanjani abaseNineve?
11 Kuyakhanya ukuthi usuku lukaJehova lusho ukubhujiswa kwezitha zakhe nokukhululwa kwabamesabayo nabamkhonzayo.b UMika wabikezela ukuthi izizwe zaziyogobhozela entabeni yendlu kaJehova, okwakuyoletha ukuthula nobunye emhlabeni. (Mika 4:1-4) Ingabe ngaleso sikhathi, iqiniso lokuthi abaprofethi babememezela usuku lukaJehova lawenza umehluko ekuphileni kwabantu? Lawenza kwabanye. Khumbula ngesikhathi uJona ememezela ukwahlulelwa kweNineve, abantu bakhona abayizidlova nabakhohlakele ‘baqala ukuba nokholo kuNkulunkulu’ futhi ‘babuya endleleni yabo embi.’ Ngenxa yalokho, uJehova akabange esababhubhisa ngaleso sikhathi. (Jona 3:5, 10) Isigijimi sosuku lwesahlulelo sikaJehova olwalusondela sakuthinta ukuphila kwabaseNineve!
LUKUTHINTA KANJANI WENA LOLO SUKU?
12, 13. (a) Abaprofethi abangu-12 baprofetha ngobani? (b) Kungani singase sithi iziprofetho zabaprofethi abangu-12 zazikhomba esikhathini esikude esasisazofika?
12 Omunye angase athi, ‘Kodwa labo baprofethi baphila endulo. Zingithinta ngani mina izigijimi zabo eziphathelene nosuku lukaJehova?’ Kuyavunywa, labo baprofethi baphila kusasele iminyaka eminingi uJesu azalwe, noma kunjalo kufanele sicabangele indlela okufaneleka ngayo abakusho ngosuku lukaJehova kuleli khulu lama-21. Yiziphi izinzuzo ezingokoqobo esingazithola kulokho abakusho ngosuku olukhulu lukaJehova? Ikhona indlela yokubona indlela esifaneleka ngayo isigijimi sabaprofethi nesingazuza ngayo kuso. Iwukuqaphela ukuthi isixwayiso sabo sosuku lukaJehova sasibhekiswe ku-Israyeli, kuJuda, ezizweni ezingomakhelwane, nasemibusweni yezwe ethile yangaleso sikhathi.c Iphuzu liwukuthi lezo ziprofetho zagcwaliseka! Abase-Asiriya balihlasela ngempela iSamariya, uJuda waqothulwa ngo-607 B.C.E., futhi nezizwe eziyizitha ezazingomakhelwane nazo zabhuqwa ngokushesha. Ekugcineni, imibuso yezwe yase-Asiriya naseBhabhiloni yawa, kanjalo kugcwaliseka iziprofetho ezithile.
13 Manje ake ucabange ngosuku lwePhentekoste lika-33 C.E., sekwadlula isikhathi eside eziningi zalezo ziprofetho zagcwaliseka okokuqala. Ngalolo suku, umphostoli uPetru wathi ukuthululwa komoya ongcwele kaNkulunkulu kwakugcwalisa isiprofetho sikaJoweli. Wabe esecaphuna encwadini kaJoweli: “Ilanga liyophenduka ubumnyama nenyanga ibe yigazi ngaphambi kokuba usuku lukaJehova olukhulu noluqhamile lufike.” (IzEnzo 2:20) Lokhu kubonisa ukuthi kwakusazobakhona okunye ukugcwaliseka kweziprofetho eziphathelene nosuku lukaJehova. Isiprofetho sikaJoweli sona sagcwaliseka okwesibili ngo-70 C.E. ngenkathi ibutho laseRoma licekela phansi iJerusalema, ngokuqinisekile okwaba isikhathi sobumnyama nokuchitheka kwegazi.
14, 15. (a) Kungani singathi iziprofetho eziphathelene nosuku lukaJehova ziyasithinta namuhla? (b) Singalindela ukuba lufike nini usuku lukaJehova?
14 Nokho, isiprofetho sikaJoweli kanye nezinye eziphathelene nosuku lukaJehova zisazogcwaliseka okokugcina, zizogcwaliseka kithina esiphila ekhulwini lama-21. Sazi kanjani? UPetru wayala amaKristu ukuba ‘akukhumbule njalo ukufika kosuku lukaJehova.’ Waqhubeka wathi: “Kukhona amazulu amasha nomhlaba omusha esikulindele ngokwesithembiso sakhe, futhi kukho kuyohlala ukulunga.” (2 Petru 3:12, 13) Awekho amazulu amasha (uhulumeni omusha ongokwasezulwini) nomhlaba omusha (umphakathi wabantu abalungile ababuswa yilowo hulumeni) owaba khona ngokushesha nje ngemva kokubhujiswa kweJerusalema ngo-70 C.E. Ngakho kumelwe ukuba iziprofetho eziphathelene nosuku lukaJehova zinokunye ukugcwaliseka. Yebo, lezi ziprofetho zithinta thina namuhla, thina esiphila ‘ezikhathini ezibucayi’!—2 Thimothewu 3:1.
15 Zonke lezi zincazelo zosuku lukaJehova ezivezwe kulezi zincwadi ezingu-12 zeBhayibheli zisenza sicabange ngamazwi kaJesu Kristu: “Kuyoba khona usizi olukhulu olungakaze lube khona kusukela ekuqaleni kwezwe kuze kube manje, cha, futhi olungasayikuphinde lube khona.” Wathi “masinyane ngemva” kokuqala kwalolo sizi olukhulu, “ilanga liyokuba mnyama, nenyanga ngeke ikunikeze ukukhanya kwayo, futhi izinkanyezi ziyokuwa ezulwini, namandla amazulu ayonyakaziswa.” (Mathewu 24:21, 29) Lokhu kuyasisiza sibone ukuthi luzofika nini usuku lukaJehova. Selusemnyango. ImiBhalo ibonisa ukuthi usizi olukhulu luyobhubhisa “iBhabhiloni Elikhulu,” umbuso wezwe wenkolo yamanga. Kuyobe sekuthi emvuthwandaba wosizi olukhulu, ngosuku lukaJehova, uNkulunkulu aziqothule izitha zakhe ebusweni bomhlaba.—IsAmbulo 17:5, 12-18; 19:11-21.
16. Iyiphi indlela eyinhloko eziyogcwaliseka ngayo iziprofetho eziphathelene nosuku lukaJehova?
16 OFakazi BakaJehova baye baziqonda izici zokugcwaliseka kweziprofetho eziphathelene nosuku lukaJehova. Ngokuvamile nangezindlela ezihlukahlukene, iJerusalema eliyisihlubuki, iSamariya eliyimbuka, abakwa-Edomi abanenhliziyo embi, abase-Asiriya abayizidlova nabaseBhabhiloni bafanekisela izici zenkolo yamanga. Zonke izinkolo ezinjalo ziyobhujiswa esigabeni sokuqala sosizi olukhulu. ‘Ngosuku lukaJehova olukhulu nolwesabekayo’ oluyolandela, amashende azo ezombusazwe nezentengiselwano ayoyiswa kwagoqanyawo.—Joweli 2:31.
YIBANI ABAKULUNGELE
17, 18. (a) Kungani u-Amose amemezela umaye kulabo ‘ababenxanela usuku lukaJehova’? (b) Kwakuyokwenzekani kubantu ababengalulungele usuku lukaJehova?
17 Ngenxa yokuthi izigijimi zesahlulelo zisebenza ikakhulu enkolweni yamanga, amanye amaKristu angase abe nomuzwa wokuthi ngeke kuwathinte ukugcwaliseka kwalezi ziprofetho. Nokho, okwashiwo u-Amose kuma-Israyeli kuwusizo kithi sonke: “Maye kulabo abanxanela usuku lukaJehova!” Osukwini luka-Amose, amanye ama-Israyeli ayecabanga ukuthi usuku lukaJehova lwaluyowalethela izibusiso zodwa, ekholelwa ukuthi lwaluyoba usuku uNkulunkulu alwela ngalo abantu bakhe. Ayelunxanela nokulunxanela lolo suku! Kodwa kwabazikhukhumezayo usuku lukaJehova lwaluyoba “ubumnyama, hhayi ukukhanya,” kuqhubeka u-Amose. Empeleni yiwona kanye lawo ma-Israyeli ayezobhekana nolaka lukaJehova!—Amose 5:18.
18 U-Amose wabe esechaza ukuthi kwakuyokwenzekani kubantu ababenxanela usuku lukaJehova. Cabanga nje ngomuntu othi ubalekela ibhubesi agcine esezithele ebhereni. Alibalekele angene endlini ayocasha. Avale isicabha ehefuzela, ancike odongeni, kuthi thushu inyoka imlume. Siyothi asibe njalo isiphetho salabo abangalulungele ngempela usuku lukaJehova.—Amose 5:19.
19. Yiziphi izindlela ezingokoqobo esingalungiselela ngazo usuku lukaJehova?
19 Ingabe uyabona ukuthi ingase ikusize ngani le ndaba? Khumbula ukuthi u-Amose wayekhuluma nabantu ababezinikezele kuNkulunkulu. Noma kunjalo, kunezinto okwakudingeka bazilungise ezenzweni zabo nasezimweni zabo zengqondo. Akufanele yini nawe uhlole ukuphila kwakho ukuze ubone ukuthi ululungele yini lolo suku olubalulekile noma ukuthi kukhona yini okudingeka ukulungise? Ungalulungela kanjani ngempela lolu suku? Ngokusobala hhayi ngokwakha indlu, ngokuqongelela ukudla, ngokufunda ukuhlanza amanzi noma ngokuzibekelela igolide, njengoba kuye kwenza abanye abantu abakhathalela kakhulu ukusinda enhlekeleleni ethile. ‘Isiliva negolide ngeke likwazi ukusikhulula ngosuku lokufutheka kukaJehova,’ kusho uZefaniya. Ngakho ukululungela ngeke kuncike ekuzibekeleleni izinto ezibonakalayo. (Zefaniya 1:18; IzAga 11:4; Hezekeli 7:19) Kunalokho, kudingeka siphaphame ngokomoya, usuku nosuku siphile njengabalulungele. Kudingeka sibe nesimo sengqondo esifanele—nezenzo ezihambisana naso. UMika wathi: “Mina, ngizohlala ngibheke uJehova. Ngizobonisa isimo sengqondo sokumlinda uNkulunkulu wensindiso yami.”—Mika 7:7.
20. Yiziphi izinto ezingasishintshi isimo sethu sengqondo sokulinda?
20 Uma unaso lesi simo sengqondo sokulinda, uyobe ufakazela ukuthi umi ngomumo, ubheké usuku lukaJehova. Ngeke uzihluphe ngomhla wokufika kwalo noma ukuthi usululinde isikhathi eside kangakanani. Zonke iziprofetho ezimayelana nalolo suku ziyogcwaliseka ngesikhathi sikaJehova esifanele futhi ngeke zephuze. UJehova watshela uHabakuki: “Umbono usengowesikhathi esimisiwe, ulokhu uphuthuma ekupheleni, futhi ngeke uqambe amanga. Ngisho noma ungase ulibale [ngokubheka komuntu], hlala uwulindele; ngoba nakanjani uzogcwaliseka. Ngeke wephuze [ngokubheka kukaJehova].”—Habakuki 2:3.
21. Yini ozoyizuza kwesisazokufunda kule ncwadi?
21 Kule ncwadi, uzofunda ukuthi ungasibonisa kanjani isimo sengqondo sokulindela uNkulunkulu wensindiso. Yiziphi izinzuzo ongazilindela? Le ncwadi izogxila engxenyeni yeBhayibheli okungenzeka awuyijwayele—abaprofethi abangu-12 ababizwa ngokuthi abaProfethi Abancane. Ngakho-ke kunamaphuzu athakazelisayo ozowaqonda. Ngokwesibonelo, eNgxenyeni 2, uzofunda indlela ‘yokufuna uJehova’ futhi uqhubeke uphila. (Amose 5:4, 6) Ngosizo lwalezi zincwadi ezingu-12, ungase uqonde indlela yokwazi uJehova kangcono futhi uthuthukise umbono wakho wokumkhonza ngisho nangokwengeziwe. Ngosizo lwalaba baprofethi, akuthandabuzwa ukuthi uyobuqonda ngokujulile ubuntu bakhe. ENgxenyeni 3, kuzokukhanyela kahle ukuthi uJehova ulindele ukuba usebenzelane kanjani namalungu omkhaya nabanye. Lokho kungakusiza ukuba ululungele usuku lwakhe olukhulu. Ekugcineni, eNgxenyeni 4, uzofunda ngeseluleko sabaprofethi ngokuthi isimo sakho sengqondo kufanele sibe njani njengoba usuku lukaJehova luya lusondela, nokuthi inkonzo yakho yobuKristu ingathinteka kanjani. Kuzokujabulisa impela ukufunda okushiwo isigijimi sabaprofethi ngokuthi ikusasa lakho lingaba njani.
22. Ungathanda sikuthinte kanjani iseluleko esisezincwadini zabaprofethi abangu-12?
22 Usawakhumbula amazwi kaZefaniya anomuzwa wokuphuthuma acashunwe ekuqaleni kwalesi sahluko? (Zefaniya 1:14) Lokho akusho kwathinta ukuphila kwenkosi esencane uJosiya. Lapho eneminyaka engu-16 nje kuphela, uJosiya waqala ukufuna uJehova. Eseneminyaka engu-20, waqala umkhankaso wokuqeda ukukhulekela izithombe, ngokuvumelana nesikhuthazo sikaZefaniya kubantu bakwaJuda nabaseJerusalema. (2 IziKronike 34:1-8; Zefaniya 1:3-6) Ingabe isixwayiso esiphathelene nosuku lukaJehova sikuthintile ukuphila kwakho kwansuku zonke njengoba sathinta uJosiya? Ake sibone indlela laba baprofethi abangu-12 abangamsiza ngayo ngamunye wethu.
a U-Isaya, owaphila sikhathi sinye neqembu lokuqala lalaba baprofethi abangu-12, noHezekeli, owaphila sikhathi sinye neqembu lesibili, nabo baxwayisa ngosuku lukaJehova.—Isaya 13:6, 9; Hezekeli 7:19; 13:5; bheka iSahluko 2 sale ncwadi, izigaba 4-6.
b Ukuze uthole ubufakazi obengeziwe bokuthi lolu suku lunabo ubuhle obuthile, siza ufunde uHoseya 6:1; uJoweli 2:32; u-Obadiya 17; uNahume 1:15; uHabakuki 3:18, 19; uZefaniya 2:2, 3; uHagayi 2:7; uZakariya 12:8, 9; noMalaki 4:2.
c Abanye balaba baprofethi abangu-12 baprofetha ngezizwe eziningana, hhayi esisodwa nje kuphela.