Sondela KuNkulunkulu
‘Akakude Kulowo Nalowo Kithi’
UMA beqhathaniswa nendawo yonke, abantu bawubala ngempela. Mhlawumbe wake wazibuza, ‘Ingabe kungenzeka ukuba abantu abayize nje babe nobuhlobo obuseduze noNkulunkulu uMninimandla onke?’ Lokho bekungenzeka uma uNkulunkulu, ogama lakhe linguJehova, efuna ukuba sisondele kuye. Ingabe uyafuna? Impendulo eduduzayo ingatholakala emazwini anobuciko ashiwo umphostoli uPawulu emadodeni afundile ase-Athene alotshwe encwadini yezEnzo 17:24-27. Phawula izinto ezine uPawulu azisho ngoJehova.
Okokuqala, uPawulu uthi uNkulunkulu ‘wenza umhlaba nakho konke okukuwo.’ (Ivesi 24) Izinto ezinhle nezinhlobonhlobo ezenza ukuphila kujabulise ziwubufakazi bokuthi uMdali wethu uyacabangela futhi unothando. (Roma 1:20) Kungase kungazwakali ukucabanga ukuthi uNkulunkulu onjalo angakhetha ukuba kude nabantu abathandayo.
Okwesibili, uJehova “unika bonke abantu ukuphila nomoya nazo zonke izinto.” (Ivesi 25) UJehova unguMsekeli wokuphila. (IHubo 36:9) Umoya, amanzi, nokudla okubaluleke kakhulu ekuphileni konke kuyizipho ezivela kuMdali wethu. (Jakobe 1:17) Ingabe kunengqondo ukukholwa ukuthi uNkulunkulu wethu ophanayo angazidedisela kude nathi futhi ngaleyo ndlela asincishe isipho sokumazi nesokusondela kuye?
Okwesithathu, uNkulunkulu ‘wenza zonke izizwe zabantu ngomuntu oyedwa.’ (Ivesi 26) UJehova akakhethi futhi akabandlululi nanganoma iyiphi indlela. (IzEnzo 10:34) Ubengakwenza kanjani okuphambene? Wadala ‘umuntu oyedwa,’ u-Adamu, okwavela ngaye zonke izizwe nezinhlanga. ‘Intando’ kaNkulunkulu “iwukuba zonke izinhlobo zabantu zisindiswe.” (1 Thimothewu 2:4) Ngakho ithuba lokusondela kuye lisivulekele sonke kungakhathaliseki ibala lesikhumba sethu, ubuzwe noma isizinda sohlanga.
Okokugcina, uPawulu uveza iqiniso eliqinisekisa nakakhulu: UJehova ‘akakude kulowo nalowo kithi.’ (Ivesi 27) Nakuba ephakeme kakhulu, uJehova utholakala ngaso sonke isikhathi kulabo abafuna ngobuqotho ukusondela kuye. IZwi lakhe liyasiqinisekisa ukuthi akakude, kodwa ‘useduze nabo bonke abambizayo.’—IHubo 145:18.
Ngokwamazwi kaPawulu, kusobala ukuthi uNkulunkulu ufuna ukuba sisondele kuye. Kodwa, uPawulu uchaza ukuthi yilabo abazimisele ‘ukumfuna nokumphumputha’ kuphela abavumela ukuba basondele kuye ngaleyo ndlela. (Ivesi 27) Incwadi yezikhombo yabahumushi beBhayibheli ithi “zombili lezi zenzo ziqondwa njengezichaza into engafinyeleleka . . . noma isifiso esingafezeka.” Ngokwesibonelo: Egumbini elimnyama kodwa olijwayele, ungase uphumputhe isibani noma umnyango, kodwa uyazi ukuthi uzowuthola njengoba uwufuna. Ngakho-ke, nathi uma simfuna ngobuqotho uNkulunkulu futhi simphumputha, singaqiniseka ukuthi imizamo yethu iyophumelela. UPawulu uyasiqinisekisa ukuthi ‘siyomthola ngempela.’—Ivesi 27.
Ingabe uyakulangazelela ukusondela kuNkulunkulu? Uma ngokholo uqala ‘ukufuna uNkulunkulu’ futhi ‘umphumputhe,’ ngeke udumazeke. Akunzima ukumthola uJehova, ngoba ‘akakude kulowo nalowo kithi.’