Isizathu Sokuba Ugweme Ukusebenzelana Nemimoya
UMA uye wafundiswa ukuthi ezinye izinhlobo zokusebenzelana nemimoya ziyizindlela zokuxhumana nemimoya emihle, kungase kukumangaze ukwazi ukuthi iBhayibheli lithini ngokusebenzelana nemimoya. Ngokwesibonelo, lithi: “Ningaphendukeli kwabanamadlozi nakubathakathi, ningabafuni ukuba ningcoliswe yibo.”—Levitikusi 19:31; 20:6, 27.
Eqinisweni, iBhayibheli lichaza umuntu osebenzelana nemimoya ngokuthi “uyisinengiso kuJehova.” (Duteronomi 18:11, 12) Ngani? Ukuhlolisisa lokho iBhayibheli elikushoyo ngesinye isici esiyinhloko sokusebenzelana nemimoya—ukuxhumana nabafile kokuzisholo—kuzowuphendula lowo mbuzo.
Ingabe Abafile Bayaphila?
Ngokuphambene nalokho abantu abaningi abakucabangayo, iZwi likaNkulunkulu, iBhayibheli, lifundisa ukuthi akunakwenzeka ukuba abantu baxhumane nabathandekayo abafile. Ngani? Phela ukuze umuntu akwazi ukukhuluma nabantu abafile, kufanele kube ukuthi abafile bayaphila. Kufanele kube nengxenye yabo ethile esindayo ekufeni. Abanye bathi umphefumulo uyaqhubeka uphila lapho umzimba ufa. Ingabe lokho kuyiqiniso?
Ukulandisa kweBhayibheli kokudalwa komuntu kuthi: “UJehova uNkulunkulu wambumba umuntu ngomhlabathi, waphefumulela emakhaleni akhe umoya wokuphila; kanjalo umuntu waba umphefumulo ophilayo.” (Genesise 2:7) Ingabe lokhu akwembuli ukuthi umuntu ngokwakhe ungumphefumulo hhayi ukuthi unomphefumulo ongafi oqhubeka uphila ngemva kokufa komzimba? Eqinisweni, imiBhalo ithi: “Umphefumulo owonayo uyakufa.” (Hezekeli 18:4) “Abaphilayo bayazi ukuthi bayakufa, kepha abafileyo abazi lutho . . . Akukho msebenzi, namcabango, nakwazi nakuhlakanipha endaweni yabafileyo,” ethuneni lesintu elivamile.—UmShumayeli 9:5, 10.
Ngakho-ke ngokweBhayibheli, umphefumulo awuyona into esindayo lapho umzimba ufa, abantu abaphilayo abangase bakwazi ukuxhumana nayo kamuva. Nazi izibonelo ezimbili zezazi zeBhayibheli ezihlonishwayo eziye zaphetha ngokuthi umphefumulo uyafa. Isazi semfundiso yenkolo saseCanada uClark H. Pinnock saphawula: “Lo mbono [wokuthi umphefumulo womuntu awufi] uye wathonya imfundiso yenkolo isikhathi eside kakhulu kodwa awusekelwe eBhayibhelini. IBhayibheli alifundisi ukuthi umphefumulo awufi.” Ngokufanayo, isazi saseBrithani uJohn R. W. Stott sathi: “Ukungafi—ngaleyo ndlela ukungabhubhiseki—komphefumulo kungumbono wamaGreki hhayi weBhayibheli.”
Noma kunjalo, abantu bayayithola imiyalezo futhi bezwe amazwi okuba sengathi avela kwabafileyo. Pho, kusuke kungobani abakhulumayo?
Ukuxhumana Nobani?
IBhayibheli lilandisa ukuthi umuntu womoya ongabonakali wasebenzisa inyoka, ngendlela umdlalisi wonodoli enza ngayo kube sengathi bayakhuluma, ukuze axhumane nowesifazane wokuqala u-Eva, futhi amholele ekubeni ahlubuke kuNkulunkulu. (Genesise 3:1-5) IBhayibheli libiza lo muntu womoya, noma ingelosi ngokuthi “inyoka yokuqala, lowo obizwa ngokuthi uDeveli noSathane, odukisa umhlaba wonke owakhiwe.” (IsAmbulo 12:9) Lowo muntu, uSathane, waphumelela ekuyengeni ezinye izingelosi ukuba zihlubuke. (Jude 6) Lezi zingelosi ezimbi zibizwa ngokuthi amademoni futhi ziyizitha zikaNkulunkulu.
IBhayibheli libonisa ukuthi amademoni anamandla okuthonya abantu. (Luka 8:26-34) Yingakho nje uMthetho kaNkulunkulu uthi: “Makungafunyanwa kuwe umuntu . . . obhula emadlozini, noma umthakathi, noma umlozikazana. Ngokuba yilowo nalowo ozenza lezi zinto uyisinengiso kuJehova.” (Duteronomi 18:10-12) Yiziphi izingozi zokuwushaya indiva lo mthetho?
Indaba eyenzeka ngokoqobo eNkosini uSawule yakwa-Israyeli wasendulo iyawuphendula lowo mbuzo? Ngenxa yokwesaba izitha zayo, iNkosi uSawule yafuna isangoma. Yasicela ukuthi sixhumane nomprofethi uSamuweli owayesashona. Lapho uSawule ezwa indlela isangoma esachaza ngayo ikhehla, wacabanga ukuthi lesi sithunzi kwakunguSamuweli. Myalezo muni uSawule awuthola? U-Israyeli wayezonikelwa ezandleni zezitha, futhi uSawule namadodana akhe babezoba “noSamuweli,” okwakubonisa ukuthi babezofa. (1 Samuweli 28:4-19) UNkulunkulu wasabela kanjani esinqumweni sikaSawule sokuya esangomeni? ImiBhalo iyasitshela: “Wafa kanjalo-ke uSawule ngesiphambeko sakhe . . . nangokuba kade eyile ukubhula konedlozi ukuba abuze kuye.” (1 IziKronike 10:13) Yeka indlela ebuhlungu akhokha ngayo!
Ngokufanayo namuhla, labo abasebenzelana nemimoya bazibeka engozini yokufa. IBhayibheli lixwayisa ngokuthi “labo abasebenzisa imimoya” bayothola “ukufa kwesibili [noma kwaphakade].” (IsAmbulo 21:8; 22:15) Khona-ke, kusobala ukuthi inkambo ewukuhlakanipha nesindisa ukuphila ukugwema zonke izinhlobo zokusebenzelana nemimoya.
Indlela Yokumelana Nemimoya Emibi
Kuthiwani uma usuvele usebenzelana nayo? Khona-ke uyobe wenza kahle ngokusheshe uthathe izinyathelo zokuzivikela ekulinyazweni yimimoya emibi wena kanye nomkhaya wakho. Ziphi izinyathelo? Ngokwesibonelo: Umuntu uwuvikela kanjani umuzi nomkhaya wakhe ezilokazaneni eziyinkathazo? Ngemva kokuzikhiphela ngaphandle komuzi, ukhipha izinto ezizibizayo emzini wakhe. Uvala imifantu futhi aqinise izindonga ukuze zingangeni izilokazane, futhi uma ziphikelela, angase acele usizo lwabaphethe emphakathini.
Indlela efanayo ingase ikusize ukuba umelane nemimoya emibi futhi ugqashule kuyo. Cabangela isibonelo samaKristu ekhulu lokuqala e-Efesu ayesebenzelana nemimoya ngaphambi kokuba abe amaKristu. Ngemva kokunquma ukugqashula ekusebenzelaneni nemimoya, athatha izinyathelo ezintathu ukuze azivikele ekuhlaseleni kwemimoya emibi okunjengokwezilokazane. Enzani?
Isinyathelo Sokuqala
IBhayibheli liyachaza: “Abaningana impela kulabo ababenza ubuciko bemilingo baletha izincwadi zabo ndawonye futhi bazishisa phambi kwawo wonke umuntu.” (IzEnzo 19:19) Ngokushisa izincwadi zawo zokubhula, lawo maKristu amasha ababekela isibonelo bonke abafisa ukumelana nemimoya emibi namuhla. Lahla zonke izinto ezihlangene nokusebenzelana nemimoya. Lokhu kuyohlanganisa zonke izincwadi, omagazini, omagazini bopopayi, ama-video, izithombe, izinto ezivela emithonjeni yama-electron nomculo osetshenziselwa imimoya, kanye nezigqizo nanoma iziphi ezinye izinto ezigqokelwa “ukuzivikela.”—Duteronomi 7:25, 26; 1 Korinte 10:21.
Indoda ethile eNingizimu Melika okwase kungamashumi eminyaka isebenzelana nemimoya yasithatha ngokungathi sína lesi seluleko esingokomBhalo. Iyakhumbula: “Ngolunye usuku, ngaqoqela phambi komuzi wami zonke izinto zokusebenzelana nemimoya, ngathatha imbazo, ngaziqoba ngazenza izicucu.” Yabe isizishisa zonke akwangasala lutho. Ngemva kwalokho yathuthuka kahle ngokomoya futhi kungakapholi maseko yaba isikhonzi esishisekayo kwelinye lamabandla oFakazi BakaJehova.
Nokho, leso sinyathelo sokuqala asanele. Ngani? Phela, ngisho nangemva kweminyaka lawo maKristu ase-Efesu azilahla izincwadi zawo zemilingo, umphostoli uPawulu wabhala: ‘Sibambene nendikimba yomoya ababi.’ (Efesu 6:12) Amademoni ayengazange aphele amandla. Ayesafuna ukubaxhaphaza. Yini enye okwakudingeka lawo maKristu ayenze?
Isinyathelo Sesibili
UPawulu wanxusa abase-Efesu bekhulu lokuqala: “Gqokani sonke isambatho sokuzivikela esivela kuNkulunkulu ukuze nikwazi ukuma niqinile ekumelaneni namaqhinga kaDeveli.” (Efesu 6:11, umbhalo waphansi we-NW) Leso seluleko sisasebenza nanamuhla. Njengomuntu osuke efuna ukugcina umuzi wakhe ungenazo izilokazane, umKristu kufanele aqinise izikhali zakhe zokuzivikela ezinjengodonga ukuze imimoya emibi ingakwazi ukumthola. Lesi sinyathelo sesibili sihilelani?
UPawulu uyagcizelela: “Ngaphezu kwazo zonke izinto, thathani isihlangu esikhulu sokholo, eniyokwazi ngaso ukucima zonke izikhali ezijikijelwayo ezivuthayo zomubi.” (Efesu 6:16) Lesi sihlangu sibalulekile ngempela. Uma ukholo lwakho luqinile, kulapho uzomelana ngokuqinile nebutho lomoya ababi.—Mathewu 17:20.
Pho, ungaziqinisa kanjani izikhali zakho zokuzivikela? Ngokuqhubeka nesifundo sakho seBhayibheli. Isifundo seBhayibheli sihlobene kanjani nokholo? Phela, njengoba nje ukuqina kodonga kuncike ekutheni isisekelo siqine kangakanani, kanjalo nokuqina kokholo lomuntu kuncike ekutheni isisekelo salo siqine kangakanani. Siyini leso sisekelo?
Ulwazi olunembile lweZwi likaNkulunkulu. Umphostoli uPawulu uyachaza: “Ukholo lulandela into ezwiweyo. Nento ezwiweyo iza ngezwi eliphathelene noKristu.” (Roma 10:17) Umenywa ukuba ucele isifundo seBhayibheli samahhala komunye woFakazi BakaJehova, isikhathi nendawo evumelana nawe. Isifundo esinjalo siyoqinisa ukholo lwakho. (Roma 1:11, 12; Kolose 2:6, 7) Ube yini umphumela? Ngokushesha ukholo lwakho luyoba inqaba eyosebenza njengesihlangu ethonyeni lemimoya emibi.—IHubo 91:4; 1 Johane 5:5.
Yisiphi isinyathelo sesithathu lawo maKristu ase-Efesu okwadingeka asithathe?
Isinyathelo Sesithathu
E-Efesu lasendulo lawo makholwa ayesemasha ayethathe izinyathelo zokumelana nemimoya emibi, kodwa lawo maKristu ayesahlala edolobheni elaligcwele ubudemoni. Ayedinga isivikelo esengeziwe. Ngakho lapho uPawulu ebhalela amakholwa akanye nawo, wawatshela okwakufanele akwenze: ‘Aqhubeke ethandaza ngomoya ngazo zonke izinhlobo zomthandazo nokunxusa ngezikhathi zonke. Futhi ngenxa yaleyonjongo ahlale ephapheme ngakho konke ukuqinisela nangokunxusa ngenxa yabo bonke abangcwele.’—Efesu 6:18.
Ngokuqinisekile, ukuthandaza ngokujulile ngaso sonke isikhathi ucele isivikelo sikaJehova kwakuyisinyathelo esidingekayo sokuvikeleka emimoyeni emibi, futhi kuseyiso namanje. Futhi kuyaduduza ukwazi ukuthi uJehova uyophendula ukunxusa kwakho okusuka enhliziyweni ngokukunika isivikelo sakhe, esihlanganisa ukusekelwa yizingelosi zakhe. (IHubo 34:7; 91:2, 3, 11, 14; 145:19) Ngakho-ke, kubaluleke kakhulu ukuphikelela ekuthandazeni kuNkulunkulu sithi, “Usikhulule komubi.”—Mathewu 6:13; 1 Johane 5:18, 19.
U-Antônio waseBrazil owayeyisangoma, wakwazisa ukubaluleka komthandazo. Ngemva kokwamukela isifundo seBhayibheli nokufunda igama likaNkulunkulu, uJehova, waqala ukuthandaza ngokujulile kuJehova uNkulunkulu ukuba amsize agqashule ekusebenzelaneni nemimoya. Ebheka emuva, uthi: “Ukuthandaza kuJehova kuye kwaba isivikelo kimi nakwabaningi ababegqilazwe imimoya emibi ekuqaleni.”—IzAga 18:10.
Ungaphumelela
Kubalulekile ukuba ngemva kokwazi uJehova, umethembe ngokuphelele, uzithobe ngaphansi kwegunya lakhe futhi ulalele imiyalo yakhe. Uma wenza lokhu, lapho umbiza ukuba akusize, usebenzisa igama lakhe, uyokuvikela. U-Antônio wathola isivikelo esinjalo. Namuhla ungumdala ongumKristu kwelinye lamabandla oFakazi BakaJehova eSão Paulo futhi uyabonga ngokuthi wathola iqiniso elamkhulula.—Johane 8:32.
Njengo-Antônio kanye nezinye izinkulungwane zabantu ababesebenzelana nemimoya manje asebekhonza uJehova uNkulunkulu, ungaphumelela ekugqashuleni ekusebenzelaneni nemimoya. Ngakho-ke, lahla izinto ezihlangene nokusebenzelana nemimoya, qinisa ukholo lwakho ngesifundo seBhayibheli futhi uthandazele isivikelo sikaJehova. Thatha lezi zinyathelo—ukuphila kwakho kuxhomeke kuzo!
[Amazwi acashunwe esihlokweni ekhasini 5]
IBhayibheli lithi abaphilayo abakwazi ukuxhumana nabafile
[Isithombe ekhasini 6]
1. Lahla zonke izinto ezihlangene nokusebenzelana nemimoya
[Isithombe ekhasini 7]
2. Qhubeka utadisha iBhayibheli
[Isithombe ekhasini 8]
3. Thandaza ngokujulile njalo