-
Badala—Phathani Umhlambi KaNkulunkulu Ngothando!INqabayokulinda—1989 | Septhemba 15
-
-
Mina ngiyazi ukuthi emva kokumuka kwami kuzakungena kini izimpisi ezihahayo zingawuhawukeli umhlambi,
-
-
Badala—Phathani Umhlambi KaNkulunkulu Ngothando!INqabayokulinda—1989 | Septhemba 15
-
-
4. (a) Ngokuhamba kwesikhathi, yini eyenzeka ngokuvumelana nesixwayiso sikaPawulu kuzEnzo 20:29, 30? (b) Imiphi imibuzo manje efanele ukucatshangelwa?
4 Ngokuhamba kwesikhathi, “izimpisi ezihahayo” eziyizihlubuki zavela futhi ‘aziwuhawukelanga umhlambi.’ Kodwa yeka ukuthi sijabula kanjani ngokuthi abadala abaphakathi koFakazi BakaJehova ababenzi ubudlova obunjalo! Nokho, hlobo luni lwempatho abakholwa nabo abangalulindela kulababonisi abamiswe ngomoya? Futhi labo abamisiwe bangakubonisa kanjani ukuzicabangela ngothando izimvu zikaJehova?
Bangawubusi Umhlambi
5. (a) Ngokuvamile abaholi bezwe babaphatha kanjani labo abangaphansi kwabo? (b) UJesu wabonisa kanjani ukuthi ubushiqela abunandawo phakathi kwabalandeli bakhe?
5 Singakulindela ngokufanelekile ukuba abadala abangamaKristu basiphathe ngendlela enesihawu. Abafani nababusi bezwe, ngokuvamile abababusa ngobushiqela abangaphansi kwabo. Ngokwesibonelo, kubikwa ukuthi inkosi engumFulentshi uCharlemagne (owabusa ngo-768-814 C.E.) “waphoqelela amaSaxon, ngaphansi kwesigwebo sokufa, ukuba amukele ubhapathizo, wabagwebela ezijezisweni ezinzima abaphula iLent (inkathi yokuzila nokubuyisana), futhi yonke indawo wasebenzisa impoqo esikhundleni sokubonisana.” (The History of the Christian Church, kaWilliam Jones)
-