Umbono WeBhayibheli
Ubaluleke Kangakanani Unyaka Ka-2000?
ABANTU abaningi emazweni aseNtshonalanga nakwamanye amazwe amaningi abakubheki njengokubalulekile ngokwenkolo lokho okuzokwenzeka ngonyaka ka-2000. Ngokwesibonelo, amaJuda, amaSulumane namaHindu anamakhalenda awo angokwenkolo angahambisani nawamazwe aseNtshonalanga. AmaShayina asebenzisa ikhalenda elibala ngomjikelezo wenyanga ukuze athole izinsuku ezingokwenkolo nezokwenza amasiko. Ngakho-ke, kubantu abayizinkulungwane zezigidi namuhla, mhlawumbe iningi labantu abakhona ezweni, unyaka ka-2000 awusho lutho.a
Noma kunjalo, ikakhulukazi emazweni aseNtshonalanga, abaningi bakubheke ngamehlo abomvu ukuqala kwenkulungwane elandelayo yeminyaka okusondelayo njengoba kuphawulwa ikhalenda likaGregory. Abaningi akukhona nje ukuthi banelukuluku lokufuna ukwazi kuphela. Babheka unyaka ka-2000 njengokuqala kwenkathi entsha, njengenkathi yezinguquko ezibalulekile emlandweni. Abaningi abathi bayakholelwa eBhayibhelini bahlanganisa ukugcwaliseka kweziprofetho nonyaka ka-2000. Abanye balindele izibonakaliso ezingokomoya ngezinga elikhulu. Abanye besaba ukuthi kungase kube nenhlekelele—ukuphela kwezwe. Ingabe sikhona isisekelo esinikezwa iBhayibheli sokulindela lokhu?
UJehova, Umgcini-sikhathi
UNkulunkulu weBhayibheli uchazwa ‘njengomdala wezinsuku.’ (Daniyeli 7:9) Ulawula isikhathi ngokunemba okuphelele, njengoba kubonakala ekusebenzeni kwendalo yakhe, kusukela ekujikelezeni konozungezilanga kuye ekuhambeni kwezinhlayiyana zama-athomu. Unohlelo lwakhe lwesikhathi anamathela kulo ngokuqondile. IBhayibheli lithi: “Wanquma izikhathi ezimisiwe nemikhawulo emisiwe yokuhlala kwabantu.” (IzEnzo 17:26) UJehova unguMgcini-sikhathi ongenaphutha.
Ngokufanelekile, iBhayibheli liyakunakisisa ukulandelana kwezenzakalo ngokohlelo lwezikhathi. Linikeza ukulandisa okuqhubekayo okwenza ukuba ukwazi ukubala uhlehlele emuva ekuqaleni komlando. Indlela yokubala enjalo ikhomba u-4026 B.C.E. njengonyaka uNkulunkulu adala ngawo u-Adamu. Eminyakeni engu-2000 kamuva, kwazalwa u-Abrahama. Kwase kudlule eminye iminyaka engu-2000 ngesikhathi kuzalwa uJesu.
Abanye abahlola uhlelo lwezikhathi lweBhayibheli baye baklama indlela yokubala ekhomba ezinsukwini ezithile esikhathini esizayo. Ngokwesibonelo, abanye baye babikezela ukuthi kuyoba khona isenzakalo esibi ekupheleni kwenkathi yeminyaka engu-2000 kusukela uJesu azalwa, bekusekela ekulandelaneni kwenkathi yeminyaka ecishe ibe ngu-2000 ehlukanisa u-Adamu, no-Abrahama noJesu. Lesi kumane nje kungesinye isibonelo sezindlela zokubala eziningi okuthiwa zisekelwe ohlelweni lwezikhathi lweBhayibheli.
Kuyavunywa, iBhayibheli liyakhuluma ngesikhathi lapho uJehova uNkulunkulu eyongenela ezindabeni zabantu ngokususa ububi alethe izwe elisha. Isiprofetho seBhayibheli sikhuluma ‘ngesikhathi sokuphela,’ ‘isiphelo sesimiso sezinto,’ ‘izinsuku zokugcina,’ ‘nosuku lukaJehova.’ (Daniyeli 8:17; Mathewu 24:3; 2 Thimothewu 3:1; 2 Petru 3:12) Nokho, ‘ukuphela’ okwaprofethwa ngakho eBhayibhelini akuhlangene nakancane nonyaka ka-2000. Akukho lutho emiBhalweni olwenza ukuphela kwenkulungwane yesibili yeminyaka kubaluleke njengoba ibalwa ikhalenda likaGregory.
“Ziyokwenzeka Nini Lezizinto?”
Abaphostoli bakaJesu babonisa isithakazelo esiqotho ohlelweni lwesikhathi lukaNkulunkulu lapho bebuza uJesu: “Sitshele, ziyokwenzeka nini lezizinto, futhi siyoba yini isibonakaliso sokuba khona kwakho nesesiphelo sesimiso sezinto?” (Mathewu 24:3) Abaningi namuhla banelukuluku elifanayo lokufuna ukwazi ngekusasa. Kungokwemvelo ukuzilangazelela ngobuqotho iziprofetho zeBhayibheli ezibaluleke kanjalo kanye nesikhathi sokugcwaliseka kwazo. Nokho, kuhlakaniphile ukwamukela nokuhlonipha isikhundla sikaNkulunkulu kule ndaba.
UJehova uye wembula izinhloso zakhe ngeNdodana yakhe futhi wanikeza impendulo eqondile kule ndaba. Lapho uJesu esezokwenyukela ezulwini, abafundi bakhe baphinda bambuza ngesikhathi sokugcwaliseka kwezithembiso zikaNkulunkulu. UJesu waphendula: “Akukhona okwenu ukuthola ulwazi ngezikhathi noma izinkathi uBaba azibeke egunyeni lakhe siqu.” (IzEnzo 1:7) Esikhathini esingaphambili uJesu watshela abafundi bakhe: “Ngokuphathelene nalolosuku nalelohora akekho owaziyo, nazingelosi zasemazulwini naNdodana, kodwa uBaba kuphela.”—Mathewu 24:36.
Ngokusobala, “ulwazi ngezikhathi noma izinkathi,” ikakhulukazi uma kuphathelene nokugcwaliseka kweziprofetho zeBhayibheli, akukho emandleni omuntu. UNkulunkulu ukhethe ukungasambuleli ukwaziswa okunjalo. (Mathewu 24:22-44) Ingabe singayithonya ngandlela-thile injongo kaNkulunkulu ngokuzikalela ‘lolosuku nalelohora’ ngokwethu, ngokuphambene nezifiso zakhe? Ngokusobala, lokhu akunakwenzeka. (Numeri 23:19; Roma 11:33, 34) IBhayibheli lithi: “Icebo likaJehova limi phakade.” (IHubo 33:11) Njengoba enguNkulunkulu ongumninimandla onke, uhlale ephumelela.—Isaya 55:8-11.
Naphezu kwamandla kaNkulunkulu okugcina “ulwazi ngezikhathi noma izinkathi . . . egunyeni lakhe siqu,” abaningi basathanda ukuqagela. Abanye baye bazenza ukuba babe abaprofethi bokulahlwa. Ngenxa yalokhu umphostoli uPawulu wanikeza isiqondiso esingagunci kwabaseThesalonika mayelana nengozi yokulalela labo abaqagela izinsuku ezithile. Wabhala: “Siyanicela ukuba ninganyakaziswa masinyane engqondweni yenu noma nithuswe inkulumo ethile ephefumulelwe noma isigijimi somlomo noma incwadi okusengathi ivela kithi, ethi usuku lukaJehova selufikile. Maningayengwa muntu nganoma iyiphi indlela.”—2 Thesalonika 2:1-3.
OFakazi BakaJehova bakholelwa ngokuqinile ukuthi izinjongo zikaNkulunkulu ngekusasa ngokuqinisekile uzozifeza ngesikhathi sakhe asinqumé kusengaphambili, ngosuku nangehora alikhethile. (Habakuki 2:3; 2 Petru 3:9, 10) Futhi sikholelwa ukuthi lezi zenzakalo zizokwenzeka esikhathini esingekude kakhulu esizayo. (2 Thimothewu 3:1-5) Nokho, asiqageli noma sisekele lezo zinkolelo-mbono ezonakalisayo namuhla.b Ngokuqinisekile unyaka ka-2000, noma ka-2001, noma ikuphi ukuqala kwesikhathi okushiwo umuntu akuhlangene ngalutho nohlelo lukaJehova lwesikhathi.
[Imibhalo yaphansi]
a Ngokwezobuchwepheshe, lokho okubizwa ngokuthi inkulungwane yesithathu yeminyaka kuqala ngo-January 1, 2001. Inkulungwane yokuqala yeminyaka ayiqalanga ngonyaka ka-0 kodwa, kunalokho, ngonyaka ka-1. Nokho, umphakathi uhlanganisa elithi “inkulungwane yesithathu yeminyaka” nonyaka ka-2000. Lesi sihloko sigxile ezintweni ezithile abantu abaningi abazilindele ngonyaka ka-2000.
b INqabayokulinda ka-September 1, 1997, amakhasi 21-2, ithi: “OFakazi BakaJehova bebelokhu belangazelela ukwazi ukuthi luyoba nini usuku lukaJehova. Benalokho kulangazela, ngezinye izikhathi baye benza imizamo yokulinganisela ukuthi lungase lufike nini. Kodwa ngokwenze njalo, njengabafundi bakaJesu bokuqala, baye bahluleka ukulalela isixwayiso seNkosi yabo esithi ‘asazi ukuthi sinini isikhathi esimisiwe.’ (Marku 13:32, 33) Abahleki bosulu baye bawahleka usulu amaKristu akholekile ngenxa yamathemba awo angaphambi kwesikhathi. (2 Petru 3:3, 4) Noma kunjalo, uPetru uqinisekisa ukuthi usuku lukaJehova luzofika, ngokohlelo lwaKhe lwesikhathi.”