UMbumbi Omkhulu Nomsebenzi Wakhe
“[Yiba] isitsha senjongo enodumo, . . . esilungiselelwe yonke imisebenzi emihle.”—2 THIMOTHEWU 2:21.
1, 2. (a) Kukanjani ukuthi indalo kaNkulunkulu eyindoda nowesifazane yayiwumsebenzi ovelele? (b) UMbumbi Omkhulu wababumbela yiphi injongo o-Adamu no-Eva?
UJEHOVA unguMbumbi Omkhulu. Indalo yakhe ewubuciko kwaba ngumzali wethu wokuqala, u-Adamu. IBhayibheli liyasitshela: “UJehova uNkulunkulu wambumba umuntu ngomhlabathi, waphefumulela emakhaleni akhe umoya wokuphila; kanjalo umuntu waba umphefumulo ophilayo,” okungukuthi, “isidalwa esiphefumulayo.” (Genesise 2:7, umbhalo waphansi we-NW) Leyo ndalo yokuqala engumuntu yayiphelele, yenziwe ngomfanekiso kaNkulunkulu uqobo, iwubufakazi bokuhlakanipha kwaKhe kwaphezulu nothando lwakhe lokulunga kweqiniso nobulungisa.
2 Esebenzisa ubambo luka-Adamu, uNkulunkulu wabuye wabumba umphelelisi nomsizi wendoda—owesifazane. Ubuhle buka-Eva obungenasici babudlula ngisho nobowesifazane omuhle kunabo bonke namuhla. (Genesise 2:21-23) Ngaphezu kwalokho, umbhangqwana wokuqala ongabantu wanikwa imizimba namakhono okuklanywe kahle ukuze ufeze umsebenzi owawuwabelwe wokwenza lo mhlaba ube yipharadesi. Wanikwa namandla okufeza umyalo kaNkulunkulu oshiwo kuGenesise 1:28: “Zalani, nande, nigcwalise umhlaba, niwunqobe, nibuse phezu kwezinhlanzi zolwandle, nezinyoni zezulu, nezilwanyana ezinwabuzelayo emhlabeni.” Ekugcineni, kule nsimu yembulunga yonke kwakuzohlala izinkulungwane zezigidi zabantu abajabulayo, abahlanganiswe uhlobo lothando ‘oluyisibopho esiphelele sobunye.’—Kolose 3:14.
3. Abazali bethu bokuqala baba kanjani yizitsha ezingenaludumo, futhi kwaba namuphi umphumela?
3 Ngokudabukisayo, abazali bethu bokuqala bakhetha ngamabomu ukuvukela igunya loMdali wabo onguMbusi, uMbumbi Omkhulu. Inkambo yabo yaba njengoba kuchazwe ku-Isaya 29:15, 16: “Wo kubona abajula ukuba basithezele uJehova isu labo, abamisebenzi yabo isebumnyameni, nabasho ukuthi: ‘Ngubani osibonayo, ngubani osaziyo, na?’ . . . Ibumba liyakulinganiswa nombumbi yini, ukuze okwenziweyo kusho ngokwenzileyo ukuthi: ‘Yena akangenzanga,’ na? noma okubunjiweyo kusho ngokubumbileyo ukuthi: ‘Akanakuqonda,’ na?” Ukungalaleli kwabo kwabangela inhlekelele—isigwebo sokufa okungunaphakade. Ngaphezu kwalokho, lonke uhlanga lwesintu olwavela kubo lwathola ufuzo lwesono nokufa. (Roma 5:12, 18) Indalo enhle yoMbumbi Omkhulu yathola isibazi esikhulu.
4. Iyiphi injongo enodumo esingase sisetshenziselwe yona?
4 Nokho, ngisho nakulesi simo samanje sokungapheleli, thina nzalo ka-Adamu owona singamdumisa uJehova ngamazwi eHubo 139:14: “Ngiyakukubonga, ngokuba ngenziwa ngokwesabekayo nangokumangalisayo; imisebenzi yakho iyamangalisa; umphefumulo wami uyakwazi kahle.” Nokho, yeka indlela okudabukisa ngayo ukuthi umsebenzi wokuqala wezandla zoMbumbi Omkhulu uye wathola isibazi esibi kangaka!
UMbumbi Wandisa Umsebenzi Wakhe
5. UMbumbi Omkhulu wayezolisebenzisa kanjani ikhono lakhe?
5 Ngokujabulisayo, uMdali wethu wayezosebenzisa ikhono lakhe njengoMbumbi ngisho nangemva kokubumba indalo yakhe yokuqala engabantu. Umphostoli uPawulu uyasitshela: “O muntu, ungubani-ke ngempela ukuba uphendulane noNkulunkulu? Into ebunjiwe ingasho yini kulowo oyibumbile ukuthi, ‘Ungenzeleni ngalendlela?’ Ini? Umbumbi akanalo yini igunya phezu kobumba ukuba enze esigaxeni esifanayo esinye isitsha kube esokusetshenziswa okunodumo, esinye kube esokusetshenziswa okungenaludumo?”—Roma 9:20, 21.
6, 7. (a) Abaningi namuhla bakhetha kanjani ukubunjelwa ukungabi naludumo? (b) Abalungileyo babunjelwa kanjani ukusetshenziswa okunodumo?
6 Yebo, omunye womsebenzi woMbumbi Omkhulu uyobunjelwa ukusetshenziswa okunodumo, omunye ukusetshenziswa okungenaludumo. Labo abakhetha ukuhambisana nezwe njengoba lizika obishini lokungamhloniphi uNkulunkulu babumbeka ngendlela eyobaphawulela ukubhujiswa. Lapho iNkosi ekhazimulayo, uKristu Jesu, ifika izokwahlulela, izitsha ezinjalo ezingenaludumo ziyobe zihlanganisa bonke abantu abanenkani abanjengezimbuzi ‘abayomuka baye ekunqunyweni okumi phakade,’ njengoba kusho uMathewu 25:46. Kodwa “abalungileyo” abanjengezimvu, labo ababunjelwe ukusetshenziswa “okunodumo,” bayozuza njengefa “ukuphila okuphakade.”
7 Ngokuthobeka, laba abalungileyo bayobe bezivumele ukuba babunjwe ngokwaphezulu. Baye bangena endleleni kaNkulunkulu yokuphila. Baye bamukela iseluleko esikweyoku-1 Thimothewu 6:17-19: “[Ningabeki] ithemba [lenu] engcebweni engaqinisekile, kodwa kuNkulunkulu, osinikeza zonke izinto ngokucebile ukuze sizijabulele.” Baye bazikhandla ukuba “basebenzele kokuhle, bacebe emisebenzini emihle, babe nesandla esivulekile, belungele ukwabelana izinto nabanye, bezibekelela ngokulondekile isisekelo esihle sesikhathi esizayo, ukuze babambisise ukuphila kwangempela.” Babunjwa yiqiniso laphezulu futhi babonise ukholo olungenakuzanyazanyiswa elungiselelweni likaJehova alenza ngoKristu Jesu, “owazinikela waba isihlengo esihambelanayo” ukuze abuyise konke okwalahleka ngenxa yesono sika-Adamu. (1 Thimothewu 2:6) Khona-ke, yeka indlela okumelwe sizithobe ngokuzithandela ngayo eselulekweni sikaPawulu sokuba ‘sigqoke ubuntu obusha, obenziwa bube busha ngolwazi olunembile ngokomfanekiso waLowo owabudala’!—Kolose 3:10.
Luhlobo Luni Lwesitsha Oyoba Yilo?
8. (a) Yini enquma uhlobo lwesitsha umuntu aba yilo? (b) Yiziphi izici ezimbili ezithonya ukulolongeka komuntu?
8 Yini enqumayo ukuthi umuntu uba yiluphi uhlobo lwesitsha? Isimo sengqondo nokuziphatha kwakhe. Lokhu kuqale kulolongwe yizifiso nokuthambekela kwengqondo. Inkosi ehlakaniphile uSolomoni yathi: “Inhliziyo yomuntu iceba indlela, kepha uJehova uyaqondisa izinyathelo zakhe.” (IzAga 16:9) Okwesibili, kulolongwa yizinto umuntu azizwayo nazibonayo, labo azihlanganisa nabo nalokho okwenzeka kuye. Ngakho, yeka indlela okubaluleke ngayo ukuba silalele lesi seluleko: “Ohamba nabahlakaniphileyo uyakuhlakanipha, kepha umngane weziwula uyakushoshozelwa yizo.” (IzAga 13:20) Njengoba eyesi-2 Petru 1:16 isixwayisa kumelwe sigweme ukulandela “izindaba ezingamanga eziklanywe ngobuciko,” noma ngokwenguqulo kaKnox yamaRoma Katolika, “izinganekwane eziqanjwe abantu.” Lokhu kungahlanganisa eziningi zezimfundiso nemikhosi yeLobukholwa elihlubukayo.
9. Iyiphi indlela esingasabela kahle ngayo ekulolongweni uMbumbi Omkhulu?
9 Khona-ke, uNkululunkulu angasibumba kuye ngokusabela kwethu. Ngokuthobeka phambi kukaJehova, singasho umthandazo kaDavide: “Ngih[l]ole, Nkulunkulu, wazi inhliziyo yami; ngilinge, wazi imicabango yami, ubone, uma kukhona indlela yosizi kimi, ungiholele endleleni yaphakade.” (IHubo 139:23, 24) UJehova wenza ukuba kushunyayelwe isigijimi soMbuso. Izinhliziyo zethu ziye zasabela ngokwazisa ezindabeni ezinhle nasekuholeni kwakhe ngokuqhubekayo. Ngenhlangano yakhe, usinika amalungelo ahlukahlukene ahlobene nokushunyayelwa kwezindaba ezinhle; masiwamukele futhi siwazise.—Filipi 1:9-11.
10. Kufanele sizikhandle kanjani ekulandeleni izimiso zezinto ezingokomoya?
10 Kubaluleke kakhulu ukuba sihlale silinakile iZwi likaNkulunkulu, sibe nesimiso sansuku zonke sokufunda iBhayibheli futhi senze imiBhalo nenkonzo kaJehova kube yisisekelo sezingxoxo zethu emikhayeni yethu naphakathi kwabangane bethu. Isimiso sokukhulekela kwasekuseni esiqhutshwa ngesikhathi sokudla kwasekuseni emkhayeni ngamunye waseBethel naseqenjini ngalinye lezithunywa zevangeli zoFakazi BakaJehova ngokuvamile sihlanganisa nokufundwa kafushane kweBhayibheli noma INcwadi Yonyaka, kushintshaniswa amasonto. Ingabe umkhaya wakho ungaba nelungiselelo elifanayo? Yeka izinzuzo sonke esizitholayo ngokuba kanye nabanye ebandleni lobuKristu, emihlanganweni esiba nayo ndawonye, futhi ikakhulukazi ngokuhlanganyela esifundweni se-Nqabayokulinda samasonto onke!
Ukubunjelwa Ukubhekana Nokulingwa
11, 12. (a) Singasisebenzisa kanjani ekuphileni kwethu kwansuku zonke iseluleko sikaJakobe esiphathelene nokulingwa? (b) Okwenzeka kuJobe kusikhuthaza kanjani ukuba sigcine ubuqotho?
11 Ekuphileni kwethu kwansuku zonke, uNkulunkulu uvumela izimo ezithile ukuba zivele, ezinye zazo esingase sizithole zinzima. Kufanele sizibheke kanjani? Njengoba uJakobe 4:8 eluleka, akufanele neze sibe lusizi, kodwa masisondele kuNkulunkulu, sethembele kuye ngenhliziyo yethu yonke, siqiniseka ukuthi njengoba ‘sisondela kuye, uyosondela kithi.’ Yiqiniso, kuyodingeka sikhuthazelele ubunzima nokuvivinywa, kodwa lokhu kuvunyelwa ngoba kunengxenye ekubunjweni kwethu, kube nomphumela ojabulisayo. UJakobe 1:2, 3 uyasiqinisekisa: “Kubhekeni njengenjabulo yodwa, bafowethu, lapho nihlangabezana nokulingwa okuhlukahlukene, njengoba nazi ukuthi lesisimo esivivinyiwe sokholo lwenu siveza ukukhuthazela.”
12 UJakobe uthi futhi: “Uma engaphansi kokulingwa, umuntu makangasho ukuthi: ‘Ngilingwa uNkulunkulu.’ Ngoba uNkulunkulu akanakulingwa ngezinto ezimbi futhi yena ngokwakhe akalingi muntu. Kodwa yilowo nalowo ulingwa ngokuhehwa nangokuhungwa isifiso sakhe siqu.” (Jakobe 1:13, 14) Ukulingwa kwethu kungase kube kuningi futhi kuhlukahluke, kodwa njengoba kwakunjalo ngoJobe, konke kunengxenye ekubunjweni kwethu. Yeka isiqinisekiso esihle imiBhalo esinika sona kuJakobe 5:11: “Bhekani! Sithi bayajabula labo abaye bakhuthazela. Niye nezwa ngokukhuthazela kukaJobe futhi nabona umphumela uJehova awunikeza, ukuthi uJehova unesisa kakhulu ekusondelaneni ngokomzwelo futhi unesihe.” Njengezitsha ezandleni zoMbumbi Omkhulu, kwangathi singagcina ubuqotho ngazo zonke izikhathi, siqiniseka ngomphumela njengoJobe!—Jobe 2:3, 9, 10; 27:5; 31:1-6; 42:12-15.
Ukulolonga Izingane Zethu
13, 14. (a) Abazali kufanele baqale nini ukulolonga izingane zabo, futhi benamuphi umphumela engqondweni? (b) Yimiphi imiphumela ejabulisayo ongayilandisa?
13 Abazali bangahlanganyela ekulolongweni kwezingane zabo, kusukela ziseyizinsana imbala, futhi yeka ukuthi intsha yethu ingaba abagcini bobuqotho abahle kanjani! (2 Thimothewu 3:14, 15) Lokhu kuye kwenzeka ngisho nalapho ukuvivinywa kunzima kakhulu. Eminyakeni ethile edlule, lapho ushushiso lwaludlange kakhulu ezweni elithile lase-Afrika, umkhaya onokwethenjelwa wawunyathelisa INqabayokulinda ngomshoshaphansi endlwaneni esegcekeni. Ngelinye ilanga amasosha ayeza ngomgwaqo, esesha umuzi ngomuzi efuna izinsizwa ezazizobuthelwa empini. Sasisekhona isikhathi sokuba abafana ababili abancane bakulo mkhaya bacashe, kodwa lapho amasosha esesha ayezowuthola nakanjani umshini wokunyathelisa. Lokhu kwakungaholela ekuhlukunyezweni noma ngisho nasekubulaweni komkhaya wonke. Kwakuzothiwani? Laba bafana ababili bakhuluma, bacaphuna uJohane 15:13 ngesibindi: “Akekho onothando olukhulu kunalolu, ukuba umuntu anikele umphefumulo wakhe ngenxa yabangane bakhe.” Baphikelela ngokuthi bazohlala ekamelweni lokuphumula. Amasosha ayezobathola futhi nakanjani ayezobahlukumeza ngonya noma ababulale imbala lapho benqaba ukubuthwa. Kodwa ayengeke esaqhubeka esesha. Umshini wokunyathelisa wawuzosinda kanye namanye amalungu omkhaya. Nokho, kwenzeka into emangalisayo. Amasosha aweqa lo muzi wona wodwa, adlulela kweminye! Lezo zitsha ezingabantu ezazibunjelwe ukusetshenziswa okunodumo zasinda, kanye nomshini wokunyathelisa, ukuze ziqhubeke zinyathelisa ukudla okungokomoya okufika ngesikhathi. Omunye walaba bafana ababili manje ukhonza eBethel nodadewabo; usasebenza kuwo lowo mshini omdala.
14 Izingane zingafundiswa indlela yokuthandaza, futhi uNkulunkulu wethu uyayiphendula imithandazo yazo. Isibonelo esiphawulekayo salokhu senzeka phakathi nokucekwa kwabantu eRwanda. Lapho amavukelambuso esekulungiselele kahle ukubulala intombazanyana eneminyaka eyisithupha nabazali bayo ngebhomu lesandla, le ndodakazi yathandaza ngokuzwakalayo nangokusuka enhliziyweni icela ukuba bangabulawa ukuze baqhubeke bekhonza uJehova. Ababezobabulala bathinteka babayeka, bathi, “Sizoniyeka singanibulali ngenxa yale ntombazane encane.”—1 Petru 3:12.
15. Yimaphi amathonya onakalisayo uPawulu axwayisa ngawo?
15 Iningi lentsha yethu akudingeki libhekane nezimo ezinzima njengalezi ezichazwe ngenhla, kodwa kuningi ukuvivinywa ebhekana nakho esikoleni nasemiphakathini eyonakele namuhla: ulimi olungcolile, izithombe zobulili ezingcolile, ukuzijabulisa okonakele nokucindezela kontanga ukuba benze izinto ezingalungile konke kudlangile ezindaweni eziningi. Ngokuphindaphindiwe, umphostoli uPawulu waxwayisa ngala mathonya.—1 Korinte 5:6; 15:33, 34; Efesu 5:3-7.
16. Umuntu angaba kanjani yisitsha sokusetshenziswa okunodumo?
16 Ngemva kokukhuluma ngezitsha ezigcinelwe ‘injongo enodumo kodwa ezinye injongo entula udumo,’ uPawulu uthi: “Ngakho-ke, uma noma ubani ezigcina ekude nalezi zamuva, uyoba isitsha senjongo enodumo, esingcwelisiwe, esiwusizo kumnikazi wakhe, esilungiselelwe yonke imisebenzi emihle.” Ngakho masikhuthaze intsha yethu ukuba iqaphele abantu ezihlanganisa nabo. ‘Mayibalekele izifiso ezihambisana nobusha, kodwa iphishekele ukulunga, ukholo, uthando, ukuthula, kanye nalabo ababiza iNkosi ngenhliziyo ehlanzekile.’ (2 Thimothewu 2:20-22) Isimiso somkhaya ‘sokwakhana’ singaba usizo olungenakuqhathaniswa ekulolongeni intsha yethu. (1 Thesalonika 5:11; IzAga 22:6) Ukufunda nokutadisha iBhayibheli nsuku zonke, usebenzisa izincwadi ezifanelekayo zeNhlangano, kungaba usizo oluhle.
Ukulolongwa Kwawo Wonke Umuntu
17. Isiyalo siyosilolonga kanjani, futhi kube namuphi umphumela ojabulisayo?
17 Ukuze asilolonge, uJehova unikeza iseluleko esivela eZwini lakhe nangokusebenzisa inhlangano yakhe. Ungalokothi umelane neseluleko esinjalo esivela kuNkulunkulu! Sabela ngokuhlakanipha kuso, futhi sivumele sikulolongele ukusetshenziswa uJehova ngendlela enodumo. IzAga 3:11, 12 ziyeluleka: “Ndodana yami, ungadeleli ukulaya kukaJehova, ungakhathazeki ngokusola kwakhe. Ngokuba uJehova uyamlaya amthandayo, njengoyise indodana ayithandayo.” Esinye iseluleko esinjengesikababa sitholakala kumaHeberu 12:6-11: “Lowo uJehova amthandayo uyamyala . . . Yiqiniso, asikho isiyalo esibonakala okwamanje sengathi siyajabulisa, kodwa sibanga usizi; nokho kamuva labo abaqeqeshwe yiso sibathelela isithelo esinokuthula, okuwukuthi, ukulunga.” Umzila oyinhloko wesiyalo esinjalo kumelwe kube yiZwi likaNkulunkulu eliphefumulelwe.—2 Thimothewu 3:16, 17.
18. Ngokuphathelene nokuphenduka, yini esiyifundayo kuLuka isahluko 15?
18 UJehova futhi unesihe. (Eksodusi 34:6) Lapho umuntu ebonisa ukuphenduka okusuka enhliziyweni ngisho nangesono esibi kakhulu, yena uyathethelela. Ngisho ‘namadodana asaphazayo’ anamuhla angalolongwa abe yizitsha zokusetshenziswa okunodumo. (Luka 15:22-24, 32) Izono zethu zingase zingabi zimbi njengezendodana esaphazayo. Kodwa ukusabela kwethu ngokuthobeka eselulekweni esingokomBhalo kuyoholela njalo ekubeni silolongelwe ukuba yizitsha zokusetshenziswa okunodumo.
19. Singaqhubeka kanjani siyizitsha ezinodumo ezandleni zikaJehova?
19 Lapho siqala ukufunda iqiniso, sabonisa ukuthi sizimisele ukuvumela uJehova asilolonge. Sashiya izindlela zezwe, saqala ukugqoka ubuntu obusha, futhi saba amaKristu azinikezele nabhapathiziwe. Salalela iseluleko esikweyabase-Efesu 4:20-24, ‘salahla ubuntu obudala obabuvumelana nenkambo yethu yokuziphatha yangaphambili, nezifiso zayo ezikhohlisayo, sase sigqoka ubuntu obusha obadalwa ngokwentando kaNkulunkulu ngokulunga kweqiniso nokwethembeka.’ Kwangathi singaqhubeka ngabanye singabalolongekayo ezandleni zikaJehova, uMbumbi Omkhulu, ngaso sonke isikhathi sibe yizitsha zokusetshenziswa nguye ngendlela enodumo!
Ukubukeza
◻ Iyini injongo yoMbumbi Omkhulu ngomhlaba wethu?
◻ Ungakulolongelwa kanjani ukusetshenziswa okunodumo?
◻ Iyiphi indlela izingane zethu ezingase zilolongwe ngayo?
◻ Yimuphi umbono okufanele sibe nawo ngeseluleko?
[Isithombe ekhasini 10]
Ingabe uyololongelwa ukusetshenziswa okunodumo noma uyolahlwa?
[Isithombe ekhasini 12]
Izingane zingalolongwa kusukela ziyizinsana