Umbono WeBhayibheli
Ubungqingili—Kungani Bungafanele?
“Angicabangi ukuthi uNkulunkulu unendaba ngempela ngokuthambekela komuntu kobulili. Uyayikhathalela indlela esiqondisa ngayo ukuphila kwethu. Futhi ubulili abuwona umongo walendaba.”—Ilungu leqembu labafundi beBhayibheli abangongqingili.
INANI elandayo labantu lamukela ubungqingili njengendlela yokuphila emane nje iwukuzikhethela komuntu. Ingabe uNkulunkulu uyavumelana nabo?
Nakuba abantu abaningi beye bashintsha umbono wabo futhi abanye bemanqikanqika, umbono weBhayibheli ucacile: “Ungahlangani ngokobulili nendoda njenganowesifazane. Kuyisinengiso,” kusho iBhayibheli. (Levitikusi 18:22) Akukho kuzihlangula, akukho kuzikhethela, akukho kungabaza—ubungqingili buyisinengiso emehlweni kaNkulunkulu.a KumaIsrayeli asendulo ayephila ngaphansi koMthetho kaMose, isijeziso kwakungukufa. (Levitikusi 20:13) Futhi ngesikhathi sokuqalisa kobuKristu, ukulahla kukaNkulunkulu ubungqingli kwaqhubekela phambili.—1 Korinte 6:9, 10.
UNkulunkulu Umelene Nabo—Kungani?
Kodwa kungani uNkulunkulu emelene nabo ngokuqinile? Esinye isizathu siphawulwe kuIsaya 48:17: “NginguJehova uNkulunkulu wakho okufundisile okukusizayo, okuholile ngendlela omelwe ukuhamba ngayo.” Lawomazwi avela kuMlobi wemithetho yemvelo yendawo yonke. Uyasazi isimo sethu esingokomzimba, esingokwengqondo, esingokomzwelo, nesingokomoya. Umelene nobungqingili ngoba, phakathi kwezinye izinto, abumzuzisi umuntu. Ukubukezwa kwencwadi kamphostoli uPawulu eyayiya kumaKristu ayehlala eRoma iyakuqinisekisa lokhu. Wabhala:
“Ngenxa yalokho uNkulunkulu wabanikela ekuhuhekeni okuyihlazo; ngokuba abesifazane babo baguqula ukwenza kwemvelo kwabangokuphambene nemvelo; ngokunjalo nabesilisa bayeka ukwenza kwemvelo kowesifazane, basha ngokukhanukelana, abesilisa benza okuyichilo kwabesilisa, bezitholela umvuzo ofanele ukuduka kwabo. Nanjengalokho bengakunakanga ukumazi uNkulunkulu, uNkulunkulu wabanikela engqondweni yokunganaki ukwenza okungafanele.”—Roma 1:26-28.
Phawula, ubungqingili akushiwo nje ukuthi ‘buyihlazo,’ “ichilo,” nokuthi ‘abufanele’ kodwa futhi ‘buphambene nemvelo.’ Ngokuphathelene namalavesi, umbiko ovela eSontweni laseSheshi uthi: “Lokho uPawulu akushoyo ‘ngokuphambene nemvelo’ ‘kuphambene nemvelo’ esintwini endleleni kaNkulunkulu yendalo. Konke ukuziphatha kobungqingili kungqubuzana nesimiso sikaNkulunkulu sendalo.” Isazi sesayensi yendabuko yomuntu nendawo emzungezile uWeston LaBarre sikubiza ngokuthi “ukukhungatheka kwemvelo yesayensi yempilo yomuntu neyabanye.” Lokhu kuvumelana nencazelo yegama lesiGreki elisetshenziswe eBhayibhelini futhi elihunyushwe ngokuthi “imvelo” noma, “ngokuvumelana nemvelo.”
Akumangalisi ukuthi noma yikuphi “ukungqubuzana nesimiso sikaNkulunkuiu sendalo” kuvuna imiphumela emibi (njengoba umbhalo ogciniwe wosizi lokusebenzelana komuntu nendawo emzungezile uye wabonisa). Ongqingili ‘bazitholela umvuzo ofanele ukona kwabo.’ Ngamanye amazwi, ukuphila kwabo kuba ukuphila kokuphambuka kokuziphatha kobulili okuphambene nemvelo; ngakho-ke, ukuphila okuntula ukuvunyelwa uNkulunkulu. Ngaphezu kwalokho, bangase bahlushwe ukulimala ngokomzimba ngenxa yemikhuba yabo ephendukezelwe.b
Isithelo Esibi
UPawulu futhi uthi ongqingili ‘bayosha [ngokoqobo, bayovutha] ngokukhanukelana.’ Njengoba ukucabanga okuphambene kungavusa izinkanuko ezingalungile ngisho nezobuhlobo bobulili obungafani, kubonakala ukuthi enjabulweni yobuhlobo bobulili obuphendukezelwe, inkanuko engathibeki ivutha ngisho nangamandla engeziwe. Isihloko esanyatheliswa kumagazini iNewsweek esithi, “Ukuphila Okubucayi Kothando Olumbaxambili,” sathi: “Ngokufanayo amadoda nabesifazane bobulili obufanayo ngokuvamile bakhuluma ngokuvuswa kwenkanuko ‘okunamandla,” ‘amandla angafani’ ababa nawo ngobulili babo siqu. UJames ukukhumbula ‘njengokufana nokutshuza esibhakabhakeni. Kwakulutha isibili.’” Ngakho besha, ongqingili abaningi banabalingane abaningi (abanye banamakhulu), futhi kwabanye ukucindezeleka kwabo kubashukumisela ukuba bahlanganyele ubulili izikhathi eziningi ngosuku, ngisho nanabantu abangabazi nhlobo. Lokhu kuziphatha okuxekethile kobulili akuholeli nje kuphela ezifweni ezithathelwanayo, njengesifo sesibindi, kodwa kubanga umona, ukungalondeki, nokungajabuli, ngisho nanjengoba kwenza ebuhlotsheni bokuziphatha okuxekethile kobulili obuhlukile.
Uma nje umuntu evumela ukubuswa ‘ukushisa kwenkanuko,’ angaba yisigqila. (1 Thesalonika 4:5) Ngokwezinga elingakanani? Ebhekisela engculazeni, omunye ungqingili wavuma: “Ngisho nakuba ubhekene nokufa okudabukisayo nokwesabekayo, amandla obulili angamandla amakhulu.” Lokhu kusikhumbuza isixwayiso seBhayibheli: “Makungabusi isono emzimbeni wenu ofayo, nize nilalele izinkanuko zawo.”—Roma 6:12.
Njengoba ukuziphatha okubi kobulili ngokuyinhloko kusekelwe ekuzijabuliseni komuntu siqu, ngokuvamile kuholela ezenzweni ezonakalisayo kakhulu. Futhi njengoba imvelo yomuntu ewohlokile iyilokho eyikho, lapho nje isenzo siba esivamile, injabulo yaso iyaphupha. Ngakho, abanye ongqingili baye badlulela kuyisadomasochism neminye imikhuba eyichilo.c Enye incwadi ehlaziya iBhayibheli ithi, “umphumela wezinkanuko ezinjalo eziyichilo neziphambene nemvelo . . . wawuthambekele ekonakaliseni ingqondo; ukucwilisa umuntu ngaphansi kwesiziba sonya; ukubulala unembeza.” Isazi seBhayibheli sahlanganisa ubungqingili ‘nobugebengu, obabuphambene ngempela nokucabanga, imvelo, nenhlalakahle yabo siqu neyomunye nomunye.’
Izindinganiso ZeBhayibheli Ziletha Ukuthula
Kufanele sijabule ngokuthi uNkulunkulu akazishintshi izindinganiso zakhe ukuze nje anelise izifiso noma izinkanuko zabantu eziphendukezelwe ezidlulayo. Njengoba engakuvumeli ukungcoliswa komhlaba noma ukuqamba amanga ngenxa nje yokuthi abantu abaningi bafuna ukukwenza, ngakho akabuvumeli ubungqingili nakuba abantu abaningi bengase babusekele ngentshiseko. Kungakhathaliseki ukuthi iyiphi inkambo abantu abayithuthukisayo, uJehova ufuna ukuba simhloniphe futhi sizizuzise ngokwethu.
Ngokujabulisayo, abanye baye bayenqaba imikhuba enjalo futhi bahambisana “nesifundiso esiphilileyo” esitholakala eZwini likaNkulunkulu. (1 Thimothewu 1:10; 1 Korinte 6:9-11) Njengoba omunye owayengungqingili ngaphambili aphawula: “Okungilethela injabulo ukuthi manje nginonembeza ohlanzekile, futhi ngiyazi ukuthi ngiphila ukuphila okujabulisayo kuNkulunkulu uMninimandla onke.”
[Imibhalo yaphansi]
a Ubungqingili buyisenzo sobulili nelugu lobulili obufanayo.
b Ongqingili besilisa banezinhlobonhlobo zezinkinga ezingokwempilo lezo ngokuyinhloko ezihlobene nendlela yabo yokuphila yokuziphatha okungokobulili.” (Providing Health Care for Gay Men) Phakathi kwezinkinga zezifo ezinjalo kunesifo esingokobulili sendunu nomtshazo; isipatsholo sendunu nesomlomo, ilymphogranuloma venereum; itrichomoniasis; neBowen’s disease.
c Isadomasochism ichazwa iWebster’s New Collegiate Dictionary ‘njengendlela yokuthola injabulo ekuzwisweni ubuhlungu obungokomzimba noma obungokwengqondo kwabanye, noma kumuntu ngokwakhe.’