“Abanjalo-ke Nibaphathe Ngokubatusa”
“Baziseni abanjalo.”—1 KORINTE 16:18.
1. Yiluphi uhlobo lwamadoda umphostoli uPawulu ayewatusa ngokukhethekile, futhi yini ayibhala ngomunye umKristu onjalo?
UHLOBO lwamadoda umphostoli uPawulu ayewatusa ngokukhethekile kwakuyilawo ayezimisele ukusebenzisa amandla awo ngokungagodli ngenxa kaJehova nabazalwane bawo. Ngesinye isisebenzi esinjalo esikanye naye, uPawulu wabhala: “Mamukeleni eNkosini ngokuthokoza konke, abanjalo-ke nibaphathe ngokubatusa, ngokuba ngenxa yomsebenzi kaKristu wacishe wafa ezidela amathambo.”—Filipi 2:29, 30.
2. Obani okufanele sibacabangele ngokukhethekile, futhi ngani?
2 Namuhla, emabandleni oFakazi BakaJehova angaphezu kwezi-55 000 kunamadoda amaningi amahle angamaKristu okufanele siwazise ngokukhethekile ngenxa yomsebenzi wawo onzima awenzela abazalwane bawo. Ebonisa ukuthi kufanele siwatuse amadoda anjalo, uPawulu wathi: “Siyanincenga, bazalwane, ukuba nibazi abakhandlekayo phakathi kwenu, nabaniphetheyo eNkosini, nabanilulekayo, nibazisise kakhulu othandweni ngenxa yomsebenzi wabo. Hlalisanani ngokuthula.”—1 Thesalonika 5:12, 13.
3. (a) Yini eyosisiza ukuba sihlalisane ngokuthula? (b) Abadala kufanele babeke isibonelo ngokuqondene nani?
3 Ukwazisa okufanele ngabo bonke abazalwane bethu nodade, futhi ikakhulukazi ngabadala abasebenza kanzima, ngokungangabazeki kuyisici esibalulekile ekuhlalisaneni ngokuthula emabandleni ethu. Kulokhu, njengakuzo zonke izici zokuphila kobuKristu, abadala kufanele ‘babe-yizibonelo zomhlambi.’ (1 Petru 5:2, 3) Nokho, nakuba abadala bengakulindela ngokufanele ukuba baziswe abazalwane ngenxa yomsebenzi wabo onzima, kufanele futhi babeke isibonelo ekuboniseni ukucabangelana okufanele.
‘Ukwazisana’
4, 5. (a) Yini ebonisa ukuthi umphostoli uPawulu wayebazisa abadala ababesebenza kanzima? (b) Yini ayibhalela amaKristu aseRoma, futhi kungani amazwi akhe esebenza ngokukhethekile kubadala?
4 Umphostoli uPawulu wabeka isibonelo esihle kulendaba. Njengoba sibonile esihlokweni esandulelayo, wabheka izinto ezinhle kubafowabo nodadewabo. Futhi akazange nje kuphela akhuthaze amaKristu ukuba athande futhi ahloniphe abadala ababesebenza kanzima kodwa naye ngokwakhe wabonisa ukwazisa okufanele ngalaba. Ngokusobala wayewatusa amadoda anjalo.—Qhathanisa nabaseFilipi 2:19-25, 29; Kolose 4:12, 13; Thithu 1:4, 5.
5 Encwadini yakhe eya kumaKristu aseRoma, uPawulu wabhala: “Thandanani ngenhliziyo ngothando lobuzalwane; ekwazisaneni nandulelane; ekukhuthaleni ningenqeni, nivuthe emoyeni, nikhonze iNkosi.” (Roma 12:10, 11) Ngokuqinisekile, lamazwi asebenza kakhulu kubadala abangamaKristu. Bona, kunawo wonke amaKristu, kufanele bahole ekuboniseni ukwazisana.
6. (a) Yini abadala okufanele bagweme ukuyenza, futhi ngani? (b) Abadala bangakukhulisa kanjani ukuthembela kwebandla kuyo yonke indikimba yabadala?
6 Abadala ngokukhethekile kufanele baqikelele ukuba bangakhulumi amazwi ayiziswana ngababonisi abakanye nabo. Akekho noyedwa umdala onazo zonke izimfanelo zobuKristu ngezinga eliphakeme, ngoba bonke abaphelele. Abanye benza kahle kakhulu ezimfanelweni ezithile, kodwa babuthakathaka kwezinye. Uma abadala benothando lobuzalwane olufanele futhi bethandana ngenhliziyo, ngeke babukhulise ubuthakathaka bomunye nomunye. Ezingxoxweni zabo nabanye abazalwane, bayoveza izici ezinhle zabadala abakanye nabo. Ngokuhola ngaleyondlela ekuboniseni ukwazisana, bayokhulisa ukuthembela kwebandla endikimbeni yabadala isiyonke.
Ukusebenza Ndawonye Njengendikimba
7. Yini eyosiza abadala ukuba basebenze ndawonye ngobunye, futhi bayokubonisa kanjani lokhu?
7 Ngemva kokukhuluma ‘ngezipho ezingabantu’ uKristu azinika ibandla lakhe emhlabeni enombono wokuhlela kabusha abazalwane nomsebenzi wenkonzo, umphostoli uPawulu wabhala: “Ngothando, sikhulele ngakho konke kuye oyinhloko, uKristu.” (Efesu 4:7-15) Ukuqaphela ukuthi uKristu uyiNhloko esebenzayo yebandla, nokuthi abadala kumelwe bazithobe esandleni sakhe sokunene sokuphatha, kuyisici esihlanganisayo endikimbeni ngayinye yabadala. (Efesu 1:22; Kolose 1:18; IsAmbulo 1:16, 20; 2:1) Bayofuna ukuqondisa kwakhe ngomoya ongcwele, izimiso zeBhayibheli, nangokuhola okunikezwa iNdikimba Ebusayo ‘yenceku ethembekileyo neqondayo.’—Mathewu 24:45-47; IzEnzo 15:2, 28; 16:4, 5.
8. Yini okufanele bonke abadala bayikhumbule, futhi bayokubonisa kanjani ukwazisana?
8 Abadala bayoqaphela ukuthi, ngomoya ongcwele, uKristu angaqondisa umqondo wanoma yimuphi umdala osendikimbeni yabadala ukuba anikeze isimiso seBhayibheli esidingekile ukuze kubhekwane nanoma yisiphi isimo noma ukuze kwenziwe noma yisiphi isinqumo esibalulekile. (IzEnzo 15:6-15) Akekho noyedwa umdala endikimbeni onikezwe lomoya ngokukhethekile. Abadala bayobonisa ukwazisana ngokulalela ngokucophelela noma ubani wabo oveza isimiso seBhayibheli noma isiyalezo esivela eNdikimbeni Ebusayo esihlokweni abaxoxa ngaso.
9. (a) Yiziphi izimfanelo ezingokomoya eziyosiza umbonisi ukuba agweme ukucindezela abadala abakanye naye? (b) Umdala uyozibonakalisa kanjani ukuthi ‘umnene,’ futhi indikimba ebusayo yekhulu lokuqala leminyaka yasibeka kanjani isibonelo kulendaba?
9 Isizotha sobuKristu, nokuzithoba kuyovimbela noma yimuphi umdala ekuzameni ukubusa abazalwane bakhe nokuphoqelela umbono wakhe. (IzAga 11:2; Kolose 3:12) Umbonisi ongumKristu angase abe nemibono eqinile neqotho ngendaba ethile. Kodwa uma ebona ukuthi abadala abakanye naye, banezizathu ezingokomBhalo nezingokwasezulwini ezibenza bahluke kuye, ‘uyoziphatha njengomncinyane’ futhi azibonise ‘emnene’ ngokuvumelana nombono weningi.a (Luka 9:48; 1 Thimothewu 3:3) Uyolandela isibonelo esihle esabekwa indikimba ebusayo yekhulu lokuqala leminyaka, leyo okwathi, ngemva kwengxoxo engokomBhalo, futhi ngaphansi kokuhola okwakunikezwa uKristu ngomoya ongcwele, ‘yaba nhliziyonye.’—IzEnzo 15:25.
10. (a) Yini efakazela ukuthi ukumiswa kwendikimba yabadala ebandleni ngalinye kuyilungiselelo elisekelwe eBhayibhelini? (b) Incwadi Ukuhlelelwa Ukufeza Inkonzo Yethu izichaza kanjani izinzuzo ezinhle zalelilungiselelo?
10 Ukumiswa kwendikimba yabadala ebandleni ngalinye ukuze ihole kusekelwe esibonelweni esabekwa ibandla lamaKristu lokuqala. (Filipi 1:1; 1 Thimothewu 4:14; Thithu 1:5; qhathanisa nombhalo waphansi wegama elithi “abadala” kuThithu 1:5 kuyiThe Jerusalem Bible.) Lapho ifingqa ukuba nengqondo kwalelilungiselelo, incwadi ethi Ukuhlelelwa Ukufeza Inkonzo Yethu (ikhasi 37) ithi: “Abanye abadala bayovelela kakhulu emfanelweni ethile kunakwenye, kanti abanye endikimbeni bayovelela kulezimfanelo abanye abangaba buthaka kuzo. Khona-ke, umphumela uyoba ukuthi, uma bekhulunyelwa bebonke, lendikimba iyoba nazo zonke izimfanelo ezinhle ezidingekile ekwengameleni ibandla likaNkulunkulu ngokufanelekile.”
Ukuhloniphana Phakathi Kwezindikimba Zabadala
11, 12. (a) Kungani indikimba yabadala ingafeza okwengeziwe kunalapho amalungu ayo esebenza ngamanye? (b) UKristu Jesu nomphostoli uPawulu basebenzelana kanjani nezindikimba zabadala, futhi yisiphi iseluleko esanikezwa?
11 Ngakho, indikimba yabadala ingumzimba ongokomBhalo lowo uwonke umelele okungaphezu kwenani lezingxenye zawo. Lapho behlangana futhi bethandazela ukuqondisa kukaJehova ngoKristu nangomoya ongcwele, bangenza izinqumo abebengenakuzifinyelela uma kwakubuzwe umdala ngamunye. Lapho abadala behlangana ndawonye, izimfanelo zabo ezingefani ziyasebenza futhi ziveze imiphumela ebonisa ukuqondisa kukaKristu izindaba.—Qhathanisa noMathewu 18:19, 20.
12 Ukuthi uKristu wasebenzelana nezindikimba zabadala ngalendlela kuboniswa izigijimi azithumelela “izinkanyezi eziyisikhombisa,” noma ‘izingelosi zamabandla ayisikhombisa’ aseAsia Minor. (IsAmbulo 1:11, 20) Esokuqala salezozigijimi sathunyelelwa ibandla lase-Efesu ‘ngengelosi’ yalo, noma indikimba yababonisi abagcotshiwe. Eminyakeni engaba ama-40 ngaphambili, umphostoli uPawulu wayecele indikimba yabadala base-Efesu ukuba iye eMilethu ngenjongo yokuba nomhlangano okhethekile naye. Wabakhumbuza ukuba baziqaphele nokuba baluse ibandla.—IzEnzo 20:17, 28.
13. Kungani abadala kufanele baqaphele umoya abawubonisa phakathi kwendikimba yabadala bebandla abakulo nasebuhlotsheni babo njengeqembu nezinye izindikimba zabadala?
13 Izindikimba zabadala kufanele zikunakekele ngokukhethekile ukugcina umoya omuhle nowakhayo phakathi kwazo naphakathi kwebandla ezikulo. (IzEnzo 20:30) Njengoba nje umKristu ngamunye ebonisa umoya othile, ngokufanayo izindikimba zabadala nawo wonke amabandla bangathuthukisa umoya othile. (Filipi 4:23; 2 Thimothewu 4:22; Filemoni 25) Kuyenzeka ngezinye izikhathi ukuba abadala abahloniphanayo ebandleni abakulo babonise isimo sokuntula ukubambisana nenye indikimba yabadala. Emadolobheni lapho amabandla amaningana ehlanganyela ehholo elilodwa, ngezinye izikhathi kungaba khona ukungavumelani phakathi kwezindikimba zabadala ngokuphathelene nezimiso zomhlangano, imingcele yensimu, izinto ezingase zifakwe eHholo LoMbuso, nokunye. Izimiso ezifanayo zesizotha, ukuthobeka, nobumnene ezibusa abadala abasendikimbeni ngayinye kufanele zibuse ubuhlobo obuphakathi kwezindikimba zabadala. Umphostoli uPawulu waluleka: “Konke akwenzelwe ukwakhiwa kwebandla.”—1 Korinte 14:26.
Inhlonipho Efanele Ngababonisi Abajikelezayo
14. Yiluphi olunye uhlobo lwabadala olufanele ukutuswa, futhi ngani?
14 Elinye ilungiselelo elisekelwe eBhayibhelini elisebenzayo phakathi kwamabandla oFakazi BakaJehova ukuvakashelwa kwawo njalo abadala abahambelayo, ababizwa ngokuthi ababonisi bezifunda noma bezigodi. (IzEnzo 15:36; 16:4, 5) Laba, ngokukhethekile, ‘bangamalunga aphatha kahle.’ Njengabo bonke abadala, kufanele ‘batuswe ngokuphindiweyo, ikakhulu labo abakhathalela izwi nokufundisa.’—1 Thimothewu 5:17.
15. Yisiphi iseluleko umphostoli uJohane asinikeza ngokuphathelene nabavangeli abajikelezayo?
15 Umphostoli uJohane encwadini yakhe yesithathu wagxeka uDiyotrefe ngenxa yokwenqaba kwakhe ‘ukwamukela abazalwane.’ (Ivesi 10) Labazalwane babengamaKristu ajikelezayo ababephume “ngenxa yeGama [likaJehova].” (Ivesi 7) Ngokusobala babethunywe njengabavangeli ukuba bayoshumayela izindaba ezinhle futhi bakhe amabandla emizaneni ababeyivakashela. UJohane wayaleza ukuthi labashumayeli abahambelayo abasebenza kanzima kufanele ‘baphelekezelwe ngokufanele uNkulunkulu.’ (Ivesi 6) Umphostoli wanezela: “Ngalokho-ke thina sifanele ukubamukela abanjalo, ukuze sibe-yizisebenzi zeqiniso kanye nabo.” (Ivesi 8) Kwakufanele bamukelwe ngenhlonipho.
16. Namuhla wonke amaKristu angasilandela kanjani isibonelo sikaGayu somsebenzi ‘othembekile’ awenzela abavangeli bekhulu lokuqala leminyaka, futhi kungani lokhu kufanele?
16 Ngokufanayo namuhla, ababonisi abajikelezayo abathunyelwe iNdikimba Ebusayo ukuba bashumayele izindaba ezinhle futhi basize amabandla kufanele bamukelwe ngemfudumalo nangenhlonipho. Labazalwane nawomkabo (uma beshadile, njengoba abaningi babo benjalo) baye bavuma ukudela ukuhlala ekhaya bazinze. Bahamba izindawo ngezindawo, ngokuvamile bethembele emoyeni wokuphana wabazalwane ukuze bathole ukudla nendawo yokulala. UJohane wabhalela uGayu, owayengenisa abavangeli abajikelezayo ngothando ekhulwini lokuqala leminyaka C.E., wathi: “Sithandwa, wenza okuthembekileyo ngalokho okwenzele abazalwane nokuba bengabafo.” (3 Johane 5) Ngokufanayo namuhla, labo abajikeleza ‘ngenxa yegama likaJehova’ kufanele batuswe futhi baboniswe uthando nenhlonipho.
17. Abadala bebandla kufanele bayibonise kanjani inhlonipho efanele ngabameleli abahambelayo beNdikimba Ebusayo?
17 Ikakhulukazi abadala, kufanele babonise inhlonipho efanele ngalabameleli abahambelayo beNdikimba Ebusayo. Bathunyelwa emabandleni ngenxa yezimfanelo zabo ezingokomoya nokuhlangenwe nakho kwabo, ngokuvamile okuthe xaxa ngokwengeziwe kunokwabadala abaningi bamabandla. Abanye balababonisi abajikelezayo bangase babe abasebasha ngeminyaka kunabadala abathile emabandleni abawahambelayo. Kodwa lokho akusona isizathu esiqinile sokuba bangaboniswa inhlonipho efanele. Bangase babone isidingo sokulibazisa ukujaha kwabadala bebandla ekutuseni umzalwane othile njengenceku ekhonzayo noma umdala, bekhumbula isixwayiso sikaPawulu kuThimothewu. (1 Thimothewu 5:22) Nakuba umbonisi ojikelezayo kufanele awacabangele ngokufanele amaphuzu avezwa abadala bebandla, abadala bebandla kufanele bavume ukumlalela futhi bazuze kokuhlangenwe nakho kwakhe okuthe xaxa. Yebo, kufanele ‘baphathe abanjalo ngokubatusa.’—Filipi 2:29.
“Baziseni Abanjalo”
18, 19. (a) UPawulu wakuveza kanjani ukwazisa kwakhe ngezisebenzi ezikanye naye? (b) Yisiphi isibonelo esibonisa ukuthi uPawulu akazange abathukuthelele abafowabo?
18 Encwadini yakhe yokuqala eya kwabaseKorinte, uPawulu wabhala: “Ngiyanincenga, bazalwane, niyayazi indlu kaStefana ukuthi ingulibo lwaseAkhaya nokuthi bazimisele ukukhonza abangcwele ukuba nibathobele abanjalo nabo bonke abasebenzisana nabo bekhandleka. Ngiyathokoza ngoku-fika kukaStefana noFortunatu noAkhayiku, ngokuba bakufezile obekusilele ngakini. Ngokuba bawuhlumelele umoya wami nowenu; ngakho baziseni abanjalo.”—1 Korinte 16:15-18.
19 Yeka isimo esihle, somusa, uPawulu ayenaso ngakubafowabo, abanye babo aba bengaziwa kakhulu. Kodwa uPawulu wayebathanda ngoba ‘babesebenzisana’ futhi “bekhandleka” kanzima emizamweni yabo yokukhonza abangcwele. UPawulu futhi wabeka isibonelo esihle sokuthethelela. Nakuba uJohane Marku amdumaza phakathi nohambo lwakhe lokuqala lwezithunywa zevangeli, uPawulu kamuva wamtusa ngokufudumele ebandleni laseKolose. (IzEnzo 13:13; 15:37, 38; Kolose 4:10) Lapho eboshiwe eRoma, uPawulu wacela ukuba uMarku eze kuye, ngoba, njengoba asho, “[UMarku] unosizo kimi ekukhonzeni.” (2 Thimothewu 4:11) Akukho nokuncane ukumthukuthelela lapho!
20. Wonke amaKristu, ikakhulukazi nabadala, kufanele bakubonise kanjani ukuthi bayabazisa ababonisi abathembekile nokuthi ‘baphatha abanjalo ngokubatusa’?
20 Namuhla, phakathi kwabantu bakaNkulunkulu, kunababonisi abaningi abazinikele, labo njengoStefana, abakhonza abazalwane babo. Ngokuqinisekile, banamaphutha abo nokwehluleka. Noma kunjalo, ‘basebenzisana’ ‘nenceku ethembekileyo neqondayo’ kanye neNdikimba yayo Ebusayo, futhi ‘bakhandleka’ kanzima emsebenzini wokushumayela nasekusizeni abazalwane babo. Kufanele ‘siqhubeke sizithoba kubantu abanjalo,’ sibazisa ngenxa yezimfanelo zabo, singafuni ukushiyeka kwabo. Abadala kufanele bahole ekuboniseni ukwazisa nenhlonipho okufanele ngabadala abakanye nabo. Abadala kufanele babambisane ngomoya wothando nobunye. Bonke bayoqaphela ukubaluleka kwabazalwane abanjalo abathembekile futhi ‘baqhubeke baphathe abanjalo ngokubatusa.’—Filipi 2:29.
[Umbhalo waphansi]
a Umbhalo waphansi okuyiNew World Translation Reference Bible ubonisa ukuthi igama elithi “omnene” kweyoku-1 Thimothewu 3:3 lihunyushwe egameni lesiGreki lelo ngokwezwi nezwi elisho “ukuvumelana nezimo.”
Amaphuzu Okubukeza
◻ Yiluphi uhlobo lwamadoda uPawulu ayewatusa ngokukhethekile, futhi obani namuhla okufanele sibacabangele ngokukhethekile?
◻ Abadala kufanele babonise kanjani ukuthi bayazisana?
◻ Kungani indikimba yabadala ingafeza okwengeziwe kunalapho amalungu ayo esebenza ngamanye?
◻ Kukuziphi izici lapho indikimba yabadala iyobonisa ukuthi iyayazisa enye indikimba yabadala?
◻ Yiluphi uhlobo lwababonisi okufanelwe lutuswe ngokukhethekile, futhi ingaboniswa kanjani lenhlonipho efanele?
[Isithombe ekhasini 15]
Abadala kufanele babonise ukwazisana okufanele
[Isithombe ekhasini 18]
Bonisani uthando nenhlonipho ngababonisi abajikelezayo