-
“Yibani Nokuthula Nabantu Bonke”INqabayokulinda—2009 | Okthoba 15
-
-
13, 14. (a) Kungani singamangali lapho sibhekana nokuphikiswa? (b) Singababusisa kanjani labo abasishushisayo?
13 Funda amaRoma 12:14,
-
-
“Yibani Nokuthula Nabantu Bonke”INqabayokulinda—2009 | Okthoba 15
-
-
14 Kunokuba sibazonde abantu abasishushisayo, sizama ukubafundisa, ngoba siqaphela ukuthi abanye babo kungenzeka benziwa ukungazi. (2 Kor. 4:4) Sizama ukulalela iseluleko sikaPawulu: “Qhubekani nibusisa labo abashushisayo; busisani ningaqalekisi.” (Roma 12:14) Enye indlela yokubusisa abasiphikisayo, iwukubathandazela. ENtshumayelweni yakhe yaseNtabeni, uJesu wathi: “Qhubekani nithanda izitha zenu, nenza okuhle kwabanizondayo, nibusisa abaniqalekisayo, nithandazela abanithukayo.” (Luka 6:27, 28) Umphostoli uPawulu wayazi kokuhlangenwe nakho kwakhe ukuthi umshushisi angaba umfundi kaKristu othembekile futhi abe inceku kaJehova eshisekayo. (Gal. 1:13-16, 23) Kwenye incwadi, uPawulu wathi: “Lapho sethukwa, siyabusisa; lapho sishushiswa, siyabekezela; lapho sihlaziswa, siyancenga.”—1 Kor. 4:12, 13.
-