-
“Ningabuyiseli Muntu Okubi Ngokubi”INqabayokulinda—2007 | Julayi 1
-
-
“Ningaziphindiseleli”
15. Isiphi isizathu sokungaziphindiseleli esitholakala kumaRoma 12:19?
15 UPawulu unikeza esinye isizathu esenza kungafaneleki ukuziphindiselela; kuyinkambo ebonisa isizotha. Uthi: “Ningaziphindiseleli, bathandekayo, kodwa qhelelani ulaka; ngoba kulotshiwe ukuthi: ‘Impindiselo ingeyami; ngizobuyisela mina, kusho uJehova.’” (Roma 12:19) UmKristu ozama ukuziphindiselela uyagabadela. Uthatha umthwalo wemfanelo ongokaNkulunkulu. (Mathewu 7:1) Ngaphezu kwalokho, ngokuziphindiselela, ubonisa ukuthi akanalo ukholo kulesi siqinisekiso esisinikezwa uJehova: “Ngizobuyisela.” Ngokuphambene, amaKristu eqiniso ayethemba ukuthi uJehova “[uyobangela] ukuba benzelwe ubulungisa abantu bakhe abakhethiweyo.” (Luka 18:7, 8; 2 Thesalonika 1:6-8) Ngesizotha, akushiyela kuNkulunkulu ukuphindiselela ububi.—Jeremiya 30:23, 24; Roma 1:18.
-
-
“Ningabuyiseli Muntu Okubi Ngokubi”INqabayokulinda—2007 | Julayi 1
-
-
Okwesithathu, ukugwema ukubuyisela okubi ngokubi kuyinkambo okumelwe siyilandele ngoba ibonisa isizotha. Ukuziphindiselela kungaba ukugabadela, ngoba uJehova uthi: “Impindiselo ingeyami.” IZwi likaNkulunkulu lixwayisa nangokuthi: “Ingabe kufike ukugabadela? Khona-ke kuzofika ihlazo; kodwa ukuhlakanipha kukwabanesizotha.” (IzAga 11:2) Uma ngokuhlakanipha sikushiyela kuNkulunkulu ukuphindiselela ububi siyobe sibonisa ukuthi sinesizotha.
-