-
UNkulunkulu NoKesariINqabayokulinda—1996 | Meyi 1
-
-
11. UPawulu weluleka amaKristu ukuba asebenzelane kanjani nababusi bezwe?
11 Ngokuvumelana nalokhu, eminyakeni engaba ngaphezudlwana kuka-20 ngemva kokufa kukaKristu, umphostoli uPawulu watshela amaKristu aseRoma: “Yonke imiphefumulo mayizithobe emagunyeni aphakeme.” (Roma 13:1) Eminyakeni engaba yishumi kamuva, ngaphambi nje kokuboshwa kwakhe kwesibili nokubulawa kwakhe eRoma, uPawulu wabhalela uThithu: “Qhubeka ubakhumbuza [amaKristu aseKrethe] ukuba bazithobe futhi balalele ohulumeni neziphathimandla njengababusi, ukuba balungele yonke imisebenzi emihle, bangakhulumi kabi nganoma ubani, bangabi izilwi, babe nengqondo, bebonisa bonke ubumnene kubantu bonke.”—Thithu 3:1, 2.
Ukuqondwa Okuqhubekayo “Kwamagunya Aphakeme”
12. (a) Yikuphi ukuma uCharles Taze Russell akubheka njengokufanele umKristu mayelana namagunya kahulumeni? (b) Ngokuqondene nokuba semabuthweni empi, yikuphi ukuma okuhlukahlukene amaKristu agcotshiwe akuthatha phakathi neMpi Yezwe I?
12 Kudala ngo-1886, uCharles Taze Russell wabhala encwadini ethi The Plan of the Ages: “UJesu noma abaPhostoli abazange baphazamise ababusi bomhlaba nganoma iyiphi indlela. . . . Bafundisa iBandla ukuba lilalele imithetho, futhi lihloniphe labo abasegunyeni ngenxa yezikhundla zabo, . . . ukuba bakhokhe izintela zabo ezimisiwe, futhi ngaphandle kwalapho ungqubuzana nemithetho kaNkulunkulu (IzE. 4:19; 5:29) akumelwe baphikisane nanoma yimuphi umthetho omisiwe. (Roma 13:1-7; Math. 22:21) UJesu nabaPhostoli nebandla lokuqala babegcina umthetho, nakuba babehlukile futhi bengahlanganyeli kohulumeni balelizwe.” Lencwadi yawachaza ngokunembile ‘amandla aphakeme,’ noma ‘amagunya aphakeme,’ umphostoli uPawulu akhuluma ngawo, ngokuthi amagunya ohulumeni babantu. (Roma 13:1, King James Version) Ngo-1904 incwadi ethi The New Creation yathi amaKristu eqiniso “kufanele abe phakathi kwalabo abalalela umthetho ukwedlula bonke esikhathini sanamuhla—hhayi ababangeli bezinxushunxushu, hhayi abanochuku, hhayi abafuna amaphutha.” Abanye bathatha ngokuthi lokhu kwakusho ukuzithoba ngokuphelele emibusweni, ngisho naseqophelweni lokwamukela inkonzo kwezempi phakathi neMpi Yezwe I. Nokho, abanye bakubheka njengokuphambene namazwi kaJesu: “Bonke labo abaphatha inkemba bayobhubha ngenkemba.” (Mathewu 26:52) Ngokusobala, kwakudingeka ukuqondwa okucacile kokuzithoba kobuKristu emagunyeni aphakeme.
13. Yiluphi ushintsho ekuqondeni ukuthi angobani amandla aphakeme olwavezwa ngo-1929, futhi lokhu kwaba kanjani yinzuzo?
13 Ngo-1929, ngesikhathi lapho imithetho yohulumeni abahlukahlukene iqala ukunqabela izinto uNkulunkulu ayeziyalile noma ifuna izinto imithetho kaNkulunkulu ezenqabelayo, kwaba khona umuzwa wokuthi amandla aphakeme kumelwe ukuba anguJehova uNkulunkulu noJesu Kristu.a Lokhu ukuqonda izinceku zikaJehova ezazinakho phakathi nenkathi ebucayi yangaphambi naphakathi neMpi Yezwe II kwaze kwaba seMpini Yomshoshaphansi, kanye nokulinganisela kwayo ukwesaba impi, nokulungela kwayo ukulwa. Uma kubhekwa emuva, kumelwe kushiwo ukuthi lombono ngezinto, njengoba wawukhulisa ukuphakama kukaJehova noKristu wakhe, wasiza abantu bakaNkulunkulu ukuba balondoloze ukuma kokungathathi-hlangothi ngokungayekethisi, phakathi nalenkathi enzima.
Ukuzithoba Okulinganiselwe
14. Ukukhanya okwengeziwe kwanikezwa kanjani ngokuqondene neyabaseRoma 13:1, 2 nemibhalo ehlobene nayo ngo-1963?
14 Ngo-1961 kwaqedwa i-New World Translation of the Holy Scriptures. Ukulungiselelwa kwayo kwakwenze kwadingeka ukuhlolwa okujulile kolimi lokuqala lwemiBhalo. Ukuhunyushwa okunembile kwamagama asetshenziswe hhayi nje kweyabaseRoma isahluko 13 kodwa nasezindimeni ezinjengoThithu 3:1, 2 neyoku-1 Petru 2:13, 17 kwakwenza kwacaca ukuthi amazwi athi “amagunya aphakeme” awabhekiseli eGunyeni Eliphakeme Kunawo Wonke, uJehova, naseNdodaneni yakhe uJesu, kodwa emagunyeni ohulumeni babantu. Phakathi no-1963, kwakhishwa izihloko kuyi-Nqabayokulinda ezanikeza incazelo enembile yabaseRoma isahluko 13 futhi zanikeza nombono ocace kangcono kunalowo owawukhona ngesikhathi sikaC. T. Russell. Lezi zihloko zaveza ukuthi ukuzithoba kobuKristu emagunyeni akunakuba okuphelele. Kumelwe kube okulinganiselwe, uma nje kungezukwenza izinceku zikaNkulunkulu zingqubuzane nemithetho kaNkulunkulu. Nezinye izihloko kuyi-Nqabayokulinda ziye zaligcizelela leli phuzu elibalulekile.b
15, 16. (a) Yikuphi ukulinganisela okungcono ukuqondwa okusha kweyabaseRoma isahluko 13 okwaholela kukho? (b) Yimiphi imibuzo esadinga impendulo?
15 Lesi sihluthulelo sokuqonda okunembile incwadi yabaseRoma isahluko 13 siye senza abantu bakaJehova bakwazi ukulinganisa inhlonipho efanele ngamagunya ezombangazwe nokuma kokungayekethisi ezimisweni ezibalulekile ezingokomBhalo. (IHubo 97:11; Jeremiya 3:15) Siye sabenza baba nombono ofanele ngobuhlobo babo noNkulunkulu nokusebenzelana kwabo noMbuso. Siye sanika isiqinisekiso sokuthi njengoba bebuyisela izinto zikaKesari kuKesari, abakushayi indiva ukubuyisela izinto zikaNkulunkulu kuNkulunkulu.
-
-
UNkulunkulu NoKesariINqabayokulinda—1996 | Meyi 1
-
-
Ngokuthakazelisayo, encwadini yakhe ehlaziya eyabaseRoma isahluko 13, uProfesa F. F. Bruce uyabhala: “Umongo uyacacisa, njengoba kuboniswa umongo wemibhalo yabaphostoli, ukuthi umbuso ungafuna ukulalelwa, kube kufanele, ngaphakathi kwemingcele yezinjongo omiselwe zona ngokwaphezulu—empeleni, akukhona nje ukuthi umbuso ungase uphikiswe kodwa kumelwe uphikiswe lapho ufuna ukuthotshelwa okufanele uNkulunkulu kuphela.”
-