Isahluko 14
Igunya Likabani Okufanele Ulihloniphe?
1, 2. Ingabe zonke izinhlobo zegunya zimbi? Chaza.
LITHI “igunya” igama elingathandeki kubantu abaningi. Kuyaqondakala lokhu, ngoba igunya livame ukusetshenziswa kabi—emsebenzini, emkhayeni, nangohulumeni. IBhayibheli lisho liqinisile: “Lapho umuntu ebusa omunye kube-ngukulimala kwakhe.” (UmShumayeli 8:9) Yebo, abaningi baye babusa abanye ngokwenza ngendlela yobushiqela neyobugovu.
2 Kodwa akuwona wonke amagunya alimazayo. Ngokwesibonelo, kungase kuthiwe imizimba yethu inegunya phezu kwethu. “Isiyala” ukuba siphefumule, sidle, siphuze, futhi silale. Ingabe lokhu kuyacindezela? Cha. Ukwenza ngokuvumelana nalezi zimfuneko kuzuzisa thina. Nakuba ukuthobela izidingo zemizimba yethu kungase kuzenzekele, kunezinye izinhlobo zegunya ezenza kudingeke sizithobe ngokuzithandela. Cabangela izibonelo.
IGUNYA ELIPHAKEME KUNAWO WONKE
3. Kungani uJehova ebizwa ngokufanelekile ngokuthi “iNkosi enguMbusi”?
3 Izikhathi ezingaphezu kuka-300 eBhayibhelini, uJehova ubizwa ngokuthi “iNkosi enguMbusi.” Umbusi umuntu onegunya eliphakeme kunawo wonke. Yini eyenza uJehova afanelwe yilesi sikhundla? IsAmbulo 4:11 siyaphendula: “Uyakufanelekela, Jehova, yebo Nkulunkulu wethu, ukwamukela inkazimulo nodumo namandla, ngoba wadala zonke izinto, nangenxa yentando yakho zaba khona futhi zadalwa.”
4. UJehova ukhetha ukulisebenzisa kanjani igunya lakhe?
4 NjengoMdali wethu, uJehova unelungelo lokusebenzisa igunya lakhe ngendlela akhetha ukwenza ngayo. Lokhu kungase kubonakale kwethusa, ikakhulukazi lapho sicabanga ukuthi uNkulunkulu ‘unamandla amakhulu.’ Ubizwa ngokuthi “uNkulunkulu uSomandla”—inkulumo ngesiHeberu edlulisela umqondo wamandla anqobayo. (Isaya 40:26; Genesise 17:1) Kodwa, uJehova ubonisa amandla akhe ngendlela enomusa, ngoba imfanelo yakhe eyinhloko uthando.—1 Johane 4:16.
5. Kungani kungenzima ukuzithoba egunyeni likaJehova?
5 Nakuba uJehova ayexwayise ngokuthi wayeyoletha isijeziso phezu kwabenzi bokubi abangaphenduki, ngokuyinhloko uMose wayemazi ngokuthi “uNkulunkulu [weqiniso, NW], uNkulunkulu othembekileyo, ogcina isivumelwano nomusa nabamthandayo abagcina imiyalo yakhe.” (Duteronomi 7:9) Cabanga nje! IGunya Eliphakeme Kunawo Wonke lendawo yonke alisiphoqi ukuba silikhonze. Kunalokho, sidonseleka kulo ngenxa yothando lwalo. (Roma 2:4; 5:8) Ukuzithoba egunyeni likaJehova kuyinjabulo nokuba injabulo, ngoba ngaso sonke isikhathi imithetho yakhe igcina izuzise thina.—IHubo 19:7, 8.
6. Inkinga yegunya yaphakama kanjani ensimini yase-Edene, futhi kwaba namuphi umphumela?
6 Abazali bethu bokuqala babenqaba ubukhosi bukaNkulunkulu. Bafuna ukuzinqumela ukuthi yini eyayilungile nengalungile. (Genesise 3:4-6) Ngenxa yalokho, baxoshwa ekhaya labo eliyiPharadesi. Ngemva kwalokho uJehova wavumela abantu ukuba bamise izimiso zegunya ezazizobenza bakwazi ukuphila emphakathini ohlelekile, nakuba wawungaphelele. Yimaphi amanye alamagunya, futhi uNkulunkulu ulindele ukuba siwathobele ngezinga elingakanani?
‘AMAGUNYA APHAKEME’
7. Angobani ‘amagunya aphakeme,’ futhi isikhundla sawo sihlobene kanjani negunya likaNkulunkulu?
7 Umphostoli uPawulu wabhala: “Yonke imiphefumulo mayizithobe emagunyeni aphakeme, ngoba akukho gunya elikhona kungengoNkulunkulu.” Angobani ‘lamagunya aphakeme’? Amazwi kaPawulu emavesini alandela leli abonisa ukuthi angamagunya ohulumeni babantu. (Roma 13:1-7; Thithu 3:1) UJehova akazange asungule amagunya ohulumeni babantu, kodwa akhona ngoba evunyelwe nguye. Ngakho uPawulu wayengabhala: “Amagunya akhona ami ezikhundleni zawo ezilinganiselwe ebekwe uNkulunkulu.” Kubonisani lokhu ngegunya elinjalo lasemhlabeni? Ukuthi lingaphansi, noma lisezingeni eliphansi, kunegunya likaNkulunkulu. (Johane 19:10, 11) Ngakho-ke, lapho umthetho womuntu uphikisana nomthetho kaNkulunkulu, amaKristu kumelwe aqondiswe unembeza wawo oqeqeshwe yiBhayibheli. ‘Kumelwe alalele uNkulunkulu njengombusi kunabantu.’—IzEnzo 5:29.
8. Uzuza kanjani emagunyeni aphakeme, futhi ungabonisa kanjani ukuthi uyawathobela?
8 Nokho, ngokuvamile amagunya aphakeme ohulumeni aba ‘isikhonzi sikaNkulunkulu kithi ngokwenzuzo yethu.’ (Roma 13:4) Ngaziphi izindlela? Ake ucabange ngezinkonzo eziningi amagunya aphakeme azilungiselelayo, njengokuthunyelwa kweposi, amaphoyisa, nokuvikelwa emlilweni, ukukhucululwa kwendle, nemfundo. “Kungakho futhi nikhokha izintela,” kubhala uPawulu, “ngoba ayizinceku zikaNkulunkulu zasobala ezikhonza njalo yona kanye lenjongo.” (Roma 13:6) Ngokuqondene nezintela nanoma yiziphi ezinye izibopho ezingokomthetho, kufanele ‘siziphathe ngokwethembeka.’—Heberu 13:18.
9, 10. (a) Amagunya aphakeme angena kanjani elungiselelweni likaNkulunkulu? (b) Kungani bekuyoba okungalungile ukuphikisa amagunya aphakeme?
9 Ngezinye izikhathi, amagunya aphakeme awasebenzisa kabi amandla awo. Ingabe lokhu kuyasikhulula emthwalweni wemfanelo wokuhlale sizithoba kuwo? Cha, akunjalo. UJehova uyazibona izenzo ezingalungile zalamagunya. (IzAga 15:3) Ukubekezelela kwakhe ukubusa komuntu akusho ukuthi ukushaya indiva ukukhohlakala kwako; futhi akalindele ukuba senze kanjalo. Empeleni, ngokushesha uNkulunkulu ‘uzochoboza futhi aqede yonke lemibuso,’ esikhundleni sayo alethe ukubusa kukahulumeni wakhe siqu wokulunga. (Daniyeli 2:44) Kodwa njengoba kungakenzeki lokhu, amagunya aphakeme afeza injongo ewusizo.
10 UPawulu wachaza: “Ophikisa igunya uthathé ukuma ngokumelene nohlelo lukaNkulunkulu.” (Roma 13:2) Amagunya aphakeme ‘awuhlelo’ lukaNkulunkulu ngokuthi alondoloza isilinganiso esithile sokuhleleka, obekungase kuthi ngaphandle kwawo kwande izinxushunxushu neziyaluyalu. Ukuphikisana nawo kungaba okungenangqondo nokungekhona okungokombhalo. Ngokwesibonelo: Zicabange ukade uyohlinzwa futhi umthungo uhlanganise inxeba. Nakuba umthungo ungeyona ingxenye yomzimba, ufeza injongo ethile okwesikhathi esilinganiselwe. Ukuwuqaqa ngaphambi kwesikhathi kungaba okulimazayo. Ngokufanayo, amagunya ohulumeni babantu ayengeyona injongo kaNkulunkulu yasekuqaleni. Nokho, kuze kube yilapho uMbuso wakhe ubusa ngokuphelele emhlabeni, ohulumeni babantu bagcina umphakathi uhlangene, benza umsebenzi ovumelana nentando kaNkulunkulu okwamanje. Ngenxa yalokho kufanele sihlale sizithoba emagunyeni aphakeme, kuyilapho senza umthetho negunya likaNkulunkulu kuze kuqala.
IGUNYA EMKHAYENI
11. Ungasichaza kanjani isimiso sobunhloko?
11 Umkhaya uyiqembu eliyisisekelo lomphakathi wesintu. Kuwo indoda nomfazi bangathola ubungane obunomvuzo, futhi abantwana bangalondeka futhi baqeqeshelwe isikhathi sobudala. (IzAga 5:15-21; Efesu 6:1-4) Ilungiselelo elinjalo elihle kakhulu kudingeka lihlelwe ngendlela eyenza amalungu omkhaya aphile ngokuthula nangokuzwana. Indlela kaJehova yokufeza lokhu iyisimiso sobunhloko, esifingqwe ngalamazwi, atholakala kweyoku-1 Korinte 11:3: “Inhloko yawo wonke amadoda uKristu; nenhloko yowesifazane indoda; nenhloko kaKristu uNkulunkulu.”
12, 13. Ubani inhloko yomkhaya, futhi yini engase ifundwe endleleni kaJesu yokusebenzisa ubunhloko?
12 Indoda iyinhloko yomkhaya. Nokho, kunenhloko engaphezu kwayo—uJesu Kristu. UPawulu wabhala: “Madoda, qhubekani nithanda omkenu, njengoba nje noKristu alithanda ibandla futhi wazinikela ngenxa yalo.” (Efesu 5:25) Indoda ibonisa ukuzithoba kwayo kuKristu lapho iphatha umkayo ngendlela uJesu aye waliphatha ngayo ibandla ngaso sonke isikhathi. (1 Johane 2:6) UJesu unikezwe igunya elikhulu, kodwa ulisebenzisa ngobumnene, ngothando, nangokucabangela okukhulu. (Mathewu 20:25-28) Lapho engumuntu, uJesu akazange asisebenzise kabi isikhundla sakhe sokuba negunya. ‘Wayenomoya omnene futhi ethobekile ngenhliziyo,’ futhi wayebiza abalandeli bakhe ngokuthi “abangane” esikhundleni sokuthi “izigqila.” Wabathembisa: “Ngizonenza niqabuleke,” futhi yilokho akwenza.—Mathewu 11:28, 29; Johane 15:15.
13 Isibonelo sikaJesu sifundisa amadoda ukuthi ubunhloko bobuKristu abusona isikhundla sokubusa ngokhahlo. Kunalokho, esenhlonipho nothando lokuzidela. Lokhu ngokusobala kuyovimbela ukuphatha kabi umngane womshado ngokomzimba noma ngamazwi. (Efesu 4:29, 31, 32; 5:28, 29; Kolose 3:19) Uma indoda engumKristu ibingamphatha kabi kanjalo umkayo, eminye imisebenzi yayo emihle ibiyoba yize, futhi imithandazo yayo ibiyothiyeka.—1 Korinte 13:1-3; 1 Petru 3:7.
14, 15. Ulwazi ngoNkulunkulu lumsiza kanjani umfazi ukuba athobele umyeni wakhe?
14 Lapho indoda ilingisa isibonelo sikaKristu, kuba lula ukuba umkayo enze ngokuvumelana namazwi akweyabase-Efesu 5:22, 23: “Abafazi mabazithobe kubayeni babo njengokungathi bazithoba eNkosini, ngoba indoda iyinhloko yomkayo njengoba noKristu eyinhloko yebandla.” Njengoba nje indoda kumelwe ithobele uKristu, umfazi kumelwe athobele umyeni wakhe. Futhi iBhayibheli liyakucacisa ukuthi abafazi abanekhono bafanelwe udumo nokunconywa ngenxa yokuhlakanipha kwabo kokuhlonipha uNkulunkulu nenkuthalo.—IzAga 31:10-31.
15 Ukuzithoba komfazi ongumKristu kumyeni wakhe kulinganiselwe. Lokhu kusho ukuthi uNkulunkulu okumelwe alalelwe kunomuntu, uma ukuzithoba endabeni ethile kuyophumela ekuphuleni umthetho waphezulu. Nalapho, ukuma okuqinile komfazi kufanele kuhambisane ‘nomoya othule nomnene.’ Kufanele kubonakale ukuthi ulwazi ngoNkulunkulu luye lwamenza waba umfazi ongcono. (1 Petru 3:1-4) Lokhu kuyasebenza nasendodeni engumKristu emkayo akakholwa. Ukulalela kwayo izimiso zeBhayibheli kufanele kuyenze ibe umyeni ongcono.
16. Abantwana bangasilingisa kanjani isibonelo sikaJesu lapho esemusha?
16 Eyabase-Efesu 6:1 iveza indima yabantwana, ithi: “Bantwana, lalelani abazali benu ebunyeni neNkosi, ngoba lokhu kulungile.” Abantwana bamaKristu balandela isibonelo sikaJesu, owahlala ethobekile kubazali bakhe lapho ekhula. Njengomfana olalelayo, “waqhubeka ethuthuka ekuhlakanipheni nasekukhuleni ngokomzimba nasemseni kaNkulunkulu nowabantu.”—Luka 2:51, 52.
17. Indlela abazali abasebenzisa ngayo igunya ingabathonya kanjani abantwana babo?
17 Indlela abazali abasingatha ngayo imithwalo yabo yemfanelo ingakuthonya ukuthi abantwana babo bayolihlonipha yini igunya noma bayohlubuka kulo. (IzAga 22:6) Ngakho kungafaneleka ukuba abazali bazibuze, ‘Ingabe ngisebenzisa igunya lami ngothando noma ngokhahlo? Ingabe ngiyayekelela?’ Umzali ohlonipha uNkulunkulu kulindeleke ukuba abe nothando futhi abonelele, kodwa anamathele ngokungaguquki ezimisweni zokuhlonipha uNkulunkulu. Ngokufanelekile, uPawulu wabhala: “Nani bobaba, ningabacasuli abantwana benu [ngokwezwi nezwi, ‘ningabenzi bathukuthele’], kodwa qhsubekani nibakhulisa ngesiyalo nangokuqondisa umqondo kukaJehova.”—Efesu 6:4; Kolose 3:21.
18. Ukuyala kobuzali kufanele kunikezwe kanjani?
18 Abazali kufanele bahlolisise izindlela zabo zokuqeqesha, ikakhulukazi uma befisa ukuba abantwana babo balalele futhi ngenxa yalokho babalethele injabulo. (IzAga 23:24, 25) EBhayibhelini, ngokuyinhloko ukuyala kuwuhlobo lokufundisa. (IzAga 4:1; 8:33) Kuhlobene nothando nobumnene, hhayi nolaka nonya. Ngakho, abazali abangamaKristu kudingeka benze ngokuhlakanipha futhi bazibambe njalo lapho beyala abantwana babo.—IzAga 1:7.
IGUNYA EBANDLENI
19. UNkulunkulu uye wakulungiselela kanjani ukuhleleka okuhle ebandleni lobuKristu?
19 Njengoba uJehova enguNkulunkulu ohlelekile, kunengqondo ukuthi ubeyolungiselela abantu bakhe ukuhola okunegunya nokuhleleke kahle. Ngokufanelekile, uye wamisa uJesu ukuba abe iNhloko yebandla lobuKristu. (1 Korinte 14:33, 40; Efesu 1:20-23) Ngaphansi kokuhola kukaKristu okungabonakali, uNkulunkulu uye wagunyaza ilungiselelo okuthi ngalo abadala abamisiwe ebandleni ngalinye beluse umhlambi ngentshiseko, ngokuzithandela, nangothando. (1 Petru 5:2, 3) Izinceku ezikhonzayo zibasiza ngezindlela ezihlukahlukene futhi zenza inkonzo ebalulekile ebandleni.—Filipi 1:1.
20. Kungani kufanele sithobele abadala abamisiwe abangamaKristu, futhi kungani lokhu kunenzuzo?
20 Ngokuphathelene nabadala abangamaKristu, uPawulu wabhala: “Lalelani labo abaholayo phakathi kwenu futhi nizithobe, ngoba baqapha imiphefumulo yenu njengabayolandisa; ukuze lokhu bakwenze ngenjabulo hhayi ngokububula, ngoba lokhu bekuyonilimaza.” (Heberu 13:17) Ngokuhlakanipha, uNkulunkulu uye waphathisa ababonisi abangamaKristu umthwalo wemfanelo wokunakekela izidingo ezingokomoya zalabo abasebandleni. Laba badala abasona isigaba sabefundisi. Bayizinceku nezigqila zikaNkulunkulu, bekhonza izidingo zabakhulekeli abakanye nabo, njengoba nje neNkosi yethu, uJesu Kristu, yenza. (Johane 10:14, 15) Ukwazi ukuthi amadoda afanelekayo ngokomBhalo anesithakazelo entuthukweni yethu nasekukhuleni ngokomoya kusikhuthaza ukuba sibambisane nawo futhi siwathobele.—1 Korinte 16:16.
21. Abadala abamisiwe bafuna kanjani ukusiza amaKristu abakanye nawo ngokomoya?
21 Ngezinye izikhathi, izimvu zingase ziduke noma zilengele engozini ngenxa yezinto zezwe ezilimazayo. Ngaphansi kokuhola kukaMalusi Oyinhloko, abadala njengabelusi abangaphansi baphaphamela izidingo zalabo ababaphathisiwe futhi babanikeze ukunakekela komuntu siqu ngenkuthalo. (1 Petru 5:4) Bahambela amalungu ebandla futhi bawakhuthaze. Njengoba bazi ukuthi uDeveli ufuna ukuphazamisa ukuthula kwabantu bakaNkulunkulu, abadala basebenzisa ukuhlakanipha okuvela phezulu lapho besingatha noma yiziphi izinkinga. (Jakobe 3:17, 18) Bayazikhandla ekulondolozeni ubunye nobunye bokholo, okuyinto uJesu uqobo ayithandazela.—Johane 17:20-22; 1 Korinte 1:10.
22. Yiluphi usizo abadala abalunikezayo lapho kwenziwe isono?
22 Kuthiwani uma umKristu ekhuthazelela okuthile okubi noma edumele ngenxa yokwenza isono? Iseluleko seBhayibheli esiduduzayo nemithandazo esuka enhliziyweni ayenzelwa abadala ingasiza ekumbuyiseleni empilweni engokomoya. (Jakobe 5:13-15) Lamadoda, amiswa ngomoya ongcwele, futhi anegunya lokunikeza isiyalo nokusola noma ubani ophishekela inkambo yokona noma ofaka engozini ukuhlanzeka kwebandla okungokomoya nokokuziphatha. (IzEnzo 20:28; Thithu 1:9; 2:15) Ukuze ibandla ligcinwe lihlanzekile, kungase kudingeke ukuba abantu babike ukona okungathi sína. (Levitikusi 5:1) Uma umKristu owenze isono esingathi sína amukela isiyalo esingokomBhalo nokusolwa futhi enikeza ubufakazi bokuphenduka okuqotho, uyosizwa. Njengoba kulindelekile, abantu abaphikelelayo nabangaphenduki ekwephuleni umthetho kaNkulunkulu bayasuswa ekuhlanganyeleni.—1 Korinte 5:9-13.
23. Yini ababonisi abangamaKristu abayilungiselelayo ukuze ibandla lizuze?
23 IBhayibheli labikezela ukuthi ngaphansi kukaJesu Kristu njengeNkosi, kwakuyomiswa amadoda avuthiwe ngokomoya ukuze anikeze induduzo, isivikelo, nokuqabuleka kubantu bakaNkulunkulu. (Isaya 32:1, 2) Ayeyohola njengabashumayeli bevangeli, abelusi, nabafundisi ukuze akhuthaze ukukhula okungokomoya. (Efesu 4:11, 12, 16) Nakuba ababonisi abangamaKristu ngezinye izikhathi bengase basole, bakhuze, futhi banxuse abakholwa nabo, ukusebenzisa imfundiso yabadala enempilo esekelwe eZwini likaNkulunkulu kuyasiza ekugcineni bonke endleleni eya ekuphileni.—IzAga 3:11, 12; 6:23; Thithu 2:1.
YAMUKELA UMBONO KAJEHOVA NGEGUNYA
24. Iyiphi indaba esivivinywa kuyo nsuku zonke?
24 Owesilisa nowesifazane bokuqala bavivinywa endabeni yokuthobela igunya. Akumangalisi ukuthi nathi sibhekana novivinyo olufanayo nsuku zonke. USathane uDeveli uye wahlakulela umoya wokuhlubuka phakathi kwesintu. (Efesu 2:2) Inkambo yokuzibusa enziwa ibonakale iphakeme ngendlela ekhangayo kuneyokuzithoba.
25. Ziyini izinzuzo zokumelana nomoya wezwe wokuhlubuka nezokuzithoba egunyeni uNkulunkulu alisebenzisayo noma alivumelayo?
25 Nokho, kumelwe simelane nomoya wezwe wokuhlubuka. Lapho senza lokho, siyothola ukuthi ukuzithoba kokuhlonipha uNkulunkulu kuletha imivuzo ecebile. Ngokwesibonelo, siyogwema ukukhathazeka nokukhungatheka okuvame kulabo abazidalela izinkinga emagunyeni ezwe. Siyonciphisa ukungezwani okwandile emikhayeni eminingi. Futhi siyojabulela izinzuzo zobudlelwane obufudumele nobunothando namaKristu esikholwa nawo. Ngaphezu kwakho konke, ukuzithoba kwethu kokuhlonipha uNkulunkulu kuyosenza sibe nobuhlobo obuhle noJehova, iGunya Eliphakeme Kunawo Wonke.
HLOLA ULWAZI LWAKHO
UJehova ulisebenzisa kanjani igunya lakhe?
Angobani ‘amagunya aphakeme,’ futhi singahlale siwathobela ngayiphi indlela?
Yimuphi umthwalo wemfanelo isimiso sobunhloko esiwubeka elungwini ngalinye lomkhaya?
Singakubonisa kanjani ukuzithoba ebandleni lobuKristu?
[Ibhokisi ekhasini 134]
BAYAZITHOBA, ABAVUKELI
Ngomsebenzi wabo wokushumayela obala, oFakazi BakaJehova bakhomba eMbusweni kaNkulunkulu njengowukuphela kwethemba lesintu lokuthula kweqiniso nokulondeka. Kodwa laba bamemezeli abashisekayo boMbuso kaNkulunkulu abalokothi bavukele ohulumeni abaphila ngaphansi kwabo. Ngokuphambene, oFakazi baphakathi kwezakhamuzi ezihlonipha nezilalela umthetho kakhulu. “Ukube wonke amahlelo enkolo ayenjengofakazi bakaJehova,” kusho isikhulu esithile kwelinye izwe lase-Afrika, “sasingeke sibe nokubulawa kwabantu, ukugqekeza, ubuhlongandlebe, iziboshwa namabhomu e-athomu. Iminyango yayingeke ihluthulelwe ubusuku nemini.”
Ziqaphela lokhu, iziphathimandla emazweni amaningi ziye zavuma ukuba umsebenzi woFakazi wokushumayela uqhubeke ungavinjelwe. Kwamanye amazwe, ukuvinjelwa noma imithetho evimbelayo iye yasuswa lapho iziphathimandla ziqaphela ukuthi oFakazi BakaJehova bayithonya lokuhle. Kunjengoba umphostoli uPawulu abhala ngokuqondene nokulalela amagunya aphakeme: “Qhubeka wenza okuhle, futhi uyoba nodumo oluvela kulo.”—Roma 13:1, 3.