Isahluko 14
“Abayona Ingxenye Yezwe”
INKOLO yosuku lwanamuhla, ngokuyinhloko, ingene shí ekubeni ingxenye yezwe, ngakho iyahlanganyela emikhosini yezwe futhi ibonisa umoya wobuzwe. Abefundisi bayo ngokuvamile bayalivuma leloqiniso, futhi abaningi babo bajatshuliswa yilokho. Ngokuphambene, uJesu wathi ngabalandeli bakhe beqiniso: “Abayona ingxenye yezwe, njengoba nami ngingeyona ingxenye yezwe.”—Joh. 17:16, NW.
Umlando ubonisani ngoFakazi BakaJehova kulokhu? Ingabe baye banikeza ubufakazi obuqand’ ikhanda bokuthi abayona ingxenye yezwe?
Isimo Sabo Sengqondo Ngomakhelwane Babo
AbaFundi BeBhayibheli bokuqala babekwazi kahle ukuthi amaKristu eqiniso ayengeke abe ingxenye yezwe. INqabayokulinda yachaza ukuthi ngenxa yokuthi abalandeli bakaKristu abagcotshiwe babengcwelisiwe futhi bazalwa ngomoya ukuze babe nengxenye eMbusweni wasezulwini, ngalesisenzo sikaNkulunkulu babehlukanisiwe nezwe. Ngaphezu kwalokho, yaveza ukuthi babenesibopho sokugwema umoya wezwe—imigomo yalo, izifiso, namathemba, kanye nezindlela zalo zobugovu.—1 Joh. 2:15-17.
Ingabe lokhu kwasithinta isimo sengqondo sabaFundi BeBhayibheli ngabantu ababengenazo izinkolelo ezifana nezabo? Ngokuqinisekile abazange bazenze onkom’ idlayodwa. Kodwa labo ababekusebenzisa ngempela ababekufunda emiBhalweni abazange bafune ukuba nobudlelwane nabantu bezwe ngendlela eyayizobenza bahlanganyele endleleni yabo yokuphila. INqabayokulinda yadonsela ukunakekela kwezinceku zikaNkulunkulu eselulekweni seBhayibheli ‘sokwenza okuhle kubo bonke.’ Futhi yeluleka ngokuthi lapho zishushiswa kwakufanele zizame ukugwema ukuba nemizwa yokuphindisela, kodwa kunalokho, njengoba uJesu ayeshilo, kwakufanele ‘zithande izitha zazo.’ (Gal. 6:10; Math. 5:44-48) Yazinxusa ikakhulukazi ukuba zihlangenyele nabanye iqiniso eliyigugu eliphathelene nelungiselelo likaNkulunkulu lensindiso.
Ngokuqondakalayo, ukwenza kwazo lezizinto kwakuyobangela ukuba izwe lizibheke njengezihlukile. Kodwa ukungabi ingxenye yezwe kuhilela okuningi—nangaphezulu.
Ukuhlukana NeBabiloni Elikhulu Nokuhluka Kulo
Ukuze bangabi yingxenye yezwe, kwakumelwe bangabi ingxenye yezimiso ezingokwenkolo ezazihileleke ngokujulile ezindabeni zezwe futhi ezazamukele izimfundiso namasiko eBabiloni lasendulo, isitha esidala sokukhulekela kweqiniso. (Jer. 50:29) Lapho kugqashuka impi yezwe yokuqala, abaFundi BeBhayibheli kwase kuphele amashumi eminyaka bedalula imisuka yobuqaba yezimfundiso zeLobukholwa ezinjengoZiqu-zintathu, ukungafi komphefumulo womuntu, nesihogo somlilo. Babedalule nomlando wamasonto wokuzama ukusebenzisa ohulumeni ukuze afeze izinhloso zawo zobugovu. Ngenxa yezimfundiso zeLobukholwa kanye nemikhuba, abaFundi BeBhayibheli balichaza ngokuthi “iBabiloni elikhulu.” (IsAm. 18:2) Baveza ukuthi laxuba iqiniso nephutha, ubuKristu obusivivi nobuzwe obusobala, nokuthi igama leBhayibheli elithi “IBabiloni” (elisho, “Ukudideka”) lisichaza kahle lesosimo. Banxusa abantu abathanda uNkulunkulu ukuba baphume ‘eBabiloni.’ (IsAm. 18:4) Ukuze bafeze lokho, ekupheleni kuka-December 1917 nasekuqaleni kuka-1918, basakaza amakhophi angu-10-000 000 e-Bible Students Monthly ayenesihloko esithi “Ukuwa KweBabiloni,” esasiwukudalulwa okunamandla kweLobukholwa. Nakho lokhu, kwabangela inzondo enonya evela kubefundisi, abasebenzisa ukwesaba kwesikhathi sempi bezama ukuqeda umsebenzi woFakazi BakaJehova.
Ngokungenakugwenywa, ukuphuma eBabiloni Elikhulu kwakuhilela ukuhoxa ekubeni ilungu lezinhlangano ezazisekela izimfundiso zalo zamanga. AbaFundi BeBhayibheli bakwenza lokho, nakuba kwase kuyiminyaka eminingi bebabheka njengabafowabo abangamaKristu labobantu ababesemasontweni ababethi bazinikezele ngokugcwele futhi banokholo esihlengweni. Nokho, abaFundi BeBhayibheli abazange bagcine ngokubhala izincwadi zokuhoxa emasontweni eLobukholwa, kodwa uma kwenzeka, lapho kwakufaneleka ukuba amalungu akhulume amanye ayezifunda emihlanganweni yesonto bonke bezwa. Uma lokhu kungenakwenzeka, babengase bathumele ikhophi yencwadi yabo yokuhoxa—ebhalwe kahle enobufakazi obufanelekayo—kuwo wonke amalungu ebandla.
Ingabe babeqikelela nokuthi abahambi nanoma yimaphi amasiko alezozinhlangano kanye nemikhuba yokungamesabi uNkulunkulu? Sasiyini isimo enkathini eyayiholela eMpini Yezwe I?
Ingabe Inkolo Kufanele Izihlanganise Nezombangazwe?
Enkundleni yezombangazwe, ababusi abaningi bezizwe ezivelele, ngenxa yokuba kwabo nobuhlobo nesonto lamaKatolika noma lamaProthestani, sekuyisikhathi eside bethi babusa ‘ngegunya laphezulu,’ njengabameleli boMbuso kaNkulunkulu nangokuvunyelwa uNkulunkulu okukhethekile. Isonto labusisa uhulumeni; naye uhulumeni wasekela isonto. Ingabe nabaFundi BeBhayibheli bakwenza lokhu?
Kunokulingisa amasonto eLobukholwa, bafuna ukufunda ezimfundisweni nasesibonelweni sikaJesu Kristu nabaphostoli bakhe. Ukuhlola kwabo iBhayibheli kwababonisani? Izincwadi zakuqala ze-Watch Tower zembula ukuthi babekuqaphela ukuthi lapho uJesu ebuzwa umbusi waseRoma uPontiyu Pilatu, wathi: “Umbuso wami awusiwo owalelizwe.” Lapho ephendula umbuzo owawuphathelene nendima yakhe, uJesu watshela lombusi: “Ngizalelwe lokho, ngafikela lokho ezweni ukuba ngifakazele iqiniso.” (Joh. 18:36, 37) AbaFundi BeBhayibheli babazi ukuthi uJesu wayenamathele ngokungantengantengi kulesosabelo. Lapho uDeveli ethembisa ukumnika yonke imibuso yezwe kanye nenkazimulo yayo, wenqaba. Lapho abantu befuna ukumenza inkosi, wamuka kuleyondawo. (Math. 4:8-10; Joh. 6:15) AbaFundi BeBhayibheli abazange bangalinaki iqiniso lokuthi uJesu wayebize uDeveli ngokuthi “umbusi wezwe” futhi wathi uDeveli ‘wayengenalutho kuye.’ (Joh. 14:30) Babona ukuthi uJesu wayengafuni ukuba yena noma abalandeli bakhe bahileleke esimisweni sezombangazwe saseRoma kodwa ukuthi wayematasa ngokuphelele ekumemezeleni “ivangeli lombuso kaNkulunkulu.”—Luka 4:43.
Ingabe ukukholelwa kwabo kulezizinto ezilotshwe eZwini likaNkulunkulu kwakhuthaza ukuba badelele igunya likahulumeni? Lutho neze. Kunalokho, kwabasiza ukuba baqonde ukuthi kungani kunezinkinga eziningi kangaka ababusi ababhekene nazo, ukuthi kungani kunokungabi namthetho okukhulu kangaka, nokuthi kungani ngokuvamile zibhuntsha izimiso zohulumeni zokuthuthukisa isimo sabantu. Inkolelo yabo yabenza babekezela lapho bebhekene nobunzima, ngoba babeqiniseka ukuthi uNkulunkulu ngesikhathi sakhe esifanele uyoletha impumuzo ehlala njalo ngoMbuso wakhe. Ngalesosikhathi babeqonda ukuthi “amandla aphakeme,” okukhulunywa ngawo kwabaseRoma 13:1-7 (KJ), ayengababusi bezwe. Ngokuvumelana nalokho, banxusa ukuba kuhlonishwe izikhulu zikahulumeni. Lapho ekhulumela abaseRoma 13:7, uC. T. Russell, encwadini ethi The New Creation (eyakhishwa ngo-1904), wathi amaKristu eqiniso “njengokulindelekile ayoba qotho ukwedlula bonke ekuqapheleni ababusi balelizwe, futhi ayilalele ukwedlula bonke imithetho nezimfuneko zomthetho, ngaphandle kwalapho lokhu kutholakala kuphikisana nezimfuneko zasezulwini kanye nemiyalo. Uma bekhona, bambalwa ababusi basemhlabeni osukwini lwethu abayokusola ukuqaphela uMdali ophakeme nokuthembeka ngokuphelele emiyalweni yakhe. Ngakho, [amaKristu eqiniso] kufanele abe phakathi kwalabo abalalela umthetho ukwedlula bonke esikhathini sanamuhla—hhayi ababangeli bezinxushunxushu, hhayi abakhonondayo, hhayi abahlale bebona amaphutha.”
NjengamaKristu, abaFundi BeBhayibheli babazi ukuthi umsebenzi okwakufanele bazinikele kuwo kwakuwukushumayela ngoMbuso kaNkulunkulu. Futhi, njengoba kushiwo emqulwini wokuqala we-Studies in the Scriptures, “uma lokhu kwenziwa ngokwethembeka, ngeke sibe khona isikhathi noma ukuthambekela kokuhileleka kwezombangazwe zohulumeni bamanje.”
Ngokuqondene nalokhu, ngezinga elikhulu, banjengalawomaKristu okuqala achazwa u-Augustus Neander encwadini ethi The History of the Christian Religion and Church, During the Three First Centuries: “AmaKristu aba ngavelele nahlukile embusweni, . . . futhi ubuKristu babonakala bukwazi ukuthonya ukuphila kwezakhamuzi kuphela ngaleyondlela okumelwe kuvunywe ukuthi imsulwa, ngokuzama ngokoqobo ukugxilisa ngokwengeziwe umuzwa ongcwele ezakhamuzini zombuso.”
Lapho Izwe Lihileleka Empini
Embulungeni yonke izenzakalo zeMpi Yezwe I zakuvivinya kakhulu lokho okwakushiwo yilabo ababethi bangamaKristu. Kwakuyimpi esabeka ukuzidlula zonke ezake zalwiwa kuze kube yilesosikhathi; cishe bonke abantu ababesemhlabeni babehilelekile ngandlela-thile.
UPapa Benedict XV, naphezu kokuzwakalisa kweVatican ukuzwelana neMibuso Emikhulu, wazama ukwenza kubonakale sengathi akathathi-hlangothi. Nokho, esizweni ngasinye abefundisi, bamaKatolika nabamaProthestani, abazange basilondoloze lesosimo sokungathathi-hlangothi. Ngokuqondene nesimo e-United States, uDkt. Ray Abrams, encwadini yakhe ethi Preachers Present Arms, wabhala: “Amasonto athi kwakunobunye benjongo obabungaziwa kuze kube yilesosikhathi ezincwadini zomlando ezingokwenkolo. . . . Abaholi abachithanga sikhathi ekuzihleleni kahle ngesisekelo sesikhathi sempi. Phakathi namahora angamashumi amabili nane ngemva kokumenyezelwa kwempi, i-Federal Council of the Churches of Christ in America yahlela ukubambisana ngokugcwele. . . . ISonto lamaRoma Katolika, lahlelela inkonzo efanayo ngaphansi kwe-National Catholic War Council, eyayiphethwe ababhishobhi abakhulu abayishumi nane futhi uKhadinali Gibbons engumongameli, labonisa ukuzinikela okulinganayo kulelicebo. . . . Amaningi amasonto enza okungaphezu kwalokho ayekuceliwe. Aba amaziko okubhalisa amabutho.” AbaFundi BeBhayibheli benzani?
Nakuba babezama ukwenza lokho ababenomuzwa wokuthi kujabulisa uNkulunkulu, ukuma kwabo kwakungekhona ngaso sonke isikhathi okokungathathi-hlangothi okuqinile. Lokho ababekwenza kwakuthonywe inkolelo, ababehlanganyela namaKristu okuzisholo ekukholelweni kuyo, yokuthi “amandla aphakeme” ‘agcotshwe uNkulunkulu,’ ngokwendlela okushiwo ngayo kuyi-King James Version. (Roma 13:1) Ngakho, ngokuvumelana nokumenyezelwa kukamongameli wase-United States, INqabayokulinda yanxusa abaFundi BeBhayibheli, ukuba bahlanganyele ekugubheni u-May 30, 1918, njengosuku lomthandazo nokunxusa ngokuqondene nomphumela wempi yezwe.a
Phakathi neminyaka yempi, izimo abaFundi BeBhayibheli ngabanye ababekuzo zazihlukahluka. Indlela ababesingatha ngayo lezizimo nayo yayihluka. Bezizwa benesibopho sokulalela “amandla akhona,” njengoba babebabiza kanjalo ababusi bezwe, abanye baya emiseleni phambili bephethe izibhamu nemikhonto efakwa esihlokweni sesibhamu. Kodwa bekhumbula umbhalo othi, “Ungabulali,” babedubula emoyeni ngezikhali zabo noma bamane bazame ukuwisa isikhali esisesandleni sesitha. (Eks. 20:13) Abambalwa, njengoRemigio Cuminetti, e-Italy, benqaba ukugqoka izingubo zempi. Uhulumeni wase-Italy ngalesosikhathi wawungalenzi ilungiselelo lokukhululwa kwanoma ubani ongafuni ukuphatha izikhali ngenxa kanembeza. Waquliswa amacala kahlanu futhi wagqunywa emajele wayiswa nasendaweni yabagula ngengqondo, kodwa ukholo lwakhe nokuzimisela akuzange kunyakaziswe. ENgilandi abanye abafaka izicelo zokukhululwa babelwa umsebenzi obaluleke ezweni lonke noma ukuba babe amaphoyisa angayi empini. Abanye, njengoPryce Hughes, bathatha ukuma okuqinile kokungathathi-hlangothi, kungakhathaliseki ukuthi kuba namiphi imiphumela kubo.
Okungenani ngalesosikhathi, umlando wabaFundi BeBhayibheli usuwonke wawungafani nowamaKristu okuqala ochazwe kuyi-Rise of Christianity, ka-E. W. Barnes, owabika: “Ukuhlolisiswa kwakho konke ukwaziswa okukhona kubonisa ukuthi, kuze kube sesikhathini sikaMarcus Aurelius [owayengumbusi waseRoma kusukela ngo-161 kuya ku-180 C.E.], akekho umKristu owaba yisosha; futhi alikho isosha, ngemva kokuba libe ngumKristu, elaliqhubeka lisenkonzweni yezempi.”
Kodwa-ke, ekupheleni kweMpi Yezwe I, kwaphakama esinye isimo esabangela ukuba amaqembu enkolo kudingeke abonise ukuthi ayeqotho kukuphi.
Ukubonakaliswa Okungokwezombangazwe KoMbuso KaNkulunkulu?
Isivumelwano sokuthula, kuhlanganise neSivumelwano SeNhlangano Yezizwe, sasayinwa eVersailles, eFrance, ngo-June 28, 1919. Ngisho nangaphambi kokuba kusayinwe lesosivumelwano, i-Federal Council of the Churches of Christ in America yamemezela obala ukuthi leNhlangano yayizoba “ukubonakaliswa okungokwezombangazwe koMbuso kaNkulunkulu.” Futhi iSigele sase-U.S. sathola inqwaba yezincwadi ezazivela emaqenjini enkolo ezazinxusa ukuba sigunyaze iSivumelwano SeNhlangano Yezizwe.
OFakazi BakaJehova abazange bakusekele lokhu. Ngisho nangaphambi kokuba kugunyazwe lesivumelwano sokuthula (ngo-October), uJ. F. Rutherford wabeka inkulumo eCedar Point, e-Ohio, ngo-September 7, 1919, abonisa kuyo ukuthi akuyona iNhlangano Yezizwe kodwa uMbuso omiswe uNkulunkulu uqobo owukuphela kwethemba lesintu esicindezelekile. Nakuba bavuma ukuthi ukubumbana kwabantu ukuze kuthuthukiswe izimo kungafeza lukhulu, labobaFundi BeBhayibheli abazange bawufulathele uMbuso kaNkulunkulu siqu bewenana ngendlela yezombangazwe emiswe abezombangazwe futhi yabusiswa abefundisi. Kunalokho, benza umsebenzi wokufakaza embulungeni yonke ophathelene noMbuso uNkulunkulu awunika uJesu Kristu. (IsAm. 11:15; 12:10) Ku-Nqabayokulinda (yesiNgisi) ka-July 1, 1920, kwachazwa ukuthi lokhu kwakuwumsebenzi uJesu ayewubikezele kuMathewu 24:14.
Ngemva kweMpi Yezwe II, amaKristu aphinde abhekana nenkinga efanayo. Kulokhu, yayihilela iZizwe Ezihlangene, ezalandela iNhlangano (yeZizwe). Nakuba iMpi Yezwe II yayisaqhubeka ngo-1942, oFakazi BakaJehova base beqonda kakade ngokusekelwe eBhayibhelini, kusAmbulo 17:8, ukuthi inhlangano yokuthula kwezwe yayizophinde ivuke, nokuthi yayizohluleka ukuletha ukuthula okuhlala njalo. Lokhu kwachazwa uN. H. Knorr, owayengumongameli we-Watch Tower Society ngalesosikhathi, enkulumweni yasemhlanganweni eyayithi “Ukuthula—Ingabe Kungaba Okuhlala Njalo?” Ngesibindi oFakazi BakaJehova bamemezela lowombono wesimo sezwe esasisaqala. Ngakolunye uhlangothi, abaholi bamaKatolika, abamaProthestani, nabamaJuda eqinisweni bahlanganyela ezingxoxweni ezaziseSan Francisco ngo-1945 okwabhalwa phakathi nazo iSivumelwano se-UN. Kwababukela lezenzakalo, kwacaca ukuthi obani ababefuna ukuba ‘abahlobo bezwe’ nokuthi obani ababezama ukungabi “ingxenye yezwe,” njengoba uJesu ayethe kwakuyoba njalo ngabalandeli bakhe.—Jak. 4:4; Joh. 17:14.
Umlando Wokungathathi-hlangothi KobuKristu
Nakuba oFakazi BakaJehova basheshe baziqonda ezinye izindaba ezazihilela ubuhlobo bomKristu nezwe, ezinye izindaba zadinga isikhathi esengeziwe. Nokho, njengoba iMpi Yezwe II yayibhebhetheka eYurophu, isihloko esibalulekile esasiku-Nqabayokulinda (yesiNgisi) ka-November 1, 1939, sabasiza ukuba baqaphele lokho okwakushiwo ukungathathi-hlangothi kobuKristu. Abalandeli bakaJesu Kristu, kusho lesihloko, banesibopho phambi kukaNkulunkulu sokuzinikela ngokuphelele kuye naseMbusweni wakhe, uMbuso Ongokwasezulwini. Kufanele bathandazele uMbuso kaNkulunkulu, hhayi izwe. (Math. 6:10, 33) Ngokwalokho uJesu Kristu akwembula ngokuqondene nokuthi umbusi wezwe ongabonakali ungubani (Joh. 12:31; 14:30), kuchaza lesihloko, umuntu ozinikele eMbusweni kaNkulunkulu angalusekela kanjani uhlangothi oluthile empini ephakathi kwamaqembu ezwe? Ingabe uJesu akazange asho lokhu ngabalandeli bakhe: “Abayona ingxenye yezwe, njengoba nami ngingeyona ingxenye yezwe?” (Joh. 17:16, NW) Lokhu kuma kokungathathi-hlangothi kobuKristu ngeke kuqondwe yizwe lonke. Kodwa ingabe oFakazi BakaJehova ngempela babeyophila ngokuvumelana nakho?
Ukungathathi-hlangothi kwabo kwabekwa ovivinyweni olucindezelayo phakathi neMpi Yezwe II, kwaba ngezinga elivelele eJalimane. Isazi-mlando uBrian Dunn sathi: ‘OFakazi BakaJehova babengavumelani nobuNazi. Okubaluleke kakhulu amaNazi ayemelene ngakho nabo kwakuwukungathathi-hlangothi kwabo kwezombangazwe. Lokhu kwasho ukuthi alikho ikholwa elalingaphatha izikhali, libe sesikhundleni sezombangazwe, lihlanganyele emikhosini yomphakathi, noma lenze noma iluphi uphawu lokukhulekela.’ (The Churches’ Response to the Holocaust, 1986) Kuyi-History of Christianity, uPaul Johnson wanezela: “Abaningi bagwetshwa intambo ngenxa yokwenqaba inkonzo yezempi . . . noma bayiswa eDachau noma ezibhedlela zezinhlanya.” Bangaki oFakazi ababoshwa eJalimane? OFakazi BakaJehova eJalimane kamuva babika ukuthi abangu-6 262 kubo babeboshiwe futhi abangu-2 074 kulelonani babeyiswe emakamu okuhlushwa. Abalobi bezwe ngokuvamile bathi amanani ayengaphezu kwalokho.
EBrithani, lapho kwakubuthwa khona abesilisa nabesifazane, umthetho wawunelungiselelo lokukhululwa kwabathile; kodwa izinkantolo eziningi zabenqabela oFakazi BakaJehova, futhi abahluleli babanika isigwebo sasejele sesikhathi esingaphezu kweminyaka engu-600 isiyonke. E-United States, oFakazi BakaJehova abaningi njengezikhonzi ezingamaKristu bakhululwa enkonzweni yempi. Abanye abangaphezu kwabangu-4 000, benqatshelwa ukuba bathole ukukhululwa okwakunikezwa uMthetho Wokubuthelwa Ezempi, baboshwa futhi bagqunywa ejele isikhathi esifinyelela eminyakeni emihlanu. Kuwo wonke amazwe asemhlabeni, oFakazi BakaJehova babambelela ekumeni okufanayo kokungathathi-hlangothi kobuKristu.
Nokho, ukuvivinywa kobuqotho bokungathathi-hlangothi kwabo akuzange kuphele lapho kuphela impi. Nakuba impi ka-1939-45 yayisiphelile, kwaba nezinye izimpi; ngisho naphakathi nezikhathi ezinesilinganiso esithile sokuthula, izizwe eziningi zakhetha ukulondoloza inkonzo yezempi ephoqelelwe. OFakazi BakaJehova, njengezikhonzi ezingamaKristu, baqhubeka bebhekana nokuboshwa lapho bengazange banikezwe imvume ebakhulula ekuyeni empini. Ngo-1949, lapho uJohn Tsukaris noGeorge Orphanidis bengenakuphakamisela omakhelwane babo izikhali, uhulumeni waseGreece wagunyaza ukuba babulawe. Impatho (enhlobonhlobo) eyayitholwa oFakazi BakaJehova eGreece ngokuphindaphindiwe yayinonya kangangokuba ngokuhamba kwesikhathi i-Council of Europe (Ikomiti Yamalungelo Abantu) yazama ukusebenzisa ithonya layo ngenxa yabo, kodwa ngenxa yokucindezela kweSonto Lobu-Orthodox LamaGreki, kuze kube ngo-1992 ukunxusa kwayo kwakuye kwagwenywa ngobuqili, ngaphandle kwasezimweni ezimbalwa. Nokho, abanye ohulumeni bakuthole kungekuhle ukuqhubeka bejezisa oFakazi BakaJehova ngenxa yezinkolelo zabo ezingokwenkolo ezibusa unembeza. Kusukela ngawo-1990, emazweni ambalwa, njengaseSweden, eFinland, ePoland, eNetherlands, nase-Argentina, ohulumeni bebengasabaphoqi oFakazi abakhuthele ukuba bangenele inkonzo yezempi noma benze inkonzo ehlukile ephoqelelwe ezweni, nakuba icala ngalinye lalihlolisiswa ngokucophelela.
Ezindaweni ezihlukahlukene, oFakazi BakaJehova kwadingeka babhekane nezimo ezazikubekela inselele ukungathathi-hlangothi kwabo kobuKristu. Ohulumeni ababebusa eLatin America, e-Afrika, eMpumalanga Ephakathi, eNyakatho Ireland, nakwezinye izindawo baye babhekana nokuphikisa okunobudlova kwamabutho avukelayo. Ngenxa yalokho, ohulumeni namabutho aphikisayo baye bacindezela oFakazi BakaJehova ukuba babasekele ngenkuthalo. Kodwa oFakazi BakaJehova baye balondoloza ukungathathi-hlangothi ngokuphelele. Abanye baye bashaywa ngonya, babulawa nokubulawa, ngenxa yokuma abakuthatha. Nokho, ngokuvamile ukungathathi-hlangothi kobuKristu okuqotho koFakazi BakaJehova kuye kwenza izikhulu ezinhlangothini zombili ukuba zibahloniphe, futhi oFakazi bayavunyelwa ukuba baqhubeke bengaphazanyiswa emsebenzini wabo wokutshela abanye izindaba ezinhle ngoMbuso kaJehova.
Ngawo-1960 nawo-1970, ukungathathi-hlangothi koFakazi kwavivinywa ngonya lapho kuphoqelelwa zonke izakhamuzi zaseMalawi ukuba zithenge ikhadi elibonisa ukuba ilungu leqembu lezombangazwe elalibusa. OFakazi BakaJehova bakubona kuphambene nezinkolelo zabo zobuKristu ukuhlanganyela kulokhu. Ngenxa yalokho, baba ngaphansi kokushushiswa konya okwakungakaze kube khona. Amashumi ezinkulungwane aphoqeleka ukuba abaleke kulelozwe, futhi ngokuhamba kwesikhathi abaningi baphoqwa ukuba babuyele kulelizwe ukuze babhekane nesihluku esengeziwe.
Nakuba babeshushiswa ngobudlova, oFakazi BakaJehova abazange basabele ngomoya wokuvukela. Izinkolelo zabo azifaki engozini noma yimuphi uhulumeni abaphila ngaphansi kwawo. Ngokuphambene, uMkhandlu Wezwe WamaSonto uye wasiza ekuxhaseni ngokwezimali ukuvukelwa kwemibuso, futhi abefundisi bamaKatolika baye basekela amabutho abashokobezi. Kodwa uma omunye woFakazi BakaJehova engahlanganyela esenzweni sokugumbuqela umbuso kungafana nokuphika ukholo lwakhe.
Kuyiqiniso ukuthi oFakazi BakaJehova bakholelwa ukuthi bonke ohulumeni babantu bayosuswa uMbuso kaNkulunkulu. Lokhu yilokho iBhayibheli elikushoyo kuDaniyeli 2:44. Kodwa, njengoba oFakazi bekuveza, kunokuba uthi abantu abayomisa lowoMbuso, umbhalo uthi “uNkulunkulu wasezulwini uyakumisa umbuso.” Bayachaza ukuthi ngokufanayo umbhalo awusho ukuthi abantu bagunyazwe uNkulunkulu ukuba bavulele lowoMbuso indlela ngokususa imibuso yabantu. OFakazi BakaJehova bayaqaphela ukuthi umsebenzi wamaKristu eqiniso uwukushumayela nokufundisa. (Math. 24:14; 28:19, 20) Ngokuvumelana nenhlonipho abanayo ngeZwi likaNkulunkulu, umlando ubonisa ukuthi akekho kubo owake wazama ukugumbuqela uhulumeni wanoma yiluphi uhlobo nomaphi ezweni, futhi abakaze bacebe ukulimaza isikhulu sikahulumeni. Iphephandaba lesiNtaliyane i-Stampa lathi ngoFakazi BakaJehova: “Bayizakhamuzi ezithembeke kunazo zonke noma ubani angafisa ukuba nazo: abazibalekeli izintela noma bafune ukugwema imithetho engathandeki ukuze kuzuze bona.” Nokho, ngenxa yokuqaphela ukungathi sína kwalendaba phambi kukaNkulunkulu, ngamunye wabo uzimisele ngokungaguquki ukuhlala ‘engeyona ingxenye yezwe.’—Joh. 15:19, NW; Jak. 4:4.
Lapho Izifanekiselo Zesizwe Zikhulekelwa
Njengoba u-Adolf Hitler ayethola isikhundla sokubusa eJalimane, emhlabeni kwaba negagasi lokudideka kokushisekela izwe. Ukuze kubuswe abantu ngobushiqela, kwaphoqelelwa ukuhlanganyela emikhosini yokushisekela izwe. EJalimane wonke umuntu kwakumelwe ashaye indesheni eyayiyaleziwe futhi amemeze athi, “Heil Hitler!” Lokhu kwakuwukudumisa uHitler njengomsindisi; kwakuhloselwe ukudlulisela umqondo wokuthi wonke amathemba abantu ayegxile ebuholini bakhe. Kodwa oFakazi BakaJehova babengenakuba nemizwa enjalo. Babazi ukuthi ukukhulekela kwabo kumelwe kuye kuJehova kuphela nokuthi wavusa uJesu Kristu njengoMsindisi wesintu.—Luka 4:8; 1 Joh. 4:14.
Ngisho nangaphambi kokuba uHitler abe umashiqela eJalimane, oFakazi BakaJehova, encwajaneni ethi Umubuso Itemba Lomhlaba (eyakhishwa ngo-1931, ngesiNgisi), babukeza isibonelo esingokomBhalo sabangane abathathu bomprofethi uDaniyeli ababenesibindi abangamaHeberu eBabiloni. Lapho eyalwa inkosi ukuba akhothamele umfanekiso lapho kudlalwa umculo othile, lawomaHeberu athembekile enqaba ukuhlehla okholweni, futhi uJehova wakwenza kwacaca ukuthi uyawamukela ngokuthi awasindise. (Dan. 3:1-26) Lencwajana yaveza ukuthi imikhosi yokushisekela izwe oFakazi BakaJehova ababhekana nayo ezikhathini zanamuhla ibeka inselele efanayo ekuthembekeni kwabo.
Kancane kancane, isiyaluyalu ngemikhosi ephoqelelwe yokushisekela izwe asigcinanga eJalimane. Ngo-June 3, 1935, emhlanganweni owawuseWashington, D.C., lapho uJ. F. Rutherford ecelwa ukuba akhulume ngokushayela ifulege indesheni ezikoleni, wagcizelela indaba yokuthembeka kuNkulunkulu. Ezinyangeni ezimbalwa kamuva, lapho uCarleton B. Nichols, Jr., waseLynn, eMassachusetts, owayeneminyaka eyisishiyagalombili ubudala enqaba ukushayela ifulege laseMelika indesheni nokuhlanganyela ekuculeni iculo lokushisekela izwe, kwabikwa ephephandabeni ezweni lonke.
Ukuze achaze lendaba, uMfoweth’ uRutherford wabeka inkulumo emsakazweni ngo-October 6 eyayinesihloko esithi “Ukushayela Ifulege Indesheni,” athi kuyo: “Kubantu abaningi ukushayela ifulege indesheni kumane kuwukugcina icala futhi uma kubalulekile, akubalulekile kangako. Kulabo abakucabangela ngobuqotho ngokombono ongokomBhalo, kusho okukhulu.
“Ifulege limelela imibuso ebusayo ebonakalayo. Ukuzama ukuphoqelela ngokomthetho isakhamuzi noma umntwana wesakhamuzi ukuba akhulekele into ethile, noma ukuba acule lokho okubizwa ngokuthi ‘amaculo okushisekela izwe’, akulungile futhi akufanele nakancane. Imithetho yenzelwe futhi imiselwe ukuvimbela ukwenziwa kwezenzo ezisobala ezilimaza abanye, futhi ayenziwa ngenjongo yokuphoqelela umuntu ukuba enze okuphikisana nonembeza wakhe, futhi ikakhulukazi uma lowonembeza uqondiswa ngokuvumelana neZwi likaJehova uNkulunkulu.
“Ukwenqaba ukushayela ifulege indesheni, nokuma ungenzi lutho, njengoba kwenze lomfana, akunakulimaza muntu. Uma umuntu ekholelwa ngobuqotho ukuthi umyalo kaNkulunkulu umelene nokushayela amafulege indesheni, khona-ke ukuphoqelela lowomuntu ukuba ashayele ifulege indesheni kuphambene neZwi likaNkulunkulu, futhi kuphambene nonembeza wakhe, kumlimaza kakhulu lowomuntu. UMbuso awunalungelo ngokomthetho nanganoma iyiphi indlela lokulimaza abantu.”
Incazelo eyengeziwe yezizathu zokuma okuthathwa oFakazi BakaJehova yanikezwa encwajaneni ethi Loyalty, nayo eyakhishwa ngo-1935. Kwadonselwa ukunakekela emibhalweni enjengalena elandelayo: U-Eksodusi 20:3-7, owayala ukuba ukukhulekela kuye kuJehova kuphela nokuthi izinceku zikaNkulunkulu kwakungamelwe zenze noma zikhulekele noma yisiphi isithombe noma umfanekiso wento esezulwini noma emhlabeni; Luka 20:25, lapho uJesu Kristu asho khona ukuthi kungabi uKesari kuphela okufanelwe anikezwe okukaKesari kodwa noNkulunkulu kumelwe anikezwe okwaKhe; kanye nezEnzo 5:29, lapho abaphostoli basho khona ngokuqinile, “Simelwe ukulalela uNkulunkulu [njengombusi, NW] kunabantu.”
E-United States, izinkantolo zanikezwa imvume yokuphoqelela noma ubani ukuba ashayele ifulege indesheni. Ngo-June 14, 1943, iNkantolo Ephakene yase-U.S. yasihlehlisa lesinqumo sayo sangaphambili, futhi ecaleni okuthiwa i-West Virginia State Board of Education v. Barnette, yathi ukushayelwa kwefulege indesheni okuphoqelelwe kwakungavumelani nesiqinisekiso senkululeko esivezwe emthethweni sisekelo walo kanye lelizwe.b
Inkinga ehilela imikhosi yobuzwe ayizange igcine eJalimane nase-United States. ENyakatho naseNingizimu Melika, eYurophu, e-Afrika, nase-Asia, oFakazi BakaJehova baye bashushiswa ngonya ngenxa yokungahlanganyeli kwabo, ngisho nakuba beye bama ngenhlonipho phakathi nemikhosi yokushayelwa kwefulege indesheni noma eminye efana nayo. Abantwana baye bashaywa; abaningi baye baxoshwa ezikoleni. Kuye kwaqulwa amacala amaningi asenkantolo.
Nokho, izingqapheli ziye zazizwa ziphoqelekile ukuba zivume ukuthi kulendaba, nakwezinye, oFakazi BakaJehova baye baba njengamaKristu okuqala. Nokho, njengoba kushiwo encwadini ethi The American Character: “Inani elikhulu labantu . . . labona ukwenqaba koFakazi kungekhona ukuhlakanipha njengoba uTrajan noPliny bakubona kunjalo ukwenqaba kwamaKristu [eMbusweni WaseRoma] ukumenzela umhlatshelo ongokomthetho uMbusi Waphezulu.” Lokhu kwakulindelekile, ngoba oFakazi BakaJehova, njengamaKristu okuqala, babengabheki izindaba njengoba izwe lalenza kodwa bezibheka ngokuvumelana nezimiso zeBhayibheli.
Ukuma Kwabo Kwachazwa Ngokucacile
Ngemva kokuba oFakazi BakaJehova beye bakhuthazelela uvivinyo olucindezelayo lokungathathi-hlangothi kobuKristu iminyaka eminingi, INqabayokulinda ka-June 1, 1980 (November 1, 1979, ngesiNgisi), yabuye yaqinisekisa ukuma kwabo. Yachaza nokuthi yini eyayibangele isinyathelo esathathwa oFakazi ngabanye lapho ithi: “Ngenxa yokutadisha iZwi likaNkulunkulu ngenkuthalo, lamaKristu asemasha akwazi ukwenza isinqumo. Akekho owawenzela lesinqumo. Akwazi ukuzenzela sona ngamanye, ngesisekelo sikanembeza wawo ngamanye oqeqeshwe ngeBhayibheli. Isinqumo sawo sasiwukugwema ukwenza izenzo zenzondo nobudlova komakhelwane bawo bezinye izizwe. Yebo, ayekholelwa, futhi efuna ukuhlanganyela, ekugcwalisekeni kwesiprofetho sika-Isaya esaziwayo: ‘Bayakukhanda izinkemba zabo zibe-ngamakhuba, nemikhonto yabo ibe-ngocelemba; isizwe asiyikuphakamisela isizwe inkemba, zingabe zisafunda ukulwa.’ (Isaya 2:4) Lezinsizwa zazo zonke izizwe zenza lokho kanye.”
Phakathi neminyaka okwakuvivinywa ngayo ukubambelela kwawo ekungathathini-hlangothi kobuKristu, ukuhlola kabusha lokho iBhayibheli elikushoyo, kwabaseRoma 13:1-7 (NW), ‘ngamagunya aphakeme’ kwaholela enkulumweni ecace kakhulu ephathelene nobuhlobo oFakazi abanabo nohulumeni bezwe. Lokhu kwakhishwa ku-Nqabayokulinda ka-May 1, May 15, no-June 1, 1963 (November 1, November 15, no-December 1, 1962, ngesiNgisi), futhi kwabuye kwaqinisekiswa kumagazini ka-November 1, 1990. Lezozihloko zagcizelela isikhundla sikaJehova uNkulunkulu ‘njengoPhakeme Ukwedlula Bonke,’ kuyilapho ziveza nokuthi ababusi bezwe ‘bangamagunya aphakeme’ kuphela ngokuqondene nabanye abantu nasemkhakheni womsebenzi uNkulunkulu abavumela ukuba basebenze kuwo kulesimiso sezinto samanje. Lezihloko zabonisa isidingo sokuba amaKristu eqiniso ngenxa kanembeza ahloniphe ababusi bezwe abanjalo futhi abalalele kuzo zonke izindaba ezingaphikisani nomthetho kaNkulunkulu nonembeza wawo oqeqeshwe ngeBhayibheli.—Dan. 7:18; Math. 22:21; IzE. 5:29; Roma 13:5.
Ukubambelela ngokuqinile kulezindinganiso zeBhayibheli koFakazi BakaJehova kuye kwabenza baba nedumela lokuhluka ezweni elenza abantu bakhumbule amaKristu okuqala.
Lapho Izwe Liba Namaholide Alo
Lapho oFakazi BakaJehova belahla izimfundiso ezingokwenkolo ezinemisuka yobuqaba, bayeka nokuhlanganyela emasikweni amaningi ayengcoliswe ngendlela efanayo. Kodwa esikhathini esithile, amaholide athile ayengahlaziywanga ngokucophelela okwakudingeka. Elinye lalawa uKhisimusi.
Leliholide laligujwa minyaka yonke ngisho nangamalungu ezisebenzi zasendlukulu ye-Watch Tower Society eKhayeni LaseBethel eBrooklyn, eNew York. Iminyaka eminingi ayeqaphela ukuthi u-December 25 kwakungelona usuku olunembile, kodwa acabanga ukuthi lolusuku kwase kuyisikhathi eside luvame ukuhlanganiswa nokuzalwa koMsindisi nokuthi ukwenzela abanye okuhle kwakulungile nganoma yiluphi usuku. Nokho, ngemva kokuyihlola ngokwengeziwe lendaba, amalungu ezisebenzi zasendlunkulu yeNhlangano, kanye nezisebenzi zasemahhovisi egatsha eNhlangano eNgilandi naseSwitzerland, banquma ukuyeka ukuhlanganyela emikhosini kaKhisimusi, ngakho ayikho imikhosi kaKhisimusi eyagujwa lapho ngemva kuka-1926.
UR. H. Barber, ilungu lezisebenzi zasendlunkulu wahlolisisa umsuka wamasiko kaKhisimusi kanye nezithelo ezazikhiqizwa yilamasiko, wasakaza akutholile emsakazweni. Lokho kwaziswa kwabuye kwakhishwa kuyi-Golden Age ka-December 12, 1928. Kwakuwukudalulwa okuhluba udlubu ekhasini kwemisuka kaKhisimusi ehlambalaza uNkulunkulu. Kusukela ngalesosikhathi, imisuka yobuqaba yamasiko kaKhisimusi iye yaziwa yiwo wonke umphakathi, kodwa bambalwa abantu abalwenzayo ushintsho endleleni yabo yokuphila ngenxa yalokho. Ngakolunye uhlangothi, oFakazi BakaJehova babezimisele ukwenza izinguquko ezidingekile ukuze bamukelwe ngokwengeziwe njengezinceku zikaJehova.
Lapho beboniswa ukuthi ukugubha ukuzalwa kukaJesu eqinisweni yikhona abantu abase benesithakazelo kukho ukwedlula isihlengo esalungiselelwa ngokufa kwakhe; ukuthi ukuxokozela kweholide nomoya izipho eziningi ezazinikezwa ngawo kwakungamdumisi uNkulunkulu; ukuthi izazi zasempumalanga ababelingisa ukupha kwazo ngezipho eqinisweni kwakuyizazi zezinkanyezi ezaziphefumlelwe amademoni; ukuthi abazali babebekela abantwana babo isibonelo sokuqamba amanga ngalokho ababebatshela khona ngoSanta Claus; ukuthi u“St. Nicholas” (uSanta Claus) kuyavunywa ukuthi kwakungelinye igama likaDeveli ngokwakhe; nokuthi imikhosi enjalo, njengoba kwakuvunywa uKhadinali Newman kweyakhe ethi Essay on the Development of Christian Doctrine, ‘yayiyiwo kanye amathuluzi nemifakela yokukhulekelwa kwamademoni’ isonto elalikwamukele—lapho beqasheliswa ngalezizinto, oFakazi BakaJehova bakuyeka ngokushesha futhi bangaphinde bahlanganyela kunoma yimiphi imikhosi kaKhisimusi.
OFakazi BakaJehova baba nazo izikhathi ezijabulisayo nemikhaya yabo nabangane. Kodwa abahlanganyeli emaholidini nasemikhosini ehlangene nonkulunkulu bamaqaba (njengoba kunjalo ngamaholide anjengama-Ista, uNcibijane, uSuku luka-May, noSuku LukaMama). (2 Kor. 6:14-17) NjengamaKristu okuqala,c abazigubhi ngisho nezinsuku zokuzalwa. Futhi ngenhlonipho bayakugwema ukuhlanganyela emaholidini esizwe okukhumbula izenzakalo zezombangazwe noma zezempi futhi bayakugwema ukunikeza udumo lokukhulekela emaqhaweni ezwe. Ngani? Ngoba oFakazi BakaJehova abayona ingxenye yezwe.
Ukusiza Abanye Abantu
Ukuhlonipha onkulunkulu kwakubusa ukuphila kwezenhlalo nokwempucuko eMbusweni waseRoma. Njengoba amaKristu ayekugwema ukuhlanganyela kunoma yini eyayingcoliswe onkulunkulu bamaqaba, abantu babebheka ubuKristu njengento eyayethuka indlela yabo yokuphila; futhi ngokwesazi-mlando uTacitus, kwakuthiwa amaKristu azonda isintu. Eveza umuzwa ofanayo, uMinucius Felix, ezincwadini zakhe, ucaphuna umRoma othile ethi kumuntu ayemjwayele ongumKristu: “Awuyi emibukisweni; awuhlanganyeli ezindwendweni . . . uyayenyanya imidlalo engcwele.” Abantu bezwe laseRoma lasendulo babengawaqondi kahle amaKristu.
Ngokufanayo namuhla, abaningi ezweni ababaqondi oFakazi BakaJehova. Abantu bangase bazituse izindinganiso zokuziphatha eziphakeme zoFakazi kodwa babe nomuzwa wokuthi oFakazi kufanele bahlanganyele nezwe elibazungezile emisebenzini yalo futhi bahileleke ekusizeni ekwenzeni izwe libe yindawo engcono. Nokho, labo ababazi kahle oFakazi BakaJehova bazitholela ngokwabo ukuthi yonke into abayenzayo inesizathu esisekelwe eBhayibhelini.
Bengazihlukanisi naso sonke isintu, oFakazi BakaJehova banikela ngokuphila kwabo ekusizeni omakhelwane babo ngokwesibonelo esabekwa uJesu Kristu. Basiza abantu ukuba bathole ukuthi bangabhekana kanjani ngokuphumelelayo nezinkinga zokuphila manje ngokubenza bajwayelane noMdali kanye neziqondiso zokuphila ezivezwe eZwini lakhe eliphefumlelwe. Bawahlanganyela ngokukhululekile nomakhelwane babo amaqiniso eBhayibheli angawushintsha wonke umbono womuntu ngokuphila. Isisekelo senkolelo yabo siwukuqaphela ukuthi “izwe liyadlula,” ukuthi ngokushesha uNkulunkulu uzongenela ukuze aqede isimiso esibi samanje, nokuthi ikusasa elikhazimulayo lilindele labo abahlala bengeyona ingxenye yezwe futhi abakholelwa ngokuphelele eMbusweni kaNkulunkulu.—1 Joh. 2:17.
[Imibhalo yaphansi]
a INqabayokulinda (yesiNgisi), June 1, 1918, k. 174.
b Ukuze uthole imininingwane eyengeziwe, bheka iSahluko 30, esithi “Ukuvikela Izindaba Ezinhle Nokuzenza Ziqashelwe Ngokomthetho.”
c The History of the Christian Religion and Church, During the Three First Centuries, ka-Augustus Neander, k. 190.
[Amazwi acashunwe esihlokweni ekhasini 188]
Ababona onkom’ idla yodwa, kodwa abahlanganyeli endleleni yezwe yokuphila
[Amazwi acashunwe esihlokweni ekhasini 189]
Bahoxa emasontweni eLobukholwa
[Amazwi acashunwe esihlokweni ekhasini 190]
“AmaKristu aba ngavelele nahlukile embusweni”
[Amazwi acashunwe esihlokweni ekhasini 194]
Ukuvivinywa kokungathathi-hlangothi kobuKristu
[Amazwi acashunwe esihlokweni ekhasini 198]
‘Akekho owawenzela isinqumo’
[Amazwi acashunwe esihlokweni ekhasini 199]
Bakuyeka ukugubha uKhisimusi
[Ibhokisi ekhasini 195]
Abalona Usongo Kunoma Yimuphi Uhulumeni
◆ Lapho ubhala ngempatho eyatholwa oFakazi BakaJehova ezweni laseLatin America, umagazini wase-Omaha, eNebraska, e-U.S.A., i-“World-Herald” wathi: “Kudinga umcabango osekelwe obandlululweni nasekwesabeni okukhulu ukukholelwa ukuthi oFakazi BakaJehova bawusongo lwanoma yiluphi uhlobo kunoma yisiphi isimiso sokubusa sezombangazwe; abagumbuqeli mibuso futhi bathanda ukuthula njengoba kungenza iqembu elingokwenkolo, futhi bacela nje ukuba bakhululwe ukuba baphishekele ukholo lwabo ngendlela yabo siqu.”
◆ I-“Corriere di Trieste,” iphephandaba lesiNtaliyane, yathi: “OFakazi BakaJehova kufanele batuswe ngokuqina kokubumbana kwabo. Ngokungefani nezinye izinkolo, ubunye babo njengabantu bubavimbela ekubeni bathandaze kuNkulunkulu ofanayo, ngegama elifanayo likaKristu, ukuze babusise izinhlangothi eziphikisanayo zempi, noma ekubeni baxube ezombangazwe nenkolo ukuze bafeze izithakazelo zabaPhethe uMbuso noma amaqembu ezombangazwe. Okokugcina, bakulungele ukubhekana nokufa kunokweqa . . . umyalo othi UNGABULALI!”
◆ Ngemva kokuba oFakazi BakaJehova beye bakhuthazelela ukuvinjelwa iminyaka engu-40 eCzechoslovakia, iphephandaba elithi “Nová Svoboda” ngo-1990, lathi: “Ukholo loFakazi BakaJehova luyakwenqabela ukusebenzisa izikhali kubantu, futhi labo abenqaba ukwenza inkonzo yezempi eyisisekelo futhi abangazange basebenze ezimayini zamalahle baya ejele, ngisho neminyaka emine. Kulokhu kukodwa kusobala ukuthi banamandla amakhulu okuziphatha. Singabasebenzisa abantu abangenabugovu kanjalo ngisho nasemisebenzini evelele kakhulu yezombangazwe—kodwa asisoze sabenza bafinyelele lapho. . . . Yebo, bayawahlonipha amagunya ohulumeni kodwa bakholelwa ukuthi nguMbuso kaNkulunkulu kuphela okwazi ukuxazulula zonke izinkinga zesintu. Kodwa qaphela—ababona abantu abashiseka ngokweqile. Bangabantu nje abavamile.”
[Ibhokisi/Izithombe ekhasini 200, 201]
Imikhuba Eye Yalahlwa
Lomkhosi kaKhisimusi eBethel yaseBrooklyn ngo-1926 kwakungowokugcina. Abafundi BeBhayibheli kancane kancane baqaphela ukuthi umsuka waleliholide kanye nemikhuba ehlobene nalo kwakungamdumisi uNkulunkulu
Iminyaka eminingi, abaFundi BeBhayibheli babefaka isiphambano nomqhele njengebheji eliyisibonakaliso, futhi loluphawu lwalusesembozweni esingaphambili se-“Nqabayokulinda” (yesiNgisi) kusukela ngo-1891 kuya ku-1931. Kodwa ngo-1928 kwagcizelelwa ukuthi akulona uphawu lokuhloba kodwa umsebenzi womuntu njengofakazi owawubonisa ukuthi ungumKristu. Ngo-1936 kwavezwa ukuthi ubufakazi bubonisa ukuthi uKristu wafela esigxotsheni, hhayi esiphambanweni esinezingodo ezimbili
Encwadini yabo ethi “Daily Manna,” abaFundi BeBhayibheli babegcina uhlu lwezinsuku zokuzalwa. Kodwa ngemva kokuba sebeyekile ukugubha uKhisimusi nalapho sebeqaphela ukuthi imikhosi yezinsuku zokuzalwa yayinikeza izidalwa udumo olungazifanele (okungesinye sezizathu ezazibangela amaKristu okuqala angalokothi agubhe izinsuku zokuzalwa), abaFundi BeBhayibheli bawuyeka nalomkhuba
Iminyaka engaba ngu-35, uMalus’ uRussell wayecabanga ukuthi uMbhoshongo Omkhulu Ongunxantathu WaseGizeh yayiyitshe likaNkulunkulu lobufakazi, elifakazela izinkathi zesikhathi zeBhayibheli. (Isaya 19:19) Kodwa oFakazi BakaJehova baye bawulahla umqondo wokuthi umboshongo ongunxantathu waseGibithe uhlobene nokukhulekela kweqiniso. (Bheka omagazini [besiNgisi] “INqabayokulinda” ka-November 15 no-December 1, 1928)
[Isithombe ekhasini 189]
Kwasakazwa amakhophi ayizigidi eziyishumi
[Izithombe ekhasini 191]
Abanye baya emiseleni bephethe izibhamu, kodwa abanye, kuhlanganise no-A. P. Hughes waseNgilandi noR. Cuminetti wase-Italy, bakwenqaba ukuhileleka ngaleyondlela
[Izithombe ekhasini 193]
OFakazi BakaJehova benqaba ukuvuma ukuthi iNhlangano Yezizwe noma i-UN ivela kuNkulunkulu kodwa basekela uMbuso kaNkulunkulu kuphela oyobusa ngoKristu
[Isithombe ekhasini 197]
UCarleton noFlora Nichols. Lapho indodana yabo yenqaba ukushayela ifulege indesheni, lokhu kwaba undabuzekwayo ezweni lonke