Umbono WeBhayibheli
Ukubolekana Kwabangane
“OMUBI UYATSHELEKA, ANGABUYISELI; KEPHA OLUNGILEYO UNESIHAWU, APHANE.”—IHUBO 37:21.
“UNGABOLEKANI namuntu; ngoba imali ebolekisiwe ivame ukulahleka kanye nomngane.” Wabhala kanjalo umlobi wemidlalo yaseshashalazini oyiNgisi uWilliam Shakespeare, ephinda amazwi awukuhlakanipha amadala kakhulu. Ngokuqinisekile, ebudlelwaneni babantu zimbalwa izici ezingabangela ingxabano njengokubolekana imali. Ngisho noma kuhlelwe kahle futhi kunezinhloso eziqotho kakhulu, izinto azenzeki njengokulindelekile ngaso sonke isikhathi.—UmShumayeli 9:11, 12.
Kungase kuvele izimo ezingabangela ukuba kube nzima noma kungenzeki ngalowo obolekwe imali ukuba akhokhe isikweleti sakhe. Noma umbolekisi angase azithole eseyidinga ngokushesha imali abolekise ngayo. Njengoba uShakespeare aphawula, uma kwenzeka izinto ezinjalo, ubungane nobuhlobo bungaba sengozini.
Kuyiqiniso ukuthi umuntu angase abe nezizathu ezizwakalayo zokuboleka imali ethile. Lapho esenkingeni ngokwezimali ngenxa yengozi enkulu noma ukulahlekelwa umsebenzi, angase akubone kuwukuphela kwendlela angaphephela kuyo. IBhayibheli likhuthaza labo abangase bakwazi ukusiza abaswele uma kusemandleni abo, ukuba bakwenze. (IzAga 3:27) Lokhu kungahlanganisa nokubaboleka imali. Pho, amaKristu ahileleka elungiselelweni elinjalo kufanele azibheke kanjani izikweleti zawo?
Izimiso Zokucatshangelwa
IBhayibheli aliyona incwadi eqondisa izindaba zezimali. Alixoxi ngazo zonke izici ezihilelekile ekubolekaneni ngemali. Izindaba ezinjengokuthi kufanele uyibize yini inzalo noma cha nokuthi ubize engakanani kushiyelwa kulabo bantu abahilelekile.a Nokho, iBhayibheli linikeza nje izimiso ezicacile nezibonisa uthando okufanele ziqondise isimo sengqondo nendlela abenza ngayo labo ababolekanayo.
Cabangela izimiso ezisebenza kulowo obolekwayo. Umphostoli uPawulu wanxusa amaKristu ukuba ‘angakweleti muntu nento eyodwa, ngaphandle kokuthandana.’ (Roma 13:8) Nakuba lapha uPawulu ayesho isimiso esisebenza kabanzi, ngokuqinisekile iseluleko sakhe singathathwa njengesexwayiso ekuzifakeni ezikweletini. Ngezinye izikhathi kungcono ukungabi nayo kunokuyiboleka kothile imali. Ngani? IzAga 22:7 ziyachaza ukuthi ‘obolekayo uyisigqila somtshelekileyo.’ Lowo obolekiwe kumelwe aqaphele ukuthi unesikweleti kuze kube yilapho eseyikhokhile imali. Ngokomthetho, izinto anazo akuzona ezakhe ngokuphelele. Ukukhokha isikweleti ngesikhathi abanqumelene sona kumelwe kube into ebalulekile ekuphileni kwakhe, kungenjalo kuzophakama izinkinga.
Ngokwesibonelo, njengoba isikhathi sihamba imali ingakhokhiwe, umbolekisi angase acasuke. Izinto ezenziwa yilowo obolekwe imali, njengokuthenga izingubo zokugqoka, ukudla esitolo sokudla, noma ukuya eholidini, umbolekisi angase azibheke njengokungathembeki. Kungase kuvuke intukuthelo. Ubuhlobo phakathi kwabo noma ngisho naphakathi kwemikhaya yabo bungase buphazamiseke noma baxabane. Leyo imiphumela emibi engaba khona uma obolekiwe engaligcini izwi lakhe.—Mathewu 5:37.
Kodwa kuthiwani uma ngokungazelelwe lowo obolekiwe ehluleka ukufeza isibopho sakhe ngenxa yesimo esingaphezu kwamandla akhe? Ingabe lokhu kuyosiqeda isikweleti? Akunjalo ngempela. Umhubi uthi umuntu olungileyo ‘ufunga ngokuzakumlimaza, nokho angalaphuli izwi lakhe.’ (IHubo 15:4) Ezimweni ezinjalo, into ebonisa uthando nokuhlakanipha kungaba ukuthi lowo obolekiwe asichaze ngokushesha isimo kumbolekisi. Khona-ke bangase basihlele kabusha isivumelwano sabo. Lokhu kuyoqinisekisa ukuthula futhi kuyojabulisa uJehova uNkulunkulu.—IHubo 133:1; 2 Korinte 13:11.
Empeleni, indlela umuntu asingatha ngayo izikweleti zakhe yembula okuningi ngaye. Isimo sengqondo sokunganaki, sokungabi nandaba nokukhokha isikweleti, sembula ukungabacabangeli abanye. Empeleni, umuntu onaleso simo sengqondo ubonisa ubugovu—ubeka izifiso zakhe phambili. (Filipi 2:4) UmKristu owenqaba ngamabomu ukukhokha izikweleti zakhe, ukubeka engozini ukuma kwakhe phambi kukaNkulunkulu, futhi izenzo zakhe zingase zibonise ubugovu nenhliziyo embi.—IHubo 37:21.
Umbolekisi
Nakuba isibopho esikhulu sikulowo obolekiwe, kunezimiso ezisebenza kumbolekisi. IBhayibheli libonisa ukuthi uma sikwazi ukusiza abaswele, kufanele senze kanjalo. (Jakobe 2:14-16) Kodwa lokho akusho ukuthi umuntu uphoqelekile ukuboleka omunye imali, ngisho noma oyidingayo kungumfowethu ongokomoya. “Oqondileyo uyabona ububi, acashe,” kusho iBhayibheli.—IzAga 22:3.
Ukwazi nokuqonda zona kanye izingibe zangempela ezihilelekile ekubolekaneni, kuyokwenza umuntu oqondayo acabangisise kahle lapho noma ubani emnxusa ukuba amboleke imali. Ingabe isicelo sinesizathu esizwakalayo? Ingabe lo muntu owenza isicelo uyicabangele kahle le ndaba? Ingabe lowo ocela ukubolekwa uhlelekile futhi unedumela elihle? Ingabe uzimisele ukusayina incwadi echaza ukuthi benzé isivumelwano sesikhathi esingakanani? (Qhathanisa noJeremiya 32:8-14.) Ingabe uzimisele ngempela ukuyikhokha?
Lokhu akusikiseli ukuba umKristu enqabe ukusiza umuntu oswele obonakala engaba sengozini yesikweleti. Isibopho somKristu ngamunye kwabanye sidlulela ngale kwemikhuba yebhizinisi ekahle. “Noma ubani onezinto zalelizwe zokusekela ukuphila futhi abone umfowabo edinga kodwa nokho amvalele umnyango wobubele bakhe besisa, uthando lukaNkulunkulu luhlala kuye ngayiphi indlela?” kubuza umphostoli uJohane. Yebo, amaKristu kumelwe abonise ‘uthando, hhayi ngezwi noma ngolimi, kodwa ngesenzo nangeqiniso.’—1 Johane 3:17, 18.
Kwezinye izimo umuntu angase anqume ukungamboleki imali umfowabo oswele. Angase akhethe ukumupha isipho noma amnikeze olunye usizo. Ebonisa umoya ofanayo, lapho kuphakama izinkinga esivumelwaneni sokubolekana, umbolekisi angase akhethe ukubonisa isihe. Angase afune ukucabangela izimo esezishintshile zalowo obolekiwe abese enweba isikhathi sokukhokha imali sibe side, anciphise isikweleti, noma asesule ngokuphelele. Lezi izinqumo zomuntu siqu, umuntu ngamunye okumelwe azenzele zona ngokwakhe.
AmaKristu kufanele akhumbule ukuthi uNkulunkulu ubona zonke izinto futhi siyolandisa kuye ngendlela esiziphatha ngayo nendlela esisebenzisa ngayo lokho esinakho. (Heberu 4:13) Iseluleko seBhayibheli sokuba zonke ‘izindaba zethu zenzeke ngothando’ ngokuqinisekile siyasebenza ekubolekaneni kwabangane.—1 Korinte 16:14.
[Umbhalo waphansi]
a Ukuze uthole ukwaziswa okwengeziwe mayelana nokubiza inzalo emalini ebolekisiwe, sicela ubheke INqabayokulinda ka-October 15, 1991, amakhasi 25-8.
[Isithombe ekhasini 18]
“The Money Changer and His Wife” (1514), ngu-Quentin Massys
[Umthombo]
Scala/Art Resource, NY