-
Lingisa UJehova, UNkulunkulu Wethu OngakhethiINqabayokulinda—2003 | Juni 15
-
-
11. Ukungakhethi kwabonakaliswa kanjani ebandleni lobuKristu lokuqala?
11 Ebandleni lobuKristu lokuqala, amaJuda nabangewona amaJuda babelingana. UPawulu wachaza: “[Makube] yinkazimulo nodumo nokuthula kuwo wonke umuntu owenza okuhle, kumJuda kuqala nakumGreki futhi. Ngoba akukho ukukhetha kuNkulunkulu.”b (Roma 2:10, 11) Okwakunquma ukuthi abantu bayazuza yini emseni kaJehova ongafanelwe kwakungebona ubuzwe babo, kodwa kwakuyindlela abasabela ngayo lapho bezwa ngoJehova nangamathemba anikezwa yisihlengo seNdodana yakhe, uJesu. (Johane 3:16, 36)
-
-
Lingisa UJehova, UNkulunkulu Wethu OngakhethiINqabayokulinda—2003 | Juni 15
-
-
b Lapha, igama elithi ‘amaGreki’ libhekisela kubo bonke abeZizwe.—I-Insight on the Scriptures, enyatheliswa oFakazi BakaJehova, UMqulu 1, ikhasi 1004.
-